Susa Amehlo Akho Ezintweni Ezingenanzuzo!
“Yenza ukuba amehlo ami adlule angakuboni okungenanzuzo; ngilonde ngendlela yakho.”—IHU. 119:37.
1. Isipho sokubona sibaluleke kangakanani?
YEKA ukuthi amehlo ayigugu kanjani! Singabona ngawo ngomzuzwana yonke indawo esizungezile kanye nemibala yayo. Amehlo ethu enza sibone abangane esibathandayo noma izingozi. Sibona ngawo ubuhle, indalo eyisimangaliso futhi sibe nobufakazi bokuba khona kukaNkulunkulu nobenkazimulo yakhe. (IHu. 8:3, 4; 19:1, 2; 104:24; Roma 1:20) Njengoba ngokuyinhloko kuyiwona aphakela ingqondo, amehlo anendima enkulu ekuzuzeni kwethu ulwazi ngoJehova nasekwakheni ukholo kuye.—Josh. 1:8; IHu. 1:2, 3.
2. Kungani kufanele sikhathazeke ngalokho esikubukayo, futhi yini esingayifunda esicelweni somhubi esiqotho?
2 Nokho, lokho esikubukayo kungabuye kusilimaze. Ukuhlobana okukhona phakathi kwamehlo nengqondo kunamandla kakhulu kangangokuthi lokho esikubonayo kungavusa izifiso nezinkanuko ezinhliziyweni zethu noma kuzenze zibe namandla. Ngenxa yokuthi siphila ezweni elibuswa uSathane uDeveli, elonakele neliphilela ukuzitika, sihlaselwa njalo ngezithombe nangenkulumo-ze engasidukisa kalula—ngisho noma singamane sizithi shazi. (1 Joh. 5:19) Yingakho umhubi anxusa uNkulunkulu: “Yenza ukuba amehlo ami adlule angakuboni okungenanzuzo; ngilonde ngendlela yakho.”—IHu. 119:37.
Indlela Amehlo Ethu Angasidukisa Ngayo
3-5. Ikuphi ukulandisa kweBhayibheli okubonisa ingozi yokuvumela amehlo ethu ukuba asiyenge?
3 Cabanga ngalokho okwenzeka kowesifazane wokuqala, u-Eva. USathane wasikisela ukuthi ‘nakanjani amehlo akhe ayeyovuleka’ uma ayengadla izithelo zomuthi ‘wokwazi okuhle nokubi.’ Kumelwe ukuba umcabango wokuthi amehlo akhe ‘ayeyovuleka,’ wamthakazelisa u-Eva. Isifiso sakhe sokudla isithelo esenqatshelwe sakhuliswa ‘nawukubona ukuthi umuthi wawukufanelekele ukudliwa nokuthi wawungokuthile okulangazelelekayo emehlweni, yebo, umuthi wawubukeka ufiseleka.’ Ukuwubuka ngokulangazela lo muthi kwenza u-Eva wangawulalela umyalo kaNkulunkulu. Umyeni wakhe, u-Adamu, naye akawulalelanga umyalo kaNkulunkulu, kwaba nemiphumela eyinhlekelele kubo bonke abantu.—Gen. 2:17; 3:2-6; Roma 5:12; Jak. 1:14, 15.
4 Ezinsukwini zikaNowa, izingelosi ezithile nazo zathonywa yilokho ezakubona. Ikhuluma ngazo, incwadi kaGenesise 6:2 ithi: “Amadodana kaNkulunkulu weqiniso aqala ukuqaphela amadodakazi abantu, ukuthi ayebukeka; ayesezithathela abafazi, okungukuthi, wonke lawo ayewakhetha.” Ukubuka amadodakazi abantu ngokuwakhanuka kwavusela lezo zingelosi eziyizihlubuki isifiso esasingesona esemvelo sokuba nobuhlobo bobulili nabantu, futhi lezo zingelosi zazala abantwana ababenobudlova. Ngaleso sikhathi ububi bomuntu baholela ekubhujisweni kwabo bonke abantu, kwasinda uNowa nomkhaya wakhe.—Gen. 6:4-7, 11, 12.
5 Emakhulwini eminyaka kamuva, umIsrayeli, u-Akhani wayengwa amehlo akhe ukuba ebe izinto ezithile emzini owabhujiswa waseJeriko. UNkulunkulu wayeyale ukuba zonke izinto ezazikulowo muzi zibhujiswe ngaphandle kwezinto ezithile okwakumelwe ziyiswe engcebweni kaJehova. Ama-Israyeli axwayiswa: “Dedani entweni enikelwe ekubhujisweni, funa nibe nesifiso” bese nithatha ezinye zezinto emzini. Lapho u-Akhani engalaleli, abantu bakwa-Israyeli bahlulwa emzini wase-Ayi futhi abaningana kubo bafa. U-Akhani akazange alivume icala lakhe lokweba kwaze kwaba yilapho edalulwa. Wathi: “Lapho ngibona” lezi zinto, ‘ngazithanda, ngazithatha.’ Isifiso samehlo saholela ekubhujisweni kwakhe kanye “nakho konke okwakungokwakhe.” (Josh. 6:18, 19; 7:1-26) Inhliziyo ka-Akhani yafisa lokho okwakwenqatshelwe.
Kudingeka Sizikhuze
6, 7. Iliphi icebo ‘emacebweni’ kaSathane avame ukusibamba ngalo, futhi abakhangisi bezentengiselwano balisebenzisa kanjani?
6 Isintu namuhla silingwa ngendlela ethi ayifane naleyo eyasetshenziswa ku-Eva, ezingelosini ezingalaleli naku-Akhani. Kuwo wonke “amacebo” asetshenziswa uSathane ekudukiseni isintu, ‘isifiso samehlo’ yisona esinamandla kakhulu. (2 Kor. 2:11; 1 Joh. 2:16) Abakhangisi bezentengiselwano banamuhla bazi kahle ukuthi kusukela kudala isifiso samehlo besilokhu sinamandla. Ungoti waseYurophu kwezokudayisa uthi: “Kuzo zonke izinzwa esinazo, ukubona kuyenga kakhulu. Ngokuvamile kunamandla ngaphezu kwazo zonke futhi kunamandla okusishukumisela ukuba senze ngokuphambene nanoma yini enengqondo.”
7 Yingakho abakhangisi besihlasela ngethala lezithombe eziklanywe ngobunyoninco ukuba zikhange amehlo ethu futhi zivuse kithi isifiso sokuthola izinto noma izinkonzo zabo! Umcwaningi othile e-United States owahlola indlela ukukhangisa okubathonya ngayo abantu wathi, “kuklanyelwe ukuba kungadluliseli nje kuphela ulwazi engqondweni yethu, kodwa okubaluleke kakhulu, ukuba kusenze sisabele ngokomzwelo nangesenzo.” Enye indlela evame ukusetshenziswa ekudayiseni yizithombe zobulili ezivusa inkanuko. Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani-ke ukuba silawule lokho esikubukayo nalokho esikuvumela ukuba kungene engqondweni nasenhliziyweni yethu!
8. Isidingo sokuqapha amehlo ethu sigcizelelwa kanjani eBhayibhelini?
8 Isifiso samehlo nesenyama singawathonya namaKristu eqiniso. Ngenxa yalokho, iZwi likaNkulunkulu lisikhuthaza ukuba sizikhuze ngokuphathelene nezinto esizibukayo nesizilangazelelayo. (1 Kor. 9:25, 27; funda eyoku-1 Johane 2:15-17.) Indoda eqotho uJobe yayingomunye wabantu abaqaphela ukuthi kwakunokuhlobana okunamandla phakathi kokubona nokufisa. Yathi: “Ngenzé isivumelwano namehlo ami. Ngakho ngingaba kanjani ngonaka intombi?” (Jobe 31:1) UJobe akazange agcine ngokwenqaba ukuthinta owesifazane ngendlela engcolile kodwa akazange avumele nengqondo yakhe ukuba ijatshuliswe umcabango onjalo. UJesu wayegcizelela ukuthi ingqondo kumelwe igcinwe ingenayo imicabango engcolile lapho ethi: “Wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane aze amkhanuke, usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.”—Math. 5:28.
Izinto Ezingenanzuzo Okumelwe Sizigweme
9. (a) Kungani kumelwe sixwaye kakhulu lapho sisebenzisa i-Internet? (b) Yini engaba umphumela wokubuka izithombe zobulili ezingcolile ngisho nangomzuzwana nje?
9 Ezweni lanamuhla, sekuvame kakhulu ukuba abantu ‘baqhubeke bebuka’ izithombe zobulili ezingcolile, ikakhulu kuyi-Internet. Empeleni, akudingeki nokuba sizibheke izingosi ezinjalo—yizo ezisifunayo! Kanjani? Kungase kuvele isikhangiso esinesithombe esiyengayo singazelele kuyi-computer. Noma kungathi lapho uthi uvula incwadi engasolisi ethunyelwe nge-e-mail, qhamukiyani isithombe sobulili esingcolile esiklanywe ngendlela yokuthi kungabi lula ukusivala. Ngisho noma umuntu esibone kancane ngaphambi kokusicisha, sisuke sesibhalekile engqondweni yethu. Ukuzithi halamuzi nje izithombe zobulili ezingcolile kungaba nemiphumela edabukisayo. Kungashiya umuntu enonembeza onecala futhi kube umzukuzuku ukususa lezo zithombe engqondweni yakhe. Okubi nakakhulu, ‘ukuqhubeka komuntu ezibuka’ ngamabomu kubonisa ukuthi kusadingeka abulale izifiso ezingafanele kuye.—Funda eyabase-Efesu 5:3, 4, 12; Kol. 3:5, 6.
10. Kungani izingane ikakhulu ziyizisulu ezilula zezithombe zobulili ezingcolile, futhi ingase ibe yini imiphumela yokuzibuka?
10 Izingane zinganxenxelwa ukuba zibuke izithombe zobulili ezingcolile ngenxa yelukuluku lazo elingokwemvelo. Uma kwenzeka lokho, kungase kube nemiphumela ehlala njalo embonweni eziyoba nawo ngobulili. Omunye umbiko uthi le miphumela ingahlanganisa ukuba nomuzwa osontekile ngezimiso eziphathelene nobulili, “ukuba nobunzima bokuba nobuhlobo obunothando nobuhlanzekile; ukuba nombono ongenangqondo ngabesifazane; futhi zinamandla ngisho nawokuholela umuntu ukuba abe umlutha wezithombe ezingcolile, okungase kuphazamise umsebenzi wesikole, ubuhlobo bomuntu nabangane ngisho namalungu omkhaya wakubo.” Okungaba yingozi nakakhulu yimiphumela lokhu okungase kube nayo kamuva emshadweni.
11. Nikeza isibonelo esibonisa ingozi yokubuka izithombe zobulili ezingcolile.
11 Umzalwane othile wabhala: “Kuzo zonke izinto engangingumlutha wazo ngaphambi kokuba ngibe uFakazi, into okwaba nzima kakhulu ukugqashuka kuyo, kwakuyizithombe zobulili ezingcolile. Zisangifikela lezi zithombe kungonakele lutho—zingavuswa iphunga, umculo othile, into ethile engiyibonayo, noma ngisho umcabango othuke ufikile. Kuyimpi engiyilwa nsuku zonke.” Omunye umzalwane lapho esemncane wayeke wabheka omagazini bezithombe ezingcolile bakayise owayengeyena uFakazi ngesikhathi abazali besaphumile. Wabhala: “Yeka ukuthi lezo zithombe zaba nomphumela onyantisa kanjani engqondweni yami eyayisencane! Ngisho namanje, yize sekudlule iminyaka engu-25, ezinye zalezo zithombe zisekhona engqondweni yami. Kungakhathaliseki ukuthi ngilwa kangakanani, aziyi ndawo. Lokhu kungenza ngizizwe nginecala, ngisho noma ngingayivumeli ingqondo yami ukuba icabange ngazo.” Yeka ukuthi kuwukuhlakanipha kanjani ukugwema imizwa enjalo esindayo ngokungazibuki izinto ezingenanzuzo! Umuntu angazigwema kanjani? Kudingeka alwele ‘ukuthumba yonke imicabango ayenze ilalele uKristu.’—2 Kor. 10:5.
12, 13. Iziphi izinto ezingenanzuzo okumelwe amaKristu agweme ukuzibuka, futhi ngani?
12 Enye into “engelusizo lwalutho,” noma engenanzuzo okumelwe siyigweme, ukuzijabulisa okukhuthaza ukuthanda izinto ezibonakalayo noma ukusebenzelana nemimoya noma okubonisa ubudlova, ukuchithwa kwegazi nokufa. (Funda amaHubo 101:3.) Abazali abangamaKristu banomthwalo wemfanelo phambi kukaJehova wokukhetha lokho abavumela ukuba kubukwe emizini yabo. Yiqiniso, akekho umKristu weqiniso oyozibandakanya ngamabomu nokusebenzelana nemimoya. Noma kunjalo, abazali kudingeka baqaphe amabhayisikobho, imidlalo ewuchungechunge ye-TV, imidlalo ye-video ngisho nezincwadi zamahlaya nezezingane eziqokomisa imikhuba ehlangene nemimoya.—IzAga 22:5.
13 Kungakhathaliseki ukuthi sibadala noma sibancane, akufanele amehlo ethu ajatshuliswe imidlalo yama-video ebonisa ubudlova noma ukubulala ingcaca. (Funda amaHubo 11:5.) Kumelwe senqabe ukugxilisa ingqondo yethu kunoma yini uJehova ayilahlayo. Khumbula, uSathane ufuna ukonakalisa izingqondo zethu. (2 Kor. 11:3) Ngisho nokuchitha isikhathi esiningi sibheke ukuzijabulisa okungase kubhekwe njengokwamukelekayo kungase kudle isikhathi sokukhulekela komkhaya, sokufunda iBhayibheli nsuku zonke nesokulungiselela imihlangano yebandla.—Fil. 1:9, 10.
Lingisa Isibonelo SikaJesu
14, 15. Yini ephawulekayo ngesilingo sesithathu uSathane alinga ngaso uKristu, futhi uJesu wakwazi kanjani ukumelana naso?
14 Kuyadabukisa ukuthi kuleli zwe elibi, asikwazi ukugwema ukubona ezinye zezinto ezingenanzuzo. Ngisho noJesu wagabiselwa ngezinye zalezi zinto. Lapho ezama okwesithathu ukuthikameza uJesu ekwenzeni intando kaNkulunkulu, “uDeveli . . . wamthatha waya naye entabeni ephakeme ngokungajwayelekile, wambonisa yonke imibuso yezwe nenkazimulo yayo.” (Math. 4:8) Wayekwenzelani lokhu? Akungabazeki ukuthi wayefuna ukusebenzisa kabi ithonya elinamandla lamehlo. Ukubona ubukhazikhazi bayo yonke imibuso yezwe kwakungase kwenze uJesu ukuba alingeke afune udumo lwezwe. Wasabela kanjani uJesu?
15 Naphezu kobuhle bale nto ayeyiboniswa, akazange agxile kuyo. Akazange avumele inhliziyo yakhe ukuba ibe nezifiso ezimbi. Akuzange kudingeke nokuba acabange ukuthi ayenqabe yini. Wasabela ngokushesha ngokuyala uSathane: “Hamba, Sathane!” (Math. 4:10) UJesu wagxila ebuhlotsheni bakhe noJehova futhi wamphendula ngokuvumelana nenjongo ayeyiphilela—ukwenza intando kaNkulunkulu. (Heb. 10:7) Ngenxa yalokho, uJesu walichitha ngempumelelo iqhinga likaSathane lobuqili.
16. Iziphi izifundo esingazifunda esibonelweni sikaJesu sokumelana nezilingo zikaSathane?
16 Singafunda okuningi esibonelweni sikaJesu. Okokuqala, uSathane usebenzisa amacebo akhe kunoma ubani. (Math. 24:24) Okwesibili, lokho esigxilisa amehlo ethu kukho kungabasela izifiso zenhliziyo yethu, kungakhathaliseki ukuthi zinhle noma zimbi. Okwesithathu, uSathane uyosisebenzisa kabi ‘isifiso samehlo’ kakhulu ngangokunokwenzeka emzamweni wakhe wokusidukisa. (1 Pet. 5:8) Okwesine, nathi singamelana noSathane, ikakhulu uma sithatha isinyathelo ngokushesha.—Jak. 4:7; 1 Pet. 2:21.
Gcina Iso Lakho “Lilihle”
17. Kungani kungekhona ukuhlakanipha ukulinda kuze kube yilapho sibhekene nokuthile okungenanzuzo andukuba sinqume ukuthi sizokwenzenjani?
17 Ukuzinikezela kwethu kuJehova kuhlanganisa nesithembiso esiqotho sokufulathela okungenanzuzo. Lapho sifunga ukwenza intando kaNkulunkulu, sisuke sihlanganyela nomhubi ekushoni la mazwi: “Ngiluvimbele unyawo lwami kuzo zonke izindlela ezimbi, ngenjongo yokuba ngigcine izwi lakho.” (IHu. 119:101) Akuhlakaniphile ukulinda kuze kube yilapho into engenanzuzo isiphambi kwethu kube yima sinquma ukuthi sizokwenzenjani. Sicaciselwe izinto imiBhalo ezilahlayo. Siyawazi amaqhinga kaSathane. Wamlinga nini uJesu ukuba ashintshe amatshe abe yizinkwa? Kwakungemva kokuba ezile ukudla izinsuku ezingu-40 nobusuku obungu-40 futhi ‘elambile.’ (Math 4:1-4) USathane uyakwazi ukubona uma sibuthaka futhi kunethuba lokuba asinqobe lapho esilinga. Ngakho, isikhathi sokucabangisisa ngalezi zinto simanje. Musa ukukuhlehlisa! Uma sihlale sicabanga ngesifungo sethu sokuzinikezela kuJehova usuku nosuku, siyozimisela ngokuqinile ukufulathela lokho okungenanzuzo.—IzAga 1:5; 19:20.
18, 19. (a) Veza umahluko okhona phakathi kweso ‘elihle’ neso ‘elibi.’ (b) Kungani kubalulekile ukuqhubeka sicabanga ngezinto ezizuzisayo, futhi eyabaseFilipi 4:8 inikeza siphi iseluleko kule ndaba?
18 Usuku ngalunye, sibhekana nezithikamezo ezikhanga amehlo ezihlukahlukene futhi inani lazo lilokhu landa. Singaqonda-ke ukuthi kungani uJesu asiyala ukuba sigcine iso lethu “lilihle.” (Math. 6:22, 23) Iso ‘elihle’ ligxile ngokuphelele enjongweni eyodwa—ukwenza intando kaNkulunkulu. Ngokuphambene, iso ‘elibi’ linobuqili, liyahaha futhi likhangwa izinto ezingenanzuzo.
19 Khumbula ukuthi amehlo ethu aphakela ingqondo yethu, yona iphakele inhliziyo. Akuve kubalulekile-ke ukuba sihlale sicabanga ngezinto ezizuzisayo. (Funda abaseFilipi 4:8.) Ngempela, kwangathi singaqhubeka senanela umthandazo womhubi: “Yenza ukuba amehlo ami adlule angakuboni okungenanzuzo.” Uma senza kanjalo, singaqiniseka ukuthi uJehova ‘uyosilonda ngendlela yakhe,’ njengoba silwela ukwenza ngokuvumelana nalo mthandazo.—IHu. 119:37; Heb. 10:36.
Yini Okufanele Siyikhumbule Ngalokhu . . .
• ukuhlobana phakathi kwamehlo, ingqondo nenhliziyo?
• izingozi zokubuka izithombe zobulili ezingcolile?
• ukubaluleka kokugcina iso lethu “lilihle”?
[Izithombe ekhasini 23]
Iziphi izinto ezingenanzuzo okumelwe amaKristu agweme ukuzibheka?