Iseluleko ‘Esiyoliswe Ngosawoti’
“Ukukhuluma kwenu makube-nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.”—KOLOSE 4:6.
1, 2. Kungani kubaluleke ngokukhethekile ukuba iseluleko sobuKristu ‘siyoliswe ngosawoti’?
KUWO wonke umlando, usawoti uye wafeza ingxenye ekhethekile ekulungiseleleni ukudla. Uvimbela ukubola futhi wandisa ubumnandi, kangangokuthi ukudla okuningi okungenawo usawoti kubhekwa njengokuduma nokunganambitheki. Ngakho-ke, lapho uPawulu ebhala ukuthi ukukhuluma kwamaKristu kumelwe ‘kuyoliswe ngosawoti,’ wayesho ukuthi ukukhuluma kwethu kumelwe kube ngokwakhayo, kwamukeleke futhi kukhange. (Kolose 4:6) Lokhu kunjalo ngokukhethekile lapho kunikezwa iseluleko. Ngani?
2 Injongo yokweluleka ayikhona nje ukuxoxa ngokwaziswa. Ezimweni eziningi, umuntu owelulekwayo usuke esezazi kakade ezinye zezimiso zeBhayibheli ezisebenza esimweni sakhe, kodwa unenkinga ekuzisebenziseni noma ekuboneni ukubaluleka kwazo. Ngakho-ke, inselele yangempela yokweluleka komKristu iwukushintsha indlela yokucabanga komuntu. (Galathiya 6:1; Efesu 4:11, 12) Ngakho-ke, kunesidingo ‘sikasawoti.’
3. Yiluphi usizo uJehova aye walunikeza abeluleki abangamaKristu?
3 Kuyiqiniso, ukweluleka kuyinselele, futhi ukuze ahlangabezane nayo, umeluleki udinga ulwazi nokuqonda. (IzAga 2:1, 2, 9; 2 Thimothewu 4:2) Ngokujabulisayo, uJehova uye walungiselela iBhayibheli, elingaqukethe nje kuphela ulwazi oludingekayo kodwa futhi nezibonelo eziningi zeseluleko esanikezwa abantu bakaNkulunkulu abanokuqonda. Ukuhlola ezinye zalezi kuyosisiza ukuba sibe abeluleki abaphumelela ngokwengeziwe.
Cabangela “UMluleki Omangalisayo”
4. Ekunikezeni iseluleko ebandleni, umdala ongumKristu angamlingisa kanjani uJesu Kristu?
4 Ngokwesibonelo, cabangela uJesu, “uMluleki omangalisayo.” (Isaya 9:6) Ekupheleni kwekhulu lokuqala, uJesu wathumela izincwadi zeseluleko emabandleni ayisikhombisa esifundeni saseAsiya. Lezincwadi ziyisibonelo esihle kubadala abangase badinge ukunikeza iseluleko emabandleni abo—futhi lezimiso zisebenza ngokufanayo lapho kwelulekwa abantu ngabanye. Izinkinga uJesu axoxa ngazo zazingezingathi sína: phakathi kwezinye, kwakuwukuhlubuka, ithonya likaJezabeli,’ ukuba sivivi, nokuthanda izinto ezibonakalayo. (IsAmbulo 2:4, 14, 15, 20-23; 3:1, 14-18) Ngakho uJesu waxoxa ngokunamandla ngalezinkinga. Kwakungekho kungabaza ngalokho ayefuna ukukusho emabandleni ngamanye. Namuhla, lapho abadala abangamaKristu benikeza iseluleko emabandleni abo, kumelwe “bayole” iseluleko sabo ngokuzithoba nomusa, belingisa uJesu. (Filipi 2:3-8; Mathewu 11:29) Ngakolunye uhlangothi, belingisa futhi uJesu, kudingeka babe abangagungciyo. Iseluleko akumelwe sinhlanhlathe kakhulu futhi sihlanganise izinto eziningi kakhulu kangangokuthi ibandla lize lilahlekelwe yiphuzu.
5, 6. Yiziphi ezinye izifundo umdala ongumKristu angazifunda ezigijimini zikaJesu eziya emabandleni ayisikhombisa?
5 Phawula, futhi, ukuthi, noma nini lapho kunokwenzeka uJesu wayeqale awatuse ngokunamandla amabandla futhi aphethe iseluleko sakhe ngesikhuthazo esakhayo. (IsAmbulo 2:2, 3, 7; 3:4, 5) Abeluleki abangamaKristu, ngokufanayo, kumelwe bayole iseluleko sabo ngokutusa nesikhuthazo. Kunjengoba omunye umdala onokuhlangenwe nakho aphawula: “Ngempela, awufezi okuningi uma uvele uthethise abazalwane.” Lapho benikeza iseluleko esinamandla, abadala akumelwe bashiye abazalwane bezizwa bedumazekile kodwa, kunalokho, beqinisiwe futhi bezimisele ukuthuthukisa esikhathini esizayo.—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 1:1-4.
6 Ekugcineni, kuthiwani ngezigijimi zikaJesu ezaziya ebandleni laseSmirna naseFiladelfiya? Wayengabagxeki labazalwane. Kodwa njengoba babesovivinyweni olungathi sína, wabakhuthaza ukuba baqhubeke nokukhuthazela. (IsAmbulo 2:8-11; 3:7-13) Ababonisi abangamaKristu, nabo, akumelwe banikeze iseluleko kuphela lapho kudingeka ukuqondiswa kodwa kumelwe ngaso sonke isikhathi baqaphele ukutusa abazalwane ngemisebenzi yabo emihle futhi babakhuthaze ukuba bakhuthazele.—Roma 12:12.
Sebenzisa Imifanekiso
7, 8. (a) Iseluleko sikaJesu kubalandeli bakhe ‘sasiyoliswe kanjani ngosawoti’? (b) Kungani imifanekiso ibalulekile lapho sinikeza iseluleko?
7 Esinye isikhathi uJesu anikeza ngaso iseluleko kwakuyilapho abafundi bakhe bekhathazekile ngokuthi ngubani owayeyoba ngowokuqala eMbusweni wasezulwini. Wayengamane abathethise abalandeli bakhe ngenxa yalokhu kukhathazeka. Kunalokho, ‘wayolisa amazwi akhe ngosawoti.’ Ebiza umntwana omncane, wathi: “Yilowo nalowo oyakuzithoba njengalomntwana nguyena omkhulu embusweni wezulu.” (Mathewu 18:1-4; Luka 9:46-48) Leseluleko sasicacile kodwa singesomusa futhi singesakhayo. Ngokubonisa ukuthi uMbuso wamazulu wawuhluke kakhulu emibusweni yalelizwe, uJesu wakhuthaza abalandeli bakhe ukuba bazithobe, futhi wazama ukususa umqondo wabo wokuphikisana.
8 Phawula, futhi, isu eliphumelelayo lokufundisa uJesu alisebenzisa kulendaba. Umfanekiso ophilayo—umntwana omncane! Ngokuvamile abeluleki abahlakaniphile “bayolisa” amazwi abo ngemifanekiso, njengoba lena ingagcizelela ukungathi sína kwendaba noma ingasiza onikezwa iseluleko ukuba acabange futhi abheke inkinga ngomunye umbono. Ngokuvamile imifanekiso iyasiza ekunciphiseni ukwesaba.
9. Yiziphi ezinye izibonelo ezingokomBhalo zokusetshenziswa kwemifanekiso ekunikezeni iseluleko?
9 Lapho exwayisa uKayini ngokuthi wayesengozini enkulu yokwenza isono esingathi sína, uJehova wachaza isono ngokusobala njengesilwane sasendle. Wathi: “Isono sihlezi ngasemnyango; ukunxanela kwaso kukuwe.” (Genesise 4:7) Lapho uJona ethukuthele ngenxa yokuba uJehova esindise abantu baseNineve abaphendukile, uNkulunkulu walungiselela umuthi womhlakuva ukuba ube umthunzi. Khona-ke, lapho umuthi ubuna futhi uJona ekhononda, uJehova wathi: “Wena wawuhawukela umhlakuva . . . mina-ke bengingayikulihawukela iNineve umuzi omkhulu, okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili?” (Jona 4:5-11) Iseluleko esinamandla ngempela!
10. Umeluleki ongumKristu wosuku lwanamuhla wawusebenzisa kanjani umfanekiso ekusizeni umuntu omusha ukuba aqonde izisusa zabazali bakhe?
10 Ngokufanayo, lapho umuntu othile osemusha ecasukile ngenxa yokuthi abazali bakhe babembekela imingcele ngabangane bakhe, umbonisi ojikelezayo wazama ukumsiza ngokusebenzisa lomfanekiso: “Uyakuthanda ukuthunga, akunjalo? Ake uzicabange usebenzisa isikhathi esiningi wenzela umngane wakho ingubo ekhangayo. Kodwa ngemva kokumnikeza yona, uthole ukuthi uyisebenzisa ekusuleni ngayo phansi. Ubungazizwa kanjani?” Lentombazana yavuma ukuthi yayiyocasuka. Ngakho isikhonzi saqhubeka: “Yileyondlela abazali bakho ababheka ngayo lokhu. Baye basebenzisa isikhathi esiningi bekukhulisa, futhi bayaziqhenya ngawe. Ngakho bafuna ukuba uzihlanganise nabantu abayokuphatha ngokufanele, hhayi abantu abayogcina ngokukulimaza.” Lomfanekiso wayisiza lentombazane ukuba iqaphele lokho abazali bayo ababezama ukukwenza.
Buza Imibuzo
11. UJehova wayisebenzisa kanjani ngokuphumelelayo imibuzo lapho eluleka uJona?
11 Lapho uJehova ekhuluma noJona ngokuthukuthela kwakhe okungenangqondo, kungenzeka uphawulile ukuthi naYe wabuza imibuzo. Lapho uJona, ethukutheliswe ukuthi iNineve ayibhujiswanga, wacela ukufa, uJehova wathi: “Wenza kahle ngokuthukuthela ngenxa yomhlakuva na?” UJona akazange aphendule. Ngakho-ke, uJehova wavumela ukuba umuthi womhlakuva ukhule bese ubuna. Khona-ke uJona wathukuthela ngokuphindiwe. Ngakho uJehova wambuza: “Wenza kahle ngokuthukuthela ngenxa yomhlakuva na?” Manje uJona waphendula: “Ngenza kahle ngokuthukuthela kuze kube-sekufeni.” Manje njengoba umprofethi wayesemphendulile uJehova, waqhubeka eqhathanisa isimo sengqondo sikaJona ngomuthi nesimo saKhe ngeNineve, ebuza umbuzo obuhlungu: “Mina-ke bengingayikulihawukela iNineve?” (Jona 4:4, 9, 11) Ngakho uJona welulekwa ukuba alingise isimo sengqondo sikaJehova ngabantu baseNineve abaphenduka.
12. Kuyini ukubaluleka kwemibuzo ekwelulekeni? Fanekisa.
12 Yebo, imibuzo isiza umeluleki ukuba athole lokho umuntu odinga iseluleko akucabangayo. Isiza futhi lowomuntu ukuba aqaphele ngokusobala ngokwengeziwe izinkinga zakhe siqu nezisusa. Ngokwesibonelo, umuntu angase aphikelele ngokuthi unalo ngokuphelele ilungelo lokuphuza ngaphambi kokushayela aye ekhaya. Angase ngobuqotho abe nalomuzwa, ‘Utshwala abungiphazamisi!’ Umngane wakhe angase athande ukubonisana naye, ethi: ‘Kodwa ake sithi uhileleka engozini engabangelwanga nguwe. Amaphoyisa abengacabangani uma ephawula ukuthi bewukade uphuza? Futhi, ake sithi eqinisweni utshwala baziphazamisa izenzo zakho kancane. Ingabe ngempela ufuna ukushayela imoto yakho lapho ungasangulukile ngokuphelele? Ingabe kukufanele ukuzifaka enkingeni, ngenxa nje yokuphuza?’
13. Omunye umeluleki walisebenzisa kanjani iBhayibheli, kanye nemibuzo, ekunikezeni iseluleko? Kungani lokhu kwakuphumelela?
13 Ngaso sonke isikhathi iseluleko sobuKristu sisekelwe eBhayibhelini. Futhi noma nini lapho kunokwenzeka, abeluleki abangamaKristu balisebenzisa ngokoqobo iBhayibheli ekunikezeni iseluleko. Liwusizo olunamandla. (Heberu 4:12) Ngokwesibonelo: Umdala onokuhlangenwe nakho wayezama ukusiza othile owayesepholile emsebenzini wokushumayela. Umdala wamkhumbuza umfanekiso kaJesu wendoda eyayinabantwana ababili, eyabacela bobabili ukuba bayosebenza esivinini sayo. Owokuqala wathi wayezoya kodwa wangaya. Owesibili wathi wayengeke aye kodwa kamuva wanquma ukuya. (Mathewu 21:28-31) Umeluleki wayesebuza: “Njengamanje yimuphi wena owenza njengaye kulaba ababili?” Ummemezeli walithola ngokushesha iphuzu, ikakhulukazi lapho umeluleki eqhubeka: “Ucabanga ukuthi uJehova, uMnini wesivini, usibheka kanjani isimo sakho?”
14. Kukuziphi ezinye izimo imibuzo engaba ithuluzi elibalulekile kuzo ekunikezeni iseluleko?
14 Kungokufanayo lapho uzama ukusiza labo abangabazayo, labo abanezinkinga zomshado noma ezinye izinkinga zomkhaya, labo abanezinkinga nabanye abantu, noma labo abasezimweni ezilingayo.a Imibuzo yobuciko isiza labo abelulekwayo ukuba bacabange, bazihlole, futhi bafinyelele eziphethweni eziqondile.
Lalelisisa
15. (a) Yini “abaduduzi” abathathu bakaJobe abehluleka ukuyenza? (b) Ukulalela kuyomsiza kanjani umeluleki ongumKristu?
15 Nokho, khumbula ukuthi ukubuza imibuzo kusho ukuthi ufuna ukuzwa izimpendulo. (IzAga 18:13) Abeluleki akumelwe bawele ogibeni olwabamba “abaduduzi” abathathu bakaJobe. UJobe wakhuluma nabo, kodwa abazange balalele ngempela. Base benqumile kakade ukuthi ukuhlupheka kukaJobe kwakubangelwa ukona kwakhe. (Jobe 16:2; 22:4-11) Ngokuphambene, umeluleki ongumKristu kumelwe alalelisise. Ngakho-ke, angase aphawule izikhawu eziphawulekayo noma ukushintsha kwezwi okubonisa ukuthi ayikashiwo yonke indaba. Mhlawumbe umbuzo wokugubha uyoveza iphuzu elicashe ngemuva emqondweni womuntu.—Qhathanisa nezAga 20:5.
16. Yini edingekile kumeluleki lapho kunzima ukulalela imiqondo yomKristu akanye naye ophazamisekile ngokomzwelo?
16 Kuyiqiniso, lokhu akunakuba lula ngaso sonke isikhathi. Umuntu ophazamisekile angase athi: “Ngiyabazonda abazali bami!” noma, “Angisenakuhlala nomyeni wami!” Kuyacasula ukulalela izinto ezinjalo. Kodwa khumbula ukuthi uJehova wayezimisele ukulalela lapho uAsafa ekhononda ngokuthi ukwethembeka kwakhe kwakubonakala kuyize. (IHubo 73:13, 14) UNkulunkulu walalela, futhi, lapho uJeremiya ethi wayeyengiwe. (Jeremiya 20:7) Ngokusobala uHabakuki wakhononda ngokuthi ababi babecindezela abalungile futhi uJehova wayengakuboni ngisho nokukubona. (Habakuki 1:13-17) Abeluleki abangamaKristu kumelwe bakulungele ngokufanayo ukulalela. Uma abantu benayo ngempela lemizwa, khona-ke umeluleki kudingeka azi ngalokhu ukuze asize. Kumelwe akugweme ukuphoqelela ngobuqili umuntu owelulekwayo ukuba aveze imibono yena acabanga ukuthi lowomuntu kumelwe abe nayo kunaleyo anayo ngempela. Umeluleki kumelwe futhi agweme ukusabela ngokunamandla noma ngokwahlulela, mhlawumbe ngaleyondlela enza lowomuntu angabe esakusho okusenhliziyweni yakhe.—IzAga 14:29; 17:27.
17. Kukanjani ngezinye izikhathi ukulalela nje abazalwane bethu kuyindlela yokubaduduza?
17 Ngezinye izikhathi ingxenye enkulu yokweluleka kwethu iwukulalela, senze lowomuntu aveze ukulimala kwakhe, ubuhlungu benhliziyo, noma ukuphazamiseka ngokwemizwelo. Lapho uNawomi ebuya ezweni lakwaMowabi, abesifazane bakwaIsrayeli bambingelela ngalamazwi: “Lo unguNawomi na?” Kodwa ngokudabuka uNawomi waphendula: “Ningangibizi ngokuthi uNawomi; ngibizeni ngokuthi uMara, ngokuba uSomandla ungiphathé ngomunyu omkhulu. Ngahamba ngigcwele, uJehova ungibuyisé ngize; ningibizelani ngokuthi uNawomi, lokhu uJehova efakazile ngami, uSomandla engenzele okubi, na?” (Ruthe 1:19-21) Kwakungekuningi abesifazane bakwaIsrayeli ababengakusho ekuphenduleni. Kodwa, ngokuvamile, ngokuzenza komuntu atholakale ngothando ukuba alalele lapho abanye beveza ubuhlungu babo obungokomzwelo kunganikela ekululameni kwabo.b
Ungalindeli Okwedlulele
18. (a) Kwakuyini okunye ukusabela eselulekweni esasivela kuJehova nakuJesu Kristu? (b) Iyiphi imfanelo abeluleki abangamaKristu okumelwe bayihlakulele?
18 Yebo, ukusabela eselulekweni kuyehlukahlukana. Ngokusobala uJona wasabela kahle eselulekweni sikaJehova. Lomprofethi welulama olakeni nasentukuthelweni yakhe kangangokuthi wabika okuhlangenwe nakho kwakhe ukuze abanye bafunde kukho. Kwathatha isikhathi ukuba abalandeli bakaJesu bafunde isifundo ngokuthobeka. Phela, ngobusuku bangaphambi kokufa kukaJesu, baphikisana futhi ngokuthi ngubani owayeyoba mkhulu phakathi kwabo! (Luka 22:24) Ngakho-ke, labo abanikeza iseluleko kudingeka babekezele. (UmShumayeli 7:8) Ngokuvamile umuntu onesimo esingesihle esigxilile ngeke ayishintshe inkambo yakhe ngenxa nje yamazwi ambalwa avela kumdala. Izinkinga esezinesikhathi eside zikhona phakathi kwabangane bomshado ngeke zinyamalale ngemva kokuxoxa okukodwa nomKristu ovuthiwe. Ukugula okungathi sína kungathatha izinyanga ngaphambi kokwelapheka, futhi kungaba okufanayo nangezinkinga ezingathi sína ezingokomoya. Futhi abanye bayomane bangasilaleli iseluleko esinengqondo. Naphezu kokwelulekwa uJehova ngokwakhe, uKayini wahamba futhi wabulala umfowabo.—Genesise 4:6-8.
19. Ibandla lingabasiza kanjani labo abahlushwa ukulimala okungokwemizwelo?
19 Labo abanezinkinga ezingathi sína kumelwe bangeqisi kulokho abangase bakulindele ebandleni. UmKristu okanye naye ngeke akususe ukucindezeleka okungokwengqondo okuhlala njalo, noma ukulimala ngokomzwelo ngokunokwenzeka okubangelwe okuthile okubuhlungu noma okuhlangenwe nakho okubi. Lapho umuntu egula ngokomzimba, ngokuvamile udokotela umane amenze azizwe eduduzekile njengoba eqhubeka elapheka emzimbeni. Ngokufanayo, lapho umKristu ehlupheka ngokomzwelo, ibandla lingazama “ukumenza azizwe eduduzekile,” lithandaze naye futhi limthandazele, limnikeza amazwi esikhuthazo noma nini lapho kunokwenzeka, futhi limnikeza noma yiluphi usizo abangalunikeza. Khona-ke, ngokuvamile, ukuhamba kwesikhathi nomoya kaJehova kuyamelapha. (IzAga 12:25; Jakobe 5:14, 15) Ngakho-ke, esinye isisulu sobuhlobo bobulili nesihlobo sabhala: “Nakuba ubuhlobo bobulili nesihlobo bungaba ukucindezela okukhulu okungokomzwelo, inhlangano kaJehova yenza okuningi ukuze ikusekele, futhi ngosizo oluvela emiBhalweni nokusekela kwabazalwane nodade, unganqoba.”c
20. Iyiphi ingxenye efezwa iseluleko njengoba sonke sizama ukuzigcina sikhonza uJehova?
20 Yebo, amaKristu anomthwalo wemfanelo wokusizana. Ikakhulukazi abadala, kodwa futhi nasebandleni, kumelwe bayikhathalele inhlalakahle yomunye nomunye futhi banikeze iseluleko somusa, esingokomBhalo lapho kudingekile. (Filipi 2:4) Yebo, iseluleko esinjalo akumelwe sinikezwe ngobushiqela noma ngokhahlo. Futhi akumelwe sinikeze umqondo wokuzama ukulawula ukuphila komunye umuntu. Kunalokho, kumelwe sisekelwe ngokomBhalo futhi ‘siyoliswe ngosawoti.’ (Kolose 4:6) Wonke umuntu uyaludinga usizo ngezikhathi ezithile, futhi iseluleko esifika ngesikhathi, ‘esiyoliswe’ ngomusa nesikhuthazo, siyosisiza sonke ukuba siqhubeke endleleni eya ekuphileni okuphakade.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokweluleka imibhangqwana eshadile, bheka isihloko esithi “Indlela Yokunikeza Iseluleko Esisiza Ngempela” ku-Phaphama! yesiNgisi kaJuly 22, 1983.
b Ukuze uthole ukusikisela ngendlela yokusiza amaKristu ahlushwa ukucindezeleka, bheka isihloko esithi “Nithokozise Abadanileyo” kuNqabayokulinda kaOctober 1, 1982, nesithi “Ulimi Olufundisiwe—‘Lokuvuselela Oyethileyo’” kuNqabayokulinda kaNovember 15, 1982.
c Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokusiza labo abahlushwa ukulimala okungokomzwelo, bheka isihloko esithi “Ithemba Ngabadumele” nesithi “Bafuna Ukusiza” kuNqabayokulinda kaJanuary 15, 1984, nesithi “Usizo Kwabayizisulu Zokuhlaselwa Izihlobo Ngokobulili” kuNqabayokulinda ka-April 1, 1984.
Uyakhumbula?
◻ Yiziphi izici zeseluleko sikaJesu esasiya emabandleni ayisikhombisa ezingasiza abadala namuhla?
◻ Yiziphi izibonelo ezingokomBhalo ezikhona zokusetshenziswa kwemifanekiso ekunikezeni iseluleko?
◻ Kuyini ukubaluleka kwangempela kwemibuzo kumeluleki ongumKristu?
◻ Umeluleki onekhono angalisebenzisa kanjani iBhayibheli?
◻ Kungani umuntu onikezwa iseluleko naye kumelwe abe yisilaleli esihle?
[Isithombe ekhasini 17]
Esebenzisa umntwana ekufanekiseni iphuzu lakhe, uJesu wanikeza abafundi bakhe iseluleko esicacile, somusa, nesakhayo
[Isithombe ekhasini 18]
UJona wayethukuthele futhi enolaka, kodwa ngokusobala wasabela kahle eselulekweni sikaJehova