-
INtshumayelo Yasentabeni EdumileUJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
-
-
Uthi: “Bayajabula abaqaphelayo ukuthi bayamdinga uNkulunkulu, ngoba uMbuso wamazulu ungowabo. Bayajabula abalilayo ngoba bayoduduzwa. . . . Bayajabula abalambele futhi bomele ukulunga ngoba bayosuthiswa. . . . Bayajabula abaye bashushiswa ngenxa yokulunga ngoba uMbuso wamazulu ungowabo. Niyajabula lapho abantu benihlambalaza, benishushisa . . . ngenxa yami. Jabulani nithokoze.”—Mathewu 5:3-12.
-
-
INtshumayelo Yasentabeni EdumileUJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
-
-
UJesu uthi abantu abaqaphelayo ukuthi bayamdinga uNkulunkulu, abadabukayo ngenxa yokuthi banesono, nabafunda ngaye baze bamazi bese bemkhonza, yibo abajabula ngempela. Ngisho noma bezondwa noma beshushiswa ngenxa yokwenza intando kaNkulunkulu, bayajabula ngoba bayazi ukuthi bayamjabulisa nokuthi uzobanika umvuzo wokuphila phakade.
-