Lindani!
“Nani manibe nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iyeza ngesikhathi eningasicabangiyo.”—LUKA 12:40.
1. Wathini uKristu ngesidingo sokuhlala silindile?
UJESU Kristu wakhuthaza abalandeli bakhe ukuba balinde. Ngokwesibonelo, wathi: “Kepha qaphelani nina; senginitshelé konke ngaphambili. . . . Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza emafwini, inamandla amakhulu nenkazimulo. . . . Kepha lolosuku nalelohora akakho owazi-lutho ngalo, nazingelosi ezulwini, naNdodana, nguBaba kuphela. Qaphelani, nilinde, ngokuba anisazi isikhathi ukuthi siyakuba-nini. Kunjengomuntu owahambela kwelinye izwe; washiya indlu yakhe, wanika izinceku zakhe amandla, yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo, wayala umlindi-sango ukuba alinde. Ngakho lindani, ngokuba anazi ukuthi inkosi yendlu iyakufika nini, noma ngokuhlwa, noma phakathi kobusuku, noma ngokukhala kwezinkukhu, noma ekuseni, funa ifike ngokuzuma, inifumane nilele. Kepha lokhu engikusho kini ngikusho kubo bonke, ngithi: Lindani.”—Marku 13:23-37.
2. Kungani uMthandazo Oyisibonelo usikisela ukulinda, kodwa amasonto eLobukholwa aye akunciphisa kanjani ukulindela uMbuso?
2 Izihloko ezingaphambili ziye zanikeza ubufakazi obuningi bemithombo engathathi-hlangothi bokuthi amasonto eLobukholwa awazange ‘alinde.’ NgokweThe Catholic Encyclopedia, aye anciphisa ukulindela uMbuso ngokuthi “umbuso kaNkulunkulu usho . . . ukubusa kukaNkulunkulu ezinhliziyweni zethu,” ngalokho ewenza ize uMthandazo weNkosi. Kodwa iThe New Encyclopædia Britannica ithi: “Izicelo zomthandazo weNkosi zibonisa isimo esidabukisa ngokujulile sokuthi igama nentando kaNkulunkulu kusetshenziswa kabi, ukuthi uMbuso wakhe awukafiki.” Yebo, uMthandazo weNkosi ubonisa isidingo sokulinda. Ngokuqondile, iziphi izinto amaKristu okwakumelwe azilindele?
‘Kumelwe Silindeni’?
3. Kungani amaKristu eqaphela isikhathi?
3 Ukuhlola ngokujulile iziprofetho zeBhayibheli ‘ngeZinto Zokugcina’ kwembula izinto eziqondile amaKristu okwakumelwe ‘azilinde.’ Okokuqala, kwakungamelwe alahlakelwe umbono wesikhathi, ngoba uJesu Kristu wakhuluma ‘ngesikhathi’ esaziwa uYise kuphela. (Marku 13:32, 33) Ngaphandle kwalokho, uJesu watshela abafundi bakhe ukuthi iJerusalema “liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.” (Luka 21:24) Ngokusobala, uJesu wanikeza abalandeli bakhe lokhukwaziswa ukuze abasize babone isikhathi sokuphela, ngoba kwakuyingxenye yempendulo yakhe kulombuzo: “Mfundisi, lokhu kuyakuba-nini na? Nesibonakaliso siyakuba-yini, lapho sekuyakwenzeka lokhu, na?”—Luka 21:7.
4. Isiphi ‘isibonakaliso’ amaKristu okwakumelwe asilindele?
4 Ngaphandle kokukhathalela kwawo isikhathi, amaKristu kwakumelwe alindele “isibonakaliso” esasiceliwe, esishiwo futhi kuMathewu 24:3 nakuMarku 13:4. Lesibonakaliso esiningilizayo—esihlanganisa izimpi zomhlaba wonke, indlala, ukuzamazama komhlaba, izifo nokushushiswa kwamaKristu eqiniso—sasiyohlanganisa nokugcwaliseka kweziprofetho zesikhathi ezichaza “isizukulwane” ‘esingayikudlula’ kuze kube yilapho zonke izinto okumelwe zenzeke esikhathini sokuphela sezenzeka ngokoqobo.—Luka 21:10-12, 32.
5. UKristu wayezoba kanjani nabalandeli bakhe beqiniso kuwo wonke amakhulu eminyaka, kodwa ingabe yilokhu kuphela ayekuqondile uma enikeza isibonakaliso “sokuba khona” kwakhe?
5 Iziphi izenzakalo ezibalulekile ezihlobene “nokuphela kwezwe” ezaziyobikezelwa yilesisibonakaliso? Abafundi bakaJesu bambuza: “Nesibonakaliso sokuba-khona [ngesiGreki, pa·rou·siʹa] kwakho siyakuba-yini na?” (Mathewu 24:3, NW) “Ukuba-khona” kukaKristu kwakuyosho ukuthini? Kwakuyosho okungaphezu nje kokuba nabalandeli bakhe beqiniso ngokomoya uma behlangene ndawonye noma befeza ukuthunywa kwabo kokwenza abafundi. Wayeyosekela abalandeli bakhe ngalendlela kuwo wonke amakhulu eminyaka. (Mathewu 18:20; 28:18-20) Ngisho nezazi zenkolo zeLobukholwa ziyavuma ukuthi igama elithi “ukuba-khona” laba nenjongo ekhethekile. IThe New International Dictionary of New Testament Theology ithi: “Umqondo weparousia manje uhlangana nokulindela kwesonto ukuvela kukaKristu ekupheleni kwesikhathi.” Yonke imiBhalo yamaKristu yesiGreki iyala amaKristu ukuba alindele ukuba khona kukaKristu.—Mathewu 24:3, 27, 37, 39; Jakobe 5:7, 8; 2 Petru 3:3, 4; 1 Johane 2:28; IsAmbulo 1:7; 22:7.
6. (a) Ukuba khona kukaKristu kwakuyosho ukuthini ngalesimiso sezinto esibi? (b) Ukuba khona kukaKristu kwakuyowathinta kanjani amaKristu agcotshiwe ayefe ethembekile nalawo asaphila emhlabeni?
6 Ukuba khona kukaKristu kwakuyosho “isiphelo sesimiso sezinto.” (Mathewu 24:3; Marku 13:4) Kwakuyosho ukuthi lesisimiso sezinto samanje esonakele sesingene ‘esikhathini saso sokugcina,’ noma ‘izinsuku zokugcina.’ (Daniyeli 12:4, 9; 2 Thimothewu 3:1-5) Kwakuyosho ukuthi uKristu usemukele kuYise umyalo wokubusa eMbusweni phezu komhlaba ‘phakathi kwezitha zakhe.’ (IHubo 110:2; 2:6-9; IsAmbulo 11:15-18) Ngaphambi kokwahlulela izwe lilonke, uKristu uyohlola ibandla lakhe siqu futhi avuse amaKristu agcotshiwe afa ethembekile. (1 Korinte 15:21, 23; 1 Thesalonika 2:19; 3:13; 4:13-17; 2 Thesalonika 2:1) LawomaKristu agcotshiwe asaphila emhlabeni futhi asebenza ngokwethembeka ‘njengenceku’ kaKristu ngokuhlala ephapheme ngokomoya futhi aba “ukudla ngesikhathi sakho” ayomiswa uKristu “phezu kwakho konke anakho” noma ezithakazelweni zoMbuso emhlabeni. (Mathewu 24:45-47; Luka 12:42-44) ‘Lenceku ethembekile neqondayo’ kwakuyodingeka ibe matasa futhi iqondise umsebenzi wokushumayela ‘ivangeli lombuso’ emhlabeni wonke, andukuba ‘kufike ukuphela.’—Mathewu 24:14.
7. Ngisho naphakathi kokuba khona kukaKristu, isiphi esinye isibonakaliso amaKristu ayeyosilindela, futhi kungani ayeyoqhubeka ethandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu ‘ufike’?
7 AmaKristu eqiniso kusamelwe ‘alindele’ zonke lezizinto ezaziyobonisa ukuthi ayephila esikhathini sokuba khona kukaKristu “nesiphelo salesimiso sezinto.” Kodwa ngisho naphakathi “nesikhathi sokuphela,” kwakumelwe alindele “isibonakaliso seNdodana yomuntu,” “ukuza” kwayo ukuzokwahlulela isimiso sezinto esibi sikaSathane. (Mathewu 24:30, 44; Marku 13:26, 35; Luka 12:40; 21:27; 2 Thesalonika 1:7-10) Kanjalo, nakuba ayeyokube ‘ekhona’ noMbuso wakhe usumisiwe kakade, kokubili yena noMbuso wakhe kwakusayodingeka ‘uze’ “uchoboze uqede” izizwe nemibuso yezwe likaSathane. (Daniyeli 2:44) Lokhu kuchaza isizathu sokuba, ngemva kokunikeza izici ‘zesibonakaliso’ sokuba khona kwakhe, uKristu anezela: “Nxa nibona lezozinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.” (Luka 21:31) Yebo, ngisho nangesikhathi sokuba khona kukaKristu, amaKristu ayezobe esethandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu uze, futhi kwakuzobe kusadingeka ukuba ‘aqaphele’ futhi ‘alinde’ isikhathi esimisiwe ‘sokuphela’ ‘nokukhululwa’ kwawo.—Marku 13:7, 29, 32-37; Luka 21:9, 28.
Obani Abaye Babonakala ‘Belindile’?
8. Bala izinto amaKristu ayeyozilindela.
8 Sesibonile ukuthi amaKristu kwakumelwe ahlale elinde ukuphela “kwezikhathi zabezizwe.” Kwakumelwe alinde ‘isibonakaliso sokuba-khona kukaKristu nesesiphelo sesimiso sezinto.’ Kwakumelwe alindele ukuvuswa kwamaKristu agcotshiwe ayefe ethembekile nokubonakala okukhanyayo kwesigaba ‘senceku ethembekile neqondayo’ esasiyobe simiswe phezu kwezithakazelo zasemhlabeni zoMbuso kaKristu. Okokugcina, ‘lenceku’ yayiyoqhubeka inikeza ukudla okungokomoya, ngesikhathi esifanayo ihola ekushumayeleni “ivangeli lombuso . . . emhlabeni wonke” ngaphambi ‘kokuphela.’ “Isibonakaliso seNdodana yomuntu” sasiyovela ‘ngokuza’ kwayo ukuzobhubhisa isimiso sezinto esibi sikaSathane.
9. Obani ababonakala belindele ukuphela “kwezikhathi ezimisiwe zabezizwe,” futhi iZion’s Watch Tower yawasiza kanjani amaKristu ukuba ahlale eqaphile ngokomoya?
9 Obani abaye babonakala ‘belindele’ zonke lezizinto? Emuva kangango-1876, uCharles T. Russell wasePittsburgh, ePennsylvania, wayelinde ngokuqapha okukhulu ukuphela “kwezikhathi ezimisiwe zabezizwe,” (NW) noma “izikhathi zabeZizwe.” Ngalowonyaka wakhipha isihloko esithi “Izikhathi ZabeZizwe: Ziphela Nini?” Wathi kuso “izikhathi eziyisikhombisa ziyophela ngo-A.D. 1914.” Kusukela ngo-1880 kuqhubeke, lokhu kwaziswa okufanayo kwanyatheliswa kuZion’s Watch Tower. EkaMarch 1880, yathi: “‘Izikhathi zabeZizwe’ zifinyelela ku-1914, futhi uMbuso wasezulwini awuyikuba nokubusa okugcwele kuze kube yilesosikhathi.” Kuyiqiniso, abafundi beBhayibheli ababhala lezozihloko, ngalesosikhathi babengenalo ulwazi oluqondile lweBhayibheli nolungokomlando mayelana nokuthi ukuphela ‘kwalezozikhathi zabezizwe’ kwakuyosho ukuthini ngempela njengoba siziqonda lezizinto namuhla.a Kodwa iphuzu elibalulekile liwukuthi ‘babelindile’ futhi basiza amanye amaKristu ukuba ahlale eqaphile ngokomoya.
10. Injongo engokoqobo ‘yokuba khona’ kukaKristu iye yacaciswa kanjani?
10 Leloqembu elifanayo labafundi beBhayibheli elalikanye noCharles Russell nomagazini iZion’s Watch Tower basiza futhi amaKristu aqotho ukuba aqonde ukuthi “ukuba khona” kukaKristu kumelwe kuqondwe njengokungabonakali, nokuthi wayengenakubuyela emhlabeni ukuze abuse njengenkosi yenyama. Baqhubeka beletha ukunakekela ‘kwabendlu’ beNkosi ezenzakalweni zezwe eziqondene “nesibonakaliso” sokuba khona kukaKristu ‘nesikhathi sokugcina.’
11. (a) Yini eyayingaqondwa ngokugcwele ngalesosikhathi ngokuqondene nemibuso yasemhlabeni ‘nangokuhlwithwa’ kwamaKristu agcotshiwe? (b) Ikuphi ukuqonda okungcono esinakho manje ngoDaniyeli 2:44 neyoku-1 Thesalonika 4:15-17?
11 Kuyavunywa ukuthi kwakucatshangwa ukuthi ukumiswa koMbuso emazulwini kwakuyosho ukubhujiswa ngokushesha kwemibuso yasemhlabeni nokuthi amaKristu agcotshiwe ‘ayeyohlwithwa’ ukuze ahlangabezane namaKristu agcotshiwe okwakumelwe avuswe ngesikhathi sokuba-khona kukaKristu. (2 Thesalonika 2:1) Kodwa ubani ongabasola ngokungaqondi ngokugcwele ngalesosikhathi ukuthi kwakusazokwenziwa umsebenzi omkhulu wokuvuna phakathi kwesiqalo nesiphelo sokugcwaliseka kukaDaniyeli 2:44, noma ukuthi ‘ukuhlwithwa’ okushiwo kweyoku-1 Thesalonika 4:15-17 kubhekiselwa ekuvusweni ngokushesha kwabagcotshiwe abafa ngemva kokuqala kovuko lokuqala?—1 Korinte 15:36, 42-44; Roma 6:3.
12. (a) Yini uKristu ayelindele ukuthola “inceku” yakhe ethembekile iyenza uma efika ezohlola abendlu bakhe, futhi obani abathola benza lokho? (b) Yini isigaba ‘senceku’ ethembekile esiye saqhubeka siyenza kusukela ngalesosikhathi?
12 Siyaziqonda lezizinto namuhla, siyabonga ngokukhanya okuqhubekayo okuye kwakhanyiswa eZwini likaNkulunkulu ‘ngesigaba senceku ethembekile neqondayo.’ (IzAga 4:18) Maqondana ‘naleyonceku’ uJesu wathi: “Pho, ngubani oyinceku ethembekileyo neqondayo, inkosi yayo eyimisile phezu kwabendlu yayo ukuba ibanike ukudla ngesikhathi sakho na? Ibusisiwe leyonceku, okuyakuthi kufika inkosi yayo, iyifumane yenze njalo. Ngiqinisile ngithi kini: Iyakuyimisa phezu kwakho konke enakho.” (Mathewu 24:45-47) Lapho iNkosi uJesu isesihlalweni sobukhosi ihlola abendlu bayo ngo-1919, yathola iqembu lamaKristu elikhipha umagazini INqabayokulinda lizama ngokwethembeka ‘ukuhlala lilindile’ ngosizo ‘lokudla okungokomoya okungesikhathi sakho.’ Kuze kube yilolusuku, lesosigaba ‘senceku’ siye saqhubeka ngokwethembeka sihmgiselela ukudla okungokomoya ukuze sisize “abendlu” beNkosi nabangane babo ukuba ‘baqaphe, balinde.’—Marku 13:33.
Ukuqapha Noma Ukozela?
13. Imiphi imibuzo labo abagxeka oFakazi BakaJehova okumelwe bazibuze yona?
13 Kulula ngamasonto amadala eLobukholwa nangabanye abantu ukugxeka oFakazi BakaJehova ngoba izincwadi zabo, ngezinye izikhathi, zathi izinto ezithile zingenzeka ngeminyaka ethile. Kodwa ingabe izenzo ezinjalo azivumelani yini nomyalezo kaKristu ‘wokulinda’? (Marku 13:37) Ngakolunye uhlangothi, ingabe amasonto eLobukholwa aye akhuthaza ukulinda kobuKristu ngokufundisa ukuthi uMbuso “uwukubusa kukaNkulunkulu ezinhliyweni zethu”? Ingabe, kunalokho, awazange yini akhuthaze ukozela okungokomoya ngokucabangela “ukuphela” “njengokungabalulekile” noma “njengenganekwane”? Ingabe izihlubuki eziye zathi ‘izinsuku zokugcina’ zaqala ngePentekoste futhi zihlanganisa sonke iSikhathi sobuKristu zikhuthaza ukuqapha kobuKristu? Ingabe kunalokho, azifakanga ukozela okungokomoya?
14. Yiziphi izibonelo ezikhona zezinceku zikaJehova ezithembekile esikhathini esidlule ezazilangazelela kakhulu ukubona izinjongo zikaNkulunkulu zigcwaliseka?
14 Kuyiqiniso, okunye ukulinda okwabonakala kusekelwa ukubalwa kwezikhathi ngokweBhayibheli akuzange kwenzeke ngesikhathi esasicatshangelwa. Kodwa ingabe akungcono kakhulu ukwenza amaphutha athile ngenxa yokulangazelela ngokweqile ukubona izinjongo zikaNkulunkulu zigcwaliseka kunokozela ngokomoya maqondana nokugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli? Ingabe uMose akakwenzanga ukubala okuyiphutha ngeminyaka engama-40 ekuzameni ukuthatha isinyathelo ngaphambi kwesikhathi ukuze asuse ukuhlushwa kwamaIsrayeli? (Genesise 15:13; IzEnzo 7:6, 17, 23, 25, 30, 34) Ingabe abaphostoli bakaKristu babengalangazeleli ngokweqile ukubona uMbuso umisiwe, kungasakhulunywa-ke ngokungaqondi kwabo okuphelele kokuthi uyini uMbuso ngempela? (IzEnzo 1:6; qhathanisa noLuka 19:11; 24:21.) Ingabe amaKristu agcotshiwe eThesalonika ayengajahile ukubona “ukufika kweNkosi yethu uJesu Kristu” ‘nosuku lukaJehova’?—2 Thesalonika 2:1, 2.
15. Yiziphi izibonelo ezibonisa ukuthi akuphambene nemiBhalo ukusebenzisa ukubalwa kwezikhathi zomlando ekuzameni ukuthola isikhathi sokugcwaliseka kwezinjongo zikaNkulunkulu, futhi siye saba yini isikhalo sezinceku eziningi zikaJehova ezithembekile, zakudala nezanamuhla?
15 Akukho lutho ngokuyinhloko oluphambene nombhalo ekusebenziseni ukubala izikhathi ngomzamo wokuthola “izikhathi ezimisiwe” zokugcwaliseka kwezinjongo zikaNkulunkulu. (Habakuki 2:3) UDaniyeli wabala isikhathi sokuphela kwesimo esiyincithakalo seJerusalema. (Daniyeli 9:1, 2) Insali yamaJuda yekhulu lokuqala eyayithembekile yayilindele ukufika kukaMesiya ngoba yabala ukuphela kwesikhathi, okusekelwe esiprofethweni. (Daniyeli 9:25; Luka 3:15) AmaKristu asekupheleni kwekhulu le-19 leminyaka nasekuqaleni kwekhulu lama-20 leminyaka akwazi ukulindela ukubusa koMbuso kaNkulunkulu ngaphambi kuka-1914 ngoba abala isikhathi sokuphela “kwezikhathi zabezizwe.” (Luka 21:24; Daniyeli 4:16, 17) Ngakho-ke, siyaqondakala isizathu sokwenziwa kwemizamo yokusebenzisa ezinye izinkomba zezikhathi zeBhayibheli ukuze kutholakale isikhathi sokugcwaliseka kwamathemba ayelindelwe isikhathi eside. Izinceku zikaJehova zakudala ezithembekile zathi: “Jehova, . . . koze kube-nini?”—Isaya 6:11; IHubo 74:10; 94:3.
Kungani Kumelwe ‘Sihlale Silungele’?
16. (a) Ingabe uMarku 13:32 kumelwe aqondwe njengochaza ukuthi kumelwe singabonisi sithakazelo ekutheni ukuphela kufika nini? (b) Isiphi “isibonakaliso” esibonakalayo, kodwa isiphi esinye “isibonakaliso” esisilindele?
16 Njengoba uJesu asho ngokukhanyayo ukuthi akukho muntu ongase azi “lolosuku” noma “lelohora” uYise ayoyaleza ngalo indodana yakhe ukuba ilwe nesimiso sezinto esibi sikaSathane, abanye bangase babuze: ‘Kungani kungokuphuthumayo ukuphila ngokulindela ukuphela?’ Kungokuphuthumayo ngoba ngokuqondile kuleyonkulumo, uJesu wanezela: “Qaphelani, nilinde . . . lindani.” (Marku 13:32-35) “Isibonakaliso” [separousia] kaJesu siye saqala ukubonakala ngo-1914. Manje silindele “isibonakaliso seNdodana yomuntu,” uma ‘iza’ njengomBhubhisi wababi ovela kuJehova.
17, 18. (a) Kungani uJesu ayaleza amaKristu ekhulu lokuqala ukuba abaleke eJerusalema ngokushesha uma ebona isibonakaliso sembubhiso yalo esondelayo? (b) Kungani kungaba yingozi ukungakunaki ukuphuthuma kwezikhathi zethu?
17 Lapho uJesu enikeza amaKristu aseJudiya ekhulu lokuqala isibonakaliso ayeyokwazi ngaso ukuthi isikhathi sase sifikile sokubaleka eJerusalema, wagcizelela isidingo sokuthatha isinyathelo ngokushesha. (Luka 21:20-23) Kungani kwakudingeka ukuphuthuma, njengoba cishe kwadlula iminyaka emine kusukela ekubonakaleni kwesibonakaliso ngo-66 C.E. nokubhujiswa kweJerusalema ngo-70 C.E.? Kungoba uJesu wayazi ukuthi uma babelibala, babezoqhubeka behlehlisa ukubaleka kwabo futhi ekugcineni batholwe ngamabutho amaRoma.
18 Ngokufanayo namuhla, kungaba yingozi kakhulu ngamaKristu ukungakunaki ukuphuthuma kwezikhathi zethu nokuthatha umbono “wokungajahi” obonisa ukungabaza ukuba seduze kwesiphelo.
19. Yisiphi isixwayiso esanikezwa uPetru noJesu?
19 Iparousia, noma ukuba khona, kukaKristu sekuqbubeke iminyaka engama-70 manje, futhi “ukuza” kwakhe ‘ngosuku lukaJehova’ ezobhubhisa izwe likaSathane kusondela ngokushesha. Umphostoli uPetru uthi lolusuku “luyakufika njengesela,” futhi unezela ukuthi kumelwe ‘sibheke ngokulangazelela ukufika kosuku lukaNkulunkulu.’ (2 Petru 3:10-12) UJesu futhi wasixwayisa: “Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhukuphila, lunizume lolosuku ningazelele. . . . Lindani.”—Luka 21:34-36.
20. Yini okumelwe sibonge ngayo, futhi ukulindela okufanele kobuKristu kungasilondoloza kanjani?
20 Yeka ukuthi kumelwe ukuba bajabula futhi babonga kangakanani oFakazi BakaJehova ngokugcinwa belindile ngokomoya yisigaba ‘senceku’ ethembekile neqaphile! Ukulindela okufanelekile kobuKristu kuyosilondoloza phakathi ‘nalezinsuku zokugcina’ eziyingozi futhi kuyosishukumisa ukuba sishisekele ukushumayela “ivangeli lombuso.” Kanjalo siyobe sisiza abanye ukuba balinde futhi basindele esimisweni sezinto esisha ‘okukhona ukulunga kuso.’—2 Thimothewu 3:1-5; Mathewu 24:14; 2 Petru 3:13.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka incwadi “Let Your Kingdom Come,” isahluko 14, neappendix yalesosahluko ekugcineni kwencwadi.
Ungakhumbula?
□ Kungani amaKristu kungamelwe angasinaki isikhathi ngokokubalwa kwezenzakalo kweBhayibheli?
□ lyiphi incazelo ekhethekile igama elithi “ukuba khona” elaba nayo?
□ Kungani kusafaneleka ukuthandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu uze?
□ Ungabaphendula kanjani labo abagxeka oFakazi BakaJehova ngokuqondene nokubalwa kwezikhathi?
□ Kungani kuyingozi ukungakunaki ukuphuthuma kwezikhathi zethu?
[Ibhokisi ekhasini 18]
Izinto AmaKristu Okwakumelwe Azilindele
Ukuphela “kwezikhathi zabezizwe.”—Luka 21:24.
“Isibonakaliso” sokuba khona kukaKristu nesokuphela kwezwe.—Mathewu 24:3–25:46.
Ukubonakaliswa okukhanyayo kwesigaba ‘senceku ethembekile neqondayo’.—Mathewu 24:45-47.
“Isibonakaliso seNdodana yomuntu,” uma ‘iza’ ukuzokhipha izahlulelo zikaJehova.—Mathewu 24:30.
[Isithombe ekhasini 17]
U-C. T. Russell nayekanye nabo bahlala belindile