ISAHLUKO 96
UJesu Uphendula Insizwa Ecebile Engumbusi
MATHEWU 19:16-30 MARKU 10:17-31 LUKA 18:18-30
INSIZWA ECEBILE IBUZA MAYELANA NOKUPHILA OKUPHAKADE
UJesu usaqhubeka nohambo lwakhe oluya eJerusalema, unqamula ePhereya. Insizwa ecebile igijimela kuye, ifike iguqe phansi phambi kwakhe. Le ndoda ‘ingomunye wababusi,’ kungenzeka iyisikhulu esengamele isinagoge noma iyilungu leSanhedrini. Iyabuza: “Mfundisi Omuhle, yini okumelwe ngiyenze ukuze ngizuze ifa lokuphila okuphakade?”—Luka 8:41; 18:18; 24:20.
UJesu uyaphendula: “Kungani uthi ngimuhle? Akekho omuhle ngaphandle koyedwa, uNkulunkulu.” Cishe le nsizwa isebenzisa igama elithi “omuhle” njengesiqu sokuhloniphisa, okujwayele ukwenziwa orabi. Nakuba uJesu enekhono elihle lokufundisa, wenza le ndoda yazi ukuthi isiqu esithi, “Omuhle” kumelwe sisetshenziswe kuNkulunkulu kuphela.
UJesu uyayeluleka: “Uma ufuna ukungena ekuphileni, gcina imiyalo njalo.” Le nsizwa iyambuza: “Miphi?” UJesu ubhekisela eMithethweni Eyishumi, acaphune emihlanu—ehlanganisa ukubulala, ukuphinga, ukweba, ukufakaza amanga nokuhlonipha abazali. Ube esenezela umyalo obaluleke kakhulu: “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.”—Mathewu 19:17-19.
Le nsizwa iyaphendula: “Ngiyigcinile yonke le miyalo; yini engisashoda ngayo?” (Mathewu 19:20) Kungenzeka izizwa sengathi kukhona isenzo esithile sobuqhawe okufanele isenze ukuze ifanelekele ukuphila okuphakade. Ebona ukuthi le nsizwa icela ngobuqotho, uJesu ‘wezwa eyithanda.’ (Marku 10:21) Nokho, kunengqinamba engase iphazamise le ndoda.
Le nsizwa yayizithanda kakhulu izinto enazo, ngakho uJesu wathi kuyo: “Yinye into esele okumelwe uyenze: Hamba, uthengise lokho onakho uphe abahluphekayo, uyoba nengcebo ezulwini; bese uza ube umlandeli wami.” Le nsizwa inganikeza abahluphekile imali yayo, abangeke bakwazi ukuyibuyisela, bese iba umlandeli kaJesu. Cishe eyizwela le nsizwa, uJesu uyayibuka isukuma futhi ihamba idabukile. Ukuthanda kakhulu kwale nsizwa ingcebo, ‘impahla yayo eningi,’ kuyenza ingayiboni ingcebo yangempela. (Marku 10:21, 22) UJesu uthi: “Yeka ukuthi kuyoba nzima kangakanani ngalabo abanemali ukuba bangene eMbusweni kaNkulunkulu!”—Luka 18:24.
Ayabashaqisa abafundi la mazwi kanye nalawo awashoyo manje: “Kulula ukuba ikamela lichushe embotsheni yenaliti yokuthunga kunokuba isicebi singene eMbusweni kaNkulunkulu.” Lokho kwenza abafundi babuze lo mbuzo: “Kanti ubani ongasindiswa?” Ingabe ukusindiswa kunzima kangangokuthi akekho ongakufinyelela? Ebabuka ezinhlamvini zamehlo, uJesu uyabaphendula: “Izinto ezingenakwenzeka kubantu zingenzeka kuNkulunkulu.”—Luka 18:25-27.
Eveza ukuthi benze isinqumo esingafani nesensizwa ecebile, uPetru uthi: “Bheka! Sishiye zonke izinto sakulandela; khona-ke siyotholani?” UJesu usho lokho abayokuthola ekugcineni ngenxa yesinqumo sabo esihle: “Ekudalweni kabusha, lapho iNdodana yomuntu ihlala phansi esihlalweni sayo sobukhosi esikhazimulayo, nina eniye nangilandela niyohlala ezihlalweni zobukhosi ezingu-12, nahlulele izizwe ezingu-12 zakwa-Israyeli.”—Mathewu 19:27, 28.
Kuyacaca ukuthi uJesu ucabanga ngesikhathi esizayo lapho umhlaba uyodalwa kabusha futhi ube njengoba wawunjalo e-Edene. UPetru nabanye abafundi bayothola umvuzo wokubusa kanye noJesu phezu komhlaba oyiPharadesi, okuwumvuzo ongenakuqhathaniswa nanoma yini abayidelile!
Kodwa ezinye izibusiso akudingeki balinde isikhathi esizayo ukuze bazithole. Kunezinye izibusiso abafundi abazitholayo ngisho kwamanje. UJesu uthi: “Akekho oshiye indlu noma umkakhe noma abafowabo noma abazali noma abantwana ngenxa yoMbuso kaNkulunkulu ongeke athole okuphindwe kaningi kwamanje, nasesikhathini esizayo, ukuphila okuphakade.”—Luka 18:29, 30.
Noma kuphi lapho abafundi beya khona, bayojabulela ubudlelwane obuseduze nabafowabo nodadewabo obuyigugu, obedlula lobo abangabujabulela nezihlobo zabo zegazi. Kuyadabukisa ukuthi le nsizwa esencane izophunyukwa iqatha emlonyeni kanye nomvuzo wokuphila eMbusweni kaNkulunkulu wasezulwini.
UJesu uyanezela: “Kodwa abaningi abangabokuqala bayoba ngabokugcina nabokugcina babe ngabokuqala.” (Mathewu 19:30) Usho ukuthini?
Insizwa ecebile iphakathi ‘kwabokuqala’ njengoba ingomunye wabaholi bamaJuda. Njengoba yayiyigcina imiyalo kaNkulunkulu, yayibukeka ithembisa futhi kukuningi okwakulindelekile kuyo. Kunokulandela uJesu, into ehamba phambili kule ndoda, ingcebo yayo nempahla yayo. Ngokuhlukile kunale nsizwa, abantu abavamile bendawo babona izimfundiso zikaJesu ziyiqiniso futhi ziyindlela yokuphila. ‘Bebengabokugcina’ emehlweni abaholi benkolo, kodwa manje ‘sebengabokuqala.’ Bangakulangazelela ukuhlala ezihlalweni zobukhosi ezulwini noJesu futhi babuse umhlaba oyiPharadesi.