Ungayithola Injabulo Yangempela!
ABANTU abaningi emhlabeni jikelele babonakala bekholelwa ukuthi izihluthulelo zenjabulo ziwukuba nemoto kanokusho, izindodla zemali ebhange, umsebenzi omuhle, ubhazabhaza wendlu, imishini yamuva kanye nokuba nomzimba omuhle noma ukuba yisidlakela. Kodwa, ingabe injabulo yangempela ixhomeke kulezi zinto ezibonakalayo nasekubukekeni kahle komzimba?
Umbiko okhethekile kumagazini i-Time uthi kuye kwenziwa “ukuhlola okuningi mayelana nenjabulo, ukuba nethemba lokuhle, imizwelo kanye nezimfanelo ezakhayo.” Imiphumela yalokhu kuhlola iye yabamangaza abaningi. Ubufakazi obuvumelana ngendlela emangalisayo bubonisa ukuthi abantu abacabanga ukuthi bayothola injabulo ngokuba nemali, udumo noma ubuhle bayazikhohlisa. Empeleni, ukuphila kwabo bakwakhela phezu kwesisekelo esingaba ingozi enkulu empilweni yabo engokwengqondo, futhi lokhu kungase kuholele ngisho nasekucindezelekeni.
E-United States, abantu abaningi bacebe kakhulu kunanini ngaphambili. “Kodwa ingcebo empeleni ayisho ukuthi sijabule kunabo bonke abantu,” kusho i-Time. Kungashiwo okufanayo nangabantu bakwamanye amazwe. Nakuba ichuma kakhulu kwezomnotho, iChina iye yaba nenani elanda ngokwesabekayo labantu abangajabule. I-Access Asia ephuma kane ngonyaka ithi ukuzibulala kulelo zwe kuye kwaba “imbangela eyinhloko yokufa kwabantu abaphakathi kweminyaka engu-15 nengu-34 ubudala.” Kubonakala sengathi isici esiyinhloko esibangela lo mkhuba ukucindezelwa kwentsha ukuba iphumelele kuleli zwe elinzima nelicindezelayo.
Kusobala ukuthi ukuchuma ngezimali akukuqedi ukukhathazeka nokucindezeleka; kunalokho kuyakwandisa. Okunye ukuhlola okwenziwa eyunivesithi ethile kwaphetha: “Yona kanye indlela yethu yokuphila manje isiphenduke isizathu esiyinhloko sokungazinzi kwethu ngokwemizwelo nangokwengqondo.” Isazi esihlaziya imikhuba yomphakathi uVan Wishard sithi “impilo yezisebenzi engokwengqondo nengokomzwelo iyinto eyinhloko izinkampani eziningi ezigxila kuyo kakhulu lapho zithenga umshuwalense wezempilo.”
Leli zwe esiphila kulo elishintsha ngokushesha lilimaza ngisho nezingane imbala. UWishard uthi manje sekukhona izincwadi zezingane ezineminyaka engu-8 ubudala, ezixwayisa izingane “ngezindlela zokubona izimpawu zokucindezeleka nendlela yokubhekana nako.” Kanti okunye ukwaziswa okuphathelene nokucindezeleka kubonisa ukuthi emazweni amaningi aseNtshonalanga, inani lezingane okuye kwatholakala ukuthi zicindezelekile lapho zihlolwa odokotela liye landa ngendlela eshaqisayo, ngamaphesenti angu-23 ngonyaka. Ngaphezu kwalokho, “izingane ezifunda enkulisa zingamakhasimende anda ngokushesha emithi elwa nokucindezeleka.”
Ukwesaba nako kuyanda—futhi loko kwesaba akubangelwa nje ukuntengantenga kwesimo sezomnotho. Njengoba ziya zanda izenzo zokungabi nangqondo zabantu bezombangazwe nenkolo, abaningi bavele bashaywe uvalo lapho becabanga ngezinto ezishaqisayo abangase babhekane nazo esikhathini esizayo. Lukhona yini usizo?
Eminyakeni engaba yizinkulungwane ezimbili edlule, uJesu Kristu wafundisa ngendlela yokuphila ehluke ngendlela eqabulayo futhi enciphisa ukucindezeleka. Isigijimi esiyinhloko semfundiso yakhe sasilula kodwa siqukethe iqiniso elijulile. Wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Yebo, uJesu wakhuthaza izilaleli zakhe ukuba zigxile kulokho isintu esikudinga ngaphezu kwakho konke—iqiniso elingokomoya ngoMdali wethu nangenjongo yaKhe ngathi.
Njengoba sizobona ezihlokweni ezilandelayo, lelo qiniso lingasisiza ukuba sibone lokho okubaluleke ngempela, okungaholela ekuphileni okujabulisa kakhulu nokunenjongo ngokwengeziwe. Leli qiniso elingokomoya lisinika ithemba eliqhakazile.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]
Ingabe injabulo ixhomeke ezintweni ezibonakalayo?