Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • Umoya Ongcwele—Amandla KaNkulunkulu Ayisiphekupheku
    Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?
    • KuMathewu 28:19 kukhulunywa ‘ngegama lomoya ongcwele.’ Kodwa igama elithi ‘igama’ alisho ngaso sonke isikhathi igama lomuntu siqu, kokubili esiGrekini noma esiZulwini. Uma sithi “egameni lomthetho,” sisuke singabhekiselanga kumuntu. Sisuke sisho lokho okumelelwa umthetho, igunya lawo. IWord Pictures in the New Testament kaRobertson ithi: “Ukusetshenziswa kwegama elithi (onoma) lapha kungokuvamile kuyiSeptuagint nakumapapyrus ekumeleleni amandla noma igunya.” Ngakho ukubhapathizwa ‘egameni lomoya ongcwele’ kuqaphela igunya lomoya, ukuthi uvela kuNkulunkulu futhi usebenza ngentando yaphezulu.

  • Kuthiwani “Ngemibhalo Efakazela” UZiqu-zintathu?
    Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?
    • INEW Catholic Encyclopedia inikeza emithathu ‘yemibhalo enjalo efakazelayo’ kodwa ivume futhi: “Imfundiso kaZiqu-zintathu Ongcwele ayifundiswa eT[estamenteni] E[lidala]. ET[estamenteni] E[lisha] ubufakazi obudala kakhulu busezincwadini zikaPawulu, ikakhulukazi eyesi-2 Kor 13.13 [ivesi 14 kwamanye amaBhayibheli], neyoku-1 Kor 12.4-6. EmaVangelini ubufakazi bokuba khona kukaZiqu-zintathu butholakala ngokucacile kuphela emazwini afingqiwe obhapathizo kuMt 28.19.”

      Kulawomavesi “abantu” abathathu babalwe njengokulandelayo kuyiNew Jerusalem Bible. EyesiBili kwabaseKorinte 13:13 (14) ihlanganisa laba abathathu ngalendlela: “Umusa weNkosi uJesu Kristu, uthando lukaNkulunkulu nenhlanganyelo kaMoya Ongcwele makube nani nonke.” EyokuQala kwabaseKorinte 12:4-6 ithi: “Kunezipho eziningi ezihlukahlukene, kodwa uMoya munye ngaso sonke isikhathi; kunezindlela eziningi ezihlukahlukene zokukhonza, kodwa iNkosi yinye ngaso sonke isikhathi. Kunezinhlobo eziningi ezihlukahlukene zemisebenzi, kodwa kubantu bonke uNkulunkulu munye osebenza kubo bonke.” Futhi uMathewu 28:19 ufundeka kanje: “Ngakho-ke, hambani, yenzani izizwe zonke abafundi; zibhapathizeni egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele.”

      Ingabe lawomavesi athi uNkulunkulu, uKristu, nomoya ongcwele kwakha uNkulunkulu onguZiqu-zintathu, ukuthi lokhu okuthathu kuyalingana ngesimo, amandla, nangobuphakade? Cha, awasho lokho, njengoba ukubala abantu abathathu, njengoS’busiso, uBongani, noSipho, kungasho ukuthi bathathu koyedwa.

      Loluhlobo lwesikhombo, kuvuma iCyclopedia of Biblical, Theological, and Ecclesiastical Literature kaMcClintock noStrong, “lubonisa kuphela ukuthi kukhulunywa ngezinto ezintathu, . . . kodwa lulodwa, alubonisi ukuthi konke lokhu okuthathu nakanjani kungokohlobo lwaphezulu, futhi kunodumo olulinganayo lwaphezulu.”

      Nakuba isekela uZiqu-zintathu, leyoncwadi ithi ngokuqondene neyesi-2 Korinte 13:13 (14): “Asinakuphetha ngokufanelekile ngokuthi banegunya elilinganayo, noma bangabohlobo olufanayo.” Futhi ngoMathewu 28:18-20 ithi: “Nokho, lombhalo, uma ucatshangelwa wodwa, bewungenakubufakazela ngokuwujuqu ubuntu bezinto ezintathu ezishiwo, noma ukulingana kwazo noma ubunkulunkulu bazo.”

Zulu Publications (1975-2027)
Phuma
Ngena
  • IsiZulu
  • Thumela
  • Okukhethayo
  • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
  • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
  • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
  • JW.ORG
  • Ngena
Thumela