Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Umfanekiso Wamatalenta
UJESU uqhuba ingxoxo nabaphostoli bakhe eNtabeni yemiNqumo ngokubatshela omunye umfanekiso, owesibili kwemithathu elandelanayo. Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambili, lapho eseJeriko, walandisa ngomfanekiso womina ukuze abonise ukuthi uMbuso wawuseyinto yesikhathi eside esizayo. Umfanekiso awulandisayo manje, nakuba unezici eziningi ezifanayo, ekugcwalisekeni kwawo uchaza imisebenzi phakathi nokuba khona kukaKristu emandleni oMbuso. Ubonisa ukuthi abafundi bakhe kumelwe basebenze lapho besesemhlabeni ukuze bandise “impahla yakhe.”
UJesu uyaqala: “Ngokuba kunjengomuntu [okungukuthi, izimo eziphathelene noMbuso] owathi eyakuhambela kwelinye izwe wabiza izinceku zakhe, wazinika impahla yakhe.” UJesu ungumuntu okuthi, ngaphambi kokuba ahambele kwelinye izwe ezulwini, anikeze izinceku zakhe—abafundi abazozuza uMbuso wasezulwini—impahla yakhe. Lempahla ayizona izinto ezibonakalayo kodwa imelela insimu elinyiwe lapho enze khona kwaba nokwenzeka ukukhiqiza abafundi abengeziwe.
UJesu unika izinceku zakhe impahla yakhe ngokushesha ngaphambi kokuba enyukele ezulwini. Kanjani? Ngokuziyala ukuba ziqhubeke zisebenza ensimini elinyiwe ngokushumayela isigijimi soMbuso ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba. Njengoba uJesu esho: “Enye wayinika amatalenta ayisihlanu, enye aba-mabili, enye laba-linye, kwaba-yileyo naleyo njengamandla ayo; wamuka-ke.”
Ngakho amatalenta ayisishiyagalombili—impahla kaKristu—abiwa ngokwamakhono, noma amandla angokomoya, ezinceku. Izinceku zimelela izigaba zabafundi. Ekhulwini lokuqala, isigaba esamukela amatalenta ayisihlanu ngokusobala sasihlanganisa abaphostoli. UJesu uyaqhubeka elandisa ngokuthi izinceku ezamukela amatalenta ayisihlanu kanye namabili zombili zawaphinda kabili ngokushumayela kwazo ngoMbuso nangokwenza abafundi. Nokho, inceku eyamukela italenta elilodwa yalithukusa emhlabathini.
“Emva kwesikhathi eside,” kuqhubeka uJesu, “yafika iNkosi yalezozinceku, yalandisana nazo.” Kuzé kwaba sekhulwini leminyaka lama-20, iminyaka engaba u-1 900 kamuva, lapho uKristu ebuyé khona ukuzolungisa izindaba, ngakho ngempela, kwaba “[nge]mva kwesikhathi eside.” Khona-ke uJesu uyachaza:
“Weza obamukele amatalenta ayisihlanu, waletha amanye amathalenta ayisihlanu, wathi: Nkosi, wanginika amatalenta ayisihlanu; bheka ngizuzé amanye amatalenta ayisihlanu. Inkosi yakhe yathi kuye: Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka phezu kokuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.” Inceku eyamukela amatalenta amabili ngokufanayo yawaphinda kabili amatalenta ayo, futhi yathola ukunconywa nomvuzo ofanayo.
Nokho, lezizinceku ezithembekile zingena kanjani ekuthokozeni kwenkosi yazo? Nokho, intokozo yeNkosi yazo, uJesu Kristu, kwakungeyokuzuza uMbuso lapho iya kwelinye izwe kuYise ezulwini. Ngokuphathelene nezinceku ezithembekile ezikhathini zanamuhla, zinenjabulo enkulu yokuba ziphathiswe imithwalo yemfanelo eyengeziwe yoMbuso, futhi njengoba ziqeda inkambo yazo yasemhlabeni, zizothola injabulo engenakuqhathaniswa yokuvuselwa eMbusweni wasezulwini. Kodwa kuthiwani ngenceku yesithathu?
“Nkosi, bengikwazi ukuthi ungumuntu olukhuni,” kukhononda lenceku. “Ngesaba, ngaya ngalithukusa emhlabathini italenta lakho; bheka, nakhu okwakho.” Lenceku yenqaba ngamabomu ukusebenza ensimini elinyiwe ngokushumayela nokwenza abafundi. Ngakho inkosi iyibiza ngokuthi inceku “embi nevilaphayo” futhi ikhipha isahlulelo: “Mamukeni italenta . . . Leyonceku engasiziyo yiphonseni ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba-khona ukukhala nokugedla amazinyo.” Labo balesisigaba senceku embi, njengoba belahlelwa ngaphandle, baphucwa noma iyiphi injabulo engokomoya.
Lokhu kunikeza isifundo esingathi sína ngabo bonke abathi bangabalandeli bakaKristu. Kumelwe basebenzele ukwandisa impahla yeNkosi yabo yasezulwini ngokuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini wokushumayela ukuze ibancome futhi ibavuze nokuba bagweme ukuphonswa ebumnyameni ngaphandle nasekubhujisweni ekugcineni. Ingabe ukukhuthalele ukusebenzisa amakhono akho kulokhu? Mathewu 25:14-30.
◆ Yisiphi isifundo esifundiswa yilomfanekiso olandelayo?
◆ Zingobani izinceku, futhi iyini impahla eziyiphathisiwe?
◆ Kunini lapho inkosi iza khona ukuzolungisa izindaba, futhi yini eyitholayo?
◆ Iyini intokozo inceku ethembekile engena kuyo, futhi kwenzekani encekwini embi?