ISAHLUKO 22
Abafundi Abane Bazoba Abadobi Babantu
MATHEWU 4:13-22 MARKU 1:16-20 LUKA 5:1-11
UJESU UMEMA ABAFUNDI UKUBA BABE ABALANDELI BAKHE BESIKHATHI ESIGCWELE
ABADOBI BEZINHLANZI BABA ABADOBI BABANTU
Ngemva kokuba abantu baseNazaretha bezame ukubulala uJesu, uyahamba aye edolobheni laseKapernawume, eduze koLwandle LwaseGalile, elibizwa nangokuthi ‘ichibi laseGenesaretha.’ (Luka 5:1) Lokhu kugcwalisa isiprofetho esisencwadini ka-Isaya, esithi abantu baseGalile abahlala ngasolwandle babeyobona ukukhanya okukhulu.—Isaya 9:1, 2.
Lapha eGalile, uJesu uyaqhubeka ememezela ukuthi “uMbuso wamazulu ususondele.” (Mathewu 4:17) UJesu uthola abafundi bakhe abane. Babekade behamba noJesu ngaphambili, kodwa lapho bebuyela naye eJudiya, baqhubeka nomsebenzi wabo wokudoba. (Johane 1:35-42) Kodwa manje, sekufanele bahlale benoJesu ukuze abaqeqeshe ukuze bakwazi ukuqhubeka nenkonzo lapho engasekho.
Njengoba uJesu ehamba ogwini lolwandle ubona uSimoni Petru, umfowabo u-Andreya nabanye ababesebenza nabo, belungisa amanethi abo. UJesu uya kubo, agibele esikebheni sikaPetru, bese emcela ukuba aqhele ibangana ogwini. Lapho sebeqhele ibangana, uJesu uhlala phansi bese eqala ukufundisa izixuku ezase zibuthene ogwini amaqiniso ngoMbuso.
Ngemva kwalokho, uJesu uthi kuPetru: “Masiye lapho kujule khona, nehlise amanethi enu ukuze nibambe.” UPetru uphendula athi: “Mfundisi, sikhandleke ubusuku bonke kodwa asibambanga lutho, kodwa ngoba usho kanjalo ngizowehlisa amanethi.”—Luka 5:4, 5.
Behlisa amanethi babambe izinhlanzi eziningi kakhulu, kangangokuba amanethi abo aqala ukudabuka! Ngokushesha baqhweba labo abasebenza nabo abasesikebheni esiseduze ukuba beze bazobasiza. Ngokushesha, zombili izikebhe zigcwala izinhlanzi kangangokuba ziqala ukucwila. Ebona lokhu, uPetru uguqa phambi kukaJesu athi: “Suka kimi Nkosi ngoba ngiyisoni.” UJesu uphendula athi: “Yeka ukwesaba. Kusukela manje kuqhubeke uzobe udoba abantu bephila.”—Luka 5:8, 10.
UJesu utshela uPetru no-Andreya: “Ngilandeleni, ngizonenza abadobi babantu.” (Mathewu 4:19) Ubiza nabanye abadobi ababili, uJakobe noJohane, amadodana kaZebedewu. Nabo bavuma ngaphandle kokungabaza. Ngakho laba bobane, bashiya umsebenzi wabo wokudoba, babe abafundi bakaJesu bokuqala besikhathi esigcwele.