‘Bayajabula Abaye Bakhuthazela’
1. Kusukela ngo-1914, yisiphi isimo emhlabeni esiye sagcwalisa uMathewu 24:3-8, futhi yini eyashiwo ngeNhlangano Yezizwe neZizwe Ezihlangene eye yahluleka?
ENCWADINI yakhe ethi Present Age, uRobert Nisbet ukhuluma ‘ngeMpi Yeminyaka Engamashumi Ayisikhombisa Nanhlanu eye yaqhubeka, ngaphandle kokuphazanyiswa, kusukela ngo-1914.’ Yebo, “izimpi namahemuhemu ezimpi,” kuhlanganise nezimpi zezwe—yilokho uJesu Kristu akubikezelela lesikhathi sokuphela. (Mathewu 24:3-8) INhlangano Yezizwe yamiswa ngo-1920 “ukuze ivimbele impi phakade.” Yeka ukuthi yahluleka kabuhlungu kanjani! Ngo-1945 kwahlelwa iZizwe Ezihlangene “ukuze zisindise isizukulwane esilandelayo osizini lwempi.” Kodwa incwadi kaMax Harrelson iFires All Around the Horizon iyalandisa: “Akukaze kudlule usuku kusukela ekupheleni kweMpi Yezwe II kungabanga nokulwa endaweni ethile.”
2. Yini ebuzwa abanye abantu ngokuqondene nezimo zezwe, kodwa imiphi imibuzo okufanele ngabe siyayibuza?
2 Ubuphekula nobudlova, ukonakala nobumpofu, izidakamizwa nemiqedazwe yezifo—konke lokhu kunezela kulesimo sosizi. Abanye abantu bangase babuze: ‘Isintu singaqhubeka kanjani sikhuthazelela izimo ezikhathaza kangaka?’ Nokho, okubaluleke ngokwengeziwe, kufanele sibuze: ‘UNkulunkulu ukubekezelela kanjani ukuphangwa kwendalo yakhe yasemhlabeni? Uyobavumela isikhathi eside kangakanani abantu ababi ukuba babhubhise umhlaba futhi banqwabelanise isihlamba egameni lakhe eliyigugu?’
3. (a) Imuphi umbuzo owabuzwa umprofethi uIsaya, futhi ngani? (b) UJehova wamnika impendulo ethini, futhi lokhu kubonisani ngosuku lwethu?
3 Umprofethi uIsaya waphakamisa umbuzo ofanayo. Wayabelwe ukuba amemezele isigijimi esivela kuJehova kubantu bezwe lakubo. Kodwa waxwayiswa kusengaphambili ukuthi babengeke bamlalele yena noma uNkulunkulu omthumile. Ngakho uIsaya wabuza: “Nkosi, koze kube-nini na?” Yebo, uIsaya kwakuyodingeka ashumayele kulabantu abanenkani kuze kube nini, futhi uJehova wayeyokubekezelela kuze kube nini ukwenqaba kwabo kwendelelo ukulalela isigijimi sakhe? UJehova waphendula: “Kuze kuchithwe imizi, kungabe kusaba-khona ohlala kuyo, nezindlu zingabe zisaba-namuntu, nomhlaba uchitheke ube-yize.” (Isaya 6:8-11) Ngokufanayo namuhla, uJehova ukhuthazelela izihlamba ezinjalo kuze kufike isikhathi sakhe esimisiwe sokukhipha isahlulelo ezweni lapho eLobukholwa elingathembekile liyisoni esivelele khona.
4. Waba yini umphumela wokukhuthazela kukaJobe, futhi lokhu kusinika siphi isiqinisekiso namuhla?
4 Sekuyisikhathi eside uJehova ekhuthazelele ukwedelela kukaSathane. Eminyakeni ecishe ibe yizi-3 600 edlule, uJobe othembekile naye wakhuthazela, ephikisa inselele kaSathane yokuthi wayengeke agcine ubuqotho ngaphansi kovivinyo. Yeka ukuthi lokhu kwayithokozisa kanjani inhliziyo kaJehova! (Jobe 2:6-10; 27:5; IzAga 27:11) Njengoba uJakobe umfowabo kaJesu ngamzali munye asho kamuva: “Bhekani, babusisiwe abakhuthazelayo; nizwile ngokukhuthazela kukaJobe, nibonile impetho yeNkosi ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.” Ngokufanayo, labo abakhuthazela noJehova namuhla baqinisekiswa ngomphumela ojabulisayo.—Jakobe 5:11.
5. UJesu wabonisa kanjani ukuthi ukukhuthazela kwakuyodingeka kubantu bakaNkulunkulu namuhla, futhi kwakuyodingeka ukuba bakhuthazele kuyilapho benza muphi umsebenzi?
5 UJesu wabonisa ngokucacile ukuthi ukukhuthazela kwakuyodingeka kubantu bakaNkulunkulu osukwini lwethu. Ekubikezeleni ngesibonakaliso “sokuphela [kwesimiso sezinto, NW],” wathi: “Okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni nguyena oyakusindiswa.” Akhuthazele kuyilapho enzani? Wona kanye amazwi alandelayo kaJesu ayaphendula: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke.” (Mathewu 24:3, 13, 14) Kungalesosikhathi kuphela lapho ‘isiphelo siyofika’ khona.—Bheka noMarku 13:10, 13; Luka 21:17-19.
Isizathu Sokuba UJehova Akhuthazele
6. Kungani uJehova eyisibonelo esivelele sokukhuthazela, futhi kungasiphi esinye isizathu eye wakhuthazela kanjalo?
6 Umphostoli uPawulu wachaza ukuthi “uNkulunkulu, ethanda ukubonakalisa ulaka nokuveza amandla akhe, wathwala ngokubekezela okukhulu izitsha zolaka ezilungiselwe ukubhujiswa.” (Roma 9:22) Kungani uJehova eye wakhuthazelela ukuba khona okuqhubekayo kwababi, lezizitsha zolaka? Esinye isizathu yilesi: ukuze abonise ukuthi ukubusa komuntu, engancikile kuMdali wakhe, kumelwe kwehluleke. (Jeremiya 10:23) Maduzane, ubukhosi bukaNkulunkulu buzolwelwa njengoba ebonisa ukuthi uyena yedwa ongaletha ukuthula, ukuzwana, nenjabulo emkhayeni wesintu, ngokubusa koMbuso kaJesu.—IHubo 37:9-11; 45:1, 6, 7.
7. Kungasiphi esinye isizathu uJehova eye wakhuthazela, futhi lokhu kuye kwaletha yiphi inzuzo ezigidini kusukela ngawo-1930?
7 Futhi, uJehova uye wakhuthazela “ukuba abonakalise ingcebo yenkazimulo yakhe ezitsheni zomusa.” (Roma 9:23) Lezizitsha zomusa zingabagcotshiwe abagcina ubuqotho ‘abathengwa kubantu’ ukuze babuse noKristu Jesu eMbusweni wakhe wasezulwini. Ukubekwa uphawu kwabayizi-144 000 kuye kwaqhubeka kusukela ezikhathini zabaphostoli. Manje sekusondela ekupheleni. (IsAmbulo 7:3; 14:1, 4) Futhi bheka! Kusukela ngawo-1930 ukubekezela okuqhubekayo kukaJehova kuye kwavumela ukubuthwa kwezigidi zabanye, “isixuku esikhulu . . . sivela kuzo zonke izizwe,” ezijabulayo ngokuba nethemba lokusinda osizini lokugcina ukuze zizuze ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. (IsAmbulo 7:4, 9, 10, 13-17) Ingabe ungomunye walesosixuku esikhulu? Uma kunjalo, awujabuli yini ngokuthi uJehova uye wabekezelela ukuba khona kwezitsha zolaka kuze kube manje? Nokho, kumelwe uqhubeke ukhuthazela, njengoba uJehova eye wakhuthazela.
Ukukhuthazela Kuyavuzwa
8. Kungani thina sonke sidinga ukukhuthazela, futhi yisiphi isibonelo sokukhuthazela okufanele sisicabangele ngokunakekela?
8 Sonke kudingeka sikhuthazele uma sifuna ukuthola lezozithembiso. Ngemva kokusho leliqiniso eliyisisekelo kumaHeberu 10:36, umphostoli uPawulu uluchaza ngokuningiliziwe ukholo lwangempela nokukhuthazela ‘kwefu elikhulu lofakazi’ bezikhathi zasendulo. Ube esenxusa ukuba “sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo, sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, [ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe, NW],” uJesu wakhuthazela enkonzweni yomphefumulo wonke, engalahlekelwa umbono womvuzo. Yeka ukuthi isibonelo sakhe sisiqinisa kangakanani nathi ukuba sikhuthazele!—Heberu 12:1, 2.
9. Yini eye yaba umphumela wezibonelo zokukhuthazela zosuku lwanamuhla?
9 Izibonelo zosuku lwanamuhla zokukhuthazela nazo ziningi. Kungenzeka uyabazi, noma uye wabazi, abazalwane nodade abaye bavelela ngokukhuthazela kwabo. Yeka indlela ukwethembeka kwabo okuye kwasishukumisa ngayo! Futhi unyaka ngamunye, njengoba oFakazi BakaJehova bebika umsebenzi wabo womhlaba wonke eWatch Tower Society, kwamukelwa okunye ukulandisa okuvusa amadlingozi kokukhuthazela nokugcina ubuqotho. Ishadi elisemakhasini amane alandelayo libonisa kafushane umsebenzi omuhle owafezwa phakathi no-1989 njengoba laboFakazi beye ‘bangezela ukukhuthazela okholweni lwabo.’—2 Petru 1:5, 6.
Unyaka Wethu Omuhle Kunayo Yonke
10. (a) Mangaki amazwe neziqhingi okwahlanganyela ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso ngo-1989, futhi bangaki abahlanganyela kulomsebenzi? (b) Mangaki amaphayona abika enyangeni okwabikwa ngayo inani eliphakeme, futhi iyini ingqikithi yamahora asetshenzwa enkonzweni yasensimini?
10 Njengoba ishadi elandulelayo libonisa, amazwe angama-212 neziqhingi ahlanganyela ekushumayeleni uMbuso kaJehova ozayo. Mfundi weNqabayokulinda othandekayo, ingabe waba nelungelo lokuba ngomunye wabangu-3 787 188 abahlanganyela kulomsebenzi omuhle? Ingabe waba ngomunye wabangu-808 184 ababika njengamaphayona enyangeni okwabikwa ngayo inani eliphakeme laleyonkonzo? Noma yini oyinikele engqikithini yembulunga yonke ka-1989 yamahora angu-835 426 538 asetshenzwa enkonzweni yasensimini, unesizathu sokuthokoza.—IHubo 104:33, 34; Filipi 4:4.
11. (a) Yiliphi inani lababekhona eSikhumbuzweni ngoMarch 22 odlule, eliyimbangela yokuthokoza, futhi ngani? (b) Bangaki ababhapathizwa, futhi yimaphi amazwe aseshadini avelele kulesisici?
11 Thokoza, futhi, ngaleyongqikithi enhle kakhulu yabangu-9 479 064 ababekhona ngoMarch 22 odlule, ekugujweni kweSikhumbuzo sokufa kukaJesu emhlabeni wonke! Lokhu kubonisa ukuthi abangu-5 691 876 bangaba abamemezeli boMbuso abengeziwe, uma kuphela labantu abathakazelayo abanjengezimvu bengaluswa ngothando bafakwe esibayeni, ukuze babe nengxenye yasikhathi sonke ekukhonzeni uJehova. Ingabe singabasiza kulokhu? (Johane 10:16; IsAmbulo 7:9, 15) Abaningi kakade sebeyasabela, njengoba kuboniswa ingqikithi yabo sebebonke oFakazi abasha abangu-263 855 ababhapathizwa phakathi nonyaka wenkonzo ka-1989.
12. Yiziphi ezinye izici ishadi elingazembuli (a) ngokuqondene namafektri eWatch Tower Society? (b) ngokuqondene nokuhanjiswa komagazini nezikhokhelo?
12 Kunezinye izici ishadi elingazembuli. Ukunxanela izincwadi—amaBhayibheli, izincwadi, izincwajana, omagazini—kwakungapheli. Ngenxa yalokho, amafektri eWatchtower eNew York asebenzisa amathani ephepha angu-25 999 ekunyatheliseni amaBhayibheli, izincwadi, izincwajana okungu-35 811 000, ukwanda kwamaphesenti ayi-101 uma kuqhathaniswa no-1988. Amanye amafektri amakhulu eWatch Tower Society, ngokuphawulekayo eJalimane, eItaly, naseJapane, asebenza nasebusuku, esekela “inceku ethembekileyo neqondayo” ekukhipheni “ukudla” okungokomoya “ngesikhathi sakho.” (Mathewu 24:45) Phakathi noApril noMay, kwabikwa ukuhanjiswa okuhle ngokukhethekile komagazini nezikhokhelo emazweni amaningana, kugcizelelwa ngokukhethekile ukusakazwa komagazini beNqabayokulinda abakhuluma ‘ngeBabiloni Elikhulu.’ (IsAmbulo 17:5) Akungabazeki ukuthi, ngaloApril ozayo, amaphayona asizayo nabanye oFakazi bayothutheleka ensimini yezwe kulokho okufanele kube umkhankaso wethu wokufakaza omuhle kakhulu onyakeni wenkonzo ka-1990.—Qhathanisa noIsaya 40:31; Roma 12:11, 12.
13. Yimaphi amazwe abaliwe eshadini ayengabaliwe ngonyaka odlule? Chaza.
13 Libheke futhi ishadi. Uyawabona amanye amazwe angabalwanga ngamagama ngonyaka odlule? Yebo! EHungary nasePoland, umsebenzi wethu muva nje uye waqashelwa ngokomthetho. Siyazibonga iziphathi-mandla kulamazwe ngokuthi manje zibonisa ukubacabangela okunjalo oFakazi BakaJehova. Mayelana nalokhu, imithandazo yabazalwane bomhlaba wonke iye yaphendulwa, “ukuze sihlale kahle nangokuthula, ngokumesaba uNkulunkulu nangesizotha esipheleleyo.”—1 Thimothewu 2:1, 2.
14. Nikeza amaphuzu avelele eMihlangano Yesigodi ‘Yokuzinikela KuNkulunkulu’ ePoland.
14 “Ukuzinikela kuNkulunkulu”! Phela, iMihlangano Yesigodi ‘Yokuzinikela KuNkulunkulu’ yakwazi ukuqhutshwa ngisho nasePoland, ezindaweni ezintathu, phakathi noAugust! Yeka ukuthi abafowethu basePoland abangu-91 024 bazibonakalisa bengabangenisi bezihambi abahle kanjani! (Heberu 13:1, 2, 16) Njengokungathi ngesimangaliso, amashumi ezinkulungwane abazalwane—abaseCzechoslovakia, abaJalimane, abaseRashiya, nabanye—bathola izimvume zokungena ezweni ngamabhasi, izitimela, ngisho nangezinyawo. Ezinye izinkulungwane zafika ngezindiza zivela kwelaseMelika, eNtshonalanga Yurophu, nakude kakhulu njengaseziqhingini zasePacific naseJapane. Izinkundla ezinkulu, ezazicocisiswe abafowethu, zacishe zangaba zinkulu ngokwanele ukuba zihlale abangu-65 710 eChorzów, abangu-40 442 ePoznan, nabangu-60 366 eWarsaw—ingqikithi yabo bonke ababekhona yayingu-166 518! Esikhungweni ngasinye, umbukwane wobhapathizo wawukhalisa izinyembezi zomzwelo wenjabulo. EPoznan kwacwiliswa oneminyaka eyisi-9 ubudala noneminyaka engu-90 ubudala, futhi ingqikithi yabangu-6 093 eyacwiliswa kuyo yomithathu imihlangano yayihlanganisa intsha eningana, iningi layo livela emazweni okwakuthiwa inkolo iyophelela kubantu abadala kuwo. Akunjalo ngenkolo yeqiniso esekelwe eZwini likaNkulunkulu! (Qhathanisa neHubo 148:12, 13; IzEnzo 2:41; 4:4.) Yeka ukuthi ukukhuthazela kwabafowethu eMpumalanga Yurophu kuye kwavuzwa ngendlela emangalisa kanjani!
Ukwethembeka Okuqhubekayo Ngaphansi Kovivinyo
15. OFakazi baseLebanon baye bakubonisa kanjani ukukhuthazela nokuma beqinile, futhi kwaba namiphi imiphumela?
15 Njengomphostoli uPawulu, oFakazi BakaJehova babizelwa ukuba babonise ukukhuthazela ngaphansi kwezimo eziningi nezihlukahlukene. (2 Korinte 11:24-27) ELebanon kuviva impi yangaphakathi. Abafowethu basabela kanjani? Ngokuqina nangokuzimisela. Unyaka ka-1989 waba nokudubulana nokuqhunyiswa kwamabhomu okunzima, kodwa ngisho nalapho lokhu kwakunzima khona kakhulu, abazalwane babezimisele ukuba bangayekethisi. Elinye ibandla eliseBeirut liyabika: “Njalo ntambama kwakuhlelwa amaqembu asikhathi sonke enkonzo yasensimini. Naphezu kwezimo ezinzima zokulondeka, abazalwane abazange badumale. Sahlanganisa amasimu engeziwe kunanini ngaphambili. NgoApril saba nenani eliphakeme lamaphayona. Kwaqaliswa izifundo ezintsha zeBhayibheli, futhi kwahanjiswa omagazini nezincwadi ezengeziwe.”
16. Abafowethu eColombia baye bakubonisa kanjani ukukhuthazela ngokuyisa izindaba ezinhle emadolobheni lapho oFakazi bengekho khona?
16 IColombia ibisematheni ngenxa yokushushumbiswa kwezidakamizwa nobudlova. Kodwa ukukhuthazela kokwethembeka kwamaKristu lapho nakho kusematheni. Muva nje, kwathunyelwa amaphayona akhethekile esikhashana emadolobheni angu-31 anezakhamuzi eziyizinkulungwane eziyishumi noma ngaphezulu lapho oFakazi babengekho khona. Kwelinye idolobha, lapho abantu abasanda kuthakazela bezwa ukuthi amaphayona ayezoba kuleyondawo izinyanga ezimbalwa nje kuphela, bancenga amaphayona ukuba ahlale. Kwelinye, abantu abathakazelayo abangu-18 basayina incwadi yokwazisa ngosizo olungokomoya abalunikezwa phakathi nokuhlala kwamaphayona izinyanga ezintathu futhi bacela usizo olwengeziwe. Bathi: “Lena indaba engathi sína.” Akubuzwa, kuzo zombili izimo kwenziwa amalungiselelo okuqhubeka kuhlakulelwa isithakazelo. Ukuthuthukisa amasimu anjalo aqhelile kudinga ukukhuthazela, kodwa umsebenzi wokuzikhandla wamaphayona enza kanjalo ubusiswa ngokucebile.
17, 18. (a) OFakazi BakaJehova baye bakhuthazela ngaphansi kwaziphi izimo eItaly? (b) OFakazi baye baphumelela kanjani naphezu kokusakazwa kwamanga ngabo?
17 EItaly, oFakazi BakaJehova babhekene nokuphikisa okunzima kwabefundisi, kodwa ngamandla kaJehova baye bakhuthazela. Ezindaweni ezihlukahlukene eziphethwe abefundisi, abefundisi basakaza amaphepha abhaliwe ukuze ananyathiselwe eminyango yamakhaya alabo ababaphethe kulezozindawo atshela oFakazi BakaJehova ukuba bangangqongqozi eminyango yabo. Abapristi abaningi baqasha abafanyana ukuba banamathisele lamaphepha abhaliwe kuyo yonke iminyango endaweni ethile—ngisho nasemizini yemikhaya yoFakazi! Nokho, oFakazi abesatshiswa kalula, futhi ngokuvamile basebenzisa wona lawomaphepha ukuze baqalise ingxoxo. Ngaphezu kwalokho, iphephandaba nethelevishini yesizwe kwayidingida ngokubanzi lendaba, kulahla ukucindezela okwaboniswa inkolo futhi kwagcizelela ukuthi amasu anjengaleli ngempela awuphawu lokuba buthaka kwesonto. Omunye uprofesa waseYunivesithi wacasulwa kakhulu yilamaphepha ananyatheliselwayo amelene noFakazi adala isiphithiphithi kangangokuthi wenza isikhokhelo seNqabayokulinda nePhaphama!
18 ISonto lamaKatolika eItaly lisebenzisa ngisho nezihlubuki ukuze lisakaze amanga ngabantu bakaJehova, kodwa nalokhu akusebenzi ngoba abamemezeli abangu-172 382 bayaziwa kakhulu futhi bayahlonishwa. Enye indoda yatshela oFakazi ababeyihambele ukuthi yayifunde izinto ezingezinhle ngathi ezincwadini ezibhalwe ababekade bengoFakazi. Ngakho-ke, yaphikisa kakhulu lapho umfowabo eba omunye woFakazi BakaJehova. Nokho, ngemva kwesikhashana yaqaphela umphumela omuhle ukushintsha komfowabo inkolo okwaba nawo kuye. Yazibuza: ‘Kungenzeka kanjani ukuba into embi kangaka iveze imiphumela emihle kanje?’ Ngakho, yacela ukuba oFakazi abahambele bayiqhubele isifundo seBhayibheli.—Qhathanisa neyabaseKolose 3:8-10.
Ukubhekana Nokunganaki
19, 20. (a) Yisiphi isimo esiye sadinga ukuba oFakazi eFinland bakhuthazele, futhi yikuphi okuphawuleka ngempela ngokuhlola kwesonto? (b) Yikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa ukubaluleka kokukhuthazela ekushumayeleni izindaba ezinhle?
19 Emazweni lapho oFakazi behambela khona ngokuphindaphindiwe, ngokuvamile kunokunganaki okukhulu ngezindaba ezinhle. Lokhu kunjalo ngokuqinisekile eFinland. Isonto kulelozwe lenza ukuhlola futhi lathola ukuthi amaphesenti angama-70 abantu bakulelozwe awakuthandi ukuhambela koFakazi emakhaya abo. Nokho, amaphesenti angama-30 awaphikisi ngokuqinile, futhi kuwo, amaphesenti ama-4 athi eqinisweni ayabathanda oFakazi BakaJehova. Leli inani elikhulu. Amaphesenti amane abantu baseFinland amelela abantu abangu-200 000. Qhathanisa lokho nenani labamemezeli elikhona njengamanje labangu-17 303!
20 Omunye ummemezeli owayesenkozweni waqasheliswa ngalokhu kuhlola wayesebuzwa: “Awazi yini ukuthi amaphesenti angu-70 ethu anibheka njengabangafiseleki? Kungani niqhubeka niza emakhaya ethu?” Ummemezeli waphendula: “Yebo, kodwa lokho kuhlola okufanayo kwabonisa ukuthi amaphesenti ama-4 enu ayasithanda. Sizama ukuthola labobantu. Ngisho noma bebeyiphesenti elilodwa, besisazoya endlini ngendlu sizame ukubathola.” Lomninikhaya wathi ukucabanga wayesethi: “Ingabe isigijimi senu sibaluleke kangako kubo?” Ummemezeli waphendula ngokubuza: “Ubungathanda yini ukusizwa?” Ngokushesha lomninikhaya wabonisa isithakazelo ezindabeni ezinhle.
Okuphethwe Ikusasa
21. (a) Hlobo luni lokulwa okumelwe sikulwe kulesimiso, futhi ngani? (b) Yini okungase kudingeke siyikhuthazelele, futhi isiprofetho sikaHabakuki sisiqinisekisa ngani?
21 Kuthiwani ngathi sonke namuhla? Ingabe sizimisele ukukhuthazela noJehova noKristu Jesu kuze kube sekupheleni? Kungase kungathathi isikhathi eside kakhulu, kodwa kumelwe sikhuthazele! Esimisweni sikaSathane, kudingeka silulwele kanzima ukholo, njengoba ukuziphatha okubi kwezwe, ukonakala, nenzondo kusizungeze nxazonke. (Juda 3, 20, 21) Kungase kudingeke sikhuthazelele ukushushiswa kohlobo oluthile. Ngisho namanje, izinkulungwane zabafowethu ziyahlupheka emajele, futhi ezinye zishaywa ngonya. Laba bayabonga ngemithandazo yethu. (2 Thesalonika 3:1, 2) Maduzane nje, isimiso samanje sizobe singasekho! Njengoba uHabakuki esho: “Umbono usengowesikhathi esimisiweyo; uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa; noma ulibala, wulindele, ngokuba uyakufika nokufika, awuyikwephuza.”—Habakuki 2:3.
22. Yimuphi umphumela esingawulindela ngokuqiniseka uma sibonisa ukubekezela kwabaprofethi nokukhuthazela kukaJobe?
22 Ngothando umfundi uJakobe uyasitshela: “Misani, bazalwane, abaprofethi ababekhuluma egameni leNkosi babe-yisibonelo sokuhlupheka nokubekezela.” Thina namuhla esikhuluma egameni likaJehova singaba abagcini bobuqotho phakathi novivinyo olunzima, njengoba uIsaya, uJeremiya, uDaniyeli, babeyibo. NjengoJobe, singakhuthazela. Yeka ukuthi wavuzwa ngokumangalisa kanjani ngenxa yokukhuthazela kwakhe! Isihe sikaJehova nomusa wothando kuyosilethela imivuzo efanayo—uma sikhuthazela kuze kube sekupheleni. Futhi kwangathi amazwi kaJakobe angagcwaliseka kithina ngabanye: “Bhekani, babusisiwe abakhuthazelayo.”—Jakobe 5:10, 11; Jobe 42:10-13.
Ubungaphendla Kanjani?
◻ Yisiphi isidingo sokukhuthazela esagcizelelwa uJesu?
◻ Kungaziphi izizathu uJehova eye wakhuthazela?
◻ Ayini amaphuzu avelele omsebenzi omuhle owafezwa phakathi no-1989?
◻ Ukukhuthazela kwabafowethu ePoland kuye kwavuzwa kanjani?
◻ OFakazi eLebanon, eColombia, naseItaly baye bakubonisa kanjani ukwethembeka ngaphansi kovivinyo?
[Ishadi ekhasini 20-23]
UMBIKO WONYAKA WENKONZO KA-1989 WOFAKAZI BAKAJEHOVA EMHLABENI WONKE
(Bheka umqulu)