Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Ukusindiswa ‘Esizukulwaneni Esibi’
    INqabayokulinda—1995 | Novemba 1
    • 11. (a) Yimuphi umthombo ngokuyinhloko okufanele usiqondise ekunqumeni indlela okufanele lisebenze ngayo elithi he ge·ne·aʹ hauʹte? (b) Lomthombo walisebenzisa kanjani leli gama?

      11 Yiqiniso, amaKristu ahlola lendaba aqondisa ukucabanga kwawo ngokuyinhloko ngendlela ababhali bamaVangeli abaphefumulelwe abalisebenzisa ngayo igama lesiGreki elithi he ge·ne·aʹ hauʹte, noma “lesisizukulwane,” lapho bebika amazwi kaJesu. Ngokungaguquki lenkulumo yasetshenziswa ngendlela engabhekiseli ebuhleni. Ngakho, uJesu wabiza abaholi benkolo bamaJuda ngokuthi ‘izinyoka, inzalo yezinyoka ezinesihlungu’ futhi waqhubeka wathi “lesisizukulwane” sasiyothola ukwahlulelwa kwaseGehena. (Mathewu 23:33, 36) Nokho, ingabe lesi sahlulelo sasiyotholwa abefundisi abazenzisayo kuphela? Lutho neze. Kaningana, abafundi bakaJesu babemuzwe ekhuluma ‘ngalesisizukulwane,’ esebenzisa leli gama ngendlela efanayo ngomqondo obanzi nakakhulu. Yimuphi lowo?

  • Ukusindiswa ‘Esizukulwaneni Esibi’
    INqabayokulinda—1995 | Novemba 1
    • 13. Lapho enabafundi bakhe, obani uJesu abachaza futhi wabalahla ethi ‘bayilesisizukulwane esibi’?

      13 Kamuva ngo-31 C.E., njengoba uJesu nabafundi bakhe beqala uhambo lwabo lwesibili lokushumayela eGalile, “abanye kubabhali nabaFarisi” bacela isibonakaliso kuJesu. Watshela bona ‘nezixuku’ ezazikhona: “Isizukulwane esibi nesiphingayo siyaqhubeka sifuna isibonakaliso, kodwa asikho isibonakaliso esizonikwa sona ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona umprofethi. Ngoba njengoba nje uJona ayesesiswini senhlanzi enkulu izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo neNdodana yomuntu izoba senhliziyweni yomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. . . . Yileyondlela okuyoba ngayo ngalesisizukulwane esibi.” (Mathewu 12:38-46) Ngokusobala, “lesisizukulwane esibi” sasihlanganisa abaholi benkolo ‘nezixuku’ ezazingazange zisiqonde isibonakaliso esagcwaliseka lapho kufa futhi kuvuswa uJesu.d

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela