-
Kwangathi Sonke Singaba Munye Njengoba UJehova NoJesu BemunyeINqabayokulinda (Efundwayo)—2018 | Juni
-
-
UKUNQOBA UBANDLULULO NGOTHANDO NOKUTHOBEKA
8. Yisiphi isimiso esiyinhloko okusekelwe kuso ubunye bobuKristu? Chaza.
8 UJesu wafundisa abalandeli bakhe isimiso esiyinhloko okusekelwe kuso ubunye bethu. Wathi: “Nonke nina ningabafowabo bomunye nomunye.” (Funda uMathewu 23:8, 9.) Sonke ‘singabafowabo bomunye nomunye’ ngomqondo wokuthi sonke siyinzalo ka-Adamu. (IzE. 17:26) Kodwa kukhona okwengeziwe. UJesu wachaza ukuthi abafundi bakhe bangabafowabo nodadewabo bomunye nomunye ngoba bonke babeqaphela ukuthi uJehova unguBaba wabo wasezulwini. (Math. 12:50) Ukwenezela kulokho, base bengamalungu omndeni kaNkulunkulu behlanganiswe uthando nokholo. Yingakho ezincwadini zabo abaphostoli babevame ukubiza amanye amaKristu ngokuthi ‘abafowethu nodadewethu.’—Roma 1:13; 1 Pet. 2:17; 1 Joh. 3:13.a
-
-
Kwangathi Sonke Singaba Munye Njengoba UJehova NoJesu BemunyeINqabayokulinda (Efundwayo)—2018 | Juni
-
-
a Igama elithi “bafowethu” lingahlanganisa nabesifazane abangamalungu ebandla. UPawulu wathumela incwadi yakhe ‘kubafowabo’ eRoma. Kuyacaca ukuthi kwakuhlanganiswa nabesifazane futhi abaningi kubo babizwa ngamagama. (Roma 16:3, 6, 12) Sekuyisikhathi eside INqabayokulinda ibhekisela kumaKristu ngokuthi ‘abafowethu nodadewethu.’
-