Ingabe Uyasifeza Sonke Isibopho Sakho KuNkulunkulu?
“UNkulunkulu uyakuyisa yonke imisebenzi ekwahlulelweni kanye nakho konke okufihliweyo, noma kuhle noma kubi.”—UMSHUMAYELI 12:14.
1. Yimaphi amalungiselelo uJehova aye wawenzela abantu bakhe?
UJEHOVA uyabasekela labo abahlala bemkhumbula njengoMdali wabo. IZwi lakhe eliphefumulelwe libanika ulwazi oludingekayo ukuze bamjabulise ngokugcwele. Umoya ongcwele kaNkulunkulu uyabaqondisa ekwenzeni intando yaphezulu ‘nasekutheleni isithelo kuyo yonke imisebenzi emihle.’ (Kolose 1:9, 10) Ngaphezu kwalokho, uJehova unikeza ukudla okungokomoya nesiqondiso esingokwasezulwini ‘ngesigqila esikholekile nesiqondayo.’ (Mathewu 24:45-47) Khona-ke, abantu bakaNkulunkulu bathola isibusiso sasezulwini ngezindlela eziningi njengoba bekhonza uJehova futhi befeza umsebenzi obalulekile wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso.—Marku 13:10.
2. Yimiphi imibuzo engase iphakame ngokuphathelene nenkonzo eya kuJehova?
2 AmaKristu eqiniso ayakujabulela ukuba matasa enkonzweni engcwele eya kuJehova. Nokho, amanye angase adangale, acabange ukuthi imizamo yawo iyize. Ngokwesibonelo, ngezinye izikhathi amaKristu azinikezele angase azibuze ukuthi ingabe imizamo yawo eqotho iyasiza ngempela yini. Lapho inhloko yomkhaya icabanga ngesifundo somkhaya neminye imisebenzi, ingase ifikelwe yimibuzo enjengethi: ‘Ingabe uJehova uyakujabulela ngempela lokho esikwenzayo? Ingabe siyasifeza sonke isibopho sethu kuNkulunkulu?’ Amazwi ahlakaniphile oMshumayeli angasiza ekuphenduleni imibuzo enjalo.
Ingabe Konke Kuyize?
3. Ngokuvumelana nomShumayeli 12:8, yini eyize leze langempela?
3 Abanye bangase bacabange ukuthi amazwi ale ndoda ehlakaniphile ayadumaza kuwo wonke umuntu—omusha nomdala. “‘Ize leze,’ kusho uMshumayeli, ‘konke kuyize.’” (UmShumayeli 12:8) Eqinisweni, kuyize leze ngempela ukumshaya indiva uMdali ebusheni, uguge ungamkhonzi, ube nobumpunga kuphela njengento oyifinyelele ekuphileni kwakho okude. Kumuntu onjalo, konke kuye kwaba yize, ubala, nakuba efa enengcebo nodumo kuleli zwe elisemandleni omubi, uSathane uDeveli.—1 Johane 5:19.
4. Kungani kungase kuthiwe akuyona yonke into eyize?
4 Kulabo abazibekela ingcebo ezulwini njengezinceku zikaJehova ezithembekile, akuyona yonke into eyize. (Mathewu 6:19, 20) Banokuningi abangakwenza emsebenzini ovuzayo weNkosi, futhi ukuzikhandla okunjalo akulona neze ize. (1 Korinte 15:58) Kodwa uma singamaKristu azinikezele, ingabe sizigcina simatasa emsebenzini esiwabelwe nguNkulunkulu kulezi zinsuku zokugcina? (2 Thimothewu 3:1) Noma ingabe sesiye sazinza endleleni yokuphila efuze eyabaningi bomakhelwane bethu? Bangase babe nezinkolo ezihlukahlukene futhi babe abazinikele impela, beya njalo emasontweni abo futhi bezama ukufeza okufunwa yinkolo yabo kubo. Yebo, ababona abamemezeli besigijimi soMbuso. Abanalo ulwazi olunembile lokuthi lesi ‘yisikhathi sokugcina’ futhi abanamuzwa wokuphuthuma ngezinsuku esiphila kuzo.—Daniyeli 12:4.
5. Yini okufanele siyenze uma iminako evamile yokuphila isiye yaba yiyona nto esiyikhathalela ngokuyinhloko?
5 UJesu Kristu wathi mayelana nezikhathi zethu ezibucayi: “Njengoba nje zazinjalo izinsuku zikaNowa, kuyoba njalo nokuba khona kweNdodana yomuntu. Ngoba njengoba babenjalo ngalezozinsuku zangaphambi kwesikhukhula, bedla futhi bephuza, amadoda eshada futhi abesifazane bendiswa, kwaze kwaba usuku uNowa angena ngalo emkhunjini; futhi abanakanga kwaze kwafika isikhukhula, sabakhukhula bonke, kuyoba njalo nokuba khona kweNdodana yomuntu.” (Mathewu 24:37-39) Lapho kunokulinganisela, akukho lutho olungalungile ngokudla nokuphuza, futhi umshado uyilungiselelo elasungulwa uNkulunkulu uqobo. (Genesise 2:20-24) Nokho, uma siqaphela ukuthi iminako evamile yokuphila isiyiyona nto esiyikhathalela ngokuyinhloko, kungani singayithandazeli le ndaba? UJehova angasisiza ukuba sigcine izithakazelo zoMbuso ziza kuqala, senze okulungile, futhi sifeze isibopho sethu kuye.—Mathewu 6:33; Roma 12:12; 2 Korinte 13:7.
Ukuzinikezela Nesibopho Sethu KuNkulunkulu
6. Yisiphi isici esibalulekile abanye abantu ababhapathiziwe abahluleka kuso ukufeza isibopho sabo kuNkulunkulu?
6 Amanye amaKristu abhapathiziwe kudingeka athandaze ngenkuthalo ngoba awaphili ngokuvumelana nezibopho zenkonzo azamukela lapho ezinikezela kuNkulunkulu. Sekuyiminyaka ethile manje kubhapathizwa abangaphezulu kakhulu kuka-300 000 unyaka ngamunye, kodwa inani loFakazi BakaJehova abashumayelayo bebonke alizange likhuphuke ngesilinganiso esifanayo. Abanye ababa abamemezeli boMbuso sebeyekile ukumemezela izindaba ezinhle. Nokho, abantu kumelwe babe nengxenye enenjongo enkonzweni yobuKristu ngaphambi kokuba babhapathizwe. Ngakho bayazi ngomsebenzi uJesu awunika bonke abalandeli bakhe: “Hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo.” (Mathewu 28:19, 20) Abantu ababhapathiziwe abangasebona oFakazi abakhuthele bakaNkulunkulu noKristu abasifezi sonke isibopho sabo phambi koMdali wethu, ngaphandle kwalapho benokulinganiselwa okungavamile impela ngenxa yempilo noma ezinye izici abangenakuzilawula.—Isaya 43:10-12.
7. Kungani kufanele sihlangane njalo ngenjongo yokukhulekela?
7 U-Israyeli wasendulo wayeyisizwe esizinikezele kuNkulunkulu, futhi ngaphansi kwesivumelwano soMthetho, abantu babenezibopho ezithile phambi kukaJehova. Ngokwesibonelo, bonke abesilisa kwakufanele babuthanele emikhosini emithathu yaminyaka yonke, futhi indoda eyayingaligcini ngamabomu iPhasika ‘yayinqunywa’ ngokufa. (Numeri 9:13; Levitikusi 23:1-43; Duteronomi 16:16) Ukuze afeze isibopho sawo kuNkulunkulu njengabantu bakhe abazinikezele, ama-Israyeli kwakudingeka abuthane ngenjongo yokukhulekela. (Duteronomi 31:10-13) Akukho lutho eMthethweni olwaluthi, ‘Lokhu kwenzeni uma ningase nikwazi ukukufaka ekuphileni kwenu.’ Kulabo abazinikezele kuJehova njengamanje, ngokuqinisekile lokhu kwenza amazwi kaPawulu abe nesisindo: “Masicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle, singakuyeki ukubuthana kwethu ndawonye, njengoba abanye benaleyonkambiso, kodwa sikhuthazane, futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela.” (Heberu 10:24, 25) Yebo, ukuhlangana njalo nesikholwa nabo kuyingxenye yesibopho somKristu ozinikezele phambi kukaNkulunkulu.
Zihlaziyisise Izinqumo Zakho!
8. Kungani umuntu osemusha ozinikezele kufanele ayicabangele ngomthandazo inkonzo yakhe engcwele?
8 Mhlawumbe ungumuntu osemusha ozinikezele kuJehova. Uyothola izibusiso ezicebile uma ugcina izithakazelo zoMbuso ziza kuqala ekuphileni. (IzAga 10:22) Ngomthandazo nangokuhlela ngokucophelela, ungase ukwazi ukusebenzisa okungenani iminyaka yakho yobusha enkonzweni ethile yesikhathi esigcwele—okuyindlela enhle yokubonisa ukuthi uyamkhumbula uMdali wakho. Ngaphandle kwalokho, izithakazelo zezinto ezibonakalayo zingase ziqale ukudla esiningi sesikhathi nokunaka kwakho. Njengabantu ngokuvamile, ungase ushade usemncane futhi ungene ezikweletini ukuze uthole izinto ezibonakalayo. Umsebenzi ongenisa imali ungase udle esiningi sesikhathi namandla akho. Uma uba nezingane, kuyodingeka uthwale imithwalo yemfanelo yomkhaya amashumi eminyaka. (1 Thimothewu 5:8) Kungenzeka awumkhohliwe uMdali wakho, kodwa kuwukuhlakanipha ukuqaphela ukuthi ukuhlela kusenesikhathi, noma ukungenzi kanjalo, kungase kukubekele umzila oyowulandela ekuphileni lapho usumdala. Kamuva ekuphileni, ungase ubheke emuva ufise sengathi okungenani isikhathi sakho ungakabi mdala kakhulu ngabe wasisebenzisa ngokugcwele kakhudlwana enkonzweni engcwele yoMdali wethu. Kungani ungalicabangeli ngomthandazo ikusasa lakho khona manje, ukuze uthole ukwaneliseka enkonzweni yakho engcwele eya kuJehova useseminyakeni yobusha?
9. Yini angase akwazi ukuyenza umuntu osekhulile impela futhi owake wathwala umthwalo onzima ebandleni?
9 Cabanga ngesinye futhi isimo—esendoda eyake yakhonza njengomalusi ‘womhlambi kaNkulunkulu.’ (1 Petru 5:2, 3) Ngesizathu esithile, yawayeka ngokuzithandela lawo malungelo. Yiqiniso, manje seyikhulile, futhi kungenzeka sekunzima kakhudlwana ngayo ukuqhubeka enkonzweni kaNkulunkulu. Kodwa kungenzeka yini ukuthi kufanele iphinde izame ukufinyelela amalungelo angokwasezulwini? Yeka izibusiso indoda enjalo ebingazilethela abanye uma ikwazi ukuthwala umthwalo owengeziwe ebandleni! Futhi njengoba kungekho muntu oziphilela yena yedwa, abangane nabathandekayo bayo bayojabula uma ikwazi ukwandisa inkonzo yayo, kube yinkazimulo kuNkulunkulu. (Roma 14:7, 8) Ngaphezu kwakho konke, uJehova ngeke akukhohlwe lokho ngamunye akwenzayo enkonzweni yakhe. (Heberu 6:10-12) Ngakho, yini engasisiza ukuba sikhumbule uMdali wethu?
Okungasisiza Sikhumbule UMdali Wethu
10. Kungani uMshumayeli ayesesimweni esingcono kakhulu sokunikeza iziqondiso endabeni yokukhumbula uMdali wethu?
10 UMshumayeli wayesesimweni esihle kakhulu sokuba anikeze iziqondiso zokuba sikhumbule uMdali wethu. UJehova wayephendule imithandazo yakhe esuka enhliziyweni ngokumnika ukuhlakanipha okungavamile. (1 AmaKhosi 3:6-12) USolomoni wahlolisisa zonke izindaba zabantu. Ngaphezu kwalokho, waphefumulelwa ngokwaphezulu ukuba abhale ayekutholile ukuze kuzuzise abanye. Wabhala: “Futhi ngokuba uMshumayeli wayehlakaniphile, wayefundisa abantu ukwazi, wazindla, waphenya walungisa izaga eziningi. UMshumayeli wafuna ukuthola amazwi anamisayo afanele ukulotshwa, amazwi eqiniso.”—UmShumayeli 12:9, 10.
11. Kungani kufanele sisamukele iseluleko esihlakaniphile sikaSolomoni?
11 Indlela i-Septuagint yesiGreki ehumusha ngayo la mazwi ithi: “Futhi ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi umshumayeli wayehlakaniphile, ngoba wafundisa isintu ukuhlakanipha; ukuze indlebe ithole okuhle emizekelisweni, umshumayeli wacinga ngokuzimisela ukuze athole amazwi enamisayo futhi abhale ukulunga—amazwi eqiniso.” (The Septuagint Bible, eyahunyushwa nguCharles Thomson) USolomoni wazama ukufinyelela izinhliziyo zabafundi bakhe ngamazwi ajabulisayo nangezindaba ezithakazelisa ngempela nezibalulekile. Njengoba amazwi akhe atholakala emiBhalweni ephefumulelwe ngomoya ongcwele, singakwamukela ngaphandle kokungabaza lokho akuthola kanye nezeluleko zakhe ezihlakaniphile.—2 Thimothewu 3:16, 17.
12. Ungakubeka kanjani ngamazwi akho lokho uSolomoni akusho kumShumayeli 12:11, 12?
12 Yize zazingakabi khona izindlela zokunyathelisa zanamuhla, osukwini lukaSolomoni kwakunezincwadi eziningi. Kwakufanele zibhekwe kanjani lezo zincwadi? Wathi: “Amazwi abahlakaniphileyo anjengezincijo, nezigaba zawo zinjengezipikili ezinamatheleyo, ephiwe nguMalusi munye. Kepha phezu kwalana, ndodana yami, mawuxwaye; ukwenza izincwadi eziningi akunakuphela, nokufunda okuningi kukhathaza umzimba.”—UmShumayeli 12:11, 12.
13. Amazwi alabo abanokuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu angaba kanjani njengezincijo, futhi obani ‘abanjengezipikili ezinamatheleyo’?
13 Amazwi alabo abanokuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu aba njengezincijo (izinkandi). Kanjani? Aqhubukusha abafundi noma izilaleli ukuba zithuthuke ngokuvumelana namazwi ahlakaniphile eziwafundayo noma eziwezwayo. Ngaphezu kwalokho, labo abazigcina bematasa “ngezigaba,” noma ngamazwi ahlakaniphile futhi abaluleke ngempela, ‘banjengezipikili ezinamatheleyo,’ noma ezigxilile. Lokhu kungaba njalo ngoba amazwi amahle abantu abanjalo abonisa ukuhlakanipha kukaJehova futhi ngenxa yalokho angaqinisa futhi asekele abafundi noma izilaleli. Uma ungumzali owesaba uNkulunkulu, akufanele yini wenze yonke imizamo ukuze ugxilise ukuhlakanipha okunjalo engqondweni nasenhliziyweni yomntanakho?—Duteronomi 6:4-9.
14. (a) Luhlobo luni lwezincwadi okungazuzisi “ukufunda okuningi” kulo? (b) Yiziphi izincwadi okufanele sizinake kakhulu, futhi ngani?
14 Nokho, kungani uSolomoni asho lokhu akusho mayelana nezincwadi? Uma iqhathaniswa neZwi likaJehova, imiqulu engapheli yaleli zwe imane nje inokucabanga kwabantu. Okuningi kwalokhu kucabanga kubonisa umqondo kaSathane uDeveli. (2 Korinte 4:4) Ngakho-ke, ‘ukufundwa okuningi’ kwezincwadi zezwe ezinjalo akulethi nzuzo etheni ehlala njalo. Eqinisweni, eziningi kakhulu zazo zingaba yingozi ngokomoya. NjengoSolomoni, masizindle ngalokho okushiwo yiZwi likaNkulunkulu ngokuphila. Lokhu kuyoqinisa ukholo lwethu futhi kusisondeze eduze noJehova. Ukunaka ngokweqile ezinye izincwadi noma imithombo yokufundiswa kungasikhathaza. Izincwadi ezinjalo azilungile futhi zibhidliza ukholo kuNkulunkulu nasezinjongweni zakhe ikakhulu lapho zivela ekucabangeni kwezwe okungqubuzana nokuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu. Ngakho-ke, masikhumbule ukuthi izincwadi ezizuzisa kunazo zonke zosuku lukaSolomoni nolwethu yilezo ezibonisa ukuhlakanipha ‘komalusi oyedwa,’ uJehova uNkulunkulu. Uye walungiselela izincwadi ezingu-66 zemiBhalo Engcwele, futhi kufanele kube yizo esizinaka kakhulu. IBhayibheli nezincwadi eziwusizo ‘zesigqila esikholekile nesiqondayo’ kusenza sikwazi ukuzuza “ukumazi uNkulunkulu.”—IzAga 2:1-6.
Isibopho Sethu Sonke KuNkulunkulu
15. (a) Ungawabeka kanjani amazwi kaSolomoni aphathelene naso “sonke isibopho somuntu”? (b) Yini okumelwe siyenze ukuze sifeze isibopho sethu kuNkulunkulu?
15 Efingqa lonke uphenyo lwakhe, uMshumayeli, uSolomoni, uthi: “Nakhu ukuphela kwendaba, lapho sekuzwakele konke: Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho [“kuyiso sonke isibopho somuntu,” NW]. Ngokuba uNkulunkulu uyakuyisa yonke imisebenzi ekwahlulelweni kanye nakho konke okufihliweyo, noma kuhle noma kubi.” (UmShumayeli 12:13, 14) Ukumesaba okunempilo uMdali wethu, noma ukumhlonipha, kuyosivikela, kuvikele nemikhaya yethu, ekubeni singaphishekeli inkambo yokuphila yobuphikankani engase ilethele thina nabathandekayo bethu izinkathazo nosizi olungenakulinganiswa. Ukumesaba okunempilo uNkulunkulu kumsulwa futhi kuwukuqala kokuhlakanipha nolwazi. (IHubo 19:9; IzAga 1:7) Uma sinokuqonda okusekelwe eZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe futhi sisebenzisa iseluleko salo ezintweni zonke, siyobe sifeza ‘sonke isibopho sethu’ kuNkulunkulu. Cha, akuyona indaba yokwenza uhlu lwezibopho. Kunalokho, okudingekayo ukuba siphendukele emiBhalweni lapho sixazulula izinkinga zokuphila futhi senze izinto ngendlela kaNkulunkulu njalo.
16. Yini uJehova azoyenza ngokuqondene nokwahlulela?
16 Kufanele siqaphele ukuthi akukho lutho uMdali wethu angaluqapheli. (IzAga 15:3) “Uyakuyisa yonke imisebenzi ekwahlulelweni.” Yebo, oPhezukonke uyokwahlulela zonke izinto, kuhlanganise nalezo ezifihlekile emehlweni abantu. Ukuqaphela amaqiniso anjalo kungaba yisisusa sokuba sigcine imiyalo kaNkulunkulu. Kodwa isisusa esikhulu kunazo zonke kufanele kube uthando ngoBaba wethu osezulwini, ngoba umphostoli uJohane wabhala: “Ngoba yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo osindayo.” (1 Johane 5:3) Futhi njengoba imiyalo kaNkulunkulu iklanyelwe ukuthuthukisa inhlalakahle yethu yaphakade, ngokuqinisekile akugcini ngokuba okufanelekile kodwa futhi kuhlakaniphile ngempela ukuyigcina. Lokhu akuwona umthwalo osindayo kubathandi boMdali. Bafuna ukufeza isibopho sabo kuye.
Feza Sonke Isibopho Sakho
17. Yini esiyoyenza uma sifuna ngempela ukufeza sonke isibopho sethu kuNkulunkulu?
17 Uma sihlakaniphile futhi sifisa ngempela ukufeza sonke isibopho sethu kuNkulunkulu, ngaphezu kokugcina imiyalo yakhe, siyokwesaba ngenhlonipho ukumdumaza. Ngempela, “ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha,” futhi labo abagcina imiyalo yakhe “banengqondo enhle.” (IHubo 111:10; IzAga 1:7) Ngakho masenze ngokuhlakanipha futhi silalele uJehova kuzo zonke izinto. Lokhu kubaluleke ngokukhethekile manje, ngoba iNkosi uJesu Kristu isikhona, futhi usuku lokwahlulelwa yiyo njengoMahluleli omiswe nguNkulunkulu seluseduze.—Mathewu 24:3; 25:31, 32.
18. Uyoba yini umphumela kithi uma sifeza sonke isibopho sethu kuJehova uNkulunkulu?
18 Ngamunye wethu manje ungaphansi kokuhlolwa kwaphezulu. Ingabe sinokuthambekela okungokomoya, noma ingabe sesiye savumela amathonya ezwe ukuba enze ubuhlobo bethu noNkulunkulu bube buthaka? (1 Korinte 2:10-16; 1 Johane 2:15-17) Kungakhathaliseki ukuthi sibadala noma sibancane, sonke masenze konke esingakwenza ukuze sijabulise uMdali wethu. Uma simlalela uJehova futhi sigcina imiyalo yakhe, siyozenqaba izinto eziyize zaleli zwe elidala elidlulayo. Khona-ke singaba nethemba lokuphila okumi phakade esimisweni esisha sezinto esithenjiswe nguNkulunkulu. (2 Petru 3:13) Yeka ukuthi lawa amathemba amahle kanjani kubo bonke labo abafeza sonke isibopho sabo kuNkulunkulu!
Ungaphendula Kanjani?
◻ Ungathi kungani kungeyona yonke into eyize?
◻ Kungani umKristu osemusha kufanele ayicabangele ngomthandazo inkonzo yakhe engcwele?
◻ Luhlobo luni lwezincwadi okungeke kube okuzuzisayo “ukufunda okuningi” kulo?
◻ Siyini “isibopho esiphelele somuntu”?
[Isithombe ekhasini 20]
Kulabo abakhonza uJehova, akuyona yonke into eyize
[Isithombe ekhasini 23]
Ngokungafani nezincwadi eziningi zaleli zwe, iZwi likaNkulunkulu liyaqabula futhi liyazuzisa