Izikhathi Nezinkathi Zisezandleni ZikaJehova
“Akukhona okwenu ukuthola ulwazi ngezikhathi noma izinkathi uBaba azibeke egunyeni lakhe siqu.”—IZENZO 1:7.
1. UJesu wayiphendula kanjani imibuzo yabaphostoli bakhe egxile esikhathini?
KUYINTO elindelekile ngalabo “ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa” kweLobukholwa nakuwo wonke umhlaba ukuba bazibuze ukuthi kazi lesi simiso esibi siyophela nini, indawo yaso ithathwe yizwe elisha lokulunga likaNkulunkulu. (Hezekeli 9:4; 2 Petru 3:13) Abaphostoli bakaJesu bambuza imibuzo egxile esikhathini ngaphambi nje kokufa kwakhe nangemva kokuvuka kwakhe. (Mathewu 24:3; IzEnzo 1:6) Nokho, lapho ebaphendula, uJesu akazange abanike indlela yokubala izinsuku. Kwesinye isenzakalo wabanika isibonakaliso esiyinhlanganisela, futhi kwesinye wathi ‘kwakungekhona okwabo ukuthola ulwazi ngezikhathi noma izinkathi uYise ayezibeke egunyeni lakhe siqu.’—IzEnzo 1:7.
2. Kungani kungase kuthiwe uJesu akazange alwazi ngaso sonke isikhathi uhlelo lukaYise lwezikhathi zezenzakalo okufanele zenzeke esikhathini sokuphela?
2 Nakuba uJesu eyiNdodana kaJehova ezelwe yodwa, naye uqobo ubengalwazi ngaso sonke isikhathi uhlelo lukaYise lwezikhathi zezenzakalo. Esiprofethweni sakhe esiphathelene nezinsuku zokugcina, uJesu wavuma ngokuthobeka: “Ngokuphathelene nalolosuku nalelohora akekho owaziyo, nazingelosi zasemazulwini naNdodana, kodwa uBaba kuphela.” (Mathewu 24:36) UJesu wayezimisele ukulinda uYise ngesineke ukuba amambulele isikhathi esiqondile sokuthatha isinyathelo sokubhubhisa lesi simiso sezinto esibi.a
3. Yini esingayifunda ezimpendulweni zikaJesu zemibuzo ephathelene nenjongo kaNkulunkulu?
3 Kunezinto ezimbili esingaziqonda endleleni uJesu aphendula ngayo imibuzo ephathelene nokuthi zaziyokwenzeka nini izinto ezifeza injongo kaNkulunkulu. Okokuqala, ukuthi uJehova unohlelo lwezikhathi; okwesibili, ukuthi nguye yedwa olumisayo, futhi izinceku zakhe azinakulindela ukuba zinikwe ukwaziswa okuqondile kusengaphambili mayelana nezikhathi noma izinkathi zakhe.
Izikhathi Nezinkathi ZikaJehova
4. Asho ukuthini amagama esiGreki ahunyushwe ngokuthi ‘izikhathi’ nokuthi “izinkathi” kuzEnzo 1:7?
4 Lisho ukuthini igama elithi ‘izikhathi’ nelithi “izinkathi”? Amazwi kaJesu akuzEnzo 1:7 anezici ezimbili zesikhathi. Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘izikhathi’ lisho “isikhathi ngomqondo wobude besikhathi okwenzeka ngaso okuthile,” isilinganiso sesikhathi (eside noma esifushane). Elithi “izinkathi” liwukuhunyushwa kwegama elibhekisela esikhathini esinqunyiwe noma esimisiwe, inkathi ethile ngokuqondile, ephawuleka ngezici ezithile. Ngokuqondene nala magama amabili okususelwa kuwo, uW. E. Vine uthi: “KuzEnzo 1:7, ‘uYise umise ngaphakathi kwegunya laKhe uqobo’ kokubili izikhathi (chronos), ubude bezinkathi, nezinkathi (kairos), izikhathi ezinqunyiwe eziphawuleka ngezenzakalo ezithile.”
5. UJehova wamazisa nini uNowa ngenjongo yaKhe yokubhubhisa izwe elonakele, futhi yimuphi umsebenzi okabili owenziwa uNowa?
5 Ngaphambi kweSikhukhula, uNkulunkulu walimisela isikhathi esiyiminyaka engu-120 izwe elonakele elalibangelwe abantu nezingelosi ezazihlubukile ezathatha imizimba yenyama. (Genesise 6:1-3) UNowa owayehlonipha uNkulunkulu wayeneminyaka engu-480 ubudala ngaleso sikhathi. (Genesise 7:6) Wayengenamntwana futhi wahlala engenaye iminyaka engu-20 eyalandela. (Genesise 5:32) Kamuva impela, lapho amadodana kaNowa esengabantu abadala futhi eseshadile, uNkulunkulu wazisa uNowa ngenjongo yaKhe yokususa ububi emhlabeni. (Genesise 6:9-13, 18) Ngisho nangaleso sikhathi, nakuba uNowa ayephathiswe umsebenzi okabili wokwakha umkhumbi nokushumayeza abantu bangesikhathi sakhe, uJehova akamambulelanga uhlelo lwakhe lwezikhathi.—Genesise 6:14; 2 Petru 2:5.
6. (a) UNowa wabonisa kanjani ukuthi isikhathi wayesishiyele ezandleni zikaJehova? (b) Singasilandela kanjani isibonelo sikaNowa?
6 Amashumi eminyaka—mhlawumbe ingxenye yekhulu leminyaka—“uNowa wenze njalo; njengalokho uNkulunkulu emyalile.” UNowa wenza kanjalo “ngokholo,” engalwazi usuku oluqondile. (Genesise 6:22; Heberu 11:7) UJehova akazange amazise isikhathi esiqondile sezenzakalo kwaze kwaba yilapho sekusele isonto elilodwa ngaphambi kokuba kufike isikhathi sokuqala kukaZamcolo. (Genesise 7:1-5) Ukwethembela kukaNowa kuJehova nokuba nokholo kuye ngokuphelele kwamenza wakwazi ukushiyela izici zesikhathi ezandleni zikaNkulunkulu. Futhi yeka indlela okumelwe ukuba uNowa wajabula ngayo lapho ezizwa evikelwe nguJehova phakathi neSikhukhula futhi kamuva ephuma emkhunjini ephumela emhlabeni ohlanziwe! Njengoba sinethemba elifanayo lokukhululwa, akufanele yini sibonise ukholo olunjalo kuNkulunkulu?
7, 8. (a) Zaba khona kanjani izizwe nemibuso yezwe? (b) UJehova ‘wazinquma’ kanjani “izikhathi ezimisiwe nemikhawulo emisiwe yokuhlala kwabantu”?
7 Ngemva kweSikhukhula, iningi lenzalo kaNowa lakushiya ukukhulekela kweqiniso kukaJehova. Linenjongo yokuhlala lisendaweni eyodwa, laqala ukwakha umuzi nombhoshongo kokukhulekela kwamanga. UJehova wanquma ukuthi kwase kuyisikhathi sokungenela. Waphambanisa ulimi lwale nzalo futhi ‘wayihlakazela emhlabeni wonke [isuka eBabele].’ (Genesise 11:4, 8, 9) Kamuva, amaqembu ezilimi akhula aba izizwe, ezinye zazo ezagwinya ezinye izizwe futhi zaba imibuso yezifunda, ezinye zaba nayimibuso yomhlaba.—Genesise 10:32.
8 Ngokuvumelana nokufezeka kwenjongo yakhe, ngezikhathi ezithile uNkulunkulu wayenquma imingcele yezizwe nokuthi isizwe esithile sasiyobusa ngayiphi inkathi yesikhathi endaweni noma njengombuso wezwe. (Genesise 15:13, 14, 18-21; Eksodusi 23:31; Duteronomi 2:17-22; Daniyeli 8:5-7, 20, 21) Umphostoli uPawulu wabhekisela kulesi sici sezikhathi nezinkathi zikaJehova lapho etshela izihlakaniphi ezingamaGreki e-Athene: “UNkulunkulu owenza izwe nakho konke okukulo . . . wenza ngomuntu oyedwa zonke izizwe zabantu, ukuba zihlale kubo bonke ubuso bomhlaba, futhi wanquma izikhathi ezimisiwe nemikhawulo emisiwe yokuhlala kwabantu.”—IzEnzo 17:24, 26.
9. UJehova uye ‘waziguqula’ kanjani “izikhathi nezinkathi” ngokuphathelene namakhosi?
9 Lokhu akusho ukuthi nguJehova obangela konke ukunqoba nezinguquko zezombangazwe phakathi kwezizwe. Nokho, angangenela lapho ekhetha ukwenza kanjalo ukuze afeze injongo yakhe. Ngakho, umprofethi uDaniyeli, owayezobona ukubhubha koMbuso Wezwe WaseBabiloni nokuthathwa kwendawo yawo ngamaMede NamaPheresiya, wathi ngoJehova: “Uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi.”—Daniyeli 2:21; Isaya 44:24–45:7.
“Sasisondela Isikhathi”
10, 11. (a) UJehova wasinquma kusekude kangakanani isikhathi ayeyokhulula ngaso inzalo ka-Abrahama ebugqilini? (b) Yini esikisela ukuthi ama-Israyeli ayengazi ngokuqondile ukuthi ayeyokhululwa nini?
10 Kusasele iminyaka engaphezu kwamakhulu amane, uJehova wabeka unyaka oqondile ayeyothobisa ngawo inkosi yoMbuso Wezwe WaseGibithe futhi akhulule inzalo ka-Abrahama ebugqilini. Ambulela u-Abrahama injongo yakhe, uNkulunkulu wathembisa: “Yazisisa ukuthi inzalo yakho izakuba-ngumfokazi ezweni elingesilo elayo, ibe-yisigqila, icindezelwe iminyaka engamakhulu amane. Kepha lesosizwe eyakuba-yizigqila zaso ngiyakusahlulela mina; ngasemuva iyakuphuma inempahla eningi.” (Genesise 15:13, 14) Emlandweni wakwa-Israyeli ofingqiwe, uStefanu awunikeza phambi kweSanhedrini, wabhekisela kule nkathi yeminyaka engu-400 wayesethi: “Njengoba nje sasisondela isikhathi sokugcwaliseka kwesithembiso uNkulunkulu ayesishó obala ku-Abrahama, isizwe sakhula futhi saphindaphindeka eGibithe, kwaze kwavela enye inkosi phezu kweGibithe, eyayingazi ngoJosefa.”—IzEnzo 7:6, 17, 18.
11 Lo Faro omusha wenza ama-Israyeli aba yizigqila. UMose wayengakayibhali incwadi kaGenesise, nakuba kungenzeka ukuthi izithembiso uJehova azenza ku-Abrahama zazidluliselwe kwabanye ngomlomo noma ngokuzibhala. Noma kunjalo, kubonakala sengathi ukwaziswa ama-Israyeli ayenakho akuwenzanga akwazi ukubala usuku oluqondile lokukhululwa kwawo ekucindezelweni. UNkulunkulu wayazi ukuthi wayezowakhulula nini, kodwa ngokusobala ama-Israyeli ayehlupheka ayengaziswanga. Siyafunda: “Kwathi sekudlulile izinsuku eziningi, inkosi yaseGibithe yafa; abakwaIsrayeli babubula ngenxa yobugqila, bakhala; ukukhala kwabo kwenyukela kuNkulunkulu ngobugqila babo. UNkulunkulu wezwa ukububula kwabo; uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe noAbrahama, noIsaka, noJakobe. UNkulunkulu wabona abantwana bakwaIsrayeli, wabanakekela.”—Eksodusi 2:23-25.
12. UStefanu wabonisa kanjani ukuthi uMose wathatha isinyathelo ngaphambi kwesikhathi sikaJehova?
12 Lokhu kuntula ulwazi lwesikhathi esiqondile sokukhululwa kuka-Israyeli kuyabonakala nasekulandiseni kukaStefanu. Ekhuluma ngoMose, wathi: “Lapho isikhathi sonyaka wakhe wamashumi amane sigcwaliseka, kwafika enhliziyweni yakhe ukuba ahlole abafowabo, amadodana ka-Israyeli. Futhi lapho ebona othile ephathwa ngokungafanele, wamvikela futhi waphindiselela lowo owayephathwa kabi ngokushaya umGibithe amlahle phansi. Wayecabanga ukuthi abafowabo bayoqonda ukuthi uNkulunkulu wayebanika insindiso ngesandla sakhe, kodwa abazange bakuqonde lokho.” (IzEnzo 7:23-25) UMose lapha wathatha isinyathelo kusasele iminyaka engu-40 ukuba kufike isikhathi sikaNkulunkulu. UStefanu waphawula ukuthi uMose kwadingeka alinde eminye iminyaka engu-40 ngaphambi kokuba uNkulunkulu ‘anike ama-Israyeli insindiso ngesandla sakhe.’—IzEnzo 7:30-36.
13. Isimo sethu sifana kanjani nesama-Israyeli ngaphambi kokukhululwa kwawo eGibithe?
13 Nakuba “sasisondela isikhathi sokugcwaliseka kwesithembiso” futhi uNkulunkulu ayewumisile lowo nyaka oqondile, uMose nawo wonke u-Israyeli kwadingeka babonise ukholo. Kwadingeka balinde isikhathi sikaJehova esimisiwe, ngokusobala bengenakusibala kusengaphambili. Nathi siyaqiniseka ukuthi ukukhululwa kwethu esimisweni sezinto esibi samanje kuyasondela. Siyazi ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina.” (2 Thimothewu 3:1-5) Ngakho akufanele yini sizimisele ukubonisa ukholo lwethu futhi silinde isikhathi sikaJehova esifanele sosuku lwakhe olukhulu? (2 Petru 3:11-13) Khona-ke, njengoMose nama-Israyeli, singahlabelela ingoma yokukhululwa ewunqambothi, kube udumo kuJehova.—Eksodusi 15:1-19.
‘Lapho Kufika Isikhathi’
14, 15. Sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu wayemise isikhathi sokuba iNdodana yakhe ize emhlabeni, futhi yini abaprofethi ngisho nezingelosi ezahlala ziyilindile?
14 UJehova wayebeke isikhathi esimisiwe sokuba iNdodana yakhe ezelwe yodwa ize emhlabeni njengoMesiya. UPawulu wabhala: “Lapho kufika ukuphelela kwalesosikhathi, uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe, eyavela kowesifazane futhi eyaba ngaphansi komthetho.” (Galathiya 4:4) Lokhu kwakugcwalisa isithembiso sikaNkulunkulu sokuthumela iNzalo—‘uShilo, izizwe ezaziyomlalela.’—Genesise 3:15; 49:10, NW.
15 Abaprofethi bakaNkulunkulu—ngisho nezingelosi—baqhubeka belinde “inkathi” uMesiya ayeyobonakala ngayo emhlabeni futhi kwenziwe kube nokwenzeka ukuba isintu esinesono sithole insindiso. UPetru wathi: “Ngokuphathelene nayo kanye lensindiso abaprofethi abaprofetha ngomusa ongafanelwe ohloselwe nina benza ukuphenya ngenkuthalo nokuhlola kokucophelela. Baqhubeka behlola ukuthi umoya owawukubo wawukhomba kuyiphi inkathi ngokukhethekile noma kuluphi uhlobo lwenkathi ngokuphathelene noKristu lapho ufakaza kusengaphambili ngezinhlupheko zikaKristu nangezinkazimulo ezazizozilandela. . . . Izingelosi zifisa ukusinga zona kanye lezizinto.”—1 Petru 1:1-5, 10-12.
16, 17. (a) UJehova wawasiza ngasiphi isiprofetho amaJuda ekhulu lokuqala ukuba alindele uMesiya? (b) Isiprofetho sikaDaniyeli sakuthinta kanjani ukulindela kwamaJuda uMesiya?
16 Ngomprofethi wakhe uDaniyeli—indoda yokholo olungantengi—uJehova wayenikeze isiprofetho esihilela “amasonto angamashumi ayisikhombisa.” Leso siprofetho sasiyokwenza amaJuda ekhulu lokuqala akwazi ukwazi ukuthi ukubonakala kukaMesiya othenjisiwe kwakusondela. Ngokwengxenye, lesi siprofetho sathi: “Kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo, umbusi, kuyakuba-ngamasonto ayisikhombisa, . . . [namasonto] angamashumi ayisithupha nambili.” (Daniyeli 9:24, 25) Izazi ezingamaJuda, ezingamaKatolika nezingamaProthestani ngokuvamile ziyavuma ukuthi “amasonto” okukhulunywa ngawo lapha asho amasonto ayiminyaka. “Amasonto” angu-69 (iminyaka engu-483) kaDaniyeli 9:25 aqala ngo-455 B.C.E., lapho iNkosi u-Aritahishashita yasePheresiya igunyaza uNehemiya ukuba ‘abuyise futhi akhe [kabusha] iJerusalema.’ (Nehemiya 2:1-8) Aphela eminyakeni engu-483 kamuva—ngo-29 C.E., lapho uJesu ebhapathizwa futhi egcotshwa ngomoya ongcwele, kanjalo eba nguMesiya, noma uKristu.—Mathewu 3:13-17.
17 Akwaziwa ukuthi amaJuda ekhulu lokuqala ayazi ngokuqondile yini ukuthi le minyaka engu-483 yayiqala nini. Kodwa lapho uJohane uMbhapathizi eqala inkonzo yakhe, “abantu babelindele futhi bonke bezindla ezinhliziyweni zabo ngoJohane bethi: ‘Kungenzeka yini mhlawumbe ukuthi unguKristu?’” (Luka 3:15) Ezinye izazi zeBhayibheli zihlobanisa lokhu kulindela nesiprofetho sikaDaniyeli. Ekhuluma ngaleli vesi, uMatthew Henry wabhala: “Lapha sitshelwa . . . indlela abantu abafinyelela ngayo esiphethweni, ngenxa yenkonzo nobhapathizo lukaJohane, sokucabanga ngoMesiya, futhi bacabanga ukuthi usemnyango. . . . Amasonto angamashumi ayisikhombisa kaDaniyeli ayesephela manje.” I-Manuel Biblique yesiFulentshi, kaVigouroux, uBacuez, noBrassac ithi: “Abantu babazi ukuthi amasonto angamashumi ayisikhombisa eminyaka amiswa nguDaniyeli ayeseya ekupheleni; akukho muntu okwammangaza ukuzwa uJohane uMbhapathizi ememezela ukuthi umbuso kaNkulunkulu wawususondele.” Isazi esingumJuda u-Abba Hillel Silver sabhala ukuthi ‘ngokwendlela evamile yokubala izikhathi’ yangaleso sikhathi, “uMesiya wayelindelwe cishe phakathi [kuka-25 no-50 C.E.]”
Izenzakalo—Akukhona Ukubala Izikhathi
18. Nakuba isiprofetho sikaDaniyeli sasiza amaJuda ukuba abone isikhathi uMesiya ayengase alindeleke ukuba abonakale ngaso, yibuphi ubufakazi obabukholisa kunabo bonke bokuthi uJesu wayenguMesiya?
18 Nakuba ukubala izikhathi ngokusobala kwawasiza amaJuda ukuba abe nomqondo othile ngokuthi uMesiya kwakufanele abonakale nini, izenzakalo ezalandela zibonisa ukuthi akuzange kulikholise iningi lawo ukuthi uJesu wayenguMesiya. Esikhathini esingaphansi konyaka ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu wabuza abafundi bakhe: “Izixuku zithi ngingubani?” Baphendula bathi: “UnguJohane uMbhapathizi; kodwa abanye bathi, ungu-Eliya, kodwa nokho abanye bathi, kuvuke omunye wabaprofethi basendulo.” (Luka 9:18, 19) Akukho mbhalo obonisa ukuthi uJesu wake wacaphuna isiprofetho samasonto angokomfanekiso ukuze afakazele ukuthi wayenguye uMesiya. Kodwa kwesinye isenzakalo, wathi: “Mina nginobufakazi obukhulu kunobukaJohane, ngoba yona kanye imisebenzi uBaba angabele ukuba ngiyifeze, yona lemisebenzi engiyenzayo, ngokwayo iyafakaza ngami ukuthi uBaba ungithumile.” (Johane 5:36) Ukushumayela kukaJesu, izimangaliso zakhe nezenzakalo zangesikhathi sokufa kwakhe (ubumnyama obuyisimangaliso, ukudabuka kwesihenqo sethempeli nokuzamazama komhlaba) kwafakazela ukuthi wayenguMesiya othunywe nguNkulunkulu, kunokuba kube ukubalwa okuthile kwezikhathi okwambuliwe.—Mathewu 27:45, 51, 54; Johane 7:31; IzEnzo 2:22.
19. (a) AmaKristu ayeyokwazi kanjani ukuthi ukubhujiswa kweJerusalema kwase kusondele? (b) Kungani amaKristu okuqala abaleka eJerusalema ayesaludinga ukholo olukhulu?
19 Ngokufanayo, ngemva kokufa kukaJesu, amaKristu okuqala awanikwanga ndlela yokubala ukuphela kwesimiso sezinto samaJuda okwakusondela. Yiqiniso, isiprofetho sikaDaniyeli samasonto angokomfanekiso sakhuluma ngokubhujiswa kwaleso simiso. (Daniyeli 9:26b, 27b) Kodwa lokhu kwakuyokwenzeka ngemva kokuphela ‘kwamasonto angamashumi ayisikhombisa’ (455 B.C.E.–36 C.E.). Ngamanye amazwi, ngemva kokuba abeZizwe bokuqala bebe abalandeli bakaJesu ngo-36 C.E., amaKristu ayesezidlulile izimpawu zokubala izikhathi zikaDaniyeli isahluko 9. Kuwo, okwakuyobonisa ukuthi isimiso samaJuda kumelwe siphele maduze nje kwakuyizenzakalo, hhayi ukubala izikhathi. Lezo zenzakalo, ezabikezelwa nguJesu, zaqala ukufinyelela umvuthwandaba kusukela ngo-66 C.E., lapho amabutho amaRoma ehlasela iJerusalema futhi kamuva ehoxa. Lokhu kwanikeza amaKristu athembekile nayelalela eJerusalema naseJudiya ithuba ‘lokubalekela ezintabeni.’ (Luka 21:20-22) Njengoba ayengenazimpawu zokubala izikhathi, lawo maKristu okuqala ayengazi ukuthi ukubhujiswa kweJerusalema kwakuyokwenzeka nini. Yeka ukholo olwaludingeka kuwo ukuze ashiye amakhaya awo, amapulazi namashabhu okusebenzela ayohlala ngaphandle kweJerusalema iminyaka engaba mine kuze kube yilapho ibutho lamaRoma libuya ngo-70 C.E. lizoqothula isimiso samaJuda!—Luka 19:41-44.
20. (a) Singazuza kanjani ezibonelweni zikaNowa, uMose namaKristu ekhulu lokuqala eJudiya? (b) Yini esizoxoxa ngayo esihlokweni esilandelayo?
20 NjengoNowa, uMose namaKristu ekhulu lokuqala eJudiya, nathi namuhla izikhathi nezinkathi singazishiyela ezandleni zikaJehova ngokuqiniseka. Ukuqiniseka kwethu ngokuthi siphila esikhathini sokuphela nokuthi ukukhululwa kwethu kuyasondela akuxhomekile nje ekubaleni izikhathi, kodwa kusekelwe ezenzakalweni ezingokoqobo ezigcwalisa iziprofetho zeBhayibheli. Ngaphezu kwalokho, nakuba siphila phakathi nokuba khona kukaKristu, sisekhona isidingo sokuba sibonise ukholo futhi sihlale siqaphile. Kumelwe siqhubeke siphila ngokuzilangazelela okukhulu izenzakalo ezithakazelisayo ezibikezelwe emiBhalweni. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngalokhu.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka INqabayokulinda ka-August 1, 1996, amakhasi 30-1.
Ukubukeza
◻ Ngokuphathelene nezikhathi nezinkathi zikaJehova, yini uJesu ayitshela abaphostoli bakhe?
◻ UNowa wazi kusekude kangakanani ukuthi iSikhukhula kwakufanele siqale nini?
◻ Yini ebonisa ukuthi uMose nama-Israyeli babengazi ngokuqondile ukuthi babeyokhululwa nini eGibithe?
◻ Singazuza kanjani ezibonelweni zeBhayibheli ezihilela izikhathi nezinkathi zikaJehova?
[Isithombe ekhasini 11]
Ukholo lukaNowa lwamenza wakwazi ukushiyela izici zesikhathi ezandleni zikaJehova