Umbono Webhayibheli
Ukuphinga—Ingabe Kufanele Uthethelele Noma Ungathetheleli?
“THETHELELANI noma yini eninayo nganoma ubani; ukuze uYihlo osemazulwini anithethelele nani iziphambeko zenu.” (Marku 11:25) Lawo mazwi kaJesu aphakamisa imibuzo eyinselele lapho umshado uphazanyiswa ukuphinga: Ingabe owesifazane ongumKristu ongenacala kumelwe athethelele umngane wakhe womshado futhi agcine umshado uqinile?a Uma enquma ukufaka isehlukaniso, ingabe ufaka engozini ubuhlobo bakhe noNkulunkulu? Ake sibone ukuthi iBhayibheli lisisiza kanjani ukuba siphendule lemibuzo.
Ingabe Kumelwe Uthethelele Njalo?
Ingabe amazwi kaJesu athi “thethelelani noma yini eninayo nganoma ubani,” asho ukuthi kuzo zonke izimo—kuhlanganise nalapho umngane womshado ephinga—umKristu unesibopho sokuthethelela? Amazwi kaJesu kumelwe aqondwe ngokucabangela okunye ukukhulumela akwenza ngokuthethelela.
Ngokwesibonelo, sifunda isimiso esibalulekile ngokuthethelela emazwini kaJesu alotshwe kuLuka 17:3, 4: “Uma umfowenu enza isono, mkhuze, futhi uma ephenduka, mthethelele. Ngisho noma ona kuwe izikhathi eziyisikhombisa ngosuku futhi abuye kuwe izikhathi eziyisikhombisa, ethi, ‘Ngiyaphenduka,’ kumelwe umthethelele.” Ngokuqinisekile lapho kwenziwe isono esingathi sína, owoniwe ukhuthazwa ukuba azame ukuthethelela uma kunokuphenduka okuqotho. UJehova ngokwakhe ubheka izinto ngalendlela; ukuze sithole ukuthethelelwa kwaphezulu, kumelwe siphenduke ngobuqotho.—Luka 3:3; IzEnzo 2:38; 8:22.
Nokho, lokhu futhi kubonisa ukuthi uma umngane womshado oyisiphingi engaphenduki, enqaba ukwamukela umthwalo wemfanelo wesono sakhe, kuyaqondakala ukuthi umngane womshado ongenacala angase akhethe ukungamthetheleli.—Qhathanisa neyoku-1 Johane 1:8, 9.
Ukuthethelela—Kuthiwani Ngemiphumela?
Nokho, kuthiwani uma isiphingi siphenduka? Lapho kunokuphenduka, kunesisekelo sokuthethelela. Kodwa ingabe ukuthethelela kusho ukuthi umenzi wobubi ukhululekile kuyo yonke imiphumela yenkambo yakhe engalungile? Cabangela ezinye izibonelo zokuthethelela kukaJehova.
Lapho ama-Israyeli evukela ngemva kokulalela izinhloli eziyishumi ezanikeza umbiko omubi ngezwe laseKhanani, uMose wancenga uJehova: “Ake uthethelele ububi balababantu.” UJehova waphendula: “Yebo, ngiyathethelela njengezwi lakho.” Ingabe lokhu kwakusho ukuthi izoni zase zikhululekile kunoma imiphi imiphumela yezenzo zazo? UJehova waqhubeka: ‘Bonke labobantu abangalalelanga izwi lami, abayikubona ngempela izwe engalifungela oyise.’ (Numeri 14:19-23) UJehova waligcina izwi lakhe; leso sizukulwane esidala—ngaphandle kukaJoshuwa noKalebi—asizange singene eZweni Lesithembiso.—Numeri 26:64, 65.
Ngokufanayo, lapho umprofethi uNathani ekhuza iNkosi uDavide ngesono sayo noBati-Sheba, uDavide ophendukayo wavuma: “Ngonile kuJehova.” Khona-ke uNathani wathi kuDavide: “NoJehova ususile isono sakho.” (2 Samuweli 12:13) Nokho, nakuba uJehova amthethelela, uDavide wahlushwa imiphumela yesono sakhe kukho konke ukuphila kwakhe.—2 Samuweli 12:9-14; bheka neyesi-2 Samuweli, isahluko 24.
Lezi zibonelo zokuthethelela kwaphezulu ziqokomisa isifundo esibalulekile: Ngeke sone kodwa singasitholi isijeziso. (Galathiya 6:7, 8) Isoni esiphendukayo, nakuba singase sithethelelwe, asiphunyuki emiphumeleni yenkambo yaso engalungile. Ingabe lokhu kusho ukuthi umngane womshado ongenacala angase asithethelele isiphingi—okungenani ngomqondo wokuyeka ukusicasukela—kodwa aqhubeke nesinqumo sokuhlukanisa naso?
Ukuthethelela Nesehlukaniso
Phakathi nenkonzo yakhe, uJesu wakhuluma ngesehlukaniso izikhathi ezintathu. (Mathewu 5:32; 19:3-9; Luka 16:18) Ngokuthakazelisayo, uJesu akazange nakanye akhulume ngentethelelo kulezi zingxoxo. Ngokwesibonelo, njengoba kutholakala kuMathewu 19:9, wathi: “Noma ubani ohlukanisa nomkakhe, ngaphandle kwesizathu sobufebe, ashade nomunye uyaphinga.” Ngokuthi “ngaphandle kwesizathu sobufebe,” uJesu wavuma ukuthi ukuziphatha okubi ngokobulili kwakunganikeza umngane womshado ongenacala ilungelo, noma ‘isizathu’ esingokomBhalo, sokufaka isehlukaniso. Nokho, uJesu akashongo ukuthi ongenacala kufanele afake isehlukaniso. Nakuba kunjalo, waveza ngokucacile ukuthi angenza kanjalo.
Umshado uyisibopho esihlanganisa abantu ababili. (Roma 7:2) Kodwa lapho omunye kubo engathembekile, lesi sibopho singanqamuka. Ezimweni ezinjalo umngane womshado ongenacala eqinisweni ubhekana nezinqumo ezimbili. Esokuqala, ingabe kufanele athethelele? Njengoba sesibonile, isici esiyinhloko lapha siwukuthi isiphingi siphenduka ngobuqotho yini noma cha. Lapho siphenduka, umngane womshado ongenacala angase asithethelele ngokuhamba kwesikhathi—okungenani ngomqondo wokuyeka ukusicasukela.
Isinqumo sesibili siwukuthi, ingabe kufanele afake isehlukaniso? Kungani lombuzo ungaphakama uma esesithethelele?b Nokho, kuthiwani uma ekhathazeke ngokufanele ngokuphepha kwakhe nezingane zakhe, ikakhulukazi uma umyeni wakhe ekade ebaxhaphaza esikhathini esidlule? Noma kuthiwani uma esaba ukuthi angase angenwe isifo esithathelwana ngobulili? Noma kuthiwani uma enomuzwa ojulile wokuthi ngenxa yokungathembeki komyeni wakhe, ngeke esamethemba ebuhlotsheni bendoda nomfazi? Ezimweni ezinjalo kuyaqondakala ukuthi umngane womshado ongenacala angamthethelela umngane wakhe womshado onephutha (ngomqondo wokuyeka ukucasuka) kodwa aqhubeke nesinqumo sokufaka isehlukaniso ngoba engasathandi ukuqhubeka ehlala naye. Ukuyeka ukucasuka kungase kumsize aqhubeke nokuphila kwakhe. Kungase futhi kusize ekugcineni ukusebenzelana nesiphingi esikhathini esizayo kunesizotha.
Ukuthi kufanele uhlukanise nomngane womshado ongathembekile kuyisinqumo somuntu siqu, okufanele senziwe umngane womshado ongenacala ngemva kokucabangela ngokucophelela nangomthandazo zonke izici ezihilelekile. (IHubo 55:22) Abanye abanalo ilungelo lokutshela noma lokucindezela umngane womshado ongenacala ukuba enze isinqumo. (Qhathanisa neyabaseGalathiya 6:5.) Khumbula, uJesu akashongo ukuthi yini okufanele yenziwe umngane womshado ongenacala. Khona-ke, ngokusobala uJehova akabacasukeli labo abakhetha ukufaka isehlukaniso ngenxa yezizathu ezifanele ezingokomBhalo.
[Imibhalo yaphansi]
a Nakuba lapha sizobhekisela kumngane womshado ongenacala ngokuthi “owesifazane,” izimiso okukhulunywa ngazo zisebenza ngokufanayo lapho umngane womshado ongenacala kuyindoda engumKristu.
b Ngokuba nobuhlobo bobulili naye, umngane womshado ongenacala uyobe ebonisa ukuthi usenqume ukubuyisana nomngane wakhe womshado owonile. Ngaleyo ndlela uyochitha noma isiphi isizathu esingokomBhalo sesehlukaniso.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 10]
Life