Isahluko 7
Ukulungisa Izindaba Ngokusetshenziswa Kwezimali ZikaKristu
1. Yimuphi uhulumeni ongenazo izinkinga zezomnotho, futhi obani manje okumelwe balungise izindaba nalowohumeni?
NGAPHANDLE kowodwa, awukho uhulumeni ongenazo izinkinga zezomnotho. Ohulumeni abaningi bacwile ezikweletini. Lowohulumeni ongenazo “umbuso wezulu” manje omenyezelwa kabanzi. (Mathewu 25:1) Emhlabeni kusekhona abayoba amalungu alowoMbuso wasezulwini abasenkonzweni yalowohulumeni. Phakathi nalesikhathi esibucayi kakhulu kunanini emlandweni wesintu, lezinceku ‘zombuso wezulu’ zibizelwa ukulandisa. Kumelwe zilandise kuhulumeni ngendlela ezisebenzise ngayo izinto eziyigugu eziphathiswe zona.
2. Kungani kumelwe sibe nesithakazelo esikhulu emfanekisweni othile njengoba walandiswa “iNkosi yokuthula”?
2 Ukuze afanekise lendaba, esikhathini eside esidlule ummeleli ovelele walowo “mbuso wezulu” walandisa umfanekiso. Kumelwe usithakazelise namuhla, ngoba “iNkosi yokuthula” yawuhlanganisa esiprofethweni sayo sesikhathi eside esiqondene “nesibonakaliso” esasiyophawula “ukuba khona” kwayo eMbusweni inegunya eligcwele lokubusa. (Mathewu 24:3, qhathanisa neNW) Thina namuhla isithinta ngokungenakugwenywa imiphumela elandela ukugcwaliseka kwalowomfanekiso ongokwesiprofetho, ngoba ukuba khona kwethu, khona kanye ukuphila kwethu, kuhilelekile. Nansi-ke indlela “iNkosi yokuthula” eyalandisa ngayo umfanekiso kubaphostoli bayo ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokufa kwayo okungumhlatshelo eKalvari.
Umfanekiso Wamathalenta
3. Izinceku ezamukela amathalenta enkosini ngaphambi kokuba ihambe zawaphatha kanjani ngesikhathi ingekho?
3 “Ngakho lindani, ngokuba anilwazi usuku nehora. Ngokuba kunjengomuntu owathi eyakuhambela kwelinye izwe wabiza izinceku zakhe, wazinika impahla yakhe; enye wayinika amatalentaa ayisihlanu, enye aba-mabili, enye laba-linye, kwaba-yileyo naleyo njengamandla ayo; wamuka-ke. Lowo obamukele amatalenta ayisihlanu wahamba masinyane, wasebenza ngawo, wazuza amanye ayisihlanu. Kanjalo obamukele amabili wazuza amanye amabili. Kepha obamukele lalinye waya wemba emhlabathini, wayifihla imali yenkosi yakhe.
4. Inkosi yathini kulezozinceku ezandisa inani lamathalenta?
4 “Kepha emva kwesikhathi eside yafika inkosi yalezozinceku, yalandisana nazo. Weza obamukele amatalenta ayisihlanu, waletha amanye amatalenta ayisihlanu, wathi: Nkosi, wanginika amatalenta ayisihlanu; bheka, ngizuzé amanye amatalenta ayisihlanu. Inkosi yakhe yathi kuye: Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka phezu kokuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho. Weza nobamukele amatalenta amabili, wathi: Nkosi, wanginika amatalenta amabili; bheka, ngizuzé amanye amatalenta amabili. Inkosi yakhe yathi kuye: Kuhle, nceku enhle nethembekileyo, uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka phezu kokuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.
5, 6. Ikuphi ukuzithethelela okwenziwa inceku yesithathu ngokufihla ithalenta, futhi inkosi yenzani kuyo?
5 “Kepha weza nobamukele italenta lalinye, wathi: Nkosi, bengikwazi ukuthi ungumuntu olukhuni; uvuna lapho ungahlwanyelanga khona, ubutha lapho ungafazanga khona; ngesaba, ngaya ngalithukusa emhlabathini italenta lakho; bheka, nakhu okwakho. Kepha inkosi yakhe yaphendula, yathi kuye: Nceku embi nevilaphayo, ubukwazi ukuthi ngivuna lapha ngingahlwanyelanga khona, ngibutha lapha ngingafazanga khona, na? Ngakho wawumelwe ukubeka imali yami kwabebhange, mina-ke ekufikeni kwami ngabe ngitholile okwami kanye nenzalo.
6 “Ngakho mamukeni italenta, nilinike onamatalenta ayishumi. Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, avame; kepha ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho. Leyonceku engasiziyo yiphonseni ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba-khona ukukhala nokugedla kwamazinyo.”—Mathewu 25:13-30.
7. Amathalenta ameleleni?
7 Kulomfanekiso, amathalenta ameleleni? Okuthile okunenani elikhulu, hhayi ngokwemali kodwa ngomqondo ongokomoya. Amathalenta amelele ukuthunywa kokwenza abafundi bakaKristu. Lokho kuthunywa kuhambisana nethuba eliyilungelo eliphakeme lokusebenza njengamanxusa kaKristu, iNkosi, amelela uMbuso ezizweni zonke zomhlaba.—Efesu 6:19, 20; 2 Korinte 5:20.
8. (a) Isigaba senceku “evilaphayo” siye salahlelwa kubuphi ubumnyama phakathi ‘nalesiphelo sesimiso sezinto’? (b) Kungani izwe lesintu lingenakho ukukhanya komusa nesibusiso sikaNkulunkulu?
8 Ngokungangabazeki, thina namuhla sesifike ekupheleni kokugcwaliseka kwalomfanekiso ongokwesiprofetho! Lesisizukulwane sehlelwe ubumnyama obukhulu kakhulu kunanini emlandweni wesintu! Ngempela, ngaphandle kwengxenye ebonakalayo yenhlangano kaJehova kukhona ubumnyama obufanelekile ukuba kuphonswe kubo isigaba senceku “evilaphayo” futhi “embi” lapho iNkosi ikhipha izwi. Lobo ‘bumnyama obungaphandle’ busho isimo sobumnyama sezwe lesintu, ikakhulukazi ngomqondo ongokwenkolo. Izwe lesintu alinakho ukukhanya komusa nesibusiso sikaNkulunkulu. Alikho ekukhanyeni kolwazi loMbuso kaNkulunkulu. Lingaphansi ‘kukankulunkulu walelizwe ophuphuthekisile izingqondo zabangakholwayo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.’—2 Korinte 4:4.
9. (a) Ekugcwalisekeni komfanekiso, ubani ofanekiselwa “umuntu,” futhi waya kude kangakanani? (b) Yibuphi ubufakazi obukhona obubonisa ukubuya kwakhe?
9 Namuhla kunobufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi lowo owayefanekiselwa ‘umuntu,’ okungenani owayenamathalenta esiliva ayisishiyagalombili, usebuyile ekuhambeleni kwakhe kwelinye izwe. ‘Lowomuntu’ nguKristu Jesu. Ukuhambela kwakhe kwelinye izwe kwambeka lapho kukhona uMdali welanga, inyanga, nezinkanyezi zendawo yonke esikuyo. Ukuze kubonakale ukubuya kwakhe, izimpi ezimbili zezinga lomhlaba wonke, manje ezihambisana nezinye izimpi eziningi ezincane, ziye zagcwalisa umhlaba wethu ngegazi. Njengoba kwabikezelwa, ziye zeza nendlala, imishayabhuqe yezifo, nokuzamazama komhlaba, kanye nokwanda kokungabi namthetho nokushunyayelwa ‘kwalezi zindaba ezinhle zombuso’ kuwo wonke umhlaba owakhiwe. Lokhu kuye kwagcwalisa imininingwane yalokho uJesu athi kwakuyoba “isibonakaliso sokuba khona [kwakhe] nesesiphelo sesimiso sezinto.”—Mathewu 24:3-15, qhathanisa neNW.
10. (a) Kungani lomuntu ahambela kwelinye izwe? (b) Kungani izwe lesintu lingakubonanga ngokoqobo ukubuya kwakhe?
10 Nakuba kungabonisiwe ngokuthe ngqó emfanekisweni kaJesu, umuntu owahambela kwelinye izwe, engekho isikhathi eside, eqinisweni wayehambele ukuzuza “umbuso wezulu,” okubhekiselwe kuwo ngaphambili kuMathewu 25:1. Naphezu kokugqashuka kweMpi Yezwe I, uJehova uNkulunkulu, ombuso wakhe phezu kukaIsrayeli wagumbuqelwa ngo-607 B.C.E., ngo-1914 C.E., okwakuyisikhathi sokuba kuphele ukunyathelwa kwawo, wabeka esihlalweni sobukhosi iNdlalifa yoMbuso enelungelo. Cha, izizwe zabeZizwe azikubonanga ngamehlo azo emvelo ukubekwa esihlalweni sobukhosi kwaLowo iNkosi uDavide eyambiza ngokuthi ‘iNkosi yami.’ (IHubo 110:1) Zazingenakukubona ngoba umuntu walowomfanekiso, uJesu Kristu, ngaphambi kokuba aye kwelinye izwe, wayethe kubafundi bakhe: “Kuseyisikhashana izwe lingasangiboni.”—Johane 14:19.
11. (a) Yayiyoba yini ingxenye yesibonakaliso esasiyophawula ukubuya nokuba khona kwakhe? (b) Kwakuyokwenzeka nini lokhu?
11 Njengoba ukuza kukaKristu emandleni oMbuso wasezulwini kwakungabonakali emehlweni abantu, kwakumelwe enze ukuba khona kwakhe eMbusweni wasezulwini kube sobala ngesibonakaliso esasicelwe abaphostoli kuye ezinsukwini ezintathu ngaphambi kokufela kwakhe ukholo. Ingxenye yalesosibonakaliso esiyisiqinisekiso yayiyoba ukuthi lomuntu wayeyobuya kwelinye izwe futhi alungise izindaba nezinceku zakhe ayeziphathise amathalenta anenani elikhulu kakhulu. Ngenxa yalokho, lokho kulungiswa kwezindaba nalezo ezaba nelungelo lokuphathiswa amathalenta kwakuyokwenzeka ngemva kuka-1914.
12. (a) Obani abanesibopho sokuhola ekunikezeni ubufakazi boMbuso? (b) Ukusindiswa kwabo kokugcina kuxhomekephi?
12 Lokhu kwakuyosho ukulungisa izindaba nalabo ababeyizindlalifa ‘zombuso wezulu.’ Lokhu kwakuyosho ukulungisa izindaba nensali yaleyondikimba yamaKristu, eyayizalwe ngomoya kaNkulunkulu kusukela ngosuku lwePentekoste lonyaka ka-33 C.E. (IzEnzo, isahluko 2) Kwakumelwe kube nensali yawo emhlabeni phakathi ‘nalesiphelo sesimiso sezinto’ esaqala ngo-1914 kuqhubeke. Yileyonsali eyayiyoba nesibopho sokuhola ekugcwalisekeni kwesiprofetho sikaJesu ngalesosikhathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe ngenjongo yobufakazi kuzo zonke izizwe; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14, NW; Marku 13:10) Inomthwalo wemfanelo wokwethembeka kuze kube sekupheleni, ukuze isindiselwe eMbusweni wamazulu. (Mathewu 24:13) Enombono wokusindiswa kwayo kokugcina, uNkulunkulu uMninimandla onke uye wayiqinisa ukuba ikhuthazele kuze kube manje, naphezu kokushushiswa emhlabeni wonke. Leliqiniso lifakazela ukuthi uyayemukela!
Labo Abazisholo Ukuthi Banamathalenta
13. (a) Obani abathi baye bamukela amathalenta? (b) Isiphi isahlulelo sabo esifika kuso?
13 ELobukholwa lizisholo ukuthi liphathiswe ngokwethembeka amathalenta omuntu ocebile emfanekisweni kaJesu. Kodwa uma sihlola inkambo yalo kusukela ngo-1914, sifika kusiphi isahlulelo? Yilesi: Alenzanga njengokusho kwalo. Ngokungathembeki kumuntu womfanekiso, liye lazihlanganisa nemibuso yalelizwe; abezombangazwe balabohulumeni bezwe bayizithandwa zalo. Lisazisekela iZizwe Ezihlangene, umlandeli weNhlangano Yezizwe esifile.
14. Silitholaphi eLobukholwa namuhla?
14 Alifanekiselwa ngisho nayinceku yethalenta elilodwa, eyavilapha futhi yangayandisa impahla yenkosi yayo. Ngakho kulesikhathi kusukela emvuthwandaba weMpi Yezwe I ngo-1918, akungabazeki ukuthi eLobukholwa liye ladalulwa njengebelilokhu lisebumnyameni ngaphandle kwendlu ekhanyayo yeNkosi. Ngomqondo ongokomfanekiso, sekuqalile kakade ukukhala kwalo nokugedla kwamazinyo alo ebumnyameni obunzima ngaphandle ezweni. Lokho kusazokwenzeka kakhulu lapho izithandwa zalo zezombangazwe ziliphendukela futhi ziliveza obala njengengxenye enecala kakhulu yalo lonke iBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga.
Isigaba ‘Senceku Embi’ Siyaxoshwa
15. Obani abaye bafanekisela inceku evilaphayo, futhi bazithola bekuphi manje?
15 Labo abaye baba yingxenye ngempela yensali egcotshwe ngomoya futhi baphathiswa amagugu oMbuso, kodwa abaye bayeka ukwenza umzamo wokwandisa izithakazelo zeNkosi ebuyile, baye baxoshwa enkonzweni yobukhosi yeNkosi. (Mathewu 24:48-51) Asisababoni abesigaba ‘senceku embi’ evilaphayo beshumayela “lezi zindaba ezinhle zombuso.” Kunalokho, bakhathalela insindiso yabo yomuntu siqu kuphela esikhundleni sezithakazelo zoMbuso kaNkulunkulu. Manje bazithola ‘besebumnyameni obungaphandle,’ lapho kukhona izwe lesintu. Baye baphucwa ithalenta labo elingokomfanekiso futhi lanikezwa isigaba esiye sabonisa ukuzimisela ukusebenzisa lelothalenta phakathi nengxenye esele ‘yalesiphelo sesimiso sezinto.’
16. (a) Lesi isikhathi esihle kakhulu sokuba amathalenta angokomfanekiso siwasebenzise kanjani? (b) Yisiphi isibopho “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu’ esinaso manje?
16 Asikaze sibe khona isikhathi esihle njengalesi sokumemezela “izindaba ezinhle zombuso” ngokusebenzisa “italenta,” okungukuthi, ilungelo elingavamile, ithuba, lokusebenza ‘njengamanxusa kaKristu,’ iNkosi ebusayo, futhi senze abafundi bakhe. (2 Korinte 5:20) Futhi njengoba ukuphela kuza ngesivinini, kufanelekile ukuba “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu’ sisize lawomanxusa asasele azelwe ngomoya njengoba elisebenzisa ngokugcwele nangentshiseko “italenta” eliyigugu aliphathisiwe.
[Umbhalo waphansi]
a Ithalenta lesiliva lamaGreki lalinesisindo samakhilogremu angama-20,4.
[Isithombe ekhasini 59]
Labo ababonisa izimpawu zenceku embi bayaxoshwa enkonzweni yeNkosi baphonswa ebumnyameni