Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe uye wakujabulela ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Uma kunjalo, uzokuthola kuthakazelisa ukuzikhumbuza lokhu okulandelayo:
◻ Lisho ukuthini igama lesiGreki elithi pa·rou·si’a elisetshenziswe kuMathewu 24:3, 27, 37, 39?
I-Expository Dictionary of New Testament Words kaVine ithi: “Elithi PAROUSIA . . . libonisa kokubili ukufika kanye nokuba khona okulandelayo.” Ngakho, akuwona nje umzuzu wokufika, kodwa ukuba khona okuqala ekufikeni kuqhubeke.—8/15, ikhasi 11.
◻ ‘Lezozinsuku zafinyezwa’ kanjani ukuze kusindiswe ‘inyama’ ngekhulu lokuqala, futhi kuyokwenzeka kanjani ngezinga elikhulu? (Mathewu 24:22)
Ngo-66 C.E., amaRoma afinyeza ukuvimbezela kwawo iJerusalema ngokungalindelekile, evumela ‘inyama’ engamaKristu ukuba ibaleke. Ngokufanayo, singalindela ukuthi ukuhlaselwa kweBabiloni Elikhulu okuzayo kuyofinyezwa ngandlela-thile. Ngenxa yalokho amaKristu agcotshiwe nabangane bawo bayosinda engozini yokubhubha.—8/15, amakhasi 18-20.
◻ Kufanele sisabele kanjani lapho othile eqala ukudla izifanekiselo zeSikhumbuzo noma ekuyeka?
Asikho isidingo sokuba amanye amaKristu akhathazeke. UJesu wathi: “Mina ngingumalusi omuhle, futhi ngiyazazi izimvu zami.” Ngokuqiniseke ngendlela efanayo, uJehova uyabazi labo aye wabakhetha ngempela njengamadodana angokomoya. (Johane 10:14; Roma 8:16, 17)—8/15, ikhasi 31.
◻ Yayiyini injongo eyinhloko yoMthetho kaMose?
Ngokuyinhloko, wawufundisa ama-Israyeli ngesidingo sawo sikaMesiya, owayezowahlenga esimweni sawo sokona. (Galathiya 3:24) UMthetho wawufundisa nokwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu kanye nokulalela, futhi wasiza u-Israyeli ukuba azigcine ekude nemikhuba eyonakele yezizwe ezazimzungezile. (Levitikusi 18:24, 25)—9/1, ikhasi 9.
◻ Iyini injongo yesivumelwano esisha? (Jeremiya 31:31-34)
Iwukuveza isizwe samakhosi nabapristi sokubusisa sonke isintu. (Eksodusi 19:6; 1 Petru 2:9; IsAmbulo 5:10)—9/1, amakhasi 14, 15.
◻ Kungani kufanele sisebenzise ikhono lokuxolisa?
Ukuxolisa kungasiza ekunciphiseni ubuhlungu obubangelwa ukungapheleli, futhi kungalungisa ubuhlobo obusengcupheni. Ukuxolisa ngakunye esikwenzayo kuyisifundo sokuthobeka futhi kusiqeqeshela ukuba siyicabangele kakhudlwana imizwa yabanye.—9/15, ikhasi 24.
◻ Ingabe uZamcolo wembulunga yonke wosuku lukaNowa uyiqiniso elingokomlando?
Yebo. Ukulandisa kwasendulo ngozamcolo wembulunga yonke kungatholakala kuwo wonke umhlaba, kusukela emazweni aseMelika kuya e-Australia. Ukuba khona kwalendaba okusakazeke kabanzi kusekela iqiniso lokuthi uzamcolo womhlaba wonke waba khona, njengoba kubikwe eBhayibhelini. (Genesise 7:11-20)—9/15, ikhasi 25.
◻ Yini ehilelekile ekubeni nomoya wokungenisa izihambi? (Roma 12:13)
Inkulumo ethi “ukungenisa izihambi” ihunyushwe isuselwa egameni lesiGreki elakhiwa amagama amabili awumsuka asho ukuthi “uthando” nokuthi “isihambi.” Ngakho, ngokuyinhloko ukungenisa izihambi kusho “ukuthanda izihambi.” Kodwa kuhilela okungaphezu kothando olusekelwe esimisweni, oluboniswa ngenxa yomuzwa wesibopho. Kusekelwe othandweni nobungane bangempela.—10/1, ikhasi 9.
◻ Liyini iphuzu likaPawulu ngokuqondene nomshado nokungashadi encwadini yakhe yokuqala eya kwabaseKorinte, isahluko 7?
Umshado ufanelekile, futhi ngaphansi kwezimo ezithile, uyatuseka kwabanye. Nokho akunakuphikwa ukuthi ukungashadi kuyinzuzo kowesilisa noma owesifazane ongumKristu ofuna ukukhonza uJehova eneziphazamiso ezimbalwa.—10/15, ikhasi 13.
◻ Umdala ‘ubondla kanjani abakubo’? (1 Thimothewu 5:8)
Umdala kufanele ‘ondle abakubo’—umkakhe kanye nezingane zakhe—ngokwezinto ezibonakalayo, ngokomoya nangokomzwelo.—10/15, ikhasi 22.
◻ UJehova uzinikeza kanjani izinceku zakhe induduzo?
Umoya ongcwele kaNkulunkulu usebenza ‘njengomduduzi.’ (Johane 14:16, umbhalo waphansi we-NW) Enye indlela uNkulunkulu anikeza ngayo induduzo kungeBhayibheli. (Roma 15:4) UNkulunkulu uyazazi izidingo zethu ngabanye futhi angasisebenzisa ukuze siduduzane, njengoba uPawulu athola induduzo ngombiko kaThithu wabaseKorinte. (2 Korinte 7:11-13)—11/1, amakhasi 10, 12.
◻ Yini esikiselwa ukuchaza kukaPawulu uJehova ngokuthi “uYise wesihe sesisa,” okutholakala kweyesi-2 Korinte 1:3?
Ibizo lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘isihe sesisa’ livela egameni elisetshenziselwa ukubonisa ukudabuka ngokuhlupheka komunye. Ngaleyo ndlela uPawulu uchaza imizwa kaNkulunkulu yesisa ngazo zonke izinceku zaKhe ezikholekile ezibhekene nosizi.—11/1, ikhasi 13.
◻ Yini eyayifezwa ukuzila kwama-Israyeli ukudla ngoSuku Lokubuyisana lwaminyaka yonke? (Levitikusi 16:29-31; 23:27)
Ukuzila ukudla kwakushukumisela abantu bakwa-Israyeli ukuba bakuqaphele ngokwengeziwe ukuba nesono kwabo nesidingo sesihlengo. Ngokukwenza babebonisa ukudabuka ngezono zabo nokuphenduka phambi kukaNkulunkulu.—11/15, ikhasi 5.
◻ Yini esikiselwa isiyalo esiya entsheni sokuthi: “Khumbula uMdali wakho”? (UmShumayeli 12:1)
Enye incwadi ithi igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “khumbula” ngokuvamile lisikisela “ukuxhumana ngothando kwengqondo nesenzo okuhambisana nokukhumbula.” Ngakho ukulalela lomyalo kusho okungaphezu kokumane ucabange ngoJehova. Kuhilela isinyathelo, ukwenza lokho okumjabulisayo.—12/1, ikhasi 16.