Ukuphulukiswa Kwesintu Ngokuyisimangaliso Kuseduze
“ASIKAZE sikubone okufana nakho.” Basho kanjalo ofakazi ababona uJesu ephulukisa ngokuyisimangaliso nangokuphazima kweso indoda eyayifé uhlangothi. (Marku 2:12) UJesu wayephilisa nabayizimpumputhe, abayizimungulu nabayizinyonga, nabalandeli bakhe babenza okufanayo. Wayewathathaphi uJesu amandla okwenza lokhu? Ukholo lwalufeza yiphi ingxenye? Lezi zenzakalo zangekhulu lokuqala zikhanyisa liphi iphuzu ngokuqondene nokuphulukisa ngokuyisimangaliso kwanamuhla?—Mathewu 15:30, 31.
“Ukholo Lwakho Lukwenze Waphila”
Abathandazeli banamuhla bayathanda ukucaphuna amazwi athi: “Ukholo lwakho lukwenze waphila,” uJesu awasho kowesifazane owayehlushwe umopho iminyaka engu-12, oweza kuye ezokwelashwa. (Luka 8:43-48) Ingabe amazwi kaJesu ayebonisa ukuthi ukuphiliswa kwakhe kwakuxhomeke okholweni lwakhe? Ingabe lesi kwakuyisibonelo ‘sokuphulukisa ngokuthandazela’ okwenziwa namuhla?
Uma sifunda ukulandisa kweBhayibheli ngokucophelela, siyabona ukuthi ezimweni eziningi uJesu nabafundi bakhe babengadingi ukuba abagulayo basho ukuthi banokholo ngaphambi kokubaphulukisa. Owesifazane ocashunwe ngenhla waqhamuka ngemuva wathinta ingubo kaJesu ngesinyenyela, engashongo lutho kuye, futhi “ngaso lesosikhathi umopho wakhe wanqamuka.” Ngesinye isikhathi, uJesu waphulukisa umuntu owayephakathi kwababezombopha. Waphulukisa ngisho nomuntu owayengazi nakancane ukuthi uJesu ungubani.—Luka 22:50, 51; Johane 5:5-9, 13; 9:24-34.
Khona-ke, iyiphi indima ukholo olwaluyifeza? Lapho uJesu nabafundi bakhe besesifundeni saseTire naseSidoni, kwafika owesifazane ongumFenike, wamemeza ethi: “Yiba nesihe kimi, Nkosi, Ndodana kaDavide. Indodakazi yami ikhwelwe kabi idemoni.” Cabanga indlela ayephelelwe ngayo ithemba lapho encenga ethi: “Nkosi, ngisize!” Egcwele isihawu, uJesu waphendula wathi: “O sifazane, ukholo lwakho lukhulu; makwenzeke kuwe njengoba ufisa.” Futhi indodakazi yakhe yaphulukiswa “kusukela ngalelohora kuqhubeke.” (Mathewu 15:21-28) Kuyacaca ukuthi kwakuhileleke ukholo, kodwa ukholo lukabani? Phawula ukuthi uJesu watusa ukholo lukanina wengane eyayigula, hhayi olwayo. Futhi wayebonisa ukholo kuphi? Ngokubiza uJesu ngokuthi “Nkosi, Ndodana kaDavide,” lona wesifazane wayevuma obala ukuthi uJesu wayenguMesiya othenjisiwe. Kwakungekhona ukumane athi unokholo kuNkulunkulu noma emandleni ophulukisayo. Lapho uJesu ethi, “Ukholo lwakho lukwenze waphila,” wayesho ukuthi abantu abahluphekayo babengeke beze kuye bazophulukiswa ukube babengakholwa ukuthi unguMesiya.
Kulezi zibonelo ezisemiBhalweni, singabona ukuthi ukuphulukisa okwakwenziwa uJesu kwakuhluke kakhulu kulokho okuvame ukubonakala noma ukushiwo namuhla. Izixuku zazingenzi lutho olubonisa imizwelo ejulile—ukumemeza, ukuhlabelela, ukumpongoloza, ukuquleka, njalonjalo—futhi noJesu wayengabi nokuvukwa usinga. Ngaphezu kwalokho, uJesu akazange ahluleke ukuphulukisa abantu abagulayo ngebhaxa lokuthi bantula ukholo noma lokuthi umnikelo wabo awumkhulu ngokwanele.
Ukuphilisa Ngamandla KaNkulunkulu
Kwakwenzeka kanjani ukuphulukisa kukaJesu nabafundi bakhe? IBhayibheli liyaphendula: “Amandla kaJehova ayekhona ukuba aphulukise.” (Luka 5:17) ULuka 9:43 uthi, ngemva kokunye ukuphulukisa, “bonke baqala ukukhexa ngamandla amakhulu kaNkulunkulu.” Ngokufanelekile, uJesu wayengazigqamisi yena njengophulukisayo. Ngesinye isikhathi wathi endodeni ayeyikhulule ekuxhashazweni amademoni: “Hamba uye ekhaya ezihlotsheni zakho, futhi uzibikele zonke izinto uJehova akwenzele zona nesihe abe naso kuwe.”—Marku 5:19.
Njengoba uJesu nabaphostoli babephulukisa ngamandla kaNkulunkulu, kusobala ukuthi kungani kwakungadingeki njalo ukuba ophulukiswayo abe nokholo ukuze aphulukiswe. Nokho, kwakudingeka ngempela ukuba ophulukisayo abe nokholo oluqinile. Ngakho, lapho abalandeli bakaJesu behluleka ukuxosha idemoni elalinamandla ngokukhethekile, uJesu wabatshela isizathu: “Kungenxa yokholo lwenu oluncane.”—Mathewu 17:20.
Injongo Yokuphulukisa Ngokuyisimangaliso
Nakuba uJesu aphulukisa abaningi phakathi nayo yonke inkonzo yakhe yasemhlabeni, wayengagxilile ekwenzeni ‘inkonzo yokuphulukisa.’ Ukuphulukisa kwakhe ngokuyisimangaliso—ayengakhokhisi muntu ngakho noma akucelele iminikelo—kwakuza ngemva komgomo wakhe oyinhloko ‘wokushumayela izindaba ezinhle zombuso.’ (Mathewu 9:35) Ukulandisa kuthi ngesinye isikhathi “wazamukela ngomusa [izixuku] waqala ukukhuluma nazo ngombuso kaNkulunkulu, futhi waphulukisa labo ababedinga ukwelashwa.” (Luka 9:11) Ekulandiseni kwamaVangeli, uJesu wayebizwa kaningi ngokuthi “uMfundisi” kodwa akazange abizwe ngokuthi “uMphulukisi.”
Khona-ke, kungani uJesu ayephulukisa ngokuyisimangaliso? Ngokuyinhloko, ukuze aqinisekise ukuthi unguMesiya othenjisiwe. Lapho uJohane uMbhapathizi eboshwe ngokungafanele, wafuna isiqinisekiso sokuthi wayekufezile lokho uNkulunkulu ayemthume ukuba akwenze. Wathumela abafundi bakhe siqu kuJesu ukuba bayobuza ukuthi: “Ingabe wena unguYe Ozayo, noma kumelwe silindele omunye?” Phawula lokho uJesu akutshela abafundi bakaJohane: “Hambani nibikele uJohane lokho enikuzwayo nenikubonayo: Izimpumputhe ziyabona futhi, nezinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanzwa nezithulu ziyezwa, nabafileyo bayavuswa, futhi kumenyezelwa izindaba ezinhle kwabampofu.”—Mathewu 11:2-5.
Yebo, iqiniso lokuthi uJesu wayengagcini ngokuphulukisa kodwa futhi wayenza neminye imisebenzi eyizimangaliso elotshwe emaVangelini lakufakazela ngokunamandla ukuthi “unguYe Ozayo,” uMesiya othenjisiwe. Kwakungekho sidingo sokuba noma ubani ‘alindele omunye.’
Ingabe Kusaphulukiswa Ngokuyisimangaliso Namuhla?
Khona-ke, ingabe kufanele silindele ukuba uNkulunkulu afakazele amandla akhe namuhla ngezenzo zokuphilisa? Cha. Ngemisebenzi eyisimangaliso ayenza ngamandla kaNkulunkulu, uJesu wakufakazela ngokungenakungatshazwa ukuthi unguMesiya uNkulunkulu ayethembise ukuthi uyofika. Izenzo zikaJesu zamandla zilotshwe eBhayibhelini ukuze wonke umuntu azifunde. Asikho isidingo sokuba uNkulunkulu afakazele amandla akhe ngokuphinda lezo zenzo kuzo zonke izizukulwane zabantu.
Kuyathakazelisa ukuthi ukuphilisa neminye imisebenzi eyizimangaliso kwakugculisa ngokwezinga elithile kuphela. Ngisho nabanye ofakazi abazibonela izimangaliso zikaJesu abakholwanga ukuthi wayesekelwa uYise wasezulwini. “Nakuba ayenze izibonakaliso eziningi kangaka phambi kwabo, babengalubeki ukholo kuye.” (Johane 12:37) Yingakho ngemva kokuba ekhulumé ngezipho ezihlukahlukene eziyisimangaliso—ukuprofetha, ukukhuluma ngezilimi, ukuphulukisa, njalonjalo—uNkulunkulu ayezinike amalungu athile ebandla lobuKristu lekhulu lokuqala, umphostoli uPawulu aphefumulelwa ukuba athi: “Kungakhathaliseki ukuthi kukhona izipho zokuprofetha, ziyoqedwa; kungakhathaliseki ukuthi kukhona izilimi, ziyokhawuka; kungakhathaliseki ukuthi kukhona ulwazi, luyoqedwa. Ngoba sinolwazi oluyingxenye futhi siprofetha ngokwengxenye; kodwa lapho lokho okuphelele kufika, lokho okuyingxenye kuyoqedwa.”—1 Korinte 12:28-31; 13:8-10.
Yiqiniso, ukuba nokholo kuNkulunkulu kubalulekile enhlalakahleni yethu. Nokho, uma umuntu esekela ukholo lwakhe ezithembisweni ezingamanga zokuphiliswa kuyomane kuholele ekudumazekeni. Ngaphezu kwalokho, uJesu wanikeza lesi sixwayiso ngokuqondene nesikhathi sokuphela: “Kuyovela oKristu bamanga nabaprofethi bamanga futhi bayonikeza izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso ukuze badukise ngisho nabakhethiweyo, uma kungenzeka.” (Mathewu 24:24) Ngaphandle kwabazishaya abanolwazi lokwelapha nabakhwabanisayo, kwakuyoba khona nokubonakaliswa kwamandla obudemoni. Ngenxa yalokho, akufanele simangale uma kukhulunywa ngezenzakalo ezingachazeki, futhi azisona nakancane isisekelo sokuba nokholo lwangempela kuNkulunkulu.
Njengoba kungekho muntu namuhla ophilisa njengoba kwakwenza uJesu, ingabe kukhona esikuntulayo? Lutho neze. Empeleni, abantu abaphulukiswa uJesu babengaphinda bagule ekugcineni. Bonke baguga futhi bafa. Izinzuzo zokuphulukiswa abakuthola zaba ezesikhashana ngokuqhathaniswa. Nokho, ukuphilisa kukaJesu ngokuyisimangaliso kuyohlala kubalulekile ngoba kwakubikezela izibusiso zesikhathi esizayo.
Ngakho, ngemva kokuhlola iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, u-Alexandre noBenedita, okukhulunywe ngabo ngaphambili, bayeka ukukholelwa ekuphulukiseni ngokuthandazela nasekuphiliseni ngemimoya kwanamuhla. Ngesikhathi esifanayo, bayaqiniseka ukuthi ukuphulukiswa ngokuyisimangaliso akuyona into yesikhathi esidlule. Ngani? Njengezigidi ezisemhlabeni wonke, babheke phambili ezibusisweni zokuphulukiswa ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu.—Mathewu 6:10.
Lapho Ukugula Nokufa Kungasekho
Njengoba sibonile ngaphambili, injongo eyinhloko yenkonzo kaJesu yayingekhona ukuphulukisa abagulayo nokwenza ezinye izimangaliso. Kunalokho, wenza ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kwaba umsebenzi wakhe oyinhloko. (Mathewu 9:35; Luka 4:43; 8:1) Lowo Mbuso uyindlela uNkulunkulu ayofeza ngayo ukuphulukiswa kwesintu okuyisimangaliso futhi alungise wonke umonakalo oye wadalwa isono nokungapheleli emkhayeni wesintu. Uyokufeza kanjani futhi nini lokhu?
Ebikezela okwakuyokwenzeka emakhulwini eminyaka ezayo, uKristu Jesu wanikeza umphostoli wakhe uJohane umbono oyisiprofetho: “Manje seyenzekile insindiso namandla nombuso kaNkulunkulu wethu negunya likaKristu wakhe!” (IsAmbulo 12:10) Bonke ubufakazi bubonisa ukuthi kusukela ngo-1914 umphikisi omkhulu kaNkulunkulu, uSathane, uye waphonswa phansi emhlabeni, futhi uMbuso usebenza ngokoqobo manje! UJesu uye wamiswa njengeNkosi yoMbuso wobuMesiya futhi manje ukulungele ukwenza izinguquko ezinkulu emhlabeni.
Maduze nje, uhulumeni kaJesu wasezulwini uzobusa umphakathi omusha wesintu olungile, empeleni ‘umhlaba omusha.’ (2 Petru 3:13) Ziyoba njani izimo ngaleso sikhathi? Nanku umbono omangalisayo wesikhathi esizayo: “Ngabona izulu elisha nomhlaba omusha; ngoba izulu langaphambili nomhlaba wangaphambili kwakudlulile . . . Futhi [uNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”—IsAmbulo 21:1, 4.
Ungakucabanga ukuthi kuyoba njani ukuphila lapho ukuphulukiswa kwesintu ngokuyisimangaliso kwenzeka? “Abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula; abantu abahlala khona bayakuthethelelwa ububi babo.” Yebo, uNkulunkulu uyofeza lokho abathandazeli abangasoze bakwenza. “Uyakugwinya ukufa kuze kube-phakade.” Ngempela, “iNkosi uJehova iyakwesula izinyembezi ebusweni bonke.”—Isaya 25:8; 33:24.
[Isithombe ekhasini 7]
Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu isintu siyophulukiswa ngokuyisimangaliso