‘UIsrayeli KaNkulunkulu’ Nokuphela KweZikhathi ZabeZizwe
1, 2. (a) Isiphi isimo ngaphakathi kweJerusalema lanamuhla elibuyiselwe ngezindonga esibonisa ukuthi uJehova akakuthathanga ukubusa umhlaba ngalowomuzi? (b) Kodwa imuphi omunye umuzi onalelogama manje okumelwe ucatshangelwe?
UDECEMBER ka-1917 unyaka waphakathi nempi waba owokuthathwa kweJerusalema lasemhlabeni kumaTurk angoMahomede ngamabutho aseBrithani ngaphansi kukaJenene Allenby. Kuwo wonke umhlaba amaJuda emvelo ahalalisa ngalesisehlakalo. Kepha kwehle kuze kube ilolusuku ukuba khona okuqhubekayo kwendawo ecwebileyo kuMahomede eNtabeni iMoriya ngaphakathi kweJerusalema elibiyelwe ngezindonga kuvimbela ukwakhiwa kwanoma iliphi ithempeli lokukhulekela kobuJuda kulesosiza sangaphambili sethempeli leNkosi uSolomoni. Kuyavunywa, loNkulunkulu owayakhelwe lelothempeli indodana yobukhosi kaDavide akabusi umhlaba ngoMbuso wakhe wobuMesiya ngeJerusalema lasemhlabeni, manje njengoba “izikhathi zabezizwe” ziphelile. Kodwa kuthiwani ngelinye iJerusalema? Liphi iJerusalema? Lelo okukhulunywa ngalo encwadini ephefumlelwe eyayibhalelwe abafundi bakaMesiya uJesu esifundazweni saseGalathiya eRoma, iminyaka ethile emva kokuba ebikezele ukubhujiswa komuzi owakhiwe kabusha waseJerusalema, okwenzeka ngo-70 CE. Lapho kwabaseGalathiya isahluko 4, amavesi 25, 26, siyafunda:
2 “Kepha uHagari [isigqilakazi senzalamizi engumHeberu uAbrahama] lo uyintaba yaseSinayi eArabiya, eqondene neJerusalema lakalokhu, ngokuba lisebugqilini nabantwana balo [izakhamuzi zalo nezikhonzi]. Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile [njengomfazi ka-Abrahama okhululekile, uSara], lona lingumame wethu.”
3, 4. (a) Ubani lowo uPawulu, kanye namaKristu aseGalathiya, amqaphela njengo“mame” ongokomoya kuye? (b) Kungayiphi indlela isizwe sakwaIsrayeli esaba ngayo ingxenye yenhlangano kaNkulunkulu yendawo yonke?
3 Umbhali walawomazwi wayengumJuda ophendukile uSawulu waseTarsu owaba umphostoli okhethiwe kaMesiya uJesu. ‘IJerusalema lakalokhu’ abhala ngalo laxoshwa enhlanganweni kaNkulunkulu, njengoba nje uHagari axoshwa emkhayeni ka-Abrahama, futhi labhujiswa ngo-70 C.E. UPawulu akasaliqaphelanga leloJerusalema lasemhlabeni njengonina ongokomoya. Waqaphela “iJerusalema eliphezulu”, okungukuthi, iJerusalema elisezulwini, njengonina ongokomoya. Kanye nalawomaKristu aseGalathiya, uPawulu wayengomunye ‘wabantwana balo.’
4 Lapho, eNtabeni iSinayi, uNkulunkulu eletha abantu bakwaIsrayeli ebuhlotsheni naye ngesivumelwano soMthetho esasikhulunyelwa uMose, lesosizwe sakwaIsrayeli saba ingxenye ebonakalayo yenhlangano kaNkulunkulu yendawo yonke. Saba ngesaleyonhlangano njengoba nje isigqilakazi uHagari sasingesikaSara, umfazi wokuqala ka-Abrahama. USara wafanekisela “iJerusalema eliphezulu” elikhululekile. Likhipha inzalo ethenjisiwe.
5. Ngakho kukuyiphi indawo lapho uJehova ayeyothatha khona ukubusa kwezwe ekupheleni kweZikhathi zabeZizwe, futhi imuphi umbuzo okwakuyobe kuyisikhathi ngaye ukuwuphendula, ewuphendula ngayiphi indlela?
5 Ngokubhekwa kwalokho, kwakuyoba ngokuhlobene naleli“Jerusalema eliphezulu” ukuthi uJehova uNkulunkulu wayezothatha ukubusa kwakhe kwezwe ekupheleni kweZikhathi zabeZizwe ngonyaka owaphawulwa yimpi ka-1914. Kwaba yisikhathi ngaye sokuphendula ngesenzo umbuzo owaphakanyiswa umlobi ophefumlelwe iNkosi uDavide, kumaHubo 2:1-6:
“Kungani ukuba abezizwe baxokozele, nabantu bazindle ngokuyize na? Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe [uMesiya wakhe], ngokuthi: Masigqabule izibopho zabo, silahle izintambo zabo, zisuke kithina. Yena ohlezi ezulwini uyahleka, iNkosi iyabadelela. Ibisikhuluma kubo ngentukuthelo yayo, ibethuse ngolaka lwayo, ithi: Nokho ngibekile iNkosi yami eSiyoni, intaba yami engcwele.”—Bheka futhi izEnzo 4:24-26.
6. (a) Kungani ukubekwa kweNkosi yobuMesiya ekupheleni kweZikhathi zabeZizwe kwakungabonakali kubabusi basemhlabeni? (b) Naphezu kokwaziswa amashumi eminyaka ngaphambili, ababusi bezwe baqhubeka belungiselela ukwenzani esikhathini esinzima?
6 Yebo, ekupheleni kweZikhathi zabeZizwe ngo-1914 kwakufaneleka ngoJehova ukugcwalisa lamazwi angokwesiprofetho abhalwa iNkosi uDavide kumaHubo 110:1, 2: “UJehova wathi eNkosini yami: Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngenze izitha zakho zibe-yisenabelo sezinyawo zakho. Intonga yamandla akho uJehova uyakuyelula eseSiyoni; busa wena phakathi kwezitha zakho.” Ukumiswa kweNkosi yobuMesiya kwakuseNtabeni yasezulwini iSiyoni, ngakho-ke, kwakungabonakali emakhosini neziphathimandla eziphakeme kuhulumeni emhlabeni. Nakuba ukuphela kweZikhathi zabeZizwe kwakwazisiswe ezincwadini yiWatch Tower Society amashumi eminyaka njengokwakuzoba ngo-1914, labo babusi bezwe babezimisele ukulwa noMesiya wasezulwini ngokuthatha ukubusa kwezwe. Baqhubeka benza amalungiselelo athuthuke kakhulu empi yezizwe zonke. Nokho, emehlweni, u-1914 waqala ngokuthula. Khona-ke, ngoJuly 28 izizwe zahlomeka empini.
7. Ukubekwa kukaMesiya njengeNkosi ekupheleni kweZikhathi zabeZizwe ngo-1914 kwaphawula ukuqala kwabuphi ubuhlobo bakhe nomhlaba, futhi kanjani?
7 Ukubekwa kukaMesiya njengeNkosi ngakwesokunene sikaJehova ngalowonyaka ofanayo kwaphawula isiqalo sokuba-khona kwakhe okungabonakali ngokuqondene nomhlaba wethu. Ngani? Ngoba njengeNkosi emiswe kabusha phezu komhlaba kwakufanelekile ngaye ukubhekisa ukunaka kwakhe endaweni yakhe yokubusa esemhlabeni, ngalesosikhathi eyayisaphethwe izitha zakhe, abashisekeli bokubusa izwe ngobushiqela. ‘Intonga yamandla akhe’ yelulwa iphuma ‘eJerusalema eliphezulu,’ iza emhlabeni wethu. Ngokuyala kukaJehova waqala ‘ukubusa phakathi kwezitha zakhe’ phansi emhlabeni. Futhi kwakusemhlabeni lapho aphonsela khona phansi uDeveli namademoni akhe ebakhipha ezulwini.—IsAmbulo 12:7-17.
8. Abaphostoli bakaJesu bacela isibonakaliso sani, futhi, ngokweHubo 2:1, izizwe zaziyobe zikusiphi isimo ngalesosikhathi?
8 “Isibonakaliso” uMesiya uJesu asichaza njengobufakazi ‘bokuba-khona’ kwakhe okungabonakali sabonakala ekupheleni kweZikhathi zabeZizwe ngo-1914. Kafushane ngaphambi kokufa kwakhe komfel’ ukholo abaphostoli bambuza uJesu: “Sitshele, ziyakwenzeka nini lezizinto, futhi siyokuba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto?” (Mathewu 24:3, New World Translation, The Emphasised Bible, by J. Rotherham; The Emphatic Diaglott, by Benjamin Wilson; Young’s Literal Translation) NgokweHubo 2:1 izizwe zaziyobe zixokozela ngesikhathi uNkulunkulu emisa uMesiya uJesu njengeNkosi eJerusalema lasezulwini, noma iSiyoni.
9. (a) Phakathi nekhulu lokuqala leminyaka, ingabe abaphostoli ababuzayo balubona usizi olukhulu kangako kangangokuthi lwalungenakulinganiswa nalutho kuze kube phakade? (b) Ngakho-ke ukubona kwabo izinto ezashiwo uJesu kuMathewu 24:7-15 kwasebenza njengaluhlobo luni lokugcwaliseka?
9 Ukuthi uJesu lapho enikeza impendulo yakhe wayeneHubo 2:1 engqondweni, neHubo 110:1-4, asazi. Noma kunjalo, impendulo yakhe ivumelana nalezoziprofetho ezenziwa iNkosi uDavide, kunjalo ngokuvelele kusukela ngo-1914 kunaphakathi neminyaka engama-37 kusukela lapho abaphostoli bebuza lowombuzo nokubhujiswa kweJerusalema ngamabutho amaRoma ngo-70 C.E. Ngokuqinisekile leyonhlekelele eyesabekayo ayizange ibe ngengenakulinganiswa nalutho. Yayingembi kakhulu, ngokwesibonelo, kunokucekwa kwamaJuda ayizi-6 000 000 okwabikwa ngaphansi kombuso kaHitler wobuNazi ngaphambi naphakathi neMpi Yezwe II. Ukubhujiswa kweJerusalema kwakungelona “usizi olukhulu olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube-manje nolungasayikuba-khona.” (Mathewu 24:21) Lokho abaphostoli bakaJesu ababuzayo abakubona kwehle kuze kube sekupheleni kwekhulu lokuqala C.E. kwakuwukugcwaliseka okuncane kwesiprofetho sikaJesu, ngendlala, ukuzamazama komhlaba, umshayabhuqe wezifo, izimpi nokushushiswa, kanye nokushanelwa ‘kweJerusalema lakalokhu.’ Abadinganga ukuhewula ngalokhu, ngoba iJerusalema elisezulwini laqhubeka limile.
10. Ukugcwaliseka okukhulu kwesiprofetho sikaJesu kusiholela kusiphi isiphetho?
10 Lezozinto ezenzeka emuva lé azizange zenze “isibonakaliso” esihlangene esikhomba ‘ukuba-khona’ kwakhe ‘nesiphelo sesimiso sezinto.’ Ngakho-ke ukuze ubuqiniso besiprofetho sikaJesu busekelwe, kwakumelwe kube nokugcwaliseka okukhulu kwamazwi akhe kamuva, phakathi nezinsuku zamalungu okugcina ‘omhlambi omncane’ wakhe wezindlalifa zoMbuso. (Luka 12:32) Lokho kwakuyoba kusukela ekupheleni kweZikhathi zabeZizwe kuqhubeke kuze kube manje. Njengoba sibheka emlandweni wezwe kusukela kulolosuku, ngolwazi lwesiprofetho seBhayibheli, kumelwe sifike esiphethweni sokuthi siphila ‘esiphelweni sesimiso sezinto.’ (Mathewu 24:3; Marku 13:4) Lesiphetho sifakazelwa ukugcwaliseka kwesAmbulo 6:3-17, esabhalwa eminyakeni engaphezu kwama-25 ngemva kokubhujiswa kweJerusalema futhi esikhuluma ngabagibeli abane bamahhashi besAmbulo, njengoba abantu bebabiza.
11. Yini amalungu asindayo ‘ebandla lamazibulo’ angayikhumbula ngezikhathi zeMpi Yezwe I, futhi ukugcwaliseka kwesiprofetho sikaJesu phakathi nekhulu lokuqala leminyaka kuqhathaniseka kanjani nalezizenzakalo zamuva?
11 Abanye bensali ‘yebandla lamazibulo abhaliwe ezulwini’ basaphila namuhla, futhi bawukhumbula kahle umkhuhlane waseSpain. (Heberu 12:23) Lesosifo esesabekayo sashanela umhlaba ngasekupheleni kweMpi Yezwe I, njengesinye sezifo eziwumshayabhuqe ezabikezelwa, futhi wabulala izigidi eziningi zesintu kunezazibulewe phakathi neminyaka engaphezu kwemine yeMpi Yezwe I. Amalungu ensali asaphila akhumbula futhi ukushushiswa kwabafundi beBhayibheli abangamaKristu ababezama ukuzigcina bekhululekile ecaleni legazi lezwe. Bakhumbula indlela lolushushiso olwafinyelela ngayo umvuthwandaba ngokuboshwa kukamongameli (owayeneminyaka engama-48 ubudala,) unobhala ongumphathizimali (owayeneminyaka engama-54 ubudala), namanye amalungu ayisithupha ezisebenzi zasendlunkulu yeWatch Tower Bible and Tract Society, ngamacala achithwa yinkantolo ngo-1919. Kulokho ezinye zezincwadi zeNhlangano zaba ngaphansi kokuvinjelwa eCanada naseUnited States of America, zakhululwa kuphela ngemva kweMpi Yezwe I. Uma kucatshangelwa konke lokhu, okwenzeka ngezikhathi zabaphostoli phakathi nekhulu lokuqala ekugcwalisekeni kwesiprofetho sikaJesu kuncane uma kuqhathaniswa nezenzakalo ezifanayo ngesilinganiso somhlaba wonke phakathi no-1914-1918 C.E.
Isenzo Sokulalela ‘NgoIsrayeli KaNkulunkulu’
12. (a) Ekuphenduleni umbuzo ophathelene ‘nesibonakaliso’ sokuba-khona kwakhe, ukushushiswa kobani akuphawula, futhi babengabasiphi isizwe abokuqala balaba? (b) Ikuphi okuye kwathatha indawo ka“Israyeli ngokwenyama”?
12 Ekuphenduleni umbuzo ngokuphathelene “nesibonakaliso” ‘sokuba-khona’ kwakhe okungabonakali, uJesu akazange aphawule noma iluphi ushushiso phezu kuka‘Israyeli ongokwenyama.’ (1 Korinte 10:18) Wabikezela ukushushiswa kwabafundi bakhe, abokuqala babo, kwakungamaJuda emvelo asokile namaproselithe. Kodwa ngokugcwaliseka kwesiprofetho sikaJoweli 2:28, 29 kusukela ngosuku lwePentekoste lika-33 C.E. kuya phambili, abafundi bakhe baba uIsrayeli omusha, uIsrayeli ongokomoya. (IzEnzo 1:6–2:42) Cishe phakathi nekhulu lokuqala leminyaka umJuda ophendukile, umphostoli uPawulu, wabhalela amaKristu eGalathiya futhi waqhubeka nokuwatshela: “Kepha iJerusalema eliphezulu likhululekile, lona lingumame wethu.” (Galathiya 4:26) Futhi ngasesiphethweni sencwadi yakhe waphawula: “Ngokuba nakusoka nakungasoki akulutho, isidalwa esisha kuphela. Bonke abahamba ngalendlela makube-kubo ukuthula nesihawu, yebo, kuIsrayeli kaNkulunkulu.”—Galathiya 6:15, 16.
13. Kukuyiphi ingxenye evelele ‘yesibonakaliso’ “sesiphelo sesimiso sezinto” insali nabangane bayo abafuna ukuba nengxenye yomuntu siqu kuyo, nangamiphi imiphumela kuze kube manje?
13 Manje, njengoba insali yalowo“Israyeli kaNkulunkulu” ibona “isibonakaliso” esambulekayo “sesiphelo sesimiso sezinto,” iyiphi inkambo yesenzo okumelwe iyithathe ngokulalela? Leyonkambo eyakuba nengxenye ngayo ekugcwalisekeni kwaleyongxenye evelele ‘yesibonakaliso’ uJesu asibikezela, ethi: “Kodwa okhuthazelayo [ekushushisweni] kuze kube-sekupheleni [isiGreki: telos] nguyena oyakusindiswa. Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni [goyim] zonke, andukuba kufike ukuphela [telos].” (Mathewu 24:13, 14; Marku 13:9, 10) Ngonyaka owalandela ukuphela kweMpi Yezwe I, insali eyasinda ‘kaIsrayeli kaNkulunkulu’ yaqala ukuba ngokulalela yenze lowomyalo ongokwesiprofetho. Ngokomphumela, namuhla, emazweni angama-205 nangezilimi eziyi-190, “lelivangeli lombuso” lishunyayelwa insali kaIsrayeli ongokomoya nabangane bayo abangofakazi bakaJehova. Konke lokhu naphezu kokushushiswa neMpi Yezwe II.
14. Ngokunikeza lobufakazi benza kwaziwe ukuthi iziphi “izikhathi” eziye zaphelela izizwe, futhi lokhu kuye kwaba njalo kanjani ngempela?
14 Ngalokhu kufakaza okungenakuvinjelwa ngoMbuso omisiwe, abeZizwe, goyim, “izizwe,” zenziwa ukuba ziqonde ukuthi “izikhathi”, “izikhathi eziyisikhombisa” zazo, zokunyathela phezu kweJerusalema zaphela ekwindla ka-1914. (Luka 21:24) IJerusalema elihileleke lapha, akulona iJerusalema lasemhlabeni eMpumalanga ePhakathi, kodwa iJerusalema elisezulwini, ngoba laphaya, ezulwini, kulapho uJehova uNkulunkulu abeka esihlalweni sobukhosi uMesiya wakhe, iNdodana yakhe egcotshiwe uJesu, lapho iZikhathi zabeZizwe ziphela ngo-1914. Ngakho-ke, ‘umuzi ongcwele’ lowo izizwe, abeZizwe, ababezo“wunyathela phansi izinyanga ezingamashumi amane nambili,” ngokwesAmbulo 11:1, 2, kwakungelona “iJerusalema lasezulwini” lapho uMesiya uJesu ebebusa khona kusukela ngo-1914. (Heberu 12:22) Kunalokho, ukunyathela kwakuphezu kwensali ka“Israyeli kaNkulunkulu” izinyanga ezingama-42, noma iminyaka emithathu nengxenye, ngokushushiswa phakathi neMpi Yezwe I. Kodwa ngesikhathi somhlangano wesibili wabafundi beBhayibheli eCedar Point, Ohio, U.S.A., ehlobo lika-1922, base beluleme ngokuphelele ngokomoya. Ngakho ukushushiswa kwensali phakathi neMpi Yezwe I kwakuyingxenye ‘yesibonakaliso’ esasiyophawula ukuthi uJesu ukhona eMbusweni wakhe kusukela ngo-1914 kuya phambili eJerusalema lasezulwini, elikhululekile kukho konke ukunyathelwa.—Mathewu 24:3, 9-13.
15. Ngalesosikhathi insali nabangane bayo baqala ukwenzani kunanini ngaphambili, futhi ngalokhu ingabe baye bavuma ukuba banyathelwe phansi?
15 Kungalesosikhathi-ke lapho insali ‘kaIsrayeli kaNkulunkulu’ yabhukula kunanini ngaphambili ‘ukumemezela iNkosi noMbuso.’ Uma kukhulunywa ngokomoya, abalalanga phansi ukuba banyathelwe ngabeZizwe futhi.—IsAmbulo 11:7-15.
16. Kusukela ngo-1914, iyiphi inkosi egibela nenqoba phakathi kwezitha, futhi kungayiphi indlela ngokushesha nje kuyoba nokuhlehliswa kwezinto endabeni yokunyathela?
16 Ngokuhlehliswa okukhazimulayo kwezinto, kusukela ekupheleni kweZikhathi zabeZizwe ngo-1914 iNkosi emisiwe uJesu Kristu iye yabusa eJerusalema elisezulwini, futhi uyanqoba phakathi kwezitha zakhe zasemhlabeni. Ngokushesha ngemva kokuba ubufakazi bombuso bunikezwe ezizweni zonke, ukuphela “kwesiphelo sesimiso sezinto” kuyofika. LezoZizwe eziyizitha, ziyonqunywa njengomvini osindwa izithelo. Khona-ke uyoziphonsela “esikhamweni sewayini esikhulu solaka lukaNkulunkulu,” futhi lapho uyozinika ukunyathela ezikufanele, ekhama igazi lazo uqobo. (IsAmbulo 14:18-20) “Uyakuzibusa [izizwe] ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.”—IsAmbulo 19:15.
17. Imuphi umfanekiso wokugcina esiprofethweni sikaJesu ‘ngesibonakaliso,’ futhi okuhle kwenziwa kanjani ‘kubafowabo’ bombusi abangokomoya?
17 Ukugcwaliseka komfanekiso kaJesu wezimvu nezimbuzi kwakuyokuba ingxenye ‘yesibonakaliso’ esisho ‘ukuba-khona’ kwakhe okungabonakali ‘nesiphelo sesimiso sezinto.’ (Mathewu 24:3; 25:31-46) Ngokuvumelana nalesosibikezelo, izigidi manje ziye zamukela ubufakazi boMbuso obunikezwa insali ‘kaIsrayeli kaNkulunkulu.’ Ziye zasabela kahle, ngokwazisa. ‘Lezizimvu’ ezingokomfanekiso zenza okuhle ngisho nakomncinyane ‘wabafowabo’ abangokomoya beNkosi uJesu Kristu obusayo. Ngokubambisana ‘nalabafowabo,’ “izimvu” zenza ingxenye enkulu yokushumayela okwabikezelwa ‘kwalelivangeli lombuso’ emhlabeni wonke kube ubufakazi bokugcina.
18. Imuphi “umbuso” izimvu ezingokomfanekiso ezifuna ukuwuzuza, futhi ziyonikezwa kanjani isimemo sokwenza kanjalo?
18 Lezi“zimvu” ezingokomfanekiso zifuna ukuzuza ‘umbuso eziwulungiselelwe selokhu kwasekelwa umhlaba.’ (Mathewu 25:34) Isimemo sokwenza lokhu ziyosamukela ‘eNdodaneni yomuntu’ ebusayo lapho zingena ‘osizini olukhulu,’ ngethemba lokusinda kulo ngaphansi kwesivikelo saphezulu. Lokhu kuyoba sekugcwalisekeni kwamazwi kaJesu okuphetha omfanekiso: “Laba [izimbuzi ezingokomfanekiso ezihluleka ukwenza okuhle ‘kubafowabo’ bakaKristu] bayakumuka, baye ekujezisweni okuphakade, [ekufeni], kodwa abalungileyo [izimvu ezingokomfanekiso] baye ekuphileni okuphakade.” (Mathewu 25:46) Bayoba “abantu” abayosindiswa badlule ‘osizini olukhulu olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube-manje nolungasayikuba-khona.’ Ngenxa “yabakhethiweyo” bakaNkulunkulu (insali ‘kaIsrayeli kaNkulunkulu’) izinsuku zalolosizi olukhulu kunazo zonke izinsizi zasemhlabeni ziyofinyezwa.—Mathewu 24:21, 22.
19. Siyophuma kuphi “isixuku esikhulu,” futhi siyokwenzani ngendawo yokubusa yo“Mbuso” esingeniswa kuyo?
19 Kanjalo-ke “isixuku esikhulu” sabanjengezimvu ‘siyophuma osizini olukhulu’ futhi singene endaweni yokubusa ehlanziwe yasemhlabeni yeNkosi uJesu Kristu. (IsAmbulo 7:9-14) Ekuqaleni kwesimiso esisha siyoba nengxenye ekuguquleni lendawo yoMbuso ibe iPharadesi lasemhlabeni emhlabeni wonke lelo uMdali ayehlose ukuthi ube yilo lapho enikeza igunya laphezulu kubazali besintu sonke, uAdamu noEva.—Genesise 1:27-31; 2:5-9.
20. Okwamanje, labo abanjengezimvu nensali benzani, futhi ikuphi okushiwo “isibonakaliso” ababambelela kukho, kuze kube “sekupheleni?”
20 Okwamanje, kuze kube yilapho bezwa isimemo ‘seNdodana yomuntu’ ebusayo enkazimulweni yasezulwini: “Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba,” laba abanjengezimvu abalungileyo baqhubeka besebenza eduze nensali ‘kaIsrayeli kaNkulunkulu.’ (Mathewu 25:34) NjengalamaIsrayeli angokomoya abalahlekelwa ukholo kokushiwo ukuphela kweZikhathi zabeZizwe ngo-1914. Ngakho, lapho bengavali amehlo ‘esibonakalisweni’ esikhanyayo ‘sokuba-khona’ kukaMesiya uJesu njengeNkosi, bakhazimulisa inkonzo yabo njengezikhonzi zakhe zasemhlabeni futhi ngenjabulo baqhubekela phambili, beshumayela “lelivangeli lombuso” emhlabeni kabanzi njengoba bebhekene ‘nokuphela’ okuza ngokushesha.—Mathewu 24:14.
Ungaphendula?
□ Ukugcwaliseka kwazo zonke izicl ‘zesibonakaliso’ esabikezelwa kubonisani?
□ Kukumuphi umsebenzi “uIsrayeli kaNkulunkulu” nabangane bakhe abahlanganyela kuwo?
□ Imuphi ‘umuzi ongcwele’ owa“nyathelwa phansi izinyanga ezingamashumi amane nambili,” futhi iliphi “iJerusalema” elingazange linyathelwe?
□ Lapho ukuhlukaniswa kwezimvu nezimbuzi ezingokomfanekiso sekuphelile, kuyokwenzekani eqenjini ngalinye?
[Isithombe ekhasini 28]
Ibuphi ubufakazi obubonakalayo uJesu abubikezela ukuze abalandeli bakhe bazi ukuthi iziKhathi zabeZizwe ziphelile?