Ukuphila NeNkonzo KaJesu
UJesu Nombusi Osemusha Ocebile
NJENGOBA uJesu eqhubeka edabula esigodini sasePhereya eya eJerusalema, insizwa ethile igijimela kuye futhi iguqa phambi kwakhe. Lendoda kuthiwa umbusi, ngokunokwenzeka okusho ukuthi isesikhundleni esivelele esinagogeni lendawo noma iyilungu leSanhedrin. Futhi, icebe kakhulu. Iyabuza: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”
“Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na?” kuphendula uJesu. “Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu.” Cishe lensizwa isebenzisa igama elithi “omuhle” njengesiqu, ngakho uJesu uyenza yazi ukuthi isiqu esinjalo singesikaNkulunkulu kuphela.
UJesu uyaqhubeka, “kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.”
“Miphi na?” kubuza lendoda.
Ecaphuna emihlanu yeMiyalo Eyishumi, uJesu uyaphendula: “Yilé: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; yazisa uyihlo nonyoko.” Futhi enezela umyalo obaluleke nakakhulu, uJesu uthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
“Konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami,” kuphendula lendoda ngobuqotho. “Ngisasilalelweni na?”
Elalela isicelo salendoda esiqotho esisuka enhliziyweni, uJesu uzizwa eyithanda. Kodwa uJesu uyalubona uthando lwayo ngezinto ezibonakalayo, ngakho uveza isidingo sayo: “Usasilalelwe into inye; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba-negugu ezulwini; uze ungilandele.”
UJesu uyayibuka, ngokungangabazeki edabukile, njengoba lendoda isukuma futhi iphenduka ihamba idabuke ngempela. Umcebo wayo uyivale amehlo ukuba ingayiboni inzuzo yamagugu angempela. “Kulukhuni kangakanani,” kububula uJesu, “kwabanomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.”
Amazwi kaJesu ayabamangaza abafundi. Kodwa bamangala ngisho nangaphezulu lapho eqhubeka esho umthetho ovamile: “Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”
“Pho, kungasindiswa-bani na?” abafundi bafuna ukwazi.
Ebabheka ezinhlamvwini zamehlo, uJesu uyaphendula: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke.”
Ephawula ukuthi babenze ukukhetha okuhluke kakhulu kunalokho kombusi osemusha ocebile, uPetru uthi: “Bheka, thina sishiyé konke, sakulandela.” Ngakho uyabuza: “Siyakutholani na?”
UJesu uyathembisa: “Nina eningilandeleyo, ngokuphindukuzalwa lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi eziyishumi nambili nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwaIsrayeli.” Yebo, uJesu ubonisa ukuthi kuyakuba khona ukuphindukuzalwa kwezimo emhlabeni ukuze izinto zibe njengoba zazinjalo ensimini yase-Edene. Futhi uPetru nabanye abafundi bayothola umvuzo wokubusa noKristu phezu kwaleliPharadesi elikuwo wonke umhlaba. Ngokuqinisekile, umvuzo omuhle njengalowo ukufanelekele noma ikuphi ukuzidela!
Nokho, ngisho namanje, ikhona imivuzo, njengoba uJesu esho ngokuqinisekile: “Akukho-muntu oshiyé indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma unina, noma uyise, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yami nangenxa yevangeli, ongayikwamukeliswa ngekhulu: manje kulesisikhathi izindlu, nabafowabo, nodadewabo, nawonina, nabantwana, namazwe kanye nokuzingelwa, nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.”
Njengoba uJesu ethembisa, noma ikuphi emhlabeni lapho abafundi bakhe beya khona, bajabulela ubuhlobo namaKristu abakanye nawo obuseduze nobuyigugu kakhulu kunalobo ababujabulela namalungu emikhaya yabo engokwemvelo. Lombusi osemusha ocebile ngokusobala ulahlekelwa kokubili yilomvuzo nalowo wokuphila okuphakade eMbusweni wasezulwini kaNkulunkulu.
Kamuva uJesu uyenezela: “Kepha abaningi abokuqala bayakuba-ngabokugcina, abokugcina babe-ngabokuqala.” Usho ukuthini?
Usho ukuthi abantu abaningi ‘abangabokuqala’ ekujabuleleni amalungelo angokwenkolo, njengalombusi osemusha ocebile, abayikungena eMbusweni. Bayoba ‘ngabokugcina.’ Kodwa abaningi, kuhlanganise nabafundi bakaJesu abathobekileyo, ababukelwa phansi abaFarisi abazishaya abalungile njengokungathi ‘bangabokugcina’—njengabangabantu bomhlaba, noma ‘am ha·’aʹrets—bayoba “ngabokuqala.” Ukuba kwabo “ngabokuqala” kusho ukuthi bayothola ilungelo lokuba ababusi kanye noKristu eMbusweni. Marku 10:17-31; Mathewu 19:16-30; Luka 18:18-30.
◆ Ngokusobala, hlobo luni lombusi lensizwa ecebile eyilo?
◆ Kungani uJesu ekwenqaba ukubizwa ngokuthi muhle?
◆ Okuhlangenwe nakho kwalombusi osemusha kuyibonisa kanjani ingozi yokuba ngabacebile?
◆ Imiphi imivuzo uJesu ayithembisa abalandeli bakhe?
◆ Abokuqala baba kanjani abokugcina, futhi abokugcina babe ngabokuqala?