Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • “Inceku Ethembekileyo” NeNdikimba Yayo Ebusayo
    INqabayokulinda—1990 | Mashi 15
    • 13 Emfanekisweni ofana nawo, umfanekiso wamathalenta, uJesu wathi ngemva kwesikhathi eside, inkosi yabuya ukuzolungisa izindaba nezinceku zayo. Ezincekwini ezazibonakalisa zithembekile, inkosi yathi: ‘Nithembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakunibeka phezu kokuningi; ngenani ekuthokozeni kwenkosi yenu.’ Kodwa ngenceku engathembekile, wathi: “Uyakwamukwa nalokho anakho. Leyonceku engasiziyo yiphonseni ebumnyameni obungaphandle.”—Mathewu 25:21-23, 29, 30.

  • “Inceku Ethembekileyo” NeNdikimba Yayo Ebusayo
    INqabayokulinda—1990 | Mashi 15
    • 16. Lapho uKristu efika ukuzohlola indlu kaNkulunkulu ngo-1918, kungani engawatholanga amasonto eLobukholwa aba ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele?

      16 Njengoba inkathi ende yokulinda kukaJesu ngakwesokunene sikaJehova yayisondela ekupheleni, kancane kancane kwaba sobala ukuthi ubani owayenikeza ukudla okungokomoya kwabendlu bakaKristu ngisho nasesikhathini esingaphambi kuka-1914. Ingabe ucabanga ukuthi kwakungamasonto eLobukholwa? Ngokuqinisekile akunjalo, ngoba ayehileleke ngokujulile kwezombangazwe. Ayengamathuluzi okuzithandela okwandisa amakoloni futhi ayezama ukuqedana ukuze afakazele ukushisekela kwawo ubuzwe, kanjalo ekhuthaza ukuthanda ubuzwe. Lokhu ngokushesha kwaletha icala legazi elikhulu kubo, okungukuthi, lapho esekela ngenkuthalo ohulumeni bezombangazwe ababehileleke empini yezwe yokuqala. Ngokomoya, ukholo lwawo lwaba buthakathaka ngenxa yomkhuba wokuVumelanisa Inkolo Nesimanje. Kwaphakama isimo esibucayi ngokomoya ngenxa yokuthi abaningi babefundisi bawo babanjwa kalula ukucusumbula imibhalo nemfundiso yokuziphendukela kwemvelo. Akukho kondliwa okungokomoya okwakungalindelwa kubefundisi beLobukholwa!

      17. Kungani uKristu awalahla amanye amaKristu agcotshiwe, futhi kwaba namuphi umphumela kuwo?

      17 Ngokufanayo, akukho kudla okungokomoya okunomsoco okwakuvela kulawomaKristu agcotshiwe ayekhathalela kakhulu ukusindiswa kwawo siqu kunokusebenzisa amathalenta eNkosi. Abonakala ‘evilapha,’ engakufanelekele ukunakekela impahla yeNkosi. Ngakho, alahlelwa “ebumnyameni obungaphandle,” lapho amasonto eLobukholwa esekhona nanamuhla.—Mathewu 25:24-30.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela