Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Izisebenzi Esivinini
UJESU wayesanda kuthi, “Abaningi abokuqala bayakuba-ngabokugcina, nabokugcina babe-ngabokuqala.” Manje ufanekisa lokhu ngokuxoxa indaba. Uyaqala, “Umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu owaphuma ekuseni ukuqasha izisebenzi ziye esivinini sakhe.”
UJesu uyaqhubeka: “Esevumelene [umninindlu] nezisebenzi ngodenariyu ngosuku, wazithumela esivinini sakhe. Waphuma futhi ngehora lesithathu, wabona abanye bemi esigcawini, bengenzi-lutho; nakubo wathi: Yanini nani esivinini; ngiyakuninika okufaneleyo. Baya-ke. Waphuma futhi ngehora lesithupha nangelesishiyagalolunye, wenze njalo. Esephuma ngehora leshumi nanye wafumana abanye bemi, wathi kubo: Nimeleni lapha usuku lonke ningenzi-lutho na? Bathi kuye: Ngokuba akakho osiqashileyo. Wathi kubo: Hambani nani, niye esivinini.”
Umninindlu, noma umninisivini, nguJehova uNkulunkulu, futhi isivini siyisizwe sakwaIsrayeli. Izisebenzi zesivini zingabantu abalethwa esivumelwaneni soMthetho; ngokukhethekile ziyilawomaJuda aphila ezinsukwini zabaphostoli. Isivumelwano somholo senziwa kuphela nezisebenzi ezisebenza usuku lonke. Umholo ungudanariyu ngomsebenzi wosuku. Njengoba ‘ihora lesithathu’ lingu–9:00 a.m., labo ababizwa ngehora lesi-3, lesi-6, lesi-9, nele-11 basebenza, ngokushiyana, amahora ayi-9, ayi-6, ama-3, nelilodwa kuphela.
Izisebenzi ezisebenza amahora ayi-12, noma zosuku lonke, zimelela abaholi abangamaJuda abamatasa ngokuqhubekayo emsebenzini wenkolo. Abafani nabafundi bakaJesu, labo, ingxenye enkulu yokuphila kwabo, abebesebenza ekudobeni noma kweminye imisebenzi yokuziphilisa. “Umninindlu” akathumelanga uJesu Kristu ukuba aqoqe laba ukuba babe ngabafundi bakhe kwaze kwaba sekwindla ka-29 C.E. Ngakho-ke baba “ngabokugcina,” noma izisebenzi zomvini ezifike ngehora le-11.
Ekugcineni, usuku lokusebenza olungokomfanekiso luphela lapho uJesu efa, futhi kufika isikhathi sokuba kukhokhelwe izisebenzi. Kulandelwa umthetho ongavamile wokukhokhela owokugcina kuqala, njengoba kuchazwa: “Selishonile, umninisivini wathi enduneni yakhe: Biza izisebenzi, uzikhokhele imali yazo, uqale ngezokugcina, ugcine ngezokuqala. Kuthé befika abehora leshumi nanye, kwaba-yilowo nalowo wamukela udenariyu. Sekuza abokuqala, bathi bazakwamukela okukhulu; kepha nabo bamukela udenariyu ngabanye. Kepha sebamukela bakhonona ngomninindlu, bathi: Laba abokugcina basebenzé ihora linye nje, ubalinganisé nathi esithwalile ubunzima nesifudumezi semini. Waphendula, wathi komunye wabo: Mngane, angikoni; kanti asivumelananga ngodenariyu na? Thatha okwakho, uhambe; kepha ngiyathanda ukunika lowokugcina njengawe. Angivunyelwe ukwenza engikuthandayo ngokungokwami na? Kumbe iso lakho libi, ngokuba mina ngimuhle na?” Ekuphetheni uJesu waphinda iphuzu elivezwe ekuqaleni, ethi: “Kanjalo abokugcina bayakuba-ngabokuqala, nabokuqala babe-ngabokugcina.”
Ukwamukelwa kodenariyu akwenzekanga lapho uJesu efa, kodwa ngePentekoste lika-33 C.E., lapho uKristu, ‘induna,’ ethululela umoya ongcwele kubafundi bakhe. Labafundi bakaJesu, babenjengezisebenzi ‘zokugcina,’ noma ezifike ngehora le-11.
Udenariyu wawungameleli isipho somoya ongcwele ngokwaso. Udenariyu kwakungokuthile okwakumelwe kusetshenziswe abafundi lapha emhlabeni. Kwakungokuthile okwakusho ukuqhubeka kwabo bephila, ukuphila kwabo okuphakade. Kwakuyilungelo lokuba umIsrayeli ongokomoya, ogcotshelwe ukuba ashumayele ngoMbuso kaNkulunkulu.
Ngokushesha labo abaqashwe kuqala baphawula ukuthi abafundi bakaJesu babeholelwe, futhi bababona besebenzisa udenariyu ongokomfanekiso. Kodwa babefuna okungaphezu komoya ongcwele namalungelo ahambisana nawo oMbuso. Ukuvungama kwabo nokukhononda kwabenza bashushisa abafundi bakaJesu, izisebenzi ‘zokugcina’ zesivini.
Ingabe lokho kugcwaliseka kwalomfanekiso kaJesu kwekhulu lokuqala leminyaka kuwukugcwaliseka okuwukuphela kwakho? Cha, abefundisi beLobukholwa kulelikhulu lama-20 leminyaka, ngenxa yezikhundla zabo nemithwalo yemfanelo, ‘bebengabokuqala’ ukuqashwa ukuba benze umsebenzi esivinini sikaNkulunkulu esingokomfanekiso. Babheka abashumayeli abazinikezele abahlanganyela neWatch Tower Bible and Tract Society ‘njengabokugcina’ ukuba babe nanoma isiphi isabelo esigunyaziwe enkonzweni kaNkulunkulu. Kodwa, eqinisweni, yibo kanye laba ababedelelwa abefundisi abamukela udenariyu—udumo lokukhonza njengamanxusa agcotshiwe oMbuso kaNkulunkulu wasezulwini. Mathewu 19:30–20:16.
◆ Yini emelelwa isivini? Obani abamelelwa umninisivini nezisebenzi zehora le-12 nezehora loku-1?
◆ Usuku lokusebenza olungokomfanekiso lwaphela nini, futhi ukuholela kwenziwa nini?
◆ Yini emelelwa iholo elingudenariyu?