Imibuzo Evela Kubafundi
“INqabayokulinda” ka-November 1, 1995, yagxila kulokho uJesu akusho ‘ngalesi sizukulwane,’ njengoba sikufunda kuMathewu 24:34. Ingabe lokho kusho ukuthi kunokungabaza okuthile ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu wamiswa yini ezulwini ngo-1914?
Leyo ngxoxo ekuyi-Nqabayokulinda ayishintshanga lutho emfundisweni yethu eyisisekelo ngokuphathelene no-1914. UJesu wanikeza isibonakaliso esasiyobonisa ukuba khona kwakhe emandleni oMbuso. Sinobufakazi obuningi bokuthi lesi sibonakaliso besilokhu sigcwaliseka kusukela ngo-1914. Amaqiniso ngezimpi, indlala, izifo eziyimiqedazwe, ukuzamazama komhlaba nobunye ubufakazi, aqinisekisa ukuthi uJesu ubelokhu esebenza njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu kusukela ngo-1914. Lokhu kubonisa ukuthi besilokhu sisesiphelweni sesimiso sezinto kusukela ngaleso sikhathi.
Yini pho eyayicaciswa yile-Nqabayokulinda? Iphuzu eliyinhloko kwakuwumqondo uJesu alisebenzisa ngawo igama elithi “isizukulwane” kuMathewu 24:34. Leyo ndima ifundeka kanje: “Ngiqinisile ngithi kini lesisizukulwane asisoze sadlula zize zenzeke zonke lezizinto.” UJesu wayesho ukuthini ngegama elithi “isizukulwane,” kokubili osukwini lwakhe nolwethu?
Imibhalo eminingi ifakazela ukuthi uJesu akasebenzisanga elithi “isizukulwane” ngokuqondene neqembu elithile elincane noma elikhethekile, ebhekisela kubaholi bamaJuda noma abafundi bakhe abathembekile nje kuphela. Kunalokho, wasebenzisa elithi “isizukulwane” lapho elahla uquqaba lwamaJuda olwamenqaba. Nokho, ngokujabulisayo abantu babengenza lokho umphostoli uPetru anxusa ukuba bakwenze ngosuku lwePhentekoste, phendukani futhi ‘nisindiswe kulesisizukulwane esigwegwile.’—IzEnzo 2:40.
Kusobala ukuthi ngalawo mazwi uPetru wayengabhekiseli kunoma yibuphi ubudala obunqunyiwe noma ubude besikhathi, futhi wayengahlobanisi “isizukulwane” nanoma yisiphi isikhathi. Akashongo ukuthi abantu kufanele basindiswe esizukulwaneni esazalwa ngonyaka uJesu azalwa ngawo noma esazalwa ngo-29 C.E. UPetru wayekhuluma ngamaJuda angakholwa angaleyo nkathi—mhlawumbe amanye ayesemasha, amanye esemadala—ayezwe imfundiso kaJesu, abona izimangaliso zakhe noma ezwa ngazo, kodwa angazange amamukele njengoMesiya.
Ngokusobala uPetru wakuqonda ngaleyo ndlela ukusebenzisa kukaJesu elithi “isizukulwane” lapho yena nabanye abaphostoli abathathu benoJesu eNtabeni Yeminqumo. Ngokwamazwi kaJesu esiprofetho, amaJuda angaleyo nkathi—ngokuyinhloko, lawo ayephila ngesikhathi sikaJesu—ayezobona noma ezwe ngezimpi, ukuzamazama komhlaba, indlala nobunye ubufakazi bokuthi ukuphela kwesimiso samaJuda kwakuseduze. Eqinisweni, leso sizukulwane asizange sidlule ngaphambi kokuba kufike ukuphela ngo-70 C.E.—Mathewu 24:3-14, 34.
Kumelwe kuvunywe ukuthi besilokhu singawaqondi ngaleyo ndlela amazwi kaJesu. Abantu abangaphelele banokuthambekela kokufuna ukwazi ngokunembile isikhathi sokufika kokuphela. Khumbula ukuthi ngisho nabaphostoli babefuna imininingwane eqondile, bebuza: “Nkosi, ingabe ubuyisela umbuso ku-Israyeli ngalesisikhathi?”—IzEnzo 1:6.
Ngezinhloso ezifanayo eziqotho, izinceku zikaNkulunkulu namuhla ziye zazama ukuthola isici sesikhathi esiqondile kulokho uJesu akusho ‘ngesizukulwane,’ zibala kusukela ku-1914. Ngokwesibonelo, enye indlela okuye kwacatshangwa ngayo iye yaba ukuthi isizukulwane singathatha iminyaka engu-70 noma engu-80 futhi sihlanganise abantu abadala ngokwanele ukuba baqonde okushiwo yimpi yezwe yokuqala nezinye izenzakalo; ngakho cishe singabala ukuthi ukuphela kuseduze kangakanani.
Kungakhathaliseki ukuthi ukucabanga okunjalo kwakunenhloso enhle kanjani, ingabe kwakuvumelana neseluleko uJesu asinikeza? UJesu wathi: “Ngokuphathelene nalolosuku nalelohora akekho owaziyo, nazingelosi zasemazulwini naNdodana, kodwa uBaba kuphela. . . . Ngakho-ke, hlalani nilindile ngoba anazi ukuthi iNkosi yenu iza ngaluphi usuku.”—Mathewu 24:36-42.
Ngakho ukwaziswa kwamuva okukuyi-Nqabayokulinda okuphathelene ‘nalesi sizukulwane’ akuzange kushintshe ukuqonda kwethu lokho okwenzeka ngo-1914. Kodwa kusenze sayiqonda ngokucace kakhudlwana indlela uJesu asebenzisa ngayo igama elithi “isizukulwane,” kusisiza ukuba sibone ukuthi ukulisebenzisa kwakhe kwakungesona isisekelo sokubala—kusukela ku-1914—ukuthi siseduze kangakanani nokuphela.