Funa Labo Abathambekele Ekuphileni Okuphakade
‘Bakholwa bonke [ababethambekele, “NW”] ekuphileni okuphakade.’—IZENZO 13:48.
1. Ngokuqondene nenhliziyo yomuntu, uJehova unaliphi ikhono?
UJEHOVA UNKULUNKULU angayifunda inhliziyo. Lokhu kwenziwa kwacaca lapho umprofethi uSamuweli eyogcoba indodana kaJese njengenkosi yakwaIsrayeli. Lapho ebona uEliyabe, uSamuweli “wathi: Impela ogcotshiweyo kaJehova uphambi kwakhe. Kepha uJehova wathi kuSamuweli: Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uJehova engabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.” Ngakho, uSamuweli waqondiswa ukuba agcobe uDavide, ‘owayamukeleka enhliziyweni kaNkulunkulu.’—1 Samuweli 13:13, 14, qhathanisa neNW; 16:4-13.
2. Yini egxile enhliziyweni yomuntu engokomfanekiso, futhi ngalokho yini esiyifundayo emiBhalweni ngalokhu?
2 Umuntu ubonisa isimo esithile sengqondo esivelele. Unesimo esikhethekile esigxile enhliziyweni yakhe engokomfanekiso. (Mathewu 12:34, 35; 15:18-20) Ngakho, sifunda ngomuntu ‘onhliziyo yakhe [ithambekele, NW] empini.’ (IHubo 55:21) Sitshelwa ukuthi ‘umuntu [othambekele, NW] ekufuthekeni uvama ukuphambeka.’ Futhi siyafunda: “[Kukhona abangane abathambekele ekulimazaneni, NW], kepha kukhona abangane ababambelela kuneselamani.” (IzAga 18:24; 29:22) Ngokujabulisayo, abaningi babonakala befana nabeZizwe abathile eAntiyokiya lasendulo ePhisidiya. Lapho bezwa ngelungiselelo likaJehova lensindiso, ‘bathokoza, balidumisa izwi leNkosi; bakholwa bonke [ababethambekele, NW] ekuphileni okuphakade.’—IzEnzo 13:44-48.
Amakholwa “Anenhliziyo Ehlanzekileyo”
3, 4. (a) Obani abanenhliziyo ehlanzekileyo? (b) Labo abanenhliziyo ehlanzekileyo bambona kanjani uNkulunkulu?
3 Lawomakholwa aseAntiyokiya aba amaKristu abhapathiziwe, futhi abathembekile phakathi kwawo babengawasebenzisa kubo siqu amazwi kaJesu athi: “Babusisiwe abanenhliziyo ehlanzekileyo, ngokuba bayakubona uNkulunkulu.” (Mathewu 5:8) Kodwa obani “abanenhliziyo ehlanzekileyo”? Futhi ‘bambona’ kanjani “uNkulunkulu”?
4 Abanenhliziyo ehlanzekileyo bahlanzeke ngaphakathi. Okwabo ukuhlanzeka kokwazisa, uthando, izifiso nezisusa. (1 Thimothewu 1:5) Babona uNkulunkulu manje ngokuthi bayamqaphela lapho enzela abagcini bobuqotho izinto. (Qhathanisa noEksodusi 33:20; Jobe 19:26; 42:5.) Igama lesiGreki elihunyushwe lapha ngokuthi “bona” lisho futhi “ukubona ngeso lengqondo, ukuqonda, ukwazi.” Njengoba uJesu abubonakalisa ngokuphelele ubuntu bukaNkulunkulu, ukuqonda lobobuntu kujatshulelwa “abanenhliziyo ehlanzekileyo,” ababonisa ukholo kuKristu nasemhlatshelweni wakhe ohlawulela izono, bazuze ukuthethelelwa kwezono zabo, futhi bayakwazi ukukhulekela uNkulunkulu ngokwamukelekayo. (Johane 14:7-9; Efesu 1:7) Ngabagcotshiwe, ukubona uNkulunkulu kufinyelela umvuthwandaba wakho lapho bevuselwa ezulwini, lapho bembona khona ngokoqobo uNkulunkulu noKristu. (2 Korinte 1:21, 22; 1 Johane 3:2) Kodwa bonke abanenhliziyo ehlanzekile bangakwazi ukubona uNkulunkulu ngolwazi oluqondile nangokukhulekela kweqiniso. (IHubo 24:3, 4; 1 Johane 3:6; 3 Johane 11) Bathambekele ekuphileni okuphakade ezulwini noma emhlabeni oyipharadesi.—Luka 23:43; 1 Korinte 15:50-57; 1 Petru 1:3-5.
5. Iyiphi indlela kuphela umuntu angaba ngayo ikholwa nomlandeli weqiniso kaJesu Kristu?
5 Labo abangathambekele ekuphileni okuphakade ngeke babe amakholwa. Akunakwenzeka ngabo ukuba babonise ukholo. (2 Thesalonika 3:2) Ngaphezu kwalokho, akekho umuntu ongaba umlandeli weqiniso kaJesu Kristu ngaphandle kokuba abe ofundisekayo futhi uJehova, obona lokho inhliziyo eyikho, amdonse lowomuntu. (Johane 6:41-47) Yebo, lapho beshumayela endlini ngendlu, oFakazi BakaJehova abahluleli muntu kusengaphambili. Abakwazi ukufunda izinhliziyo kodwa bashiyela imiphumela ezandleni zikaNkulunkulu ezinothando.
6. (a) Yini eye yashiwo ngokubonana ngokomuntu siqu nomuntu enkonzweni yendlu ngendlu? (b) Yimaphi amalungiselelo aye enziwa okusiza oFakazi BakaJehova ukuba bathole labo abathambekele ekuphileni okuphakade?
6 Esinye isazi ngokufanelekile siye sathi: “[UPawulu] wafundisa iqiniso obala nasendlini ngendlu. Hhayi nje kuphela endaweni yesikhulumi, kodwa ngokubonana ngokomuntu siqu nabantu ngabanye washumayela ngoKristu. Ezikhathini eziningi ukuxoxa ngokomuntu siqu kuphumelela kakhulu kunanoma yiluphi olunye uhlobo noma indlela yokufinyelela imiphefumulo.” (August Van Ryn) Izincwadi ezinjengethi Incwadi Yokuchasisa ISikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini, Ukubonisana NgemiBhalo, neNkonzo Yethu YoMbuso zisiza oFakazi BakaJehova ukuba banikeze izinkulumo futhi bakusebenzise ngokugcwele ukubonana nabantu siqu enkonzweni yabo yasensimini. Okunye okusizayo, imiboniso eyenziwa eMhlanganweni Wenkonzo nezeluleko zeSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Labo ababa khona esikoleni bathola ukuqeqeshwa okuwusizo ezimfanelweni zenkulumo ezinjengezethulo ezinhle, ukusetshenziswa kwemiBhalo ngendlela efanele, ukuthuthukiswa kwamaphuzu azwakalayo, inkulumo eqinisekisayo, ukusetshenziswa kwemifanekiso, kanye neziphetho eziphumelelayo. Ake sibone indlela iBhayibheli elinezela ngayo kulemfundo engenza abantu bakaNkulunkulu baphumelele ngokwengeziwe njengoba befuna labo abathambekele ekuphileni okuphakade.
Izethulo Ezishukumisa Ingqondo
7. Amazwi okuvula eNtshumayelo kaJesu yaseNtabeni afundisani ngezethulo?
7 Ngokwesibonelo sikaJesu, labo abalungiselela ukufakaza endlini ngendlu bangafunda okuthile ngezethulo ezivusa isithakazelo. Lapho eqalisa iNtshumayelo yakhe yaseNtabeni, wasebenzisa igama elithi “bayajabula” izikhathi eziyisishiyagalolunye. Ngokwesibonelo, wathi: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya, ngoba umbuso wezulu ungowabo. . . . Bayajabula abamnene, ngoba bayokudla ifa lomhlaba.” (Mathewu 5:3-12, NW) Lemisho yayiqondile futhi icacile. Futhi ngokuqinisekile lesosethulo savusa isithakazelo futhi senza izilaleli zakhe zahileleka, ngoba ubani ongafuni ukujabula?
8. Enkonzweni yendlu ngendlu, isihloko sengxoxo kufanele sethulwe kanjani?
8 Noma yisiphi isihloko sengxoxo esisetshenziswa enkonzweni yendlu ngendlu kumelwe sethulwe ngendlela ejabulisayo neqondile. Kodwa akukho muntu okufanele asebenzise isethulo esethusayo, njengesithi, “Ngikuphathele isigijimi esivela emkhathini ongaphandle.” Kuyiqiniso ukuthi izindaba ezinhle zivela ezulwini, kodwa isethulo esinjalo singase senze umnini-khaya azibuze ukuthi loFakazi kufanele amthathe ngokungathi sína yini noma amxoshe ngokushesha ngangokunokwenzeka.
Ukuphatha Kahle IZwi LikaNkulunkulu
9. (a) ImiBhalo kufanele yethulwe, ifundwe, futhi isetshenziswe kanjani enkonzweni? (b) Yisiphi isibonelo esicashuniwe esibonisa indlela uJesu asebenzisa ngayo imibuzo?
9 Enkonzweni yasensimini, njengasendaweni yesikhulumi, imibhalo kufanele yethulwe ngendlela efanele, ifundwe ngokugcizelela okufanele, futhi isetshenziswe ngendlela ecacile nenembile. Imibuzo eyenza umnini-khaya acabange ngamaphuzu angokomBhalo nayo ingaba usizo. Nalapha, izindlela zikaJesu ziyafundisa. Kwesinye isenzakalo, indoda ethile eyayinolwazi loMthetho kaMose yambuza: “Mfundisi, ngizakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?” Ephendula uJesu wabuza: “Kulotshweni emthethweni? Ufunda kanjani?” Ngokungangabazeki, uJesu wayazi ukuthi lona kwakungumbuzo lendoda eyayingawuphendula. Yawuphendula kahle, ithi: “Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho, nangayo yonke ingqondo yakho, nomakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.” Lokhu kwaholela uJesu ekubeni ayituse, futhi kwalandela ingxoxo eyengeziwe.—Luka 10:25-37.
10. Yini okufanele ikhunjulwe ngokuqondene nesihloko sengxoxo, futhi yini okufanele igwenywe lapho sibuza abanini-khaya imibuzo?
10 Labo abafakaza endlini ngendlu kumelwe bagcizelele ummongo wesihloko sengxoxo futhi basenze sicace isizathu sokufunda imibhalo yeBhayibheli ethuthukisa leyondaba. Njengoba uFakazi ezama ukufinyelela inhliziyo yomnini-khaya, kumelwe agweme ukubuza imibuzo edumazayo. Lapho sisebenzisa iZwi likaNkulunkulu, ‘kwangathi ukukhuluma kwethu kungaba nomusa njalo, kuyoliswe ngosawoti.’—Kolose 4:6.
11. Lapho sisebenzisa imiBhalo ukuba silungise imibono engaqondile, yisiphi isibonelo esisithola ekulingweni kukaJesu uSathane?
11 Ikakhulukazi ezimpindelweni kungase kudingeke ukuba kulungiswe imibono engaqondile ngokubonisa lokho imiBhalo ekushoyo ngempela noma ekuchazayo. UJesu wenza okufanayo lapho ekhuza uSathane, owathi: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi [ukusuka esiqongweni sethempeli, njengokungathi ufuna ukuzibulala]; ngokuba kulotshiwe ukuthi: Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikuthwale ngezandla, ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.” IHubo 91:11, 12, elacashunwa uSathane, alikuthetheleli ukufakwa kokuphila engozini, okuyisipho esivela kuNkulunkulu. Eqaphela ukuthi kwakungalungile ukulinga uJehova ngokubeka ukuphila kwakhe engozini, uJesu watshela uSathane: “Kulotshiwe futhi ukuthi: Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.” (Mathewu 4:5-7) Yebo, uSathane akalifuni iqiniso. Kodwa lapho abantu abakahle beveza imibono engaqondile engavimbela intuthuko yabo engokomoya, isikhonzi seZwi likaNkulunkulu kufanele ngokuhlakanipha sibonise lokho imiBhalo ekushoyo ngempela nekuchazayo. Konke lokhu kuyingxenye ‘yokuphatha kahle izwi leqiniso’—okungesinye sezifundo ezibalulekile ezifundiswa eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini.—2 Thimothewu 2:15, qhathanisa neNW.
Ukunxusa Kunendawo Yakho
12, 13. Kungani kulungile ukusebenzisa ukunxusa enkonzweni?
12 Ukunxusa kunendawo efanele enkonzweni yobuKristu. Ngokwesibonelo, uPawulu wanxusa isisebenzi akanye naso uThimothewu ukuba siqhubeke ezintweni esasizifundile ‘nesanxuselwa ukuba sizikholelwe.’ (2 Thimothewu 3:14, NW) EKorinte, uPawulu ‘wayeshumayela esinagogeni ngamasabatha onke futhi [enxusa, NW] amaJuda namaGreki.’ (IzEnzo 18:1-4) E-Efesu, ngempumelelo ‘wanikeza izinkulumo futhi wabanxusa ngokuphathelene noMbuso kaNkulunkulu.’ (IzEnzo 19:8, NW) Futhi lapho esendlini ayeboshelwe kuyo eRoma, umphostoli wabizela abantu kuye futhi wabanikeza ubufakazi, ‘ebanxusa,’ (NW) futhi abanye baba amakholwa.—IzEnzo 28:23, 24.
13 Yebo, kungakhathaliseki ukuthi uFakazi angase azame kangakanani ukuba onxusayo, yilabo abathambekele ekuphileni okuphakade kuphela abayoba amakholwa. Izinkulumo eziqinisekisayo nezincazelo ezicacile, lapho zethulwe ngekhono, zingase zibashukumisele ukuba bakholwe. Kodwa yini enye engaba usizo ekubanxuseni?
Veza Amaphuzu Azwakalayo Futhi Ube Ngoqinisekisayo
14. (a) Ukuthuthukiswa kwamaphuzu azwakalayo navumelanayo kuhilelani? (b) Inkulumo eqinisekisayo idingani?
14 Enye yezimfanelo zenkulumo ezigcizelelwa eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini ukuthuthukiswa kwamaphuzu azwakalayo navumelanayo. Lokhu kuhilela ukubeka yonke imiqondo eyinhloko nendaba evumelanayo ngokulandelana okunengqondo. Okunye futhi okubalulekile inkulumo eqinisekisayo, edinga ukuba kubekwe isisekelo esihle futhi kunikezwe ubufakazi obunengqondo. Okuhlobene nalokhu ukusiza izilaleli ukuba zicabange ngokulondoloza iphuzu enivumelana ngalo, ukuthuthukisa amaphuzu ngokwanele, nokuwasebenzisa ngokuphumelelayo. Nalapha, imiBhalo inikeza iziqondiso.
15. (a) UPawulu wakuthola kanjani ukunakwa futhi wenza kwaba nephuzu abavumelana ngalo lapho ekhuluma eMars’ Hill? (b) Enkulumweni kaPawulu, sithola buphi ubufakazi bokuthuthukiswa kwamaphuzu azwakalayo navumelanayo?
15 Lezimfanelo zenkulumo zisobala enkulumweni yomphostoli uPawulu edumile yaseMars’ Hill eAthene lasendulo. (IzEnzo 17:22-31) Isethulo sakhe sathola ukunakwa futhi senza kwaba nephuzu abavumelana ngalo, ngoba wathi: “Madoda aseAthene, ngiyabona ngakho konke ukuthi nikhonza kakhulu onkulunkulu.” Kubona, lokhu ngokungangabazeki kwabonakala kuwukunconywa. Ngemva kokuba ekhulume ngealtare elalinikezelwe ‘KUNKULUNKULU ONGAZIWAYO,’ uPawulu waqhubeka nokuthuthukisa kwakhe amaphuzu azwakalayo navumelanayo, nenkulumo eqinisekisayo. Waveza ukuthi loNkulunkulu ababengamazi “wenza umhlaba nakho konke okukuwo.” Ngokungafani noAthena nabanye onkulunkulu bamaGreki, “akahlali emathempelini enziwe ngezandla; futhi akakhonzwa ngezandla zabantu.” Ngokulandelayo lomphostoli wabonisa ukuthi loNkulunkulu wasinikeza ukuphila futhi akasenzi ukuba simfune ngokuphuphutheka. UPawulu wabe esethi uMdali wethu, oye wazithalalisa izikhathi zokungazi zokukhonza izithombe, ‘umemezela kubantu bonke ezindaweni zonke ukuba baphenduke.’ Lokhu ngokunengqondo kwaholela ephuzwini lokuthi ‘uNkulunkulu uyobahlulela ngokulunga abakhileyo emhlabeni ngomuntu ammisile amvusa kwabafileyo.’ Njengoba uPawulu “ayeshumayela ivangeli ngoJesu nangokuvuka,” labobantu baseAthene baqonda ukuthi loMahluleli uyoba uJesu Kristu.—IzEnzo 17:18.
16. Inkonzo yomuntu ingathintwa kanjani inkulumo kaPawulu yaseMars’ Hill nangemfundo etholakala eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini?
16 Yiqiniso, uPawulu wayengafakazi endlini ngendlu eMars’ Hill. Kodwa ngenkulumo yakhe nangemfundo enikezwa eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZwulini, oFakazi BakaJehova bangafunda okuningi okungathuthukisa inkonzo yabo yasensimini. Yebo, konke lokhu kusiza ekubenzeni babe izikhonzi eziphumelela ngokwengeziwe, njengoba nje ukuthuthukisa kukaPawulu amaphuzu azwakalayo nenkulumo eqinisekisayo kwashukumisela abanye balabo baseAthene ukuba babe amakholwa.—IzEnzo 17:32-34.
Sebenzisa Imifanekiso Efundisayo
17. Luhlobo luni lwemifanekiso okufanele lusetshenziswe enkonzweni?
17 ISikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini sisiza izikhonzi zikaNkulunkulu futhi ukuba zisebenzise imifanekiso emihle ekufakazeni endlini ngendlu nangezinye izindlela zenkonzo yazo. Ukuze kugcizelelwe amaphuzu abalulekile, kufanele kusetshenziswe imifanekiso elula efanelekayo. UFakazi kufanele ayisusele ezimweni ezivamile futhi aqaphele ukuba acacise ukuthi isebenza kanjani. Imifanekiso kaJesu yahlangabezana nazo zonke lezimfuneko.
18. UMathewu 13:45, 46 angaba kanjani usizo enkonzweni?
18 Ngokwesibonelo, cabangela lamazwi kaJesu: “Umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amaparele amahle; eselifumene iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga.” (Mathewu 13:45, 46) Amaparele angamatshe ayigugu kakhulu atholakala ngaphakathi kwamagobolondo amaoyster nawezinye izimbaza (amamollusk). Kodwa amaparele athile kuphela “amahle.” Lomthengi wayenokuqonda okudingekayo kokuba aqonde ukubaluleka okwedlulele kwaleliparele elilodwa futhi wayezimisele ukwehlukana nakho konke okunye ukuze alithole. Mhlawumbe phakathi nokwenza impindelo noma isifundo seBhayibheli sasekhaya, lomfanekiso ungasetshenziswa ukuba kuboniswe ukuthi umuntu owazisa ngempela uMbuso kaNkulunkulu uyokwenza njengalowomthengi. Umuntu onjalo uyobeka uMbuso kuqala ekuphileni kwakhe, eqaphela ukuthi ufanelwe yinoma yikuphi ukuzidela.
Phetha Ngokushukumisela Esenzweni
19. Enkonzweni yendlu ngendlu, iziphetho kufanele zimboniseni umnini-khaya?
19 ESikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini, abantu bakaNkulunkulu bafunda nokuthi isiphetho senkulumo noma sengxoxo kumelwe sihlobane ngokuqondile nesihloko futhi kumelwe sibonise izilaleli lokho okumelwe zikwenze futhi sizikhuthaze ukuba zikwenze. Enkonzweni yendlu ngendlu, umnini-khaya kudingeka aboniswe ngokucacile inkambo okulindeleke ukuba ayithathe, njengokwamukela incwadi yeBhayibheli noma ukuvuma ukuba aphinde ahanjelwe.
20. Yisiphi isibonelo esihle sesiphetho esishukumisayo esisithola kuMathewu 7:24-27?
20 Isiphetho seNtshumayelo kaJesu yaseNtabeni sinikeza isibonelo esihle. Ngomfanekiso oqondakala kalula, uJesu wabonisa ukuthi kwakuyoba inkambo yokuhlakanipha ukulalela amazwi akhe. Waphetha: “Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawamazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala. Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyondlu; kepha kayiwanga, ngokuba yayisekelwe yidwala. Kodwa yilowo owezwa lawamazwi ami, angawenzi, uyakufaniswa nendoda eyisiwula eyakha indlu yayo phezu kwesihlabathi. Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyondlu, yawa, kwaba-kukhulu ukuwa kwayo.” (Mathewu 7:24-27) Yeka indlela lokhu okubonisa kahle ngayo ukuthi izikhonzi zikaNkulunkulu kufanele zizame ukushukumisela abanini-khaya esenzweni!
21. Yini eye yaboniswa ingxoxo yethu, kodwa yini okumelwe iqashelwe?
21 Amaphuzu esixoxe ngawo abonisa indlela iSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini esingasiza ngayo abaningi ukuba babe abamemezeli boMbuso abafanelekayo. Yebo, ukufaneleka ngokuphelele ngokuyinhloko kuvela kuNkulunkulu. (2 Korinte 3:4-6, qhathanisa neNW.) Futhi kungakhathaliseki ukuthi isikhonzi singase sifaneleke kangakanani, akekho umuntu onganxusa abantu ukuba babe amakholwa uma bengadonswa uNkulunkulu ngoKristu. (Johane 14:6) Nokho, abantu bakaNkulunkulu ngokuqinisekile kumelwe bawasebenzise kahle wonke amalungiselelo angokomoya enziwa uJehova njengoba befuna labo abathambekele ekuphileni okuphakade.
Zithini Izimpendulo Zakho?
◻ Obani “abanenhliziyo ehlanzekileyo,” futhi ‘bambona’ kanjani “uNkulunkulu”?
◻ Yiziphi izici okufanele zicatshangelwe lapho kwethulwa isigijimi soMbuso emsebenzini wendlu ngendlu?
◻ Iyiphi indlela elingaphathwa kahle ngayo iZwi likaNkulunkulu enkonzweni?
◻ Yini eyosiza ukuba wenze izintshumayelo eziveza amaphuzu azwakalayo naqinisekisayo enkonzweni yasensimini?
◻ Yini okufanele ikhunjulwe ngemifanekiso esetshenziswa enkonzweni?
◻ Yini okufanele ifezwe ngeziphetho ezisetshenziswa emsebenzini wokufakaza?
[Isithombe ekhasini 16]
UJesu wathi “abanenhliziyo ehlanzekileyo” ‘babeyobona uNkulunkulu.’ Kwakusho ukuthini lokhu?
[Isithombe ekhasini 18]
ImiBhalo kufanele yethulwe kahle, ifundwe ngokugcizelela okufanele, futhi isetshenziswe ngendlela ecacile nenembile