Kungani UJesu Engazange Ahileleke Kwezombangazwe?
KUBONE ngamehlo engqondo lokhu okwenzeka ngo-32 C.E. Kuntambama. UJesu, uMesiya obikezelwe, usedume kakhulu ngokuphulukisa abagulayo ngisho nangokuvusa abafileyo. Namuhla, umangaze izixuku zabantu ngokwenza izibonakaliso zamandla nangokuzifundisa ngoNkulunkulu. Manje uhlukanisa laba bantu abalambile ngamaqenjana. Ube esethandaza kuJehova futhi ngokuyisimangaliso bonke ubapha ukudla. Ukuze angasaphazi, uqoqa imvuthuluka. Abantu basabela kanjani?—Johane 6:1-13.
Ngemva kokubona izimangaliso zikaJesu nekhono lakhe elihle lokulawula izixuku nokunakekela izidingo zazo, abantu baphetha ngokuthi angaba inkosi enhle kakhulu. (Johane 6:14) Ayimangazi indlela abasabela ngayo. Khumbula ukuthi babelangazelela umbusi omuhle onganakekela izidingo zabo ngoba izwe labo ababelithanda lalilawulwa umbuso ocindezelayo wakwelinye izwe. Ngakho, bazama ukumphoqa ukuba ahileleke kwezombangazwe. Yena wasabela kanjani?
UJohane 6:15 uthi: “UJesu azi ukuthi base bezokuza bambambe ukuze bambeke inkosi, waphinde wasuka waya entabeni eyedwa.” Wasenza sacaca isinqumo sakhe. Wenqaba ngokuqinile ukuzigaxa kwezombangazwe zezwe lakubo futhi akazange aguquke kulokho. Wathi abalandeli bakhe kwakufanele benze okufanayo. (Johane 17:16) Kungani akhetha ukwenza kanjalo?
Kungani UJesu Akhetha Ukungathathi Hlangothi?
Ukungathathi hlangothi kukaJesu kwezombangazwe kwakusekelwe ngokuqinile ezimisweni zemiBhalo. Cabangela lezi ezimbili.
‘Umuntu uye wabusa umuntu kwaba ukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) IBhayibheli liwufingqa ngale ndlela umlando wokubusa komuntu. Khumbula ukuthi uJesu waphila njengesidalwa somoya ezulwini ngaphambi kokuba eze emhlabeni. (Johane 17:5) Ngakho, wayazi ukuthi ngisho noma umuntu engaba nezinhloso ezinhle kanjani akanalo ikhono lokunakekela kahle izidingo zezigidigidi zabantu; futhi uNkulunkulu akamdalelanga lokho. (Jeremiya 10:23) Wayazi nokuthi ohulumeni babantu abanalo ikhambi lezinkinga zabantu, kunalokho, uNkulunkulu ongabasiza.
“Lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) Ingabe la mazwi ayashaqisa? Abaningi banomuzwa onjalo. Bacabanga ngabantu abaqotho abangena kwezombusazwe ngenjongo yokwenza umhlaba ube indawo engcono nephephile. Nokho, naphezu kwemizamo yabo emikhulu, ngisho nababusi abaqotho kakhulu ngeke bakwazi ukumelana nethonya lalowo uJesu ambiza ngokuthi “umbusi waleli zwe.” (Johane 12:31; 14:30) Yingakho uJesu atshela omunye usombusazwe: “Umbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe.” (Johane 18:36) UJesu wayeyiNkosi yesikhathi esizayo kahulumeni kaNkulunkulu wasezulwini. Ukuhileleka kwakhe kwezombusazwe kwakuyosho ukungathembeki kuhulumeni kaYise.
Nokho, ingabe wafundisa abalandeli bakhe ukuthi abanaso isibopho kohulumeni basemhlabeni? Cha, wabafundisa ukuba bayazi imingcele ngokuqondene nemithwalo yabo yemfanelo kuNkulunkulu nasezibophweni abanazo kohulumeni babantu.
UJesu Wayelihlonipha Igunya Lohulumeni
Ngesikhathi uJesu efundisa ethempelini, abaphikisi bazama ukumhila ngenkulumo ngokubuza ukuthi kufanele yini abantu bakhokhe intela. Ukube uJesu wathi cha, impendulo yakhe yayingase ivuse uthuthuva, ifake kubantu abacindezelwe umoya wokuvukela ngoba befuna ukuphuma ejokeni elicindezelayo lamaRoma. Kodwa ukube wathi yebo, abaningi babeyoba nomuzwa wokuthi akazwelani nosizi abaluthwele. UJesu wabaphendula ngendlela ebonisa ukucabanga okunokulinganisela. Wathi: “Buyiselani izinto zikaKhesari kuKhesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.” (Luka 20:21-25) Ngakho-ke, abalandeli bakhe banesibopho kuNkulunkulu nakuKhesari—okungukuthi, kohulumeni bezwe.
Ohulumeni balondoloza isilinganiso esithile sokuhleleka. Banelungelo lokufuna ukuba izakhamuzi zithembeke, zikhokhe izintela futhi zilalele imithetho. UJesu wabeka siphi isibonelo ekubuyiseleni “izinto zikaKhesari kuKhesari”? Wakhuliswa abazali ababelalela umthetho, kungakhathaliseki ukuthi ukwenza kanjalo kwakuyisiphazamiso kangakanani. Ngokwesibonelo, uJosefa nomkakhe owayekhulelwe, uMariya, bahamba amakhilomitha angaba ngu-150 baya eBhetlehema ukuze bayobalwa ngokomthetho wamaRoma. (Luka 2:1-5) UJesu wabalingisa, walalela umthetho, wakhokha ngisho nezintela okwakungafanele ngempela azikhokhe. (Mathewu 17:24-27) Wayeqaphela nokuba angalisebenzisi kabi igunya lakhe ezindabeni zezwe. (Luka 12:13, 14) Singasho nje ukuthi uJesu wayesihlonipha isimiso sohulumeni, yize yena enqaba ukuba yingxenye yaso. Kodwa wayesho ukuthini lapho ethi kufanele kubuyiselwe “okukaNkulunkulu kuNkulunkulu”?
Indlela UJesu Akubuyisela Ngayo “OkukaNkulunkulu KuNkulunkulu”
UJesu wake wabuzwa ukuthi yimuphi umyalo omkhulu kunayo yonke uNkulunkulu awunika umuntu. Waphendula: “‘Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho.’ Lona umyalo omkhulu kunayo yonke futhi ungowokuqala. Owesibili, onjengawo, yilo, ‘Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’” (Mathewu 22:37-39) UJesu wafundisa ukuthi ngokuqondene nokubuyisela “okukaNkulunkulu kuNkulunkulu,” into yokuqala esiyikweleta uNkulunkulu uthando—okuhilela ukuba qotho kuYe ngokuphelele nangenhliziyo yonke.
Singakwazi yini ukulucaza phakathi lolo thando? Ubuqotho bethu singabuhlukanisa yini phakathi, obunye buye kuJehova uNkulunkulu nakuhulumeni wakhe wasezulwini, obunye buye kohulumeni basemhlabeni? UJesu washo lesi simiso: “Akekho ongakhonza amakhosi amabili; ngoba uyozonda enye athande enye, noma anamathele kwenye, adelele enye.” (Mathewu 6:24) Lapha, uJesu wayekhuluma ngokuthanda uNkulunkulu nengcebo, kodwa kusobala ukuthi wayenomuzwa wokuthi isimiso esifanayo siyasebenza nasendabeni yokuhileleka kwezombangazwe—njengoba kwakunjalo nangabalandeli bakhe bekhulu lokuqala.
Imibhalo emidala kunayo yonke ekhona ibonisa ukuthi abalandeli bakaJesu basendulo abazange bazigaxe kwezombangazwe. Ngenxa yokuthi babekhulekela kuphela Lowo owayekhulekelwa uKristu, benqaba ukuhileleka kwezombusazwe zaseRoma, ukungenela ezempi nokwamukela izikhundla zombuso. Ngenxa yalokho, baphathwa ngonya ngezindlela ezihlukahlukene. Ngezinye izikhathi izitha zabo zazibasola ngokuthi bazonda abantu. Ingabe lokho kwakuyiqiniso?
AmaKristu Eqiniso Ayabakhathalela Abantu
Khumbula omunye wemiyalo kaNkulunkulu emikhulu kunayo yonke owashiwo uJesu—“Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” Kusobala ukuthi akekho umlandeli weqiniso kaKristu ovumeleke ukuba azonde abanye abantu. UJesu wayebathanda abantu, ezidela ngenxa yabo futhi ebasiza ezinkingeni ezinkulu kakhulu nezingatheni ababenazo.—Marku 5:25-34; Johane 2:1-10.
Nokho, yini uJesu ayaziwa ngayo ngokuyinhloko? Wayengabizwa neze ngokuthi uMphulukisi, uMondli Wezinkulungwane noma uMvusi Wabafileyo—nakuba azenza zonke lezi zinto ezimangalisayo. Abantu babembiza kufanele ngokuthi uMfundisi. (Johane 1:38; 13:13) UJesu wachaza ukuthi isizathu esiyinhloko sokuza kwakhe emhlabeni kwakuwukufundisa abantu ngoMbuso kaNkulunkulu.—Luka 4:43.
Yingakho abalandeli bakaKristu beqiniso bezinikela ekwenzeni umsebenzi ofana nalowo owenziwa iNkosi yabo ngesikhathi ilapha emhlabeni—ukutshela abantu izindaba ezinhle ngoMbuso kaNkulunkulu. UJesu Kristu wayala wonke amaKristu eqiniso ukuba afundise abantu ngoMbuso emhlabeni wonke. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Lowo hulumeni wasezulwini othembekile uyobusa yonke indalo kaNkulunkulu ngothando. Uyofeza intando kaNkulunkulu, uze ngisho uqede ukuhlupheka nokufa. (Mathewu 6:9, 10; IsAmbulo 21:3, 4) Shono nje iBhayibheli libiza isigijimi sikaKristu ngokuthi “izindaba ezinhle”!—Luka 8:1.
Ngakho-ke, uma ufuna ukuthola abalandeli bakaJesu Kristu beqiniso namuhla, ungababona kanjani? Ingabe uyobathola bezigaxe kwezombangazwe zaleli zwe? Noma uyobathola begxile ngokuyinhloko emsebenzini owénziwa uJesu—ukushumayela nokufundisa ngoMbuso kaNkulunkulu?
Ungathanda yini ukwazi okwengeziwe ngoMbuso kaNkulunkulu nokuthi ungakuthinta kanjani ukuphila kwakho manje? Sicela uthintane noFakazi BakaJehova endaweni yakini noma uye engosini yabo ye-Internet esemthethweni kuleli kheli: www.watchtower.org.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 24, 25]
Ingabe OFakazi BakaJehova Bayawusiza Umphakathi?
OFakazi BakaJehova abathathi hlangothi kwezombusazwe. Nokho, bayazikhandla ekusizeni abantu bazo zonke izinhlanga nezizinda emiphakathini yabo. Cabangela la maqiniso ambalwa:
◼ OFakazi BakaJehova bayizisebenzi zokuzithandela ezingaphezu kwezigidi ezingu-7. Bachitha ingqikithi yamahora angaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezingu-1,5 unyaka ngamunye befundisa abantu lokho okushiwo iBhayibheli nokuthi lingabasiza kanjani ukuba banqobe imikhuba elimazayo, ukuba babe nemindeni ejabulayo futhi bathuthukise ukuphila kwabo.
◼ Banyathelisa futhi basakaze izincwadi ngaphandle kwenkokhiso ngezilimi ezingaphezu kuka-500, kuhlanganise nezilimi ezithile ezingenayo neyodwa incwadi eyake yanyatheliswa.
◼ Baqhuba izikole zokukhuluma eningini eziye zasiza izigidi ukuba zikwazi ukukhuluma ngendlela ecacile nengacunuli.
◼ Banezinhlelo zokufundisa ukufunda nokubhala eziye zasiza abantu abaningi emhlabeni ukuba bakwazi ukufunda nokubhala.
◼ Baye bahlela amaKomiti Okwakha Ezifunda angaphezu kuka-400 emhlabeni wonke ngenjongo yokufundisa izisebenzi zokuzithandela amakhono okwakha ukuze zikwazi ukwakha izikhungo zokufunda iBhayibheli. Eminyakeni eyishumi edlule, kwakhiwa izindawo zokukhulekela, phecelezi amaHholo OMbuso, ezingaphezu kuka-20 000.
◼ OFakazi bayasiza nalapho kuvela izinhlekelele emhlabeni wonke futhi abakhethi. Ngemva kweminyaka emibili kwagadla iziphepho ezacekela phansi izindawo ezithile e-United States, oFakazi abayizisebenzi zokuzithandela bavuselela amaHholo OMbuso angaphezu kuka-90 nezindlu zabantu ezingu-5 500.
[Isithombe ekhasini 23]
Lapho abantu becindezela uJesu ukuba ahileleke kwezombangazwe, wasuka waya “entabeni eyedwa”