Isahluko Seshumi Nane
UJehova Uyiqondisa Kanjani Inhlangano Yakhe?
1. Yini iBhayibheli eliyembulayo ngenhlangano kaJehova, futhi kungani lokho kubalulekile kithi?
INGABE uNkulunkulu unayo inhlangano? ImiBhalo ephefumulelwe isitshela ukuthi unayo. EZwini lakhe, usinika umbono wengxenye yasezulwini emangalisayo yaleyo nhlangano. (Hezekeli 1:1, 4-14; Daniyeli 7:9, 10, 13, 14) Nakuba singenakuyibona le ngxenye engabonakali, ibathinta kakhulu abakhulekeli beqiniso namuhla. (2 AmaKhosi 6:15-17) Inhlangano kaJehova futhi inengxenye ebonakalayo emhlabeni. IBhayibheli lisisiza ukuba siyiqonde ukuthi iyini, siqonde nendlela uJehova ayiqondisa ngayo.
Ukubona Ingxenye Ebonakalayo
2. Yiliphi ibandla elisha uNkulunkulu alimisa?
2 Isizwe sika-Israyeli sasiyibandla likaNkulunkulu iminyaka engu-1 545. (IzEnzo 7:38) Kodwa u-Israyeli akayigcinanga imithetho kaNkulunkulu futhi wenqaba iNdodana yaKhe. Ngenxa yalokho, uJehova walenqaba lelo bandla futhi walilahla. UJesu watshela amaJuda: “Bhekani! Indlu yenu ishiywa nani.” (Mathewu 23:38) UNkulunkulu wabe esemisa ibandla elisha, enza nalo isivumelwano esisha. Leli bandla lalizokwakhiwa abantu abangu-144 000 abakhethwe uNkulunkulu ukuba bahlanganiswe neNdodana yakhe ezulwini.—IsAmbulo 14:1-4.
3. Kwenzekani ngePhentekoste lika-33 C.E. ewubufakazi obucacile bokuthi uNkulunkulu wayesesebenzisa ibandla elisha?
3 Abokuqala balelo bandla elisha bagcotshwa ngomoya ongcwele kaJehova ngePhentekoste lika-33 C.E. Ngokuqondene naleso senzakalo esiphawulekayo, siyafunda: “Manje ngesikhathi usuku lomkhosi wePhentekoste luqhubeka babendawonye bonke besendaweni efanayo, futhi kungazelelwe kwezwakala umsindo uvela ezulwini ufana nje nowesivunguzane esinamandla, wagcwala yonke indlu ababehlezi kuyo. Futhi kwabonakala kubo okunjengamalangabi futhi kwasakazeka, ngakunye kwahlala phezu kwalowo nalowo kubo, futhi bonke bagcwala umoya ongcwele.” (IzEnzo 2:1-4) Ngakho umoya kaNkulunkulu wanikeza ubufakazi obucacile bokuthi leli kwakuyiqembu uNkulunkulu manje ayezolisebenzisa ukuze afeze injongo yakhe, liqondiswa nguJesu Kristu ezulwini.
4. Obani namuhla abakha inhlangano kaJehova ebonakalayo?
4 Namuhla, yinsali kuphela yabangu-144 000 esemhlabeni. Kodwa ekugcwalisekeni kwesiprofetho seBhayibheli, ‘isixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu,’ esibalelwa ezigidini, siye sahlanganiswa nensali egcotshiwe. UJesu, uMalusi Omuhle, uhlanganisé lezi ezinye izimvu nensali ukuze babe umhlambi owodwa ngaphansi kwakhe njengoMalusi wabo oyedwa. (IsAmbulo 7:9; Johane 10:11, 16) Bonke bakha ibandla elilodwa elinobunye, inhlangano kaJehova ebonakalayo.
Iqondiswa UNkulunkulu
5. Ubani oqondisa inhlangano kaNkulunkulu, futhi kanjani?
5 Inkulumo engokomBhalo ethi ‘ibandla likaNkulunkulu ophilayo’ ikwenza kucace ukuthi ubani oyiqondisayo. Le nhlangano iqondiswa uNkulunkulu. UJehova unikeza abantu bakhe isiqondiso ngoJesu, ammise ukuba abe yiNhloko engabonakali yebandla, nangeZwi laKhe eliphefumulelwe, iBhayibheli.—1 Thimothewu 3:14, 15; Efesu 1:22, 23; 2 Thimothewu 3:16, 17.
6. (a) Ukuthi ibandla laliholwa isiqondiso sasezulwini kwabonakala kanjani ekhulwini lokuqala leminyaka? (b) Yini ebonisa ukuthi uJesu useyiNhloko yebandla?
6 Ukuqondisa okunjalo kwakusobala kakhulu ngePhentekoste. (IzEnzo 2:14-18, 32, 33) Kwabonakala lapho ingelosi kaJehova iqondisa ukusakazwa kwezindaba ezinhle e-Afrika, lapho izwi likaJesu linikeza iziqondiso ngesikhathi uSawulu waseTarsu eguquka, nalapho uPetru eqala ukushumayela kwabeZizwe. (IzEnzo 8:26, 27; 9:3-7; 10:9-16, 19-22) Kodwa ngokuhamba kwesikhathi akubange kusezwakala mazwi avela ezulwini, akubange kusabonakala zingelosi, futhi akubange kusanikezwa ziphiwo ezimangalisayo zomoya. Noma kunjalo, uJesu wayethembisile: “Bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Mathewu 28:20; 1 Korinte 13:8) Namuhla, oFakazi BakaJehova bamukela ukuqondisa kukaJesu. Ngaphandle kwako, kwakungenakwenzeka ukumemezela isigijimi soMbuso phakathi nobutha obukhulu.
7. (a) Obani abakha ‘isigqila esithembekile nesiqondayo,’ futhi ngani? (b) Yisiphi isabelo esanikezwa ‘isigqila’?
7 Ngaphambi nje kokufa kwakhe, uJesu watshela abafundi bakhe ‘ngesigqila esithembekile nesiqondayo’ yena njengeNkosi ayeyosiphathisa umthwalo wemfanelo okhethekile. Leso ‘sigqila’ sasiyobe sikhona lapho iNkosi imuka iya ezulwini futhi sasiyobe sisasebenza ngokuzikhandla lapho uKristu ebuya ngokungabonakali emandleni oMbuso. Le ncazelo akunakwenzeka ukuba isebenze kumuntu oyedwa, kodwa isebenza ebandleni likaKristu eligcotshiwe. Njengoba alithenga ngegazi lakhe, uJesu wabhekisela kulo ‘njengesigqila’ sakhe. Wayala amalungu alo ukuba enze abafundi futhi aqhubeke ebondla, ebanika ‘ukudla kwabo [okungokomoya] ngesikhathi esifanele.’—Mathewu 24:45-47; 28:19; Isaya 43:10; Luka 12:42; 1 Petru 4:10.
8. (a) Yimiphi imithwalo yemfanelo isigaba sesigqila esinayo manje? (b) Kungani ibalulekile indlela thina esisabela ngayo esiyalweni esisithola ngomzila kaNkulunkulu?
8 Njengoba isigaba sesigqila sasenza umsebenzi weNkosi ngokwethembeka lapho ibuya ngokungabonakali ngo-1914, kunobufakazi bokuthi saphathiswa imithwalo yemfanelo ethé xaxa ngo-1919. Iminyaka esukela kuleso sikhathi iye yaba isikhathi sokufakaza ngoMbuso embulungeni yonke, futhi kuqoqwa isixuku esikhulu sabakhulekeli bakaJehova ukuze silondolozwe osizini olukhulu. (Mathewu 24:14, 21, 22; IsAmbulo 7:9, 10) Naso sidinga ukudla okungokomoya, futhi sikunikwa isigaba sesigqila. Thina-ke, ukuze sijabulise uJehova kudingeka samukele isiyalo asinikeza ngalo mzila futhi senze ngokuvumelana naso.
9, 10. (a) Ekhulwini lokuqala leminyaka, yiliphi ilungiselelo elalikhona lokuphendula imibuzo emayelana nezimfundiso futhi elaliqondisa ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle? (b) Namuhla, yiliphi ilungiselelo lokuqondisa umsebenzi wabantu bakaJehova?
9 Ngezinye izikhathi, kuyaye kuphakame imibuzo ethinta izimfundiso nezinqubo. Kwenziwa njani-ke? IzEnzo isahluko 15 zisitshela ngendlela eyaxazululwa ngayo impikiswano eyayiphathelene nabeZizwe ababeguqukile. Lolu daba lwadluliselwa kubaphostoli namadoda amadala eJerusalema, ababekhonza njengendikimba ebusayo eyengamele. Lawo madoda ayewenza amaphutha, kodwa uNkulunkulu wayewasebenzisa. Acabangela imibhalo ephathelene nalolu daba kanye nobufakazi bokusebenza komoya kaNkulunkulu ekuvuleni insimu yabeZizwe. Abe esekhipha isinqumo. UNkulunkulu walibusisa lelo lungiselelo. (IzEnzo 15:1-29; 16:4, 5) Leyo ndikimba ebusayo, yathumela abantu ukuba bayoqhubekisela phambili ukushumayela ngoMbuso.
10 Namuhla iNdikimba Ebusayo yenhlangano kaJehova ebonakalayo yakhiwa abazalwane abagcotshwe ngomoya abavela emazweni ahlukahlukene futhi isendlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova. Njengoba isebenza ngaphansi kobunhloko bukaJesu Kristu, iNdikimba Ebusayo isakaza ukukhulekela okuhlanzekile kuwo wonke amazwe, iqondisa umsebenzi wokushumayela woFakazi BakaJehova emabandleni abo angamashumi ezinkulungwane. AbeNdikimba Ebusayo banombono ofanayo nowomphostoli uPawulu, owabhalela amaKristu ayekanye naye ukuthi: “Akukhona ukuthi singamakhosi phezu kokholo lwenu, kodwa siyizisebenzi ezikanye nani ngenjongo yenjabulo yenu, ngoba nimi ngokholo lwenu.”—2 Korinte 1:24.
11. (a) Abadala nezinceku ezikhonzayo bamiswa kanjani? (b) Kungani kufanele sibambisane nalabo abamisiwe?
11 OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bathembela eNdikimbeni Ebusayo ukuba ikhethe amadoda afanelekayo, nawo agunyazwa ukuba amise abadala nezinceku ezikhonzayo ukuze banakekele amabandla. Okufuneka kulawo madoda amiswayo kushiwo eBhayibhelini futhi akulitshalwa ukuthi lawo madoda awaphelele futhi ayawenza amaphutha. Abadala abatusa abanye nalabo abagunyaza ukumiswa kwabo banomthwalo wemfanelo omkhulu phambi kukaNkulunkulu. (1 Thimothewu 3:1-10, 12, 13; Thithu 1:5-9) Ngakho bacela usizo lomoya kaNkulunkulu ngomthandazo futhi bafune isiqondiso eZwini lakhe eliphefumulelwe. (IzEnzo 6:2-4, 6; 14:23) Masibonise ukwazisa ngalezi ‘zipho ezingabantu,’ ezisisizayo sonke ukuba sifinyelele “ebunyeni okholweni.”—Efesu 4:8, 11-16.
12. UJehova ubasebenzisa kanjani abesifazane elungiselelweni elingokwasezulwini?
12 ImiBhalo iyala ukuthi ibandla kumelwe lenganyelwe ngamadoda. Lokhu akubalulazi abesifazane, ngoba abanye babo bayizindlalifa zoMbuso wasezulwini, futhi bafeza ingxenye enkulu yomsebenzi wokushumayela. (IHubo 68:11) Futhi lapho abesifazane benakekela imithwalo yabo yemfanelo yasekhaya ngokwethembeka, bakhulisa idumela lebandla. (Thithu 2:3-5) Kodwa ukufundisa ebandleni kungokwamadoda amiselwe lokho.—1 Thimothewu 2:12, 13.
13. (a) Yimuphi umbono iBhayibheli elikhuthaza abadala ukuba babe nawo ngesikhundla sabo? (b) Yiliphi ilungelo sonke esingahlanganyela kulo?
13 Ezweni, umuntu onesikhundla esivelele ubhekwa njengobalulekile, kodwa enhlanganweni kaNkulunkulu kusebenza lesi simiso: “Lowo oziphatha njengomncane phakathi kwenu nonke nguye omkhulu.” (Luka 9:46-48; 22:24-26) ImiBhalo yeluleka abadala ukuba baqaphele bangazenzi izingqongqo phezu kwalabo abayifa likaNkulunkulu, kodwa kunalokho babe yizibonelo zomhlambi. (1 Petru 5:2, 3) Bonke oFakazi BakaJehova, abesilisa nabesifazane, hhayi nje idlanzana labakhethiwe, banelungelo lokumelela uMbusi wendawo yonke, ngokuzithoba bekhuluma ngegama lakhe futhi betshela abantu yonke indawo ngoMbuso wakhe.
14. Nisebenzisa imibhalo ekhonjiwe, xoxani ngemibuzo esekugcineni kwesigaba.
14 Senza kahle ngokuzibuza: ‘Ingabe ngiyayazisa ngempela indlela uJehova aqondisa ngayo inhlangano yakhe ebonakalayo? Ingabe isimo sami sengqondo, inkulumo nezenzo zami kuyakubonisa lokho?’ Ukuzindla ngamaphuzu alandelayo kungasiza ngamunye wethu ukuba azihlole.
Uma ngizithoba ngempela kuKristu njengeNhloko yebandla, khona-ke, yini okumelwe ngabe ngiyayenza njengoba kuboniswe emibhalweni elandelayo? (Mathewu 24:14; 28:19, 20; Johane 13:34, 35)
Uma ngiwamukela ngokwazisa amalungiselelo angokomoya esiwathola ngesigaba sesigqila neNdikimba yaso Ebusayo, ngiyobe ngihlonipha bani? (Luka 10:16)
Bonke abantu ebandleni, ikakhulu abadala, kufanele baphathane kanjani? (Roma 12:10)
15. (a) Indlela esiyibheka ngayo inhlangano kaJehova ebonakalayo ibonisani? (b) Yimaphi amathuba esinawo okubonisa ukuthi uDeveli ungumqambimanga nawokujabulisa inhliziyo kaJehova?
15 Namuhla uJehova usiqondisa ngenhlangano yakhe ebonakalayo ngaphansi kukaKristu. Indlela esilibheka ngayo leli lungiselelo ibonisa indlela esizizwa ngayo ngempikiswano yobukhosi. (Heberu 13:17) USathane ugomela ngokuthi sikhathalela ngokuyinhloko izithakazelo zethu. Kodwa uma sikhonza nganoma iyiphi indlela edingekayo futhi sigwema izinto ezidonsela ukunaka kithi, sibonisa ukuthi uDeveli ungumqambimanga. Uma sithanda futhi sihlonipha labo abaholayo phakathi kwethu kodwa senqabe ‘ukubabaza abantu ngenxa yenzuzo yethu,’ sijabulisa uJehova. (Jude 16; Heberu 13:7) Ngokuba qotho enhlanganweni kaJehova, sibonisa ukuthi uJehova unguNkulunkulu wethu nokuthi simkhulekela ngobunye.—1 Korinte 15:58.
Ingxoxo Yokubukeza
• Iyini inhlangano kaJehova ebonakalayo namuhla? Iyini injongo yayo?
• Ubani omiswe njengeNhloko yebandla, futhi yimaphi amalungiselelo abonakalayo awasebenzisayo ukuze asinikeze isiqondiso sothando?
• Yisiphi isimo sengqondo esihle okufanele sisihlakulele ngalabo abasenhlanganweni kaJehova?
[Izithombe ekhasini 133]
UJehova usiqondisa ngenhlangano yakhe ebonakalayo engaphansi kukaKristu