Basha—Ingabe Nikulungele Ukubhapathizwa?
“Ngubani kini othi efuna ukwakha umbhoshongo angahlali phansi kuqala abale izindleko, ukuze abone ukuthi unakho yini okwanele ukuba awuqede?”—LUKA 14:28.
Lesi sihloko nesilandelayo zibhalelwe intsha efuna ukubhapathizwa
1, 2. (a) Yini ejabulisa abantu bakaNkulunkulu namuhla? (b) Abazali abangamaKristu nabadala bangabasiza kanjani abasebasha ukuba baqonde okushiwo ukubhapathizwa?
“BENGILOKHU ngikwazi kusukela usewusana, futhi ngiyajabula ukuzwa ukuthi ufuna ukubhapathizwa,” kusho umdala kuChristopher oneminyaka engu-12. “Ake ngikubuze, ‘Kungani ufuna ukuthatha leso sinyathelo?’” Lowo mdala wayenesizathu esizwakalayo sokubuza lowo mbuzo. Kusijabulisa kakhulu ukubona izinkulungwane zabasha zibhapathizwa unyaka ngamunye. (UmShumayeli 12:1) Kodwa abazali abangamaKristu kanye nabadala ebandleni bafuna ukuqinisekisa ukuthi abasha bayazenzela isinqumo futhi bayaqonda ukuthi kusho ukuthini ukubhapathizwa.
2 EBhayibhelini, sifunda ukuthi ukuzinikezela nokubhapathizwa kuyisiqalo sempilo entsha kumKristu. Le mpilo entsha iyoletha izibusiso eziningi ezivela kuJehova kodwa futhi iyoletha nokuphikiswa okuvela kuSathane. (IzAga 10:22; 1 Petru 5:8) Kungakho abazali abangamaKristu kumelwe bachithe isikhathi befundisa izingane zabo ukuthi kusho ukuthini ngempela ukuba umfundi kaKristu. Lapho abasha bengenabo abazali abangamaKristu, abadala ebandleni bayobasiza ngothando ukuba baqonde okushiwo ukuzinikezela nokubhapathizwa. (Funda uLuka 14:27-30.) Njengoba nje ukuqala nokuqeda umsebenzi wokwakha kudinga ukulungiselela, abasha kumelwe bazilungiselele ngaphambi kokuba babhapathizwe ukuze bakwazi ukukhonza uJehova ngokwethembeka ‘kuze kube sekupheleni.’ (Mathewu 24:13) Yini eyosiza abasha ukuba bazimisele ukukhonza uJehova phakade? Ake sibone.
3. (a) Amazwi kaJesu noPetru asifundisani ngokubaluleka kobhapathizo? (Mathewu 28:19, 20; 1 Petru 3:21) (b) Imiphi imibuzo esizoxoxa ngayo, futhi kungani?
3 Ingabe usemusha futhi ufuna ukubhapathizwa? Uma kunjalo, umgomo omuhle lowo! Kuyilungelo elikhulu ukubhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. Kuphinde kube yinto amaKristu okumelwe ayenze, futhi kuyisinyathelo esibalulekile kulabo abayosindiswa phakathi nosizi olukhulu. (Mathewu 28:19, 20; 1 Petru 3:21) Lapho ubhapathizwa, ubonisa ukuthi wenze isithembiso sokukhonza uJehova kuze kube phakade. Ufuna ngempela ukusifeza leso sithembiso, ngakho imibuzo elandelayo izokusiza ubone ukuthi ukulungele yini ukubhapathizwa: (1) Ingabe ngivuthwe ngokwanele ukuba ngenze leso sinqumo? (2) Ingabe kuyisifiso sami ukubhapathizwa? (3) Ingabe ngikuqonda ngempela okushiwo ukuzinikezela kuJehova? Ake sixoxe ngaleyo mibuzo.
LAPHO USUVUTHWE NGOKWANELE
4, 5. (a) Kungani ubhapathizo lungelona olwabantu abadala kuphela? (b) Kusho ukuthini ukuba umKristu ovuthiwe?
4 IBhayibheli alisho ukuthi kufanele kubhapathizwe abantu abadala kuphela noma asebefinyelele eminyakeni ethile. IzAga 20:11 zithi: “Ngisho nangemikhuba yakhe umfana uzenza aqashelwe ukuthi umsebenzi wakhe uhlanzekile futhi uqotho yini.” Ngakho ngisho nengane ingaqonda ukuthi kusho ukuthi ukwenza okulungile nokuzinikezela kuMdali wayo. Ngakho, ukubhapathizwa kuyisinyathelo esibalulekile nesifanelekayo kosemusha oye wabonisa ukuvuthwa nozinikezele kuJehova.—IzAga 20:7.
5 Kusho ukuthini ukuvuthwa? Ukuvuthwa akubhekiseli ngaso sonke isikhathi eminyakeni yomuntu noma ekukhuleni okungokoqobo. IBhayibheli lithi abantu abavuthiwe baye baqeqesha “amandla abo okuqonda” ukuze bahlukanise phakathi kokulungile nokungalungile. (Hebheru 5:14) Umuntu ovuthiwe uyakwazi okulungile futhi uye wanquma enhliziyweni yakhe ukuba akwenze. Ngakho ngeke athonyeke kalula ukuba enze okungalungile. Futhi akudingeki ngaso sonke isikhathi ukuba kube nothile ozomtshela ukuba enze okulungile. Kunengqondo ukulindela ukuba osemusha obhapathizwayo enze okulungile ngisho nalapho abazali bakhe noma abanye abantu abadala bengekho eduze.—Qhathanisa neyabaseFilipi 2:12.
6, 7. (a) Chaza izinselele uDaniyeli abhekana nazo lapho eseBhabhiloni. (b) Wabonisa kanjani uDaniyeli ukuthi uvuthiwe?
6 Ingabe osemusha angalubonisa ngempela lolo hlobo lokuvuthwa? Cabanga ngesibonelo sikaDaniyeli. Kungenzeka wayesemusha lapho ethathwa kubazali bakhe eyiswa eBhabhiloni. Kungazelelwe, uDaniyeli wazithola esephila phakathi kwabantu ababengayilaleli imiyalo kaNkulunkulu. Kodwa ake sisihlolisise isimo sikaDaniyeli. Wayephathwa njengomuntu obalulekile eBhabhiloni. Wayengomunye wabantu abambalwa abasebasha, ababekhethwe ngokucophelela ukuba bakhonze inkosi. (Daniyeli 1:3-5, 13) Kubukeka sengathi uDaniyeli wathola isikhundla esingcono eBhabhiloni kunanoma isiphi ayengasithola kwa-Israyeli.
7 Wasabela kanjani uDaniyeli osemusha? Ingabe wabavumela abaseBhabhiloni ukuba bamshintshe noma benze buthaka ukholo lwakhe? Lutho neze! IBhayibheli lithi ngesikhathi eseBhabhiloni, uDaniyeli wanquma “enhliziyweni yakhe ukuthi wayengeke azingcolise,” nokuthi wayengeke azihlanganise nanoma yini ehlobene nokukhulekela kwamanga. (Daniyeli 1:8) Lokho kwabonisa ukuvuthwa kwangempela!
8. Yini ongayifunda esibonelweni sikaDaniyeli?
8 Yini ongayifunda esibonelweni sikaDaniyeli? Osemusha ovuthiwe uyoma aqine ezinkolelweni zakhe, ngisho nasezimweni ezinzima. Ngeke afane nonwabu, olushintsha umbala uvumelane nendawo olukuyo. Akaziphathisi okomngane kaNkulunkulu eHholo LoMbuso kodwa aziphathise okomngane wezwe esikoleni. Kunalokho, uyohlala ethembekile ngisho nalapho evivinywa.—Funda eyabase-Efesu 4:14, 15.
Osemusha ovuthiwe akaziphathisi okomngane kaNkulunkulu eHholo LoMbuso kodwa aziphathise okomngane wezwe esikoleni
9, 10. (a) Osemusha angazuza kanjani ngokucabanga ngendlela asabele ngayo ovivinyweni lokholo asanda kubhekana nalo? (b) Kusho ukuthini ukubhapathizwa?
9 Yiqiniso, akekho umuntu ophelele. Intsha kanye nabantu abadala ngezinye izikhathi bayawenza amaphutha. (UmShumayeli 7:20) Kodwa uma ufuna ukubhapathizwa, kuyoba ukuhlakanipha ukuthola ukuthi uzimisele kangakanani ukulalela imiyalo kaJehova. Zibuze, ‘Ingabe ngike ngamlalela uJehova okwesikhathi esithile?’ Cabanga ngendlela osabele ngayo esikhathini esedlule lapho ukholo lwakho luvivinywa. Wakwazi yini ukunquma ukuthi yikuphi okulungile okwakufanele ukwenze? NjengoDaniyeli, ingabe ukhona oke wakukhuthaza ukuba usebenzise amakhono akho ezweni likaSathane? Lapho ubhekene nesilingo esinjengalesi, uyakwazi yini ukuqonda ukuthi iyini intando kaJehova?—Efesu 5:17.
10 Kungani kubalulekile ukwazi izimpendulo zaleyo mibuzo? Kungenxa yokuthi ziyokusiza ubone indlela ukubhapathizwa okubaluleke ngayo ngempela. Ubhapathizo lubonisa abanye ukuthi wenze isithembiso esibalulekile kuJehova. Umethembise ukuthi uyomthanda futhi umkhonze kuze kube phakade ngenhliziyo yakho yonke. (Marku 12:30) Wonke umuntu obhapathizwayo kufanele azimisele ukufeza isithembiso sakhe kuJehova.—Funda umShumayeli 5:4, 5.
INGABE YILOKHO OFISA UKUKWENZA?
11, 12. (a) Umuntu ocabanga ngokubhapathizwa kudingeka aqiniseke ngani? (b) Yini eyokusiza ukuba ube nombono ofanele ngelungiselelo likaJehova lokubhapathizwa?
11 IBhayibheli lithi bonke abantu bakaJehova, ngisho nabasha, bayomkhonza “ngokuzithandela.” (IHubo 110:3) Ngakho umuntu ofuna ukubhapathizwa kudingeka aqiniseke ukuthi lesi isifiso sakhe. Lokho kungenza kudingeke ukuba uhlole isifiso sakho ngokucophelela, ikakhulukazi uma wakhulela eqinisweni.
12 Ngesikhathi usakhula, cishe wabona abantu abaningi bebhapathizwa, mhlawumbe ngisho nabanye babangane bakho nezingane zakini. Kodwa qaphela, ungacabangi ukuthi kumelwe ubhapathizwe ngenxa nje yokuthi usufinyelele iminyaka ethile noma ngenxa yokuthi abanye bayabhapathizwa. Ungaqiniseka kanjani ukuthi ubheka ukubhapathizwa ngendlela uJehova akubheka ngayo? Zinike isikhathi sokucabanga ngokuthi kungani ubhapathizo lubaluleke kangaka. Uzothola izizathu eziningi ezinhle kulesi sihloko nakwesilandelayo.
13. Ungazi kanjani ukuthi isinqumo sokubhapathizwa sisuka enhliziyweni yini noma cha?
13 Enye indlela ongazi ngayo ukuthi isinqumo sokubhapathizwa sisuka enhliziyweni yini noma cha, ukuhlola imithandazo yakho. Uthandaza kaningi kangakanani kuJehova? Ingabe uyagwegwesa lapho uthandaza? Izimpendulo zaleyo mibuzo zingase zibonise ukuthi usondelene kangakanani noJehova. (IHubo 25:4) Ezikhathini eziningi, uJehova uyiphendula ngeBhayibheli imithandazo yethu. Ngakho, enye indlela ongazi ngayo ukuthi ufuna ngempela yini ukusondelana noJehova nokumkhonza ngokusuka enhliziyweni, ukuhlola isimiso sakho sokutadisha. (Joshuwa 1:8) Zibuze: ‘Ngivame kangakanani ukutadisha iBhayibheli? Ingabe ngihlanganyela ngokuzithandela ekukhulekeleni komkhaya?’ Izimpendulo zaleyo mibuzo zizokusiza ubone ukuthi isinqumo sakho sokubhapathizwa siyisifiso sakho yini noma cha.
OKUSHIWO UKUZINIKEZELA
14. Chaza umehluko phakathi kokuzinikezela nokubhapathizwa.
14 Enye intsha, ingase ingawazi ngempela umehluko phakathi kokuzinikezela nokubhapathizwa. Abanye bangase bathi sebekunikezele kakade ukuphila kwabo kuJehova kodwa abakulungele ukubhapathizwa. Kodwa ingabe lokho kungenzeka ngempela? Ukuzinikezela kuwumthandazo othembisa ngawo uJehova ukumkhonza kuze kube phakade. Lapho ubhapathizwa, ubonisa abanye ukuthi usuzinikezele kakade kuJehova. Ngakho ngaphambi kokuba ubhapathizwe, kudingeka uqonde okushiwo ukuzinikezela kuNkulunkulu.
15. Kusho ukuthini ukuzinikezela?
15 Lapho unikezela ukuphila kwakho kuJehova, umazisa ukuthi manje usungowakhe. Umethembisa ukuthi ukumkhonza kuzoba yinto ebaluleke kunazo zonke ekuphileni kwakho. (Funda uMathewu 16:24.) Isithembiso esinjalo esenziwa kuNkulunkulu asinakuthathwa kalula! (Mathewu 5:33) Ngakho ungabonisa kanjani ukuthi uyazi ukuthi awusaziphileli wena kodwa manje usungokaJehova?—Roma 14:8.
16, 17. (a) Fanekisa ukuthi kusho ukuthini ukuzidela. (b) Yini umuntu ozinikezelayo asuke eyisho ngempela?
16 Ake sicabange ngalesi sibonelo. Ake sithi umngane ukupha imoto. Ukunika amaphepha emoto, bese ethi: “Imoto isingeyakho.” Kodwa bese ethi: “Ngizozigcina izikhiye. Futhi imoto izoshayelwa yimina, hhayi wena.” Ubuyozizwa kanjani ngalesi sipho? Ubuyozizwa kanjani ngomngane okuphe leyo moto?
17 Lapho umuntu enikezela ukuphila kwakhe kuJehova, usuke ethi kuNkulunkulu: “Ngikunika ukuphila kwami. Ngingowakho.” UJehova unelungelo lokulindela ukuba lowo muntu afeze isithembiso sakhe. Kodwa kuthiwani uma lowo muntu eqala ukungamlaleli uJehova ngokuthandana ngokuyimfihlo nothile ongamkhulekeli uNkulunkulu? Noma kuthiwani uma lowo muntu amukela umsebenzi ongamniki isikhathi sokuya enkonzweni noma omenza aphuthe kaningi emhlanganweni? Lowo muntu uyobe engasigcini isithembiso asenza kuJehova. Kungafana nokugcina izikhiye zemoto. Lapho sinikezela ukuphila kwethu kuJehova, sithi kuye, “Ukuphila kwami kungokwakho, akukhona okwami.” Ngakho siyohlale senza lokho uJehova akufunayo ngisho nalapho kungeyona into esiyifuna ngempela. Masilingise uJesu owathi: “Angehlanga ezulwini ukuba ngizokwenza intando yami kodwa intando yalowo ongithumileyo.”—Johane 6:38.
Ukubhapathizwa kuyisinqumo esibalulekile futhi kuyilungelo elikhulu
18, 19. (a) Okushiwo uRose noChristopher kubonisa kanjani ukuthi ukubhapathizwa kuyilungelo eliholela ezibusisweni? (b) Uzizwa kanjani ngelungelo lokubhapathizwa?
18 Ngokusobala, ukubhapathizwa kuyisinqumo esibalulekile. Kuyilungelo elikhulu ukuzinikezela kuJehova nokubhapathizwa. Abasha abathanda uJehova futhi abakuqondayo okushiwo ukuzinikezela, abanqikazi ukunikezela ukuphila kwabo kuNkulunkulu nokubhapathizwa. Abazisoli ngesinqumo sabo. Osemusha obhapathiziwe ogama lakhe linguRose uthi: “Ngiyamthanda uJehova, futhi ayikho into ebingangijabulisa ukwedlula ukukhonza yena. Ayikho into engiqiniseka ngayo ekuphileni ukwedlula isinqumo sami engasenza sokubhapathizwa.”
19 Kuthiwani ngoChristopher okukhulunywe ngaye ekuqaleni kwalesi sihloko? Uzizwa kanjani ngesinqumo sokubhapathizwa asenza eseneminyaka engu-12? Uthi ujabule kakhulu ngokuthi wenza leso sinqumo. Waqala ukukhonza njengephayona elivamile eneminyaka engu-17 ubudala, waba inceku ekhonzayo lapho enengu-18. Manje usekhonza eBethel. Uthi: “Ukubhapathizwa kwakuyisinqumo esifanele. Ukuphila kwami kugxile emsebenzini owanelisayo kaJehova nenhlangano yakhe.” Uma ufuna ukubhapathizwa, ungakulungiselela kanjani? Isihloko esilandelayo sizophendula lowo mbuzo.