Ukupha Okujabulisa UNkulunkulu
UJESU nabafundi bakhe babejabulela isidlo esimnandi eBethaniya kanye nabanye abangane babo abaseduze, kuhlanganise noMariya, uMartha noLazaru owayesanda kuvuswa. Lapho uMariya ethatha iphawundi lamafutha abizayo egcoba izinyawo zikaJesu, uJuda Iskariyothe wacasuka wazwakalisa ukukhononda kwakhe. Wathi: “Kungani la mafutha anamakha engathengiswanga ngodenariyu abangamakhulu amathathu, baphiwa abantu abampofu?” Ngokushesha nabanye bakhononda ngendlela efanayo.—Johane 12:1-6; Marku 14:3-5.
Nokho, uJesu waphendula wathi: “Myekeni. . . . Ngoba abampofu ninabo ngaso sonke isikhathi, futhi noma nini lapho nifuna ningabenzela okuhle ngaso sonke isikhathi kodwa mina aninami ngaso sonke isikhathi.” (Marku 14:6-9) Abaholi benkolo bamaJuda babefundisa ukuthi ukupha abampofu kwakungeyona nje into enhle kodwa kwakungahlawulela ngisho nezono. Kanti uJesu yena wakwenza kwacaca ukuthi ukupha okujabulisa uNkulunkulu akugcini ngokupha abampofu izipho.
Ukuhlola kafushane indlela ukunikela okwakwenziwa ngayo ebandleni lamaKristu lokuqala kuzobonisa ezinye zezindlela ezikahle esingabonisa ngazo ukukhathalela abanye ngaleyo ndlela sijabulise uNkulunkulu ngokupha kwethu. Kuzoveza nendlela yokupha eyingqayizivele ewusizo lwangempela.
“Niphane Ngezipho Zomusa”
Kaningi uJesu wakhuthaza abafundi bakhe ukuba ‘baphane ngezipho zesihe,’ noma, njengoba ezinye izinguqulo zihumusha le nkulumo, ‘banikelele abahluphekile’ noma ‘baphe abahluphekile.’ (Luka 12:33, i-New English Bible; A Translation in the Language of the People kaCharles B. Williams) Nokho uJesu waxwayisa ngokubukisa okuhloselwe ukukhazimulisa lowo ophayo kunoNkulunkulu. Wathi: “Lapho uyokwenza izipho zesihe, ungashayi icilongo phambi kwakho, njengoba nje nabazenzisi benza emasinagogeni nasemigwaqweni, ukuze badunyiswe ngabantu.” (Mathewu 6:1-4) Esebenzisa lo myalo, amaKristu okuqala akugwema ukubukisa okwakwenziwa abaholi benkolo bosuku lwawo ababezenza abalungile, kunalokho akhetha ukusiza abaswele ngokubenzela mathupha izinkonzo ezithile noma ngokubapha izipho kungaboni muntu.
Ngokwesibonelo, kuLuka 8:1-3 sitshelwa ukuthi uMariya Magdalena, uJowana, uSusana nabanye basebenzisa “okungokwabo” ngaphandle kokubukisa ekukhonzeni uJesu nabaphostoli bakhe. Nakuba la madoda ayengempofu, ayeyeke izindlela zawo zokuziphilisa agxila enkonzweni ngokuphelele. (Mathewu 4:18-22; Luka 5:27, 28) Ngokuwasiza ukuba afeze isabelo sawo asinikwe uNkulunkulu, laba besifazane, eqinisweni babekhazimulisa uNkulunkulu. Futhi uNkulunkulu wabonisa ukuthi uyasazisa isenzo sabo sokupha ngomusa ngokuwugcina eBhayibhelini lowo mlando ukuze ufundwe yizo zonke izizukulwane zesikhathi esizayo.—IzAga 19:17; Hebheru 6:10.
UDorka ngomunye wesifazane onomusa ‘owayenezenzo eziningi ezinhle nezipho eziningi zesihe.’ Wayenzela abafelokazi abampofu izingubo eJopha, idolobha lakubo elingasogwini. Ukuthi wayezikhokhela yena ngokwakhe zonke lezo zindwangu noma wayemane abathungele mahhala, asazi. Noma ngabe ikuphi, umsebenzi wakhe omuhle wamenza wathandeka kulabo ayekwazi ukubasiza, nakuNkulunkulu, owambusisa ngomusa ngenxa yomoya wakhe omuhle.—IzEnzo 9:36-41.
Isisusa Esifanele Sibalulekile
Yini eyayishukumisa laba bantu ukuba banikele? Kwakungesona nje isihawu esibangelwa izicelo ezithinta inhliziyo. Babenomuzwa wokuthi kuyinto efanele ukwenza okusemandleni abo usuku ngalunye ukuze basize abampofu, abasosizini, abagulayo, noma ababhekene nobunye ubunzima. (IzAga 3:27, 28; Jakobe 2:15, 16) Yilolu uhlobo lokupha olujabulisa uNkulunkulu. Ngokuyinhloko lushukunyiswa uthando olujulile ngoNkulunkulu nesifiso sokulingisa izimfanelo zakhe zomusa nokuphana.—Mathewu 5:44, 45; Jakobe 1:17.
Umphostoli uJohane waqokomisa lesi sici esibalulekile sokupha lapho ebuza ethi: “Noma ubani onezinto zaleli zwe zokusekela ukuphila futhi abone umfowabo eswele nokho amvalele umnyango wobubele bakhe besisa, uthando lukaNkulunkulu luhlala ngayiphi indlela kuye?” (1 Johane 3:17) Impendulo isobala. Uthando ngoNkulunkulu lushukumisa abantu ukuba baphe abahluphekile. UNkulunkulu uyabazisa futhi abavuze labo ababonisa umoya wokuphana njengaye. (IzAga 22:9; 2 Korinte 9:6-11) Ingabe siyalubona lolo hlobo lokupha namuhla? Cabanga ngalokho okusanda kwenzeka kwelinye ibandla loFakazi BakaJehova.
Umuzi womunye wesifazane ongumKristu osekhulile wawusesimweni esibi udinga ukulungiswa. Wayehlala yedwa engenazo izihlobo ezingamsiza. Kuyo yonke iminyaka edlule, kwakuqhutshelwa imihlangano yobuKristu emzini wakhe, futhi wayevame ukumema noma ubani owayevuma ukuba azodla naye kwakhe. (IzEnzo 16:14, 15, 40) Ebona isimo sakhe esibi, amalungu ebandla ahlangana azosiza. Amanye anikela ngemali, amanye ngezikhwepha zawo. Ngezimpela-sonto ezimbalwa, lezi zisebenzi zokuzithandela zafaka uphahla olusha, indlu yokugezela entsha, zapulastela futhi zapenda zonke izindonga zesitezi sokuqala, zafaka namakhabethe amasha ekhishini. Lokhu kupha akugcwalisanga nje isidingo salona wesifazane kodwa kwenza nokuba ibandla lisondelane futhi kwaba isibonelo sokupha kobuKristu kwangempela esahlaba omakhelwane umxhwele.
Ziningi izindlela esingabasiza ngazo mathupha abanye. Ingabe singazinikeza isikhathi sokwenza okuthile nengane eyintandane? Ingabe ukhona umfelokazi esimaziyo esingamyela ezitolo noma simthungele okuthile? Ingabe ukhona odonsa kanzima ngokwezimali esingamphekela isidlo noma simkhokhele izindleko ezithile? Akudingekile size sibe abacebile ukuze sisize. Umphostoli uPawulu wabhala wathi: “Uma ukulungela kukhona kuqala, kwamukeleka ngokukhethekile ngokwalokho umuntu anakho, hhayi ngokwalokho umuntu angenakho.” (2 Korinte 8:12) Nokho, ingabe ukupha okunjalo okwenziwa umuntu mathupha yiko kodwa uNkulunkulu akubusisayo? Cha.
Kuthiwani Ngosizo Olunikezwa Ngezinga Elikhulu?
Ngezinye izikhathi imizamo yomuntu siqu ayanele. Eqinisweni uJesu nabaphostoli bakhe babenesikhwama sabampofu, futhi babethola iminikelo kubantu abakhathalelayo ababehlangana nabo emsebenzini wabo. (Johane 12:6; 13:29) Ngokufanayo, amabandla angekhulu lokuqala ayeqoqa iminikelo lapho kuba khona isidingo futhi ahlele nosizo ngezinga elikhulu.—IzEnzo 2:44, 45; 6:1-3; 1 Thimothewu 5:9, 10.
Okunye okunjalo kwenzeka cishe ngo-55 C.E. Amabandla aseJudiya aba mpofu, mhlawumbe ngenxa yendlala enkulu eyayisanda kuba khona. (IzEnzo 11:27-30) Umphostoli uPawulu, owayebakhathalela njalo abampofu, wacela ngisho namabandla akude njengaseMakedoniya ukuba asize. Wakuhlela yena mathupha ukuqoqwa kweminikelo futhi wasebenzisa amadoda afanelekayo ukuba awuhambise. (1 Korinte 16:1-4; Galathiya 2:10) Akekho phakathi kwakhe nalabo ababehilelekile owathola iholo ngomsebenzi wabo.—2 Korinte 8:20, 21.
OFakazi BakaJehova namuhla nabo bayashesha ukunikeza usizo lapho kuvela inhlekelele. Ngokwesibonelo, ehlobo lika-2001 izimvula ezinamandla zabangela izikhukhula ezinkulu eHouston, eTexas, e-U.S.A. Sekukonke konakala imizi yoFakazi engu-723, eminingi yayo yacekeleka phansi. Ngokushesha kwamiswa ikomiti yokuhlela usizo eyakhiwa abadala abafanelekayo abangamaKristu eyayizohlola izidingo zabantu ngabanye futhi yabe izimali zokusiza oFakazi bendawo ukuba babhekane nesimo futhi balungise imizi yabo. Izisebenzi zokuzithandela ezivela emabandleni angomakhelwane zenza wonke umsebenzi. Omunye uFakazi walwazisa kakhulu lolu sizo kangangokuthi lapho umshuwalense wakhe usumkhokhela izindleko zokulungisa umuzi wakhe, ngokushesha leyo mali wayifaka esikhwameni sokunikeza usizo ukuze isize abanye abanesidingo.
Nokho, ngokuphathelene nokuqoqwa kweminikelo okuhleliwe, kufanele siqaphe lapho sicabangela izicelo zosizo eziningi esizitholayo. Ezinye izinhlangano eziqoqa iminikelo yabahluphekile zichitha imali eningi kubaqondisi bazo noma ezindleleni zokuqoqa iminikelo, kusale imali encane kakhulu ezofeza injongo eqoqelwe yona. IzAga 14:15 zithi: “Noma ubani ongenalwazi uba nokholo kuwo wonke amazwi, kodwa okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.” Ngakho kuwukuhlakanipha ukuhlola amaqiniso ngokucophelela.
Ukupha Okusiza Ngempela
Kukhona uhlobo lokupha olubaluleke kakhulu kunokunikelela abahluphekile. UJesu wabhekisela kulo lapho umbusi osemusha ocebile ebuza ukuthi yini okumelwe ayenze ukuze athole ukuphila okuphakade. UJesu wathi kuye: “Hamba uthengise okungokwakho uphe abampofu, khona-ke uyoba nomcebo ezulwini, bese uza ube ngumlandeli wami.” (Mathewu 19:16-22) Phawula ukuthi uJesu akamananga nje wathi, ‘Yipha abampofu khona-ke uzothola ukuphila.’ Kunalokho, wanezela wathi, ‘Uze ube ngumlandeli wami.’ Ngamanye amazwi, nakuba izenzo zokunikelela abahluphekile zituseka futhi zizuzisa, ukuba umfundi ongumKristu kuhilela okwengeziwe.
Into uJesu ayeyikhathalela ngokuyinhloko kwakuwukusiza abanye ngokomoya. Ngaphambi nje kokufa kwakhe, wathi kuPilatu: “Ngizalelwe lokhu, futhi ngizele lokhu ezweni, ukuba ngifakazele iqiniso.” (Johane 18:37) Nakuba ayehola ekusizeni abampofu, ekuphulukiseni abagulayo, nasekupheni abalambile ukudla, uJesu waqeqesha abafundi bakhe ngokuyinhloko ukuba bashumayele. (Mathewu 10:7, 8) Eqinisweni, omunye wemiyalo yakhe yokugcina kubo wawuthi: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.”—Mathewu 28:19, 20.
Kuyiqiniso ukuthi ukushumayela ngeke kuzixazulule zonke izinkinga zezwe. Noma kunjalo, ukutshela zonke izinhlobo zabantu izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kukhazimulisa uNkulunkulu ngoba ukushumayela kufeza intando yaKhe futhi kunikeza labo abamukela isigijimi saphezulu ithuba lokuthola izinzuzo zaphakade. (Johane 17:3; 1 Thimothewu 2:3, 4) Kunga njani ubalalele oFakazi BakaJehova uma befika kwakho ngokuzayo? Bakuphathele isipho esingokomoya. Futhi bayazi ukuthi yileso isipho esingcono kunazo zonke abangakupha sona.
[Izithombe ekhasini 6]
Ziningi izindlela esingabonisa ngazo ukuthi siyakhathalela
[Isithombe ekhasini 7]
Ukushumayela kwethu izindaba ezinhle kujabulisa uNkulunkulu futhi kunikeza ithuba lokuthola izinzuzo zaphakade