ISAHLUKO 14
Ukulondoloza Ukuthula Nokuhlanzeka Kwebandla
UNYAKA ngamunye izinkulungwane zabantu zithutheleka endlini kaJehova yokukhulekela okumsulwa, kugcwaliseka isiprofetho seBhayibheli. (Mika 4:1, 2) Yeka indlela okusijabulisa ngayo ukubamukela ‘ebandleni likaNkulunkulu’! (IzE. 20:28) Bayalazisa ithuba lokukhonza uJehova kanye nathi nelokuba sepharadesi lethu elingokomoya, eliyindawo ehlanzekile nenokuthula. Umoya ongcwele kaNkulunkulu neseluleko esihlakaniphile esiseZwini lakhe kuyasisiza silondoloze ukuthula, sigcine nebandla lihlanzekile.—IHu. 119:105; Zak. 4:6.
2 Ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli, sigqoka “ubuntu obusha.” (Kol. 3:10) Asikunaki ukuphikisana nokungezwani okuwubala. Ngokubheka izinto ngendlela uJehova azibheka ngayo, sinqoba amathonya ezwe ahlukanisayo sisebenze ngobunye njengabazalwane bomhlaba wonke.—IzE. 10:34, 35.
3 Noma kunjalo, ngezikhathi ezithile ziyaphakama izinkinga eziphazamisa ukuthula nobunye bebandla. Zibangelwa yini? Ezimweni eziningi kusuke kuwukwehluleka ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli. Kusamelwe silwe nokuthambekela kobuntu kokungapheleli. Akekho noyedwa kithina ongenasono. (1 Joh. 1:10) Othile angase athathe isinyathelo okungesona, isinyathelo esingangenisa ukungcola kokuziphatha noma okungokomoya ebandleni. Singase sicasule othile ngokuphahluka kwethu noma ngesenzo esithile, noma thina singase sicasulwe okuthile okushiwo noma kwenziwa othile. (Roma 3:23) Uma kwenzeka lokho, yini esingayenza ukuze silungise izinto?
4 Ngothando, uJehova wakucabangela konke lokhu. IZwi lakhe linikeza iseluleko ngalokho okumelwe kwenziwe lapho kuphakama izinkinga. Umuntu angathola usizo kubelusi abangokomoya, noma abadala, abanothando. Ngokusebenzisa iseluleko sabo esingokomBhalo, singaphinde sibe nobuhlobo obuhle nabanye futhi silondoloze ubuhlobo obuhle noJehova. Uma sithola isiyalo noma sisolwa ngenxa yobubi obuthile esibenzile, singaqiniseka ukuthi ukuqondiswa okunjalo kuwukubonakaliswa kothando lukaBaba wethu wasezulwini.—IzAga 3:11, 12; Heb. 12:6.
UKULUNGISA UKUNGEZWANI OKUNGELUTHO
5 Ngezinye izikhathi kungase kube nokuhilizisana noma ukungezwani okungelutho phakathi kwalabo abasebandleni. Kufanele kulungiswe ngokushesha ngomoya wothando lobuzalwane. (Efe. 4:26; Fil. 2:2-4; Kol. 3:12-14) Cishe uyothola ukuthi izinkinga zobuntu ezithinta ubuhlobo bakho nomKristu okanye naye zingaxazululwa ngokusebenzisa iseluleko somphostoli uPetru sokuba “nothando olukhulu ngomunye nomunye, ngoba uthando lumboza izono eziningi.” (1 Pet. 4:8) IBhayibheli lithi: “Sonke siyakhubeka izikhathi eziningi.” (Jak. 3:2) Ngokusebenzisa uMthetho Wegolide, senze kwabanye konke esifuna bakwenze kithi, ngokuvamile singakuthethelela ukoniwa okungelutho bese sikukhohlwa.—Math. 6:14, 15; 7:12.
6 Uma unomuzwa wokuthi othile ucasulwe yinto oyishilo noma oyenzile, kufanele ungazindeli, thatha isinyathelo sokwenza ukuthula. Khumbula, kuthinteke nobuhlobo bakho noJehova. UJesu weluleka abafundi bakhe: “Khona-ke, uma uletha isipho sakho e-altare bese ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unokuthile ngawe, shiya isipho sakho lapho phambi kwe-altare, uhambe; okokuqala yenza ukuthula nomfowenu, khona-ke, lapho usubuyile, unikele isipho sakho.” (Math. 5:23, 24) Kungenzeka ukuthi kube nokungaqondi kahle. Uma kunjalo, gcina umzila wokukhulumisana uvulekile. Ukukhulumisana okuhle phakathi kwabo bonke ebandleni kufeza lukhulu ekuvimbeleni ukungaqondani kahle nasekuxazululeni izinkinga eziphakama ngenxa yokungapheleli kobuntu.
UKUNIKEZA ISELULEKO ESINGOKOMBHALO ESIDINGEKAYO
7 Ngezinye izikhathi ababonisi bangase bakuthole kudingeka ukweluleka othile ukuze balungise ukucabanga kwakhe. Lokhu akulula ngaso sonke isikhathi. Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu aseGalathiya: “Bazalwane, ngisho noma umuntu ethatha isinyathelo okungesona ngaphambi kokuba aqaphele, nina eninezimfanelo ezingokomoya zamani ukumlungisa ngomoya wobumnene umuntu onjalo.”—Gal. 6:1.
8 Ngokwelusa umhlambi, ababonisi bangavikela ibandla ezingozini eziningi ezingokomoya futhi bangase bavimbele ukuqala kwezinkinga ezinkulu kakhulu. Abadala balwela ukwenza inkonzo yabo ebandleni ivumelane nesithembiso uJehova asenza ngo-Isaya: “Ngamunye kumelwe abe njengendawo yokucashela umoya nendawo yokucashela isiphepho esinemvula, njengemifudlana yamanzi ezweni elingenamanzi, njengomthunzi wedwala elikhulu ezweni eligwadulekile.”—Isaya 32:2.
UKUPHAWULA ABANGAHLELEKILE
9 Umphostoli uPawulu waxwayisa ngabathile ababengaba yithonya elibi ebandleni. Wathi: “Siyaniyala . . . ukuba nihoxe kulowo nalowo mzalwane ohamba ngokungahlelekile futhi engahambi ngokwesiko enalamukela kithi.” Wayikhanyisa leyo nkulumo lapho ebhala: “Uma umuntu engalilaleli izwi lethu eliza ngale ncwadi, mgcineni ephawuliwe lowo, niyeke ukuzihlanganisa naye, ukuze abe namahloni. Kodwa nokho ningambheki njengesitha, kodwa niqhubeke nimyala njengomfowenu.”—2 Thes. 3:6, 14, 15.
10 Ngezikhathi ezithile umuntu ongenalo icala lokwenza isono esibi angase axoshelwe sona ebandleni, ubonisa ukungazigqizi qakala izimiso zikaNkulunkulu okufanele zibuse amaKristu. Lokhu kungase kuhlanganise izinto ezifana nobuvila, ukugxeka nobunuku, konke akwenze ngezinga elixakile. Kungenzeka ‘uzigaxa kokungamthinti.’ (2 Thes. 3:11) Noma kungenzeka ungumuntu oceba ukusizakala ngezinto zabanye noma ozitika ngokuzijabulisa okusobala ukuthi akufanelekile. Lokhu kuziphatha okungahlelekile kubi kangangokuthi kungalimelela kabi ibandla futhi kungadlulela nakwamanye amaKristu.
11 Abadala bayozama ukuqale bamsize umuntu ongahlelekile ngokumnikeza iseluleko esisekelwe eBhayibhelini. Kodwa uma ephikelela nokungazinaki izimiso zeBhayibheli nakuba eseyalwe ngokuphindaphindiwe, abadala bangase banqume ukuthi kufanele kubekwe inkulumo exwayisayo ebandleni. Abadala bayosebenzisa ukuqonda ekunqumeni ukuthi isimo esithile sibi futhi siphazamisa kakhulu kangangokuthi kudingeka inkulumo ezoxwayisa ngaso. Isikhulumi siyonikeza iseluleko esifanelekayo esiphathelene nokuziphatha okungahlelekile, kodwa ngeke agagulwe ngegama lowo ongahlelekile. Ngenxa yalokho, labo abasaziyo isimo okukhulunywa ngaso enkulumweni bayoqikelela ukuthi bayagwema ukuchitha isikhathi nomuntu onjalo, nakuba beyoqhubeka behlangana naye ezintweni ezingokomoya, ‘bamyale njengomfowabo.’
12 Ithemba liwukuthi ukuma okuqinile kwamaKristu athembekile ebandla kuyosiza ongahlelekile ukuba abe namahloni ngezindlela zakhe futhi kumenze ashintshe. Lapho sekusobala ukuthi lo muntu uyilahlile inkambo yakhe yokungahleleki, ngeke kusadingeka aphathwe njengomuntu ophawuliwe.
UKULUNGISA UKONA OKUTHILE OKUBI KAKHULU
13 Ukuzimisela ukungakunaki ukoniwa nokuthethelela akusho ukuthi asinandaba nokwenziwa kobubi noma siyakuvuna. Akukhona konke ukona okungathiwa kubangelwa ukungapheleli esikuzuze njengefa; futhi akulungile ukungakunaki ukona okungalé kokona okungelutho. (Lev. 19:17; lHu. 141:5) Isivumelwano soMthetho sasivuma ukuthi ezinye izono zimbi kakhulu kunezinye, futhi kusenjalo naselungiselelweni lobuKristu.—1 Joh. 5:16, 17.
14 UJesu wabeka inqubo eqondile yokuxazulula izinkinga ezimbi kakhulu ezingase zibe khona phakathi kwamaKristu. Phawula izinyathelo azibeka: “Uma umfowenu ona, [1] hamba uyomambulela iphutha lakhe phakathi kwakho naye ninodwa. Uma ekulalela, uyobe umzuzile umfowenu. Kodwa uma engalaleli, [2] thatha kanye nawe oyedwa noma ababili, ukuze kuthi ngomlomo wofakazi ababili noma abathathu ziqiniswe zonke izindaba. Uma engabalaleli, [3] khuluma nebandla. Uma engalilaleli ngisho nebandla, makabe kuwe njengomuntu wezizwe nanjengomthelisi.”—Math. 18:15-17.
15 Uma sicabangela umfanekiso uJesu awunikeza kamuva, okuMathewu 18:23-35, kubonakala sengathi ezinye zezono okukhulunywa ngazo kuMathewu 18:15-17 zihilela izindaba zezimali noma zomhlaba, njengokwehluleka ukubuyisa okwakubolekiwe noma ukukhwabanisa. Noma, kungaba isono sokunyundela, okuyinto elonakalisa kabi kakhulu idumela lomunye umuntu.
16 Uma unobufakazi bokuthi othile ebandleni ukone kabi kanjalo, ungasheshi ukuya kubadala uyobacela ukuba bangenele. Njengoba uJesu eluleka, okokuqala khuluma nalowo okhononda ngaye. Zama ukulungisa indaba ninobabili kuphela ngaphandle kokufaka omunye umuntu. Khumbula ukuthi uJesu akazange athi ‘hamba uyomambulela iphutha lakhe kube kanye kuphela.’ Ngakho-ke, uma umuntu engakuvumanga ukona kwakhe futhi acele intethelelo, kungase kube kuhle ukucabanga ngokuphinda uye kuye ngemva kwesikhathi. Uma indaba ingalungiseka ngale ndlela, owonile ngokuqinisekile uyokwazisa ukungabatsheli kwakho abanye ngesono sakhe noma ukungalonakalisi kwakho idumela lakhe elihle ebandleni. Uyobe “umzuzile umfowenu.”
17 Uma owonile ekuvuma ukona kwakhe, ecela intethelelo futhi ethatha izinyathelo zokulungisa akonile, asikho isidingo sokuyidlulisela phambili indaba. Nakuba isono besisibi kakhulu, ukona kwalolu hlobo kungalungiswa abantu abathintekayo.
18 Uma uhluleka ukuzuza umfowenu ngokumambulela iphutha lakhe “phakathi kwakho naye ninodwa,” ungabe sewenza njengoba uJesu asho, “thatha kanye nawe oyedwa noma ababili,” uphinde uyokhuluma nomfowenu. Labo obathathayo kufanele nabo babe nenhloso yokuzuza umfowenu. Kutuswa ukuba kube abantu abangofakazi bobubi obenziwe, kodwa uma bengekho ofakazi bokuzibonela, ungase ukhethe ukucela umuntu oyedwa noma ababili ukuba babe ofakazi kuleyo ngxoxo. Kungenzeka sebake babhekana naleyo nkinga futhi bangase bakwazi ukubona ukuthi okwenzekile kubi ngempela yini. Abadala abakhethelwe ukuba ofakazi basuke bengameleli ibandla ngoba basuke bengabelwanga ngokuqondile indikimba yabadala.
19 Uma indaba ingalunganga ngemva kwemizamo eminingana—ukhulume naye ninodwa, wabuye waya kuye nomuntu oyedwa noma ababili—futhi unomuzwa wokuthi awukwazi ukuyiyeka idlule, kufanele uyibikele ababonisi bebandla. Khumbula ukuthi umgomo wabo ukulondoloza ukuthula nokuhlanzeka kwebandla. Uma sewuyile kubadala, yishiyele ezandleni zabo leyo ndaba bese uthembela kuJehova. Ungalokothi uvumele ukuziphatha komunye kukukhube noma kukuphuce injabulo yakho enkonzweni kaJehova.—IHu. 119:165.
20 Abelusi bomhlambi bayoyiphenya indaba. Uma kucaca ukuthi ngempela umzalwane ukone kabi kakhulu nokuthi akaphenduki futhi akazimisele ukwenza ukulungisa okufanelekayo nokusezingeni elifanelekile, kungase kudingeke ukuba ikomiti yababonisi imxoshe umenzi wobubi ebandleni. Ngokwenza kanjalo bavikela umhlambi, balondoloze nokuhlanzeka kwebandla.—Math. 18:17.
UKUSINGATHA AMACALA OKONA AMABI KAKHULU
21 Okunye ukona okubi kakhulu, njengobufebe, ukuphinga, ubungqingili, ukuhlambalaza, ukuhlubuka, ukukhonza izithombe nezinye izono ezimbi ezifana nalezi, kudinga okungaphezu kokuthethelelwa umuntu owoniwe. (1 Kor. 6:9, 10; Gal. 5:19-21) Ngenxa yokuthi ukuhlanzeka kwebandla okungokomoya nokokuziphatha kusengozini, izono ezimbi kakhulu ezinjalo kumelwe zibikelwe abadala futhi kube yibo abazisingathayo. (1 Kor. 5:6; Jak. 5:14, 15) Abanye abantu bangase baye kubadala beyovuma isono sabo noma beyobika abakwaziyo ngobubi obenziwe abanye. (Lev. 5:1; Jak. 5:16) Kungakhathaliseki ukuthi abadala bayizwe kanjani okokuqala imibiko yokona okubi kakhulu kukaFakazi obhapathiziwe, indaba iyoqale iphenywe abadala ababili. Uma kutholakala ukuthi leyo mibiko inesisekelo nokuthi bukhona ubufakazi obubonisa ukuthi kwenziwe isono esibi kakhulu, indikimba yabadala iyokwabela ikomiti yokwahlulela eyakhiwa abadala okungenani abathathu ukuba isingathe lolo daba.
22 Abadala baqapha umhlambi, befuna ukuwuvikela kunoma yini engawulimaza ngokomoya. Bazama nokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu ngobuciko ukuze basole noma ubani oye wona futhi bazame ukumbuyisela esimweni esihle ngokomoya. (Jude 21-23) Lokhu kuvumelana neziyalezo uThimothewu azinikwa umphostoli uPawulu, owabhala: “Ngiyakuyala nokukuyala phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu, omiselwe ukwahlulela abaphilayo nabafileyo, . . . [ukuba] usole, ukhuze, ukhuthaze, ngakho konke ukubekezela nekhono lokufundisa.” (2 Thim. 4:1, 2) Ukwenza kanjalo kungase kuthathe isikhathi esiningi, kodwa kuyingxenye yomsebenzi onzima wabadala. Ibandla liyayazisa imizamo yabo futhi libabheka ‘njengabafanelwe udumo oluphindiwe.’—1 Thim. 5:17.
23 Kuzo zonke izimo lapho kunobufakazi bokona, umzamo oyinhloko wababonisi uwukubuyisela umenzi wobubi esimweni esihle ngokomoya. Uma ephenduka ngobuqotho futhi bekwazi ukumsiza, ukumsola kwabo ngasese noma phambi kofakazi abanikeze ubufakazi phakathi nokuqulwa kwecala kuyosiza kumyale futhi kwenze noma ubani kwababukele abe nokwesaba okufanele. (2 Sam. 12:13; 1 Thim. 5:20) Kuwo wonke amacala lapho owonile esolwa yikomiti yokwahlulela, ubekelwa imingcele. Ngakho umenzi wobubi angasizwa ukuba enzele izinyawo zakhe “izindlela eziqondileyo” ngemva kwalokho. (Heb. 12:13) Ngokuhamba kwesikhathi le mingcele iyasuswa uma ukululama kwakhe ngokomoya kubonakala.
ISAZISO SOKUSOLWA
24 Uma ikomiti yokwahlulela inquma ukuthi umuntu uphendukile kodwa indaba cishe izokwaziwa ebandleni noma emphakathini noma uma ibandla kudingeka liqaphe ngokuqondene nalowo menzi wobubi ophendukile, kuyokwenziwa isaziso esifushane eMhlanganweni Wokuphila Nenkonzo. Kufanele sifundeke kanje: “[Igama lomuntu] usoliwe.”
UMA ISINQUMO SIWUKUSUSA EKUHLANGANYELENI
25 Kwezinye izimo umenzi wobubi kungenzeka uselukhuni enkambweni yakhe yokuziphatha okunesono, ngenxa yalokho angayamukeli imizamo yokumsiza. “Imisebenzi [eyanele] efanele ukuphenduka” ingase ingabonakali ngesikhathi sokuqulwa kwecala. (IzE. 26:20) Yini-ke okufanele yenziwe? Ezimweni ezinjalo, kudingeka axoshwe ebandleni umenzi wobubi ongaphenduki, ngaleyo ndlela angabi nabudlelwane nabantu bakaJehova abahlanzekile. Ithonya elibi lomenzi wobubi liyasuswa ebandleni, kanjalo kulondwe ukuhlanzeka kwalo kokuziphatha nokungokomoya, kuvikelwe negama lalo elihle. (Dut. 21:20, 21; 22:23, 24) Lapho umphostoli uPawulu ezwa ngokuziphatha okuyihlazo kothile ebandleni laseKorinte, wayala abadala ukuba ‘umuntu onjalo bamnikele kuSathane ukuze umoya [webandla] usindiswe.’ (1 Kor. 5:5, 11-13) UPawulu wabika nangokususwa kwabanye ababevukele iqiniso ekhulwini lokuqala.—1 Thim. 1:20.
26 Lapho ikomiti yokwahlulela isitholile ukuthi umenzi wobubi ongaphenduki kufanele asuswe ekuhlanganyeleni, kufanele imazise ngaleso sinqumo, imchazele ngokucacile isizathu (noma izizathu) esingokomBhalo sokususwa kwakhe ekuhlanganyeleni. Lapho isimazisile ngesinqumo, ikomiti yokwahlulela izomtshela ukuthi uma ekholelwa ukuthi kwenziwe iphutha elikhulu ekwahluleleni futhi efuna ukufaka isikhalo ngesinqumo, angakwenza lokho ngokubhala incwadi ezibeka ngokucacile izizathu zesikhalo sakhe. Uyonikwa izinsuku ezingu-7 zokwenza lokhu, kusuka esikhathini atshelwa ngaso ngesinqumo sekomiti. Uma incwadi yesikhalo ifika, indikimba yabadala iyothinta umbonisi wesigodi, yena oyobe esekhetha abadala abafanelekayo abazokhonza ekomitini yesikhalo eyoliqula kabusha lelo cala. Bayokwenza yonke imizamo yokuqula lelo cala lingakapheli isonto incwadi yesikhalo ifikile. Uma kunesikhalo, isaziso sokususwa ekuhlanganyeleni siyohlehliswa. Phakathi naleso sikhathi, umuntu obekwe icala ngeke aphendule, ngeke athandaze emihlanganweni yebandla futhi uyogodlelwa amalungelo akhethekile enkonzo.
27 Umuntu obekwe icala unikezwa ithuba lokukhalaza njengesenzo somusa, futhi kumnika ithuba lokuphinde abeke izikhalo zakhe. Ngakho, uma engafiki ngamabomu ngesikhathi sokuqulwa kwecala lesikhalo, ukususwa kwakhe ekuhlanganyeleni kuyomenyezelwa ngemva kwemizamo ethile yokumthola.
28 Uma umenzi wobubi engafisi ukufaka isikhalo, ikomiti yokwahlulela iyomchazela isidingo sokuphenduka nokuthi yiziphi izinyathelo angazithatha ukuze abuyiselwe ngesikhathi esifanele. Lokhu kuyoba usizo nomusa futhi kufanele kwenziwe ngethemba lokuthi uyozishintsha izindlela zakhe nokuthi ngokuhamba kwesikhathi uyofanelekela ukubuyela enhlanganweni kaJehova.—2 Kor. 2:6, 7.
ISAZISO SOKUSUSWA EKUHLANGANYELENI
29 Uma kudingeka ukuba umenzi wobubi ongaphenduki asuswe ekuhlanganyeleni nebandla, kwenziwa isaziso esifushane, esithi: “[Igama lomuntu] akaseyena omunye woFakazi BakaJehova.” Lokho kuyoxwayisa labo abasebandleni abathembekile ukuba bayeke ukuzihlanganisa nalowo muntu.—1 Kor. 5:11.
UKUZEHLUKANISA
30 Igama elithi “ukuzehlukanisa” lisebenza esinyathelweni esithathwa umuntu okuthi nakuba enguFakazi obhapathiziwe, alahle ukuma kwakhe kobuKristu ngamabomu ngokuthi athi akasafuni ukubhekwa noma ukwaziwa njengomunye woFakazi BakaJehova. Noma angase alahle indawo yakhe ebandleni lobuKristu ngezenzo zakhe, njengokuba ingxenye yenhlangano yezwe enezinhloso ezingqubuzana neBhayibheli, futhi ngenxa yalokho, ezokwahlulelwa uJehova uNkulunkulu.—Isaya 2:4; IsAm. 19:17-21.
31 Ngokuphathelene nalabo abalahla ukholo lwabo lobuKristu osukwini lwakhe, umphostoli uJohane wabhala: “Baphuma kithi, kodwa babengebona abohlobo lwethu; ngoba uma babengabohlobo lwethu, babeyohlala nathi.”—1 Joh. 2:19.
32 Uma umuntu ezehlukanisa, isimo sakhe phambi kukaJehova sihluke kakhulu kwesomKristu opholile, ongasayi enkonzweni yasensimini. Umuntu kungenzeka usepholile ngoba ayeka ukutadisha iZwi likaNkulunkulu njalo. Noma mhlawumbe ngenxa yezinkinga zomuntu siqu noma ukushushiswa, waphelelwa intshiseko yokukhonza uJehova. Abadala kanye nabanye ebandleni bayoqhubeka bemsiza ngokufanele ngokomoya lowo mKristu opholile.—Roma 15:1; 1 Thes. 5:14; Heb. 12:12.
33 Ngakolunye uhlangothi, uma umuntu ongumKristu ekhetha ukuzehlukanisa, kwenziwa isaziso esifushane sokwazisa ibandla, esithi: “[Igama lomuntu] akaseyena omunye woFakazi BakaJehova.” Uphathwa ngendlela efanayo nomuntu osusiwe ekuhlanganyeleni.
UKUBUYISELWA EKUHLANGANYELENI
34 Umuntu osusiwe ekuhlanganyeleni noma ozihlukanisile nebandla angase abuyiselwe uma enikeza ubufakazi obucacile bokuphenduka, ebonisa ngemva kwesikhathi esithile ukuthi uyilahlile inkambo yakhe yesono. Ubonisa ukuthi ufisa ukuba nobuhlobo obuhle noJehova. Abadala bayaqikelela ukuthi kudlula isikhathi esanele—izinyanga eziningi, unyaka, ngisho nangaphezulu, kuye ngezimo—ukuze lo muntu abonise ukuthi uphenduke ngempela. Lapho indikimba yabadala ithola incwadi yesicelo sokubuyiselwa ekuhlanganyeleni, ikomiti yokubuyisela izokhuluma naye. Le komiti iyohlola ubufakazi ‘bemisebenzi [yakhe] efanele ukuphenduka’ bese inquma ukuthi angabuyiselwa yini ngaleso sikhathi noma cha.—IzE. 26:20.
35 Uma umuntu ocela ukubuyiselwa ayesuswe kwelinye ibandla, ikomiti yokubuyisela yebandla akulo manje kufanele ibonane naye ihlole isicelo sakhe. Uma amalungu ekomiti yokubuyisela yebandla akulo enomuzwa wokuthi kufanele abuyiselwe, azothumela ukutusa kwawo endikimbeni yabadala yebandla elalisingathe indaba ekuqaleni. La makomiti ahilelekile ayosebenzisana ukuze aqiniseke ukuthi wonke amaphuzu ayahlanganiswa ukuze kuthathwe isinqumo esinobulungisa. Nokho, isinqumo sokubuyisela senziwa ikomiti yokubuyisela yebandla elalisingathe indaba ekuqaleni.
ISAZISO SOKUBUYISELA EKUHLANGANYELENI
36 Lapho ikomiti yokubuyisela isigculisekile ukuthi umuntu osusiwe ekuhlanganyeleni noma ozehlukanisile uphenduke ngempela futhi kufanele abuyiselwe, kwenziwa isaziso sokubuyiselwa kwakhe ebandleni elalisingathe indaba ekuqaleni. Uma lowo muntu esekwelinye ibandla, isaziso siyokwenziwa nakhona. Kufanele simane sithi: “[Igama lomuntu] ubuyiselwe ekuhlanganyeleni njengomunye woFakazi BakaJehova.”
AMACALA EZINGANE EZINCANE EZIBHAPATHIZIWE
37 Ukona okubi kakhulu kwezingane ezincane ezibhapathiziwe kufanele kubikelwe abadala. Lapho abadala besingatha isono esibi kakhulu esenziwe ingane, kutuswa ukuba abazali ababhapathiziwe bengane babe khona. Kuyodingeka babambisane nekomiti yokwahlulela, bangazami ukuvikela ingane eyonile esiyalweni esidingayo. Ikomiti yokwahlulela ilwela ukusola nokubuyisa umenzi wobubi, njengalapho isebenzelana nabantu abadala abonile. Kodwa uma ingane ingaphenduki, kuthathwa isinyathelo sokuyisusa ekuhlanganyeleni.
LAPHO KONA ABAMEMEZELI ABANGABHAPATHIZIWE
38 Yini okufanele yenziwe lapho abamemezeli abangabhapathiziwe behileleka ebubini obukhulu kakhulu? Njengoba bengebona oFakazi ababhapathiziwe, abanakususwa ekuhlanganyeleni. Noma kunjalo, kungenzeka abaziqondi ngokugcwele izindinganiso zeBhayibheli, futhi iseluleko somusa singase sibasize benzele izinyawo zabo “izindlela eziqondileyo.”—Heb. 12:13.
39 Uma umenzi wobubi ongabhapathiziwe engaphenduki ngemva kokuba abadala ababili sebebonene naye bazama ukumsiza, kuyodingeka kwaziswe ibandla. Kwenziwa isaziso esifushane esithi: “[Igama lomuntu] akasaqashelwa njengommemezeli ongabhapathiziwe.” Ibandla liyobe selibheka lowo menzi wobubi njengomuntu wezwe. Nakuba owonile engasusiwe ekuhlanganyeleni, amaKristu ayaqaphelisisa ngokuqondene nokuzihlanganisa naye. (1 Kor. 15:33) Ngeke yamukelwe imibiko yakhe yenkonzo yasensimini.
40 Ngokuhamba kwesikhathi, umuntu ongabhapathiziwe owayekiswa ukuba ummemezeli angase afise ukuba ummemezeli futhi. Esimweni esinjalo, abadala ababili bayobonana naye ukuze baqiniseke ngentuthuko yakhe engokomoya. Uma efaneleka, kwenziwa isaziso esifushane, esithi: “[Igama lomuntu] useqashelwa njengommemezeli ongabhapathiziwe futhi.”
UJEHOVA UYAKUBUSISA UKUKHULEKELA OKUNOKUTHULA NOKUHLANZEKILE
41 Bonke abazihlanganisa nebandla likaNkulunkulu namuhla bangathokoza ngendawo enothile ngokomoya uJehova abeke kuyo abantu bakhe. Amadlelo ethu angokomoya ayakhephuzela ngempela futhi sinamathantala amanzi eqiniso aqabulayo. Sinokunakekela kukaJehova okuyisivikelo ngelungiselelo elingokwasezulwini elingaphansi kobunhloko bukaKristu. (lHu. 23; Isaya 32:1, 2) Ukuba sepharadesi elingokomoya kulezi zinsuku zokugcina ezinezinkathazo kuye kwasinika umuzwa wokulondeka.
Ngokulondoloza ukuthula nokuhlanzeka kwebandla, siyaqhubeka sivumela ukukhanya kweqiniso loMbuso kukhanye
42 Ngokulondoloza ukuthula nokuhlanzeka kwebandla, siyaqhubeka sivumela ukukhanya kweqiniso loMbuso kukhanye. (Math. 5:16; Jak. 3:18) Ngesibusiso sikaJehova, siyojabulela ukubona abaningi ngokwengeziwe befinyelela ekwazini uJehova futhi benza intando kaNkulunkulu kanye nathi.