Ukuphila NeNkonzo KaJesu
INtshumayelo Eyaziwayo Eyake Yanikezwa
LESENZAKALO singesinye sezikhumbuleka kakhulu emlandweni weBhayibheli: UJesu ehlezi entabeni, enikeza iNtshumayelo yakhe eyaziwayo yaseNtabeni. Lendawo ingasoLwandle lwaseGalile, mhlawumbe eduze neKapernawume. UJesu wayekade ethandaza kuNkulunkulu ubusuku bonke, futhi ekuseni ngosuku olulandelayo wayekhethe abayi-12 babafundi bakhe ukuba babe abaphostoli. Khona-ke, ehamba nabo, wehlela kulendawo eyithafa esentabeni.
Manje, ungacabanga ukuthi uJesu wayekhathele kakhulu futhi efuna ukulala. Kodwa kufike izixuku ezinkulu, ezinye zisuka eJudiya naseJerusalema, okuqhele namakhilomitha angama-97 kuya kwayi-113. Ezinye zazivela ogwini lwaseTire neSidoni ukuya ngasenyakatho. Zizele ukuzokuzwa uJesu nokuphulukiswa ezifweni zazo. Kunabantu futhi abakhathazwa amademoni.
Njengoba uJesu ehla, abantu abagulayo basondela ukuze bamthinte, futhi uyabaphulukisa bonke. Kamuva, ngokusobala uJesu ugibela endaweni ephakeme entabeni. Uhlala lapho futhi uqala ukufundisa izixuku ezazihlezi endaweni eyithafa engaphambi kwakhe. Cabanga ngakho! Manje akusekho ngisho noyedwa kuzo zonke izilaleli ohlushwa ukugula okungathi sina!
Abantu banesithakazelo sokuzwa umfundisi okwazi ukwenza lezimangaliso ezimangalisayo. Nokho, uJesu unikeza intshumayelo yakhe ikakhulukazi ngokwenzuzo yabafundi bakhe, okungenzeka ukuthi babeqoqene eduze kwakhe. Kodwa ukuze sizuze nathi, bobabili uMathewu noLuka baye bayibhala phansi.
Ukulandisa kukaMathewu ngentshumayelo kude ngokuphindwe kane kunokukaLuka. Ngaphezu kwalokho, izingxenye zalokho okulotshwe uMathewu, uLuka uziveza njengezashiwo uJesu ngesinye isikhathi phakathi nenkonzo yakhe, njengoba kungaphawulwa ngokuqhathanisa uMathewu 6:9-13 noLuka 11:1-4, noMathewu 6:25-34 noLuka 12:22-31. Nokho lokhu akumelwe kusimangaze. Ngokusobala uJesu wafundisa izinto ezifanayo izikhathi ezingaphezu kwesisodwa, futhi uLuka wakhetha ukuloba ezinye zalezizimfundiso ngendlela ehlukile.
Akukhona ukujula komongo wayo ongokomoya kuphela okwenza intshumayelo kaJesu ibe ngebaluleke kangaka kodwa indlela elula necacile anikeza ngayo lamaqiniso. Wacabangela okuhlangenwe nakho okuvamile futhi wasebenzisa izinto ezijwayelekile kubantu, kanjalo enza imibono yakhe ukuba iqondakale kalula kubo bonke abafuna ukuphila okungcono endleleni kaNkulunkulu. Komagazini bethu abalandelayo sizohlola ezinye izinto azikhuluma. Luka 6:12-20; Mathewu 5:1, 2.
◆ Kukuphi lapho intshumayelo kaJesu ekhumbuleka kakhulu eyanikezwa khona, obani ababekhona, futhi yini eyayenzeke ngaphambi nje kokuba ayinikele?
◆ Kungani kungamangalisi ukuthi uLuka uloba izimfundiso ezithile zentshumayelo ngenye indlela?
◆ Yini eyenza intshumayelo kaJesu ibe ngebaluleke kangaka?