Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe uye wabathola bewusizo kuwe omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Khona-ke kungani ungahloli inkumbulo yakho ngale mibuzo elandelayo:
◻ Yimiphi imibuzo emibili eye yasiza amaKristu amaningi abhekene nezinqumo zokukhetha umsebenzi ukuba akwazi ukuzinqumela?
Umbuzo wokuqala obalulekile uthi: Ingabe iBhayibheli liyawulahla lowo msebenzi wokuziphilisa ngokwawo? Umbuzo wesibili uthi: Ingabe ukwenza lo msebenzi kungenza umuntu abe umlekeleli emkhubeni olahlwayo?—4/15, ikhasi 28.
◻ Iyiphi indlela ‘indalo engabantu eyabekwa ngayo ngaphansi kobuze’? (Roma 8:20)
‘Sabekwa ngaphansi kobuze’ ngenxa yezenzo zabazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva. Lokhu akwenzekanga “ngentando [yethu] siqu” noma ngenxa yokuzikhethela kwethu ngabanye. Sakuzuza njengefa. Nakuba abazali bethu bokuqala base bengadlulisela ukungapheleli, isono nokufa kuphela, uJehova wabavumela ngomusa ukuba bazale izingane. Ukufa kwasakazekela kubantu bonke, ngakho ngalowo mqondo uNkulunkulu ‘wayibeka ngaphansi kobuze’ indalo.—5/1, ikhasi 5.
◻ Kungani kunengqondo ukuba sithi ‘ukuma kwesinengiso endaweni engcwele’ kusazokwenzeka esikhathini esizayo? (Mathewu 24:15)
Ekugcwalisekeni kokuqala, ‘isinengiso esimi endaweni engcwele’ sasihlobene nokuhlasela kwamaRoma ngaphansi kukaJenene Gallus ngo-66 C.E. Ukuhlasela kosuku lwanamuhla okufana nalokho—ukugqashuka kosizi olukhulu—kuseza. (Mathewu 24:21) Ngakho, “isinengiso esibangela incithakalo,” sisazokuma endaweni engcwele.—5/1, amakhasi 16, 17.
◻ Ubaba nomama abasebenzayo bangasithola kanjani isikhathi sokuba nezingane zabo?
Umama ozizwa ekhathele ngemva komsebenzi wosuku angacela izingane zakhe ukuba zilungiselele ukudla kanye naye. Ubaba onezinto eziningi okumelwe azenze ngezimpelasonto angenza eminye yaleyo misebenzi nezingane zakhe.—5/15, ikhasi 6.
◻ Yini okumelwe bayenze labo ‘abahamba endleleni kaJehova’? (Jeremiya 7:23)
Ukuhamba endleleni kaJehova kudinga ukwethembeka—ukuzimisela ukukhonza yena yedwa. Kudinga ukumethemba—ukuba nokholo olugcwele lokuthi izithembiso zikaJehova zinokwethenjelwa futhi zizofezeka. Ukuhamba endleleni kaJehova kudinga ukulalela—ukulandela imithetho yakhe ngaphandle kokuchezuka nokugcina izindinganiso zakhe eziphakeme. (IHubo 11:7)—5/15, ikhasi 14.
◻ Yimiphi imithwalo yemfanelo emine ebalulekile engase ifezwe ‘yizipho ezingabantu’? (Efesu 4:8)
Zingasilungisa ngesisa, zisakhe ngothando, zibe nesandla ekusenzeni sibe nobunye nebandla futhi zisivikele ngesibindi. (Efesu 4:12-14)—6/1, ikhasi 14.
◻ Yini esingayifunda ekuzihlanganiseni kukaPawulu nabantu abangaba ngaphezu kwekhulu okukhulunywe ngabo kuzEnzo nasezincwadini zakhe?
Kufanele njalo sisebenze nenhlangano kaNkulunkulu, ibandla esikulo kanye nesikholwa nabo. Siyaludinga usizo lwabo, ukusekela kwabo nenduduzo yabo ngezikhathi ezimnandi nezinzima.—6/1, ikhasi 31.
◻ Yimaphi amaphuzu amathathu angase asetshenziselwe ukusiza abanye bacabange ngoMdali?
Ukunemba okusemkhathini omkhulukazi, imvelaphi yokuphila emhlabeni nokuhluka okungenakuphikwa kobuchopho bomuntu namakhono abo ahlukahlukene.—6/15, ikhasi 18.
◻ Kungani kubaluleke kangaka ukuqonda incazelo yegama loMdali?
Igama likaNkulunkulu lisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona” futhi ligcizelela ukuthi uba nenjongo futhi athathe isinyathelo. Uma silazi futhi silisebenzisa igama lakhe, singakuqonda kangcono ukuthi uyazifeza izithembiso futhi athathe isinyathelo ukuze afeze izinjongo zakhe.—6/15, ikhasi 21.
◻Izingane zingahilelwa kanjani esifundweni seBhayibheli somkhaya?
Lapho kungenzeka khona, hlelani ukuba ingane ngayinye ibe neBhayibheli layo nencwadi efundwayo. Ingane encane ingase icelwe ukuba ichaze okwenzeka ezithombeni ezisencwadini efundwayo, endadlana ingase yabelwe kusengaphambili ukufunda umbhalo othile. Esikhulile ingase yabelwe ukuba isho ukuthi yikuphi lapho lokho okufundwayo kungase kusetshenziswe khona.—7/1, ikhasi 15.
◻ Yimiphi eminye yemigomo umkhaya ongase uyihlanganise lapho ulungiselela imihlangano yebandla?
(1) Ukuba ngamunye emkhayeni akulungele ukuphendula emihlanganweni yebandla; (2) ngamunye asebenzele ukunikeza izimpendulo ngamazwi akhe; (3) ukuhlanganisa nemibhalo ezimpendulweni; (4) ukuhlaziya ukwaziswa ukuze umuntu akusebenzise kuye ngokwakhe.—7/1, ikhasi 20.
◻ Siyini isihluthulelo somshado omuhle?
Ukuze kuvulwe isihluthulelo esiyokwenza kutholakale izinjabulo eziyigugu zomshado omuhle, enye yezinto ezibalulekile ukukhulumisana okuhle. Lokhu kuhilela ukuhlanganyela imizwelo nemibono. Futhi ukukhulumisana okuhle kuhilela izinto ezakhayo, eziqabulayo, ezinhle, ezitusekayo neziduduzayo. (Efesu 4:29-32; Filipi 4:8)—7/15, ikhasi 21.
◻ Iyini ‘indlela kaJehova’? (IHubo 25:8, 9, 12)
Leyo ndlela yindlela yothando. Isekelwe ekwenzeni okulungile ngokwezindinganiso zikaNkulunkulu. IBhayibheli libiza lokhu kuboniswa kothando olunezimiso ngokuthi “indlela ezidlula zonke.” (1 Korinte 12:31)—8/1, ikhasi 12.