Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe uye wabacabangela ngokucophelela omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Ungase ukuthole kuthakazelisa ukuzikhumbuza lokhu okulandelayo:
◻ Umuntu ‘uza kanjani kuJesu’ ngokuvumelana nesimemo sakhe esikuMathewu 11:28?
UJesu wathi: “Uma noma ubani efuna ukungilandela, makazidele athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa angilandele njalo.” (Mathewu 16:24) Ngakho, ukuza kuJesu kusikisela ukudela komuntu intando yakhe siqu enze ekaNkulunkulu noKristu, amukele umthwalo wemfanelo othile, lokho akwenze ngokuqhubekayo.—8/15, ikhasi 17.
◻ Kungani ‘kungabambalwa’ kuphela abathola ‘umgwaqo onyinyekile oholela ekuphileni’ uJesu akhuluma ngawo kuMathewu 7:13, 14?
Umgwaqo owumngcingo ubekelwe imingcele yimithetho nezimiso zikaNkulunkulu. Ngakho, ungakhanga kuphela kumuntu ofisa ngobuqotho ukuvumelanisa ukuphila kwakhe nezindinganiso zikaNkulunkulu. Nakuba ubonakala sengathi uyavimbela, ‘umgwaqo onyinyekile’ ukhulula umuntu kuzo zonke izici ezibalulekile. Imingcele yawo ibekwa “umthetho ophelele ongowenkululeko.” (Jakobe 1:25)—9/1, ikhasi 5.
◻ Ukuqonda kungahlakulelwa kanjani?
Ukuqonda akutholakali kalula noma ngokwemvelo. Kodwa ngokubekezela, umthandazo, umzamo oqotho, ukuba nabangane abahlakaniphile, ukutadisha iBhayibheli nokuzindla ngalo, nokwethembela emoyeni ongcwele kaJehova, ukuqonda kungahlakulelwa.—9/1, ikhasi 21.
◻ Umhawu wabantu ungakufeza kanjani okuhle?
Ungashukumisela umuntu ukuba avikele umuntu amthandayo emathonyeni amabi. Ngaphezu kwalokho, abantu bangabonisa umhawu ngokufanelekile ngoJehova nokukhulekelwa kwakhe. (1 AmaKhosi 19:10)—9/15, ikhasi 9.
◻ Asho ukuthini amazwi akuGenesise 50:23 amayelana nabazukulu bakaJosefa athi: “Bazalelwa emathangeni kaJosefa”?
Lokhu kungase kusho nje ukuthi uJosefa wayamukela lezi zingane njengeziyinzalo yakhe. Kusengabonisa nokuthi wayedlala nazo ngokusondelana ngokomzwelo, ezidlalisa emadolweni akhe. Obaba namuhla benza kahle ngokubonisa izingane zabo ukusondelana ngokomzwelo okufanayo.—9/15, ikhasi 21.
◻ Yini ebaluleke kakhulu ukuze umshado nokuphila komkhaya kuphumelele?
Ukuze kufinyelelwe imiphumela enjalo efiselekayo, abangane bomshado kumelwe babeke intando kaNkulunkulu kuqala ngaso sonke isikhathi. Ngokwenza kanjalo, abangane bomshado bazama ukuhlala ndawonye futhi balungise izinkinga zabo ngokusebenzisa iseluleko seZwi likaNkulunkulu. Ngaleyo ndlela bagwema zonke izinhlobo zobuhlungu benhliziyo eziba khona lapho intando kaNkulunkulu inganakwa. (IHubo 19:7-11)—10/1, ikhasi 11.
◻ Ubaluleke kangakanani namuhla umuzwa wokuphuthuma wokuhlonipha uNkulunkulu?
Umuzwa wokuphuthuma wokuhlonipha uNkulunkulu uyingxenye ebalulekile yenkonzo yomphefumulo wonke eyenzelwa uJehova. Uxosha futhi usize ekuvimbeleni imizamo kaDeveli yokubangela izinceku zikaNkulunkulu ukuba ‘zikhathale futhi ziphele amandla emiphefumulweni yazo.’ (Heberu 12:3) Uzivikela ekuhilelekeni ngokungadingekile ezweni nokuthanda kwalo izinto ezibonakalayo, ugxilisa izingqondo zazo ezintweni eziphakeme—“ukuphila kwangempela.” (1 Thimothewu 6:19)—10/1, ikhasi 28.
◻ Emfanekisweni wezimvu nezimbuzi, uJesu uhlala nini esihlalweni sakhe sobukhosi futhi ngani? (Mathewu 25:31-33)
Lomfanekiso awumbonisi ehlala phansi ngomqondo wokuba iNkosi. Kunalokho, uhlala phansi njengoMahluleli. Lokho kwahlulela akukhona okuthile okuhlanganisa inkathi eyiminyaka eminingi. Kunalokho, lomfanekiso ukhomba esikhathini esizayo lapho, ngesikhathi esilinganiselwe, uJesu ememezela isahlulelo ezizweni futhi eqiniseka ngokufezwa kwaso.—10/15, amakhasi 22, 23.
◻ Siyini “isizukulwane” uJesu abhekisela kuso kaningi?
UJesu wasebenzisa amagama athi “lesi sizukulwane” oquqabeni lwesikhathi sakhe ‘nabaqondisi balo abayizimpumputhe’ ababakha isizwe samaJuda. (Mathewu 11:16; 15:14; 24:34)—11/1, ikhasi 14.
◻ Ekugcwalisekeni kokugcina kwesiprofetho sikaJesu esikuMathewu 24:34-39, amazwi athi “lesi sizukulwane” abhekisela kuphi?
Ngokusobala uJesu ubhekisela kubantu emhlabeni ababona isibonakaliso sokuba khona kukaKristu kodwa bahluleke ukulungisa izindlela zabo.—11/1, amakhasi 19, 31.
◻ Ilungiselelo lemizi yesiphephelo nemithetho yayo evimbelayo labazuzisa kanjani abantu kwa-Israyeli wasendulo?
Lagxilisa kuma-Israyeli ukuthi akufanele abe budedengu noma angakukhathaleli ukuphila komuntu. Lagcizelela nesidingo sokubonisa isihe lapho ukwenza kanjalo kufaneleka. (Jakobe 2:13)—11/15, ikhasi 14.
◻ Uyini umuzi wesiphephelo owafanekiselwa?
Leli ilungiselelo likaNkulunkulu lokusivikela ekufeni ngenxa yokweqa umyalo wakhe ngobungcwele begazi. (Genesise 9:6)—11/15, ikhasi 17.
◻ Abafowethu abangamaKristu bangasisiza kanjani ukuba ‘sithole amandla amasha’? (Isaya 40:31)
Phakathi kwabafowethu nodadewethu abangamaKristu kunabanye okungenzeka babhekene nezingcindezi nokulingwa okufanayo futhi okungenzeka banemizwa enjengeyethu. (1 Petru 5:9) Kumisa idolo kuqinise nokholo ukwazi ukuthi okusehlelayo akukhona okungavamile nokuthi imizwa esinayo ivamile.—12/1, amakhasi 15, 16.