Ukuhlala Uhlelekile Ukuze Usindele Eminyakeni Eyinkulungwane
“Kube-mhlambi munye nomalusi munye.”—JOHANE 10:16.
1. KuNkulunkulu ophila kuze kube-phakade, iminyaka eyinkulungwane injengani?
UJEHOVA unguMdali wesikhathi sesintu. Futhi kuye, onguNkulunkulu ongafi osukela phakade kuze kube-phakade, iminyaka eyinkulungwane injengosuku oludlula ngokushesha noma ngisho nenkathi yokulinda nje phakathi nobunye bobusuku bethu.—IHubo 90:4; 2 Petru 3:8.
2. Iyiphi inkathi yesikhathi uJehova ayibekele eceleni ukuze abusise sonke isintu?
2 UNkulunkulu umise usuku olungokomfanekiso lweminyaka eyinkulungwane phakathi nalo ayobusisa yonke imindeni yomhlaba. (Genesise 12:3; 22:17, 18; IzEnzo 17:31) Lokhu kuhlanganisa labo abafile manje nalabo abasaphila. UNkulunkulu uyokwenza kanjani lokhu? Phela, uyokwenza ngoMbuso wakhe ngoJesu Kristu, “imbewu” yomfazi waKhe ongokomfanekiso!—Genesise 3:15, qhathanisa neNW.
3. (a) Salinyazwa kanjani isithende seMbewu yomfazi kaNkulunkulu, kodwa lelashwa kanjani lelonxeba? (b) Ekupheleni kokuBusa kukaJesu Kristu kweMinyaka Eyinkulungwane, yini ayoyenza enyokeni engokomfanekiso?
3 Isithende esingokomfanekiso seMbewu yomfazi kaNkulunkulu (noma inhlangano engokwasezulwini) salinyazwa ngenkathi uJesu Kristu efa ukufa komfel’ ukholo futhi ehlala efile izingxenye zezinsuku ezintathu ngonyaka ka-33 weSikhathi sethu Esivamile. Kodwa ngosuku lwesithathu, uNkulunkulu uMninimandla onke, uMniki-kuphila Omkhulu, walelapha lelonxeba ngokuvusela iNdodana yakhe ethembekile ekuphileni okungenakufa endaweni yomoya. (1 Petru 3:18) Njengoba uJesu engeke aphinde afe, usesimweni sokubusa njengeNkosi phezu kwesintu iminyaka eyinkulungwane ‘nokuchoboza’ ikhanda lenyoka engokomfanekiso, eyichoboza eyibhubhisa ngemva kokuphela kokuBusa kweMinyaka Eyinkulungwane. Yeka isibusiso lokho okuyoba yiso esintwini esithembekile esibuyiselwe!
4. Hlobo luni lohlelo uNkulunkulu abelokhu eluqhuba nabantu bakhe?
4 Bekuqhubeka ukuhlela okukhulu phakathi kwabantu bakaJehova emhlabeni wonke phakathi ‘nesiphelo sesimiso sezinto’ kusukela iZikhathi Zabezizwe zaphela ngo-1914. (Mathewu 24:3, NW; Luka 21:24) Loluhlelo lokuhlela olwandulela iMinyaka Eyinkulungwane luqhutshwa ngokuvumelana nentando yoMhleli Omkhulu, uJehova uNkulunkulu nangaphansi kokuqondisa kwakhe. Ngomfazi wakhe, inhlangano yakhe yasezulwini enjengomfazi, ukuzalwa koMbuso wakhe othenjisiwe ngoKristu kwenzeka ngo-1914, njengoba kwaqinisekiswa ukugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli.
5. Ukuzalwa kwani okwabikezelwa kusAmbulo 12:5, futhi lokhu kwachazwa nini okokuqala kuyiNqabayokulinda yesiNgisi?
5 Kanjalo aye agcwaliseka ngokukhazimulayo lamazwi akusAmbulo 12:5: “Wabeletha umntwana wesilisa ozakubusa izizwe zonke ngentonga yensimbi, nomntanakhe wahlwithelwa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi.” Ukuzalwa koMbuso kaNkulunkulu ngoKristu, njengoba kufanekiselwa umntwana osanda kuzalwa womfazi kaNkulunkulu, kwachazwa okokuqala kuyiNqabayokulinda yesiNgisi kaMarch 1, 1925. Ukuzalwa kwaloMbuso wobuMesiya ezulwini ngo-1914 kuhlukile ekuzalweni ‘kwesizwe’ ‘sabantwana’ beSiyoni emhlabeni ngo-1919.—Isaya 66:7, 8.
6. (a) Ukuzalwa koMbuso kwadinga muphi umsebenzi owabikezelwa uJesu? (b) Ukwenza lomsebenzi kwadingani kubantu bakaJehova, futhi hlobo luni lwebutho manje abayilo?
6 Ukuzalwa koMbuso kaJehova lowo ayolwela ngawo ubukhosi bakhe endaweni yonke—ah, nansi into eyayifanelwe ukuba imenyezelwe emhlabeni wonke! Futhi sasesifikile isikhathi sokugcwaliseka kwalamazwi kaJesu ngokunqondene nobufakazi ‘bokuba khona’ kwakhe okungabonakali: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” (Mathewu 24:3, 14) Ukushumayela okwenziwa ngobunye, nangokuvumelana ngezinga lomhlaba wonke ngempela kwakuyobizela ukuhlela ingxenye ebonakalayo yenhlangano kaJehova yendawo yonke. IWatch Tower Bible and Tract Society, njengoba yayimelelwe yilowo owayengumongameli wayo, uJ. F. Rutherford, yayivumelana nalokhu. Ngakho, kusukela ngonyaka ka-1919 wangemva kwempi, ukuhlelwa kwabasekeli abathembekile beNhlangano njengesizwe esibuyiselwe kwaqhubeka ngentshiseko, ngomthandazo wokucela ukuqondiswa nesibusiso soMhleli oPhakeme, uJehova uNkulunkulu. Bebhekene neMpi Yezwe II, naphezu kokuphikiswa okunzima kobuFascist, inhlangano yamaNazi kaHitler, noMzabalazo wamaKatolika, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bazibonakalisa beyibutho elinobunye ezweni eliyisitha.
7. (a) Kungokuhlala benabuphi ubuhlobo omunye nomunye kuphela ukuthi abantu bakaJehova bangalindela ukusinda osizini olukhulu? (b) Abasinda kuZamcolo basinda kanjani embubhisweni yembulunga yonke, futhi babefanekisela obani?
7 OFakazi BakaJehova kuphela, abensali egcotshiwe ‘nesixuku esikhulu,’ njengenhlangano enobunye ngaphansi kwesivikelo soMhleli Omkhulu, abanethemba elingokomBhalo lokusinda esiphelweni esisondelayo salesimiso esahlulelwe ukubhujiswa esibuswa uSathane uDeveli. (IsAmbulo 7:9-17; 2 Korinte 4:4) Bayokwakha [“inyama” NW] uJesu Kristu athi iyosindiswa phakathi nosizi olubi kakhulu kuwo wonke umlando wesintu. Njengoba kwakunjalo ezinsukwini zikaNowa, kwasho uJesu, kuyoba njalo nangosuku ayokwambulwa ngalo. Phakathi emkhunjini owathatha iminyaka eminingi yomzamo ohleliwe ukuba uphele, imiphefumulo yabantu eyisishiyagalombili kuphela eyasinda kuZamcolo wembulunga yonke. Basinda njengeqembu lomkhaya elinobunye. (Mathewu 24:22, 37-39; Luka 17:26-30) UmkaNowa ufanekisela umlobokazi kaKristu, futhi amadodana akhe nomalokazana bakhe bafanekisela “ezinye izimvu” zikaJesu zosuku lwanamuhla, eziye zakhula zaba isixuku esikhulu esandayo, ezisibalo sazo sokugcina esingasazi njengamanje. (Johane 10:16) Ukuze zisindele eMinyakeni Eyinkulungwane ngaphansi kukaNowa Omkhulu, uJesu Kristu, kumelwe zihlale zihlelekile nensali egcotshiwe, “abakhethiweyo” izinsuku ‘zosizi olukhulu’ eziyofinyezwa ngenxa yabo.—Mathewu 24:21, 22.
Ukusindela Eminyakeni Eyinkulungwane
8. Ekuphetheni isiprofetho sakhe ngokuqondene nokuba khona kwakhe, uJesu wanikeza muphi umfanekiso, futhi usuku lwangoJune 1, 1935, lwaba kanjani olubalulekile ngokuqondene nokusiqonda?
8 NgokweVangeli likaMathewu, uJesu waphetha isiprofetho sakhe ngesibonakaliso sokuba khona kwakhe ngomfanekiso. Njengoba ubizwa ngokuvamile ngokuthi umfanekiso wezimvu nezimbuzi, usebenza manje, phakathi nesiphelo salesimiso sezinto, esaqala ekupheleni kweZikhathi Zabezizwe ngo-1914. (Mathewu 25:31-46) Usuku lwangoMgqibelo, ngoJune 1, 1935, lwalungoluphawulekayo ngokuqondene nokuqonda izimvu zalomfanekiso ukuthi zingamalungu esixuku esikhulu. Ngalolosuku, emhlanganweni woFakazi BakaJehova eWashington D.C., abantu abangama-840 babhapathizwa bebonakalisa ukuzinikela kwabo kuJehova uNkulunkulu ngoJesu Kristu. Iningi lalaba lathatha lesinyathelo ngokusabela okusheshayo enkulumweni eyayikhulumela isAmbulo 7:9-17 eyanikezwa nguJ. F. Rutherford. Kwakuyisifiso sabo ukuba yingxenye yesixuku esikhulu sezinye izimvu zoMalusi Omuhle, esinethuba lokusinda osizini olukhulu oluzayo futhi siphile phakathi naso sonke isiphelo salesimiso futhi sidlulele ekuBuseni kweMinyaka Eyinkulungwane kweNkosi enguMalusi, uJesu Kristu. Ekugcineni, sifinyelela ekuphileni okuphakade emhlabeni oyipharadesi.—Mathewu 25:46; Luka 23:43.
9. Kungani izimvu zimenywa ukuba zidle ifa “loMbuso e[zi]wulungiselelweyo,” futhi kungayiphi indlela besesimweni esihle kakhulu sokwenza okuhle kubafowabo beNkosi?
9 Kungani laba abanjengezimvu bemenywa ukuba ‘badle ifa lombuso abawulungiselelweyo selokhu kwasekelwa umhlaba’? INkosi ibatshela ukuthi kungenxa yokuthi baye benza okuhle ‘kubafowabo,’ futhi kanjalo bakwenze kuyo. Ngegama elithi ‘abafowabo,’ iNkosi isho insali yabafowabo abangokomoya abasesemhlabeni kulesiphelo sesimiso sezinto. Njengoba bebe umhlambi owodwa kanye nalabafowabo beNkosi enguMalusi, uJesu Kristu, bayozigcina besebuhlotsheni obuseduze ngangokunokwenzeka nensali yabanjalo futhi kanjalo bayoba sesimweni esihle kakhulu sokwenza okuhle kubo. Ngisho nangezindlela zezinto ezibonakalayo, bayosiza abafowabo bakaJesu ukuba bashumayele isigijimi soMbuso omisiwe emhlabeni wonke ngaphambi kokuba ukuphela kufike. Kulokhu, izimvu ziyoliphatha njengeliyigugu ilungelo lazo lokuhlala zihlelekile kanye nensali njengomhlambi owodwa kaMalusi oyedwa.
10. Kusho ukuthini ngezimvu ‘ukudla ifa lombuso eziwulungiselelweyo selokhu kwasekelwa umhlaba’?
10 Ukudla ifa “loMbuso e[zi]wulungiselelwe” akusho ukuthi lezimvu ziyobusa kanye noJesu Kristu kanye nabafowabo ezulwini iMinyaka Eyinkulungwane. Kunalokho, kusukela nje ekuqaleni kweMinyaka Eyinkulungwane, lezimvu ziyodla ifa lendawo yasemhlabeni yoMbuso. Njengoba zingabazukulu baka-Adamu noEva, lendawo yasemhlabeni uMbuso kaNkulunkulu ngoKristu oyoyengamela yalungiselelwa zona “selokhu kwasekelwa umhlaba” wesintu esihlengiwe. Ngaphezu kwalokho, njengoba izimvu ziba abantwana basemhlabeni beNkosi, leyo eba “uYise ongunaphakade,” zidla ifa lendawo yasemhlabeni, ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu.—Isaya 9:6, 7.
11. Izimvu zikubonisa kanjani ukuthi zimelele uMbuso, futhi ngenxa yalokhu, zinasiphi isibusiso?
11 Ngokuphambene nezimbuzi ezingokomfanekiso, abanjengezimvu bakubonisa ngokungenaphutha ukuthi bamelele uMbuso. Kanjani? Ngezenzo, hhayi ngamazwi nje kuphela. Ngenxa yokungabonakali kweNkosi ezulwini, abanakukwenza okuhle ngokuqondile kuyo ukuze basekele uMbuso wayo. Ngakho benza okuhle kubafowabo abangokomoya abasesemhlabeni. Nakuba lokhu kubangela inzondo, ukuphikisa, nokushushisa ezimbuzini, ngenxa yokwenza okuhle okunjalo, izimvu zitshelwa iNkosi ukuthi ‘zibusisiwe nguYise.’
12. Obani izimvu ezisindile eziyoba nelungelo lokubamukela, futhi ngokuqondene nalokhu, yini amalungu ensali aye ayicabanga?
12 Isixuku esikhulu sabanjengezimvu abazuzisa abafowabo beNkosi abangokomoya siyobusiswa ngelungelo elijabulisayo lokusindela eMinyakeni Eyinkulungwane. Ngesikhathi esifanele, siyohlanganyela ekwamukeleni abantu abafile abasemathuneni okukhunjulwa. (Johane 5:28, 29; 11:23-25) Laba bayohlanganisa nezinzalamizi nabaprofethi abathembekile abahlupheka futhi babekezelela okukhulu ngenxa yokulwela ubukhosi bukaJehova ukuze “bathole ukuvuka okuhle,” ngokunokwenzeka okungaphambi kokwabanye. (Heberu 11:35) Amadoda nabesifazane bokholo abanjalo abavusiwe, abanye babo okukhulunywa ngabo kumaHeberu isahluko 11, bayohlanganisa noJohane uMbhapathizi. (Mathewu 11:11) Abanye bensali egcotshiwe baye bacabanga ukuthi bayosinda futhi baqhubeke bephila ukuze bamukele abanjalo abavusiwe abathembekile abafa ngaphambi kwePentekoste lika-33 C.E. Ingabe abagcotshiwe bayoba nelungelo elinjalo?
13. Kungani kungeke kube okudingekile ukuba insali ibe khona ukuze yamukele futhi inakekele labo abayobe bevusiwe emhlabeni?
13 Lokhu akunakudingeka. Isixuku esikhulu esisinde osizini siyoba khona ngamanani anele ukuba sinakekele lesosimo futhi sijwayeze labo abavusiwe “umhlaba omusha” ngaphansi ‘kwamazulu amasha.’ (2 Petru 3:13) Ngisho namanje, isixuku esikhulu sihlelelwa lokhu. Namuhla, lapho abafowabo bakaJesu abangokomoya emhlabeni kubikwa ukuthi bangaphansi kwezi-9 000, noma kunjalo abasele phakathi kwabo bebeyoba bancane kakhulu ukuba banakekele wonke umsebenzi wokulungiselela oyoholela ekuvusweni kwabo bonke abantu. (Hezekeli 39:8-16) Yilapha-ke, lapho isixuku esikhulu, esinani laso lifinyelela ezigidini, esiyokhonza khona kahle kakhulu. Futhi ilungelo elinjalo ngokungangabazeki ligcinelwe sona.
14. (a) Abaningi besixuku esikhulu baqeqeshelwani manje, futhi kungani kumelwe abaningi babo manje bathathe umthwalo wemfanelo? (b) Iziphi izenzakalo okumelwe zenzeke masinyane, futhi imuphi umsebenzi olindele ezinye izimvu?
14 Abaningi besixuku esikhulu kakade bayaqeqeshwa ngemithwalo yemfanelo yebandla nangezimiso zokwakha inhlangano kaNkulunkulu eziqhubayo emhlabeni wonke. Futhi kuyakhuthaza ukubona amadoda avuthiwe ngokomoya engeziwe esixuku esikhulu abelwa ukunakekela imithwalo yemfanelo emikhulu enhlanganweni uJehova anayo manje esebenzayo emhlabeni. Abasele babagcotshiwe bayaguga futhi abasakwazi ukuthwala umthwalo omkhulu. Labafowabo beNkosi bayalwamukela usizo lothando abadala abafanelekayo ngokomoya nezinceku ezikhonzayo zezinye izimvu ezikwaziyo ukulunikeza. Masinyane nje, iBabiloni Elikhulu liyobe selisusiwe emhlabeni. Khona-ke, njengoba isAmbulo 19:1-8 sibonisa, umshado weWundlu nomlobokazi walo wabo bonke abayizi-144 000, uyopheleliswa ezulwini, futhi ezinye izimvu, ezikhonza njengomhlaba omusha ngaphansi kwamazulu amasha, ziyomelela iNkosi ekuqhubekeni nomsebenzi omuhle wokubuyisela kuze kube yilapho umhlaba uba yipharadesi elinabantu kube udumo kuJehova.—Isaya 65:17; qhathanisa noIsaya 61:4-6.
15. Imaphi amathemba isixuku esikhulu esiwalindele ngeMinyaka Eyinkulungwane?
15 Phakathi nokuBusa kukaKristu kweMinyaka Eyinkulungwane, lapho abahlengiwe besintu esifile bevuswa, isixuku esikhulu esisindile siyojabulela amalungelo amangalisayo nahlonipheke kakhulu. Ngalesosikhathi bayoba amadodana namadodakazi eNkosi. Kuyoba nokwenzeka ngamadodana anjalo phakathi kwawo ukuba aphathe isikhundla sezikhulu, njengoba amadodana kaDavide ayeyizikhulu ezinemithwalo yemfanelo ehlukahlukene.a Lokhu kusikhumbuza iHubo 45, elaqanjwa ngokubhekiselwe ‘eNkosini’ kaJehova egcotshiwe.
16. Libhekiselwe kubani ngempela iHubo 45, futhi lokhu kungafakazelwa kanjani?
16 IHubo 45 libhekisele kuyiphi iNkosi ngempela? Phela, uJesu Kristu! AmaHeberu 1:9 abhekisela kuye lapho ecaphuna amaHubo 45:7, afundeka kanje: “Ukuthandile ukulunga, wakuzonda okubi; ngakho-ke uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, ukugcobile ngamafutha enjabulo ngokungaphezu kwabangane bakho.” Ngakho ngempela iHubo 45:16 libhekisela kuJesu Kristu okhazinyulisiwe lapho lithi: “Amadodana akho ayakuba-sesikhundleni sawoyihlo; uyakuwabeka abe-yizikhulu emhlabeni wonke.”
17. Yini futhi obani iNkosi, uJesu Kristu, enesithakazelo kukho ngokukhethekile?
17 Ngokufanelekile, uJesu unesithakazelo esikhulu ekusaseni lakhe njengeNkosi ebusayo kunasesikhathi sakhe esidlule sasemhlabeni. Yiqiniso, akasikhohlwa lesosikhathi esidlule futhi ikakhulukazi okhokho bakhe abangabantu abahilelekile esithembisweni sikaJehova sokubusisa yonke imindeni ngeMbewu ka-Abrahama. Kodwa manje isithakazelo sakhe esiyinhloko sisekusaseni eliseduze njengoba lihloswe nguMbeki weNkosi, uJehova uNkulunkulu. Ngakho abantwana bakaJesu basemhlabeni, ikakhulukazi amadodana phakathi kwabo afanelekele ukukhonza ngaphansi kwakhe ezikhundleni zezikhulu, ayothakaselelwa kakhulu—kakhulu kunokhokho bakhe basemhlabeni.
18. Ezinye izindlela zokuhunyushwa kweHubo 45:16 zisigcizelela kanjani isithakazelo sikaJesu esikhulu emadodaneni ayizikhulu kunakokhokho bakhe basemhlabeni?
18 Isithakazelo sikaJesu esikhulu emadodaneni ayizikhulu kunakokhokho sigcizelelwa izinguqulo ezihlukahlukene zeBhayibheli. Nazi izindlela ezinye zazo ezihumusha ngazo iHubo 45:16: “Amadodana akho ayongena ezikhundleni zawoyihlo, futhi aphakame abe izikhulu phezu kwalo lonke izwe.” (Moffatt) “Indawo yawoyihlo iyoba ngeyamadodana akho; uyowenza abe izikhulu ezweni lonke.” (Ivesi 17, The New American Bible) “Esikhundleni sawoyihlo uzalelwa abantwana: uyakubenza izikhulu emhlabeni wonke.”—The Septuagint Version, eyakhishwa nguSamuel Bagster and Sons.
19. Amadoda athile esixuku esikhulu manje anamuphi umthwalo wemfanelo webandla, futhi iNkosi, uJesu Kristu, ingase iwabele siphi isikhundla phakathi nokuBusa kwayo kweMinyaka Eyinkulungwane?
19 Okusijabulisa kakhulu, labo abazoba izikhulu baphakathi kwethu kanye. Batholakala phakathi kwezinye izimvu ezilalela izwi loMalusi Omuhle, uJesu Kristu. Bezilokhu zililalela ikakhulukazi kusukela ngo-1935, ngenkathi isAmbulo 7:9-17 sichazwa emhlanganweni woFakazi BakaJehova eWashington, D.C. Namuhla, izinkulungwane zalesixuku esikhulu sezinye izimvu zikhonza njengabadala, noma ababonisi, emabandleni oFakazi BakaJehova angaphezu kwezi-57 670 emazweni angama-212 emhlabeni jikelele. Ngokuhlala ehlelekile kanye nensali yabafowabo bakaKristu abangokomoya abasesemhlabeni, lamadoda aba sethubeni elihle lokuba amadodana asemhlabeni atholwe ngokugcwele eNkosi, uJesu Kristu, phakathi nokuBusa kwakhe kweMinyaka Eyinkulungwane phezu komhlaba omusha othenjisiwe. (2 Petru 3:13) Ngenxa yalokho, angase akhethwe njengezikhulu ukuba akhonze emhlabeni omusha.
20. (a) INkosi iyoba nasiphi isimo sengqondo kulabo ebamisile emhlabeni? (b) Isixuku esikhulu siyokwamukela obani, futhi iliphi ithuba elibekwe phambi kwalabo ababuyayo?
20 INkosi, uJesu Kristu, iyojabula ukuqaphela lezikhulu ezisanda kumiswa, njengoba nje iqaphela ukwengamela kwezinye izimvu ezithembekile emabandleni osuku lwanamuhla oFakazi BakaJehova. Wonke amalungu esixuku esikhulu sezinye izimvu—abesifazane kanye nabesilisa—ayoba nelungelo elivusa amadlingozi lokubamukela bevela kwafileyo bonke labo abayozwa izwi likaJesu futhi bavukele ethubeni lokuzuza ukuphila okuphakade ekupheleleni kobuntu emhlabeni ohlanziwe oyoguqulwa ube ipharadesi lembulunga yonke. (Johane 5:28, 29) Labo abathandeka kakhulu abavusiwe bayohlanganisa nokhokho abahlengiwe bakaJesu Kristu, amadoda okholo ayezimisele ukubonakalisa ukuzinikela kwawo kuJehova uNkulunkulu kuze kube ngisho nasekufeni ngethemba lokuthola “ukuvuka okuhle.” (Heberu 11:35) Kodwa ukwenyuselwa kwabo ekuphileni kobuntu okuphelele phakathi nokuBusa kweMinyaka Eyinkulungwane kweNkosi yabo enguMhlengi, uJesu Kristu, kumane nje kuyisiqalo. Ngokuhlala behleleke ngokungaguquki ngaphansi kukaJehova uNkulunkulu phakathi novivinyo lokugcina esintwini esibuyiselwe ekupheleni kweMinyaka Eyinkulungwane, bayozibonakalisa bekufanelekele ukuba banikwe ilungelo lokuphila phakade ePharadesi njengengxenye yasemhlabeni yenhlangano kaJehova yendawo yonke.—Mathewu 25:31-46; IsAmbulo 20:1–21:1.
[Umbhalo waphansi]
a Qhathanisa neyesi-2 Samuweli 8:18, New World Translation Reference Bible, umbhalo waphansi.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Iyiphi inkathi yesikhathi uJehova ayibekele eceleni yokubusisa sonke isintu?
◻ Kungokuhlala sinabuphi ubuhlobo kuphela omunye nomunye ukuthi singakwazi ukusinda osizini olukhulu?
◻ Kusho ukuthini ngezimvu ‘ukudla ifa lombuso eziwulungiselelweyo selokhu kwasekelwa umhlaba’?
◻ Phakathi neMinyaka Eyinkulungwane, isixuku esikhulu singahlanganyela kumaphi amalungelo?