Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Kufanele Sibaphathe Kanjani Abanye?
    INqabayokulinda—2008 | Meyi 15
    • 12. (a) UJesu wathini ngokukhanya okungokomoya? (b) Singakwenza kanjani ukukhanya kwethu kukhanye?

      12 Siphatha abantu ngendlela engcono kakhulu lapho sibasiza ukuba bathole ukukhanya okungokomoya okuvela kuNkulunkulu. (IHu. 43:3) UJesu watshela abafundi bakhe ukuthi ‘bawukukhanya kwezwe’ futhi wabanxusa ukuba benze ukukhanya kwabo kukhanye ukuze abantu babone ‘imisebenzi yabo emihle,’ noma izenzo ezinhle abazenzela abanye. Lokhu kwakuyobenza babe ukukhanya okungokomoya “phambi kwabantu,” noma babe ukukhanya okuzuzisa isintu. (Funda uMathewu 5:14-16.) Namuhla, senza ukukhanya kwethu kukhanye ngokwenzela omakhelwane bethu okuhle nangokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela izindaba ezinhle “emhlabeni wonke,” okungukuthi, “ezizweni zonke.” (Math. 26:13; Marku 13:10) Yeka ilungelo esinalo!

  • Kufanele Sibaphathe Kanjani Abanye?
    INqabayokulinda—2008 | Meyi 15
    • 14. (a) Ungazichaza kanjani izibani zangekhulu lokuqala? (b) Sikwenza kanjani ukuba singafihli ukukhanya okungokomoya ngaphansi “kwesitsha sokulinganisa”?

      14 UJesu wakhuluma ngokukhanyisa isibani nokusibeka othini, hhayi ngaphansi kwesitsha, ukuze sikhanyisele bonke abasendlini. Isibani esivamile sangekhulu lokuqala sasiba isitsha sobumba esinentambo edonsa amafutha (ngokuvamile okwakuba awomnqumo) ukuze sikhanye. Njengoba ngokuvamile sasibekwa othini lokhuni noma lwensimbi, ‘sasikhanyisela bonke abasendlini.’ Abantu babengasikhanyisi isibani bese besibeka ngaphansi “kwesitsha sokulinganisa”—isitsha esikhulu esasingaqukatha amalitha angu-9 ezinto ezomile. UJesu akazange afune ukuba abafundi bakhe bafihle ukukhanya kwabo okungokomoya ngaphansi kwesitsha sokulinganisa esingokomfanekiso. Ngakho, kumelwe senze ukukhanya kwethu kukhanye, singalokothi sivumele ukuphikiswa noma ukushushiswa kusenze sifihle iqiniso elingokomBhalo noma siligodle.

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela