-
Ifa Ongathembela KuloINqabayokulinda—2004 | Okthoba 1
-
-
Ifa Ongathembela Kulo
“UMA uthola isaziso eposini sivela kothile sithi unefa okumelwe ulilande, qaphela. Ungaba isisulu somuntu oyiqili.”
Leso isixwayiso esakhishwa i-Postal Inspection Service yase-United States engosini yayo ye-Internet. Kungani? Kungoba izinkulungwane zabantu zathola isaziso eposini esithi, ‘Isihlobo sakho sishonile futhi sikushiyele ifa.’ Ngenxa yalokho, abaningi bathumela imali engu-R210 noma ngaphezulu ukuze bathole ‘umbiko wefa’ okwakuthiwa uzochaza ukuthi likuphi lelo fa kanye nendlela elingatholakala ngayo. Badumazeka kabuhlungu. Bonke abaphendula bathola umbiko ofanayo—futhi ukuthola ifa elinjalo kwakungenakwenzeka nhlobo.
Amaqhinga anjalo akhanga isifiso esingokwemvelo sabantu sokuthola ifa. Nokho, iBhayibheli likhuluma kahle ngalabo ababeka ifa lapho lithi: “Omuhle uyoshiyela abazukulu ifa.” (IzAga 13:22) Eqinisweni, nguJesu Kristu ngokwakhe owasho la mazwi adumile nathandwayo eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni: “Bayajabula abanomoya omnene, ngoba bayokudla ifa lomhlaba.”—Mathewu 5:5.
Amazwi kaJesu asikhumbuza lokho iNkosi uDavide yakwa-Israyeli wasendulo eyaphefumulelwa ukuba ikubhale emakhulwini eminyaka adlule: “Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHubo 37:11.
‘Ukudla ifa lomhlaba’—yeka ithemba elijabulisayo! Kodwa singaqiniseka yini ukuthi leli akusilo elinye icebo lobuqili eliklanyelwe ukuphanga abantu okuthile? Yebo, singaqiniseka. Njengoba umhlaba uyingxenye yendalo kaJehova emangalisayo, yena njengoMenzi noMnikazi wawo unelungelo lokuwunika noma ubani amthandayo ube yifa lakhe. NgeNkosi uDavide, uJehova wenza lesi sithembiso esiyisiprofetho eNdodaneni yakhe ethandekayo, uJesu Kristu: “Cela kimi, ukuba ngikunike izizwe zibe yifa lakho nemikhawulo yomhlaba ibe yimpahla yakho.” (IHubo 2:8) Ngenxa yalesi sizathu, umphostoli uPawulu wachaza uJesu njengalowo ‘[uNkulunkulu] ammise ukuba abe yindlalifa yezinto zonke.’ (Hebheru 1:2) Ngakho-ke, singaqiniseka ngokugcwele ukuthi lapho uJesu ethi abamnene “bayokudla ifa lomhlaba,” wayekusho eqinisile, futhi unegunya elifanele lokugcwalisa isithembiso sakhe.—Mathewu 28:18.
Ngakho, umbuzo obalulekile uwukuthi, Siyogcwaliseka kanjani leso sithembiso? Kuyo yonke indawo namuhla, abanonya nabaqhoshayo babonakala bephumelela futhi benza abakuthandayo. Yini eyoba yifa labamnene? Ngaphezu kwalokho, umhlaba ukhungethwe izinkinga ezinkulu zokungcoliswa kwawo, futhi ingcebo yawo ixhashazwa abantu abangamagovu nabangenangqondo. Uyobe usekhona wona umhlaba ongaba yifa? Sikucela ukuba ufunde isihloko esilandelayo ukuze uthole impendulo yale mibuzo kanye neminye ebalulekile.
-
-
“Abamnene Bayodla Ifa Lomhlaba”—Kanjani?INqabayokulinda—2004 | Okthoba 1
-
-
“Abamnene Bayodla Ifa Lomhlaba”—Kanjani?
“MHLAWUMBE ujwayelene namazwi kaJesu ajabulisayo athi ‘abamnene bayodla ifa lomhlaba.’ Kodwa uma ubheka konke lokho abantu abakwenzayo kwabanye nakulo mhlaba, ucabanga ukuthi yini ezobe isele ukuze ibe yifa labamnene?”—Mathewu 5:5; IHubo 37:11.
UMyriam, omunye woFakazi BakaJehova, wasebenzisa lo mbuzo ukuze aqale ingxoxo yeBhayibheli. Indoda ayexoxa nayo yaphendula ngokuthi uma kunguJesu owathembisa, kufanele ukuba umhlaba uyobe ufaneleka ukudliwa njengefa futhi uyobe ungacekelwe phansi noma uyinqumbi engahlaleki.
Ngempela leyo kwakuyimpendulo ebonisa ukuba nethemba. Kodwa sinaso yini isizathu sokuba nethemba elinjalo? Impela sinaso, ngoba iBhayibheli lisinikeza izizathu eziqinile zokukholelwa ukuthi lesi sithembiso sizogcwaliseka. Empeleni, ukugcwaliseka kwaleso sithembiso kuhlobene eduze nenjongo kaNkulunkulu ngesintu nangomhlaba. Futhi siyaqinisekiswa ukuthi lokho uNkulunkulu akuhlosile, uzokufeza. (Isaya 55:11) Ngakho, yayiyini injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni ngesintu, futhi iyogcwaliseka kanjani?
Injongo KaNkulunkulu Yaphakade NgoMhlaba
UJehova uNkulunkulu wawudalela injongo ethile umhlaba. “Ngoba yilokhu uJehova akushilo, uMdali wamazulu, yena onguNkulunkulu weqiniso, uMbumbi womhlaba noMenzi wawo, yena owawumisa waqina, ongazange awudalele ize nje, owawubumba ukuze uhlalwe ngisho nokuhlalwa: ‘NginguJehova, akekho omunye.’” (Isaya 45:18) Ngakho, umhlaba wawudalelwe ngokukhethekile ukuba uhlale abantu. Ngaphezu kwalokho, kuyinjongo kaNkulunkulu ukuba umhlaba ube yikhaya lesintu laphakade. “Usekelé umhlaba phezu kwezindawo zawo ezimisiweyo; ngeke untengantengiswe kuze kube nini nanini, noma kuze kube phakade.”—IHubo 104:5; 119:90.
Injongo kaNkulunkulu ngomhlaba ibonakala ngokusobala nasemyalweni awunika umbhanqwana wokuqala ongabantu. Ku-Adamu no-Eva, uJehova wathi: “Zalani nande nigcwalise umhlaba niwunqobe, nithotshelwe yizinhlanzi zolwandle nezidalwa ezindizayo zamazulu nazo zonke izidalwa eziphilayo ezihamba phezu komhlaba.” (Genesise 1:28) Umhlaba uNkulunkulu awunika u-Adamu no-Eva wawuzoba ikhaya labo laphakade, kanye nenzalo yabo. Ngemva kwamakhulu eminyaka umhubi wathi: “Ngokuqondene namazulu, wona angakaJehova, kodwa umhlaba uwuniké abantwana babantu.”—IHubo 115:16.
Ukuze libe ngokoqobo lelo themba elimangalisayo, u-Adamu no-Eva, kanye nenzalo yabo, ngamunye kwakumelwe amukele uJehova uNkulunkulu, uMdali noMniki-kuphila, njengoMbusi wakhe futhi azimisele ukumlalela. UJehova wakwenza kwacaca lokhu lapho enikeza umuntu lo myalo: “Kuyo yonke imithi yensimu ungadla usuthe. Kodwa ngokuqondene nomuthi wolwazi lokuhle nokubi ungadli kuwo, ngoba ngosuku oyodla ngalo kuwo uyokufa nokufa.” (Genesise 2:16, 17) Ukuze u-Adamu no-Eva baqhubeke behlala ensimini yase-Edene, kwakumelwe balalele lowo myalo olula nocacile. Ukwenza kanjalo kwakuyobonisa ukubonga kwabo ngakho konke uYise wasezulwini ayebenzele kona.
Lapho u-Adamu no-Eva bengamlaleli ngamabomu uNkulunkulu ngokwephula umyalo ayebabekele wona, empeleni bafulathela lowo owayebanike konke ababenakho. (Genesise 3:6) Ngokwenze njalo, bazilahlekisela bona kanye nenzalo yabo ikhaya labo elihle eliyiPharadesi. (Roma 5:12) Ingabe ukungalaleli kombhangqwana wokuqala kwayibhuntshisa injongo kaNkulunkulu yokudala umhlaba?
UNkulunkulu Ongakaze Ashintshe
Ngomprofethi wakhe uMalaki, uNkulunkulu wathi: “NginguJehova; angizange ngishintshe.” (Malaki 3:6) Sikhuluma ngaleli vesi, isazi seBhayibheli esingumFulentshi uL. Fillion sathi lesi simemezelo sihlobene eduze nokugcwaliseka kwezithembiso zikaNkulunkulu. “UJehova wayengababhubhisa abantu bakhe abayizihlubuki,” kubhala uFillion, “kodwa ngenxa yokuthi akaguquki ezithembisweni zakhe, kumnyama noma kubomvu, uyothembeka ezithembisweni azenza ngesikhathi esidlule.” Kungakhathaliseki ukuthi uzenza kumuntu, esizweni noma kuso sonke isintu, uNkulunkulu ngeke azilibale izithembiso zakhe kodwa ziyogcwaliseka ngesikhathi sakhe esifanele. “Usikhumbulile isivumelwano sakhe kuze kube nini nanini, izwi aliyala, ezizukulwaneni eziyinkulungwane.”—IHubo 105:8.
Nokho, singaqiniseka kanjani ukuthi uJehova akakayishintshi injongo yakhe yasekuqaleni ngomhlaba? Singaqiniseka ngalokhu ngoba kulo lonke iBhayibheli, iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, sithola kukhulunywa ngenjongo kaNkulunkulu yokunika isintu esilalelayo umhlaba. (IHubo 25:13; 37:9, 22, 29, 34) Ngaphezu kwalokho, imiBhalo ichaza labo ababusiswe nguJehova njengabahlala belondekile, yilowo nalowo ehleli ‘ngaphansi komkhiwane wakhe, engekho obenza bathuthumele.’ (Mika 4:4; Hezekeli 34:28) Abakhethwe nguJehova “ngokuqinisekile bayokwakha izindlu bahlale kuzo; nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo.” Bayojabulela ukuthula ngisho nanezilwane zasendle.—Isaya 11:6-9; 65:21, 25.
IBhayibheli libonisa nangenye indlela ukuthi kuyoba njani ukugcwaliseka kwesithembiso sikaNkulunkulu. Phakathi nokubusa kweNkosi uSolomoni, isizwe sakwa-Israyeli sasijabulela ukuthula nokuchuma. Ngaphansi kokubusa kwakhe, “uJuda no-Israyeli bahlala ngokulondeka, wonke umuntu ngaphansi komvini wakhe nangaphansi komkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuya eBheri-sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.” (1 AmaKhosi 4:25) IBhayibheli lithi uJesu ‘ungaphezu kukaSolomoni,’ futhi ekhuluma ngokubusa kwakhe, umhubi waprofetha wathi: “Ezinsukwini zayo olungile uyohluma, kanye nokuchichima kokuthula ize ingabe isaba khona inyanga.” Ngaleso sikhathi, “kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni; kuyoba khona ukuchichima esiqongweni sezintaba.”—Luka 11:31; IHubo 72:7, 16.
Ekholeka ezwini lakhe, uJehova uNkulunkulu uyoqinisekisa ukuthi ifa alithembisile alitholakali nje kuphela kodwa futhi liyobuyiselwa kubo bonke ubuhle balo. KusAmbulo 21:4, iZwi likaNkulunkulu lisitshela ukuthi ezweni elisha elithenjisiwe, uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo [abantu], ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.” Lokho okuthenjisiwe kuyiPharadesi uqobo lwalo.—Luka 23:43.
Indlela Yokuthola Leli Fa Elithenjisiwe
Ukuguqulwa komhlaba ube ipharadesi kuzokwenzeka lapho sekubusa uhulumeni oyobusa usezulwini, uMbuso uJesu Kristu ayiNkosi yawo. (Mathewu 6:9, 10) Okokuqala, lowo Mbuso ‘uyochitha abachitha umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18; Daniyeli 2:44) Ngemva kwalokho, ‘njengeSikhulu Sokuthula,’ uJesu Kristu uyogcwalisa la mazwi ayisiprofetho: “Ngeke kuphele ukuchichima kokubusa kwesikhulu kanye nokuthula.” (Isaya 9:6, 7) Ngaphansi kwalowo Mbuso, izigidi zabantu, kuhlanganise nalabo abayobuyiselwa ekuphileni ngovuko, bayoba nethuba lokudla ifa lomhlaba.—Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15.
Obani abayojabulela lelo fa elimangalisayo? Cabanga ngamazwi kaJesu: “Bayajabula abanomoya omnene, ngoba bayokudla ifa lomhlaba.” (Mathewu 5:5) Kusho ukuthini ukuba nomoya omnene, noma ukuba mnene? Ngokuvamile izichazamazwi zichaza ‘ukuba mnene’ ngokuthi ukuba othobile, othambile, onesisa nonozwela. Nokho, igama lesiGreki sakuqala elalisetshenziswe lapha lisho okungaphezu kwalokho. I-New Testament Wordbook kaWilliam Barclay ithi, kulelo gama “kukhona ubumnene kodwa ngalé kobumnene kunokuqina kwensimbi.” Lisho isimo sengqondo esibangela umuntu ukuba akhuthazelele ubuhlungu ngaphandle kokuthukuthela noma kokucabanga ukuziphindiselela, konke okubangelwa ukuba nobuhlobo obuhle noNkulunkulu, futhi lobo buhlobo buba umthombo wamandla kuye.—Isaya 12:2; Filipi 4:13.
Ngokuthobeka umuntu omnene wamukela izindinganiso zikaNkulunkulu kuzo zonke izici zokuphila kwakhe; akaphikeleli ekwenzeni ngokwemibono yakhe noma ngokwemibono yabanye abantu. Futhi uyafundiseka, uzimisele ukufundiswa uJehova. Umhubi uDavide wabhala: “[UJehova] uyokwenza abamnene bahambe esinqumweni sakhe sokwahlulela, futhi uyofundisa abamnene indlela yakhe.”—IHubo 25:9; IzAga 3:5, 6.
Ingabe uyoba phakathi ‘kwabamnene’ abayodla ifa lomhlaba? Ngokungenisa ulwazi ngoJehova nangentando yakhe ngokufunda iZwi lakhe ngenkuthalo nangokwenza lokho okufundayo, nawe futhi ungabheka phambili ekudleni ifa lomhlaba oyipharadesi nasekuphileni phakade kuwo.—Johane 17:3.
-