Ingabe IBhayibheli Liyaziphikisa?
UMLOBI uHenry Van Dyke wake wabhala: “Njengoba lasungulwa eMpumalanga Ephakathi futhi laba nethonya laseMpumalanga, iBhayibheli lihamba ezindleleni zawo wonke umhlaba ngezinyawo ezivamile futhi lingena amazwe ngamazwe lizitholele okungokwalo kuyo yonke indawo. IBhayibheli liye lafunda ukukhuluma nenhliziyo yomuntu ngamakhulu ezilimi. Abantwana balalela izindaba zalo ngokumangala nangokujabula, futhi abantu abahlakaniphile bazindla ngazo njengemifanekiso yokuphila. Ababi nabaqhoshayo bayathuthumela ngezixwayiso zalo, kodwa kwabalimele nabadabukile linjengephimbo likamame. . . . Akekho umuntu ompofu noma olahliwe uma enalengcebo.”
IBhayibheli ngempela liye “lafunda ukukhuluma ngezilimi eziningi.” Okungenani eyodwa yezincwadi zalo ezingu-66 iye yahunyushelwa ezilimini ezingaba ngu-1 970. Izigidi zibheka iBhayibheli njengesipho esivela kuNkulunkulu futhi zilifunda ngenjabulo zibuye zizuze. Nokho, abanye bathi linokuziphikisa khona-ke alinakwethenjwa. Ukucwaninga ngokunakekela kwambulani?
Njengoba kuboniswa esithombeni sesembozo salomagazini, uNkulunkulu wasebenzisa amadoda athembekile ukuba alobe iBhayibheli. Ngokuqinisekile, ukuhlaziywa ngokunakekela kweBhayibheli kwembula ukuthi labhalwa amadoda angaba ngu-40 esikhathini esingamakhulu angu-16 eminyaka. Ingabe ayengabalobi abakufundele? Cha. Phakathi kwawo umuntu angathola umelusi, umdobi, umthelisi, udokotela, umthungi wamatende, umpristi, umprofethi, nenkosi. Kaningi abakubhala kuthinta abantu nemikhuba okungavamile kithi ekhulwini lama-20 leminyaka. Eqinisweni, ababhali beBhayibheli ngokwabo abazange ngaso sonke isikhathi bakuqonde lokho abakubhala. (Daniyeli 12:8-10) Ngakho akufanele simangale uma sihlangabezana nobunzima obuthile lapho sifunda iBhayibheli.
Ingabe ubunzima obunjalo bungaxazululwa? Ingabe iBhayibheli liyaziphikisa? Ukuze sithole, ake sicabangele ezinye izibonelo.
Ingabe Lobu Ubunzima Bangempela?
▪ UKayini wamtholaphi umkakhe? (Genesise 4:17)
Omunye angacabanga ukuthi ngemva kokubulawa kuka-Abela, emhlabeni kwakusele kuphela umfowabo onecala uKayini nabazali babo, uAdamu noEva. Nokho, uAdamu noEva babenomkhaya omkhulu. NgokukaGenesise 5:3, 4, uAdamu waba nendodana okuthiwa uSeti. Ukulandisa kuyaqhubeka: “Izinsuku zika-Adamu emva kokuzalwa kukaSeti zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalombili; [Ngalesosikhathi, “NW”] wazala amadodana namadodakazi.” Ngakho uKayini washada nodadewabo noma omunye wabashana bakhe. Njengoba isintu ngalesosikhathi sasiseduze kakhulu nokuphelela, umshado onjalo ngokusobala wawungenazo izingozi ezingokwempilo ezingase zikhubaze inzalo yokuhlangana okunjalo namuhla.
▪ Ubani owathengisa uJosefa eGibithe?
UGenesise 37:27 uthi abafowabo bakaJosefa banquma ukumthengisa kwabakwaIshmayeli. Kodwa ivesi elilandelayo liyaphawula: “Kwase kudlula abathengi bakwaMidiyani; [abafowabo kaJosefa] bamdonsa uJosefa, bamkhuphula emgodini, bathengisa ngoJosefa kwabakwaIshmayeli ngezinhlamvu ezingamashumi amabili zesiliva. Labo-ke bamusa uJosefa eGibithe.” Ingabe uJosefa wathengiswa kwabakwaIshmayeli noma kwabakwaMidiyani? Nokho, abakwaMidiyani kungenzeka ukuthi nabo babebizwa ngokuthi abakwaIshmayeli, ababehlobene nabo ngokhokho wabo uAbrahama. Noma kungenzeka ukuthi abakwaMidiyani babehamba nenqola yabakwaIshmayeli. Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi, abafowabo kaJosefa yibo abamthengisa, futhi kamuva wayengabatshela: “NginguJosefa umfowenu enathengisa ngaye eGibithe.”—Genesise 45:4.
▪ Mangaki amaIsrayeli afa ngenxa yokuhlanganyela ekuziphatheni okubi nabesifazane bakwaMowabi nokuhlanganyela ekukhulekeleni uBali-Peyori?
UNumeri 25:9 uyaphawula: “Abafayo ngalesosifo [esivela kuNkulunkulu ngenxa yokuziphatha kwabo okubi] babeyizinkulungwane ezingamashumi amabili nane.” Nokho, umphostoli uPawulu wathi: “Futhi asingenzi ubufebe njengokuba abanye kubo [amaIsrayeli ehlane] benza ubufebe, bafa ngalusuku lunye abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu.” (1 Korinte 10:8) Mhlawumbe isibalo sababulawa sasiphakathi kuka-23 000 no-24 000, kangangokuthi esisodwa salezibalo sasinganelisa. Futhi, incwadi kaNumeri ibonisa ngokukhethekile ukuthi “zonke izinhloko zabantu” ezahileleka kulesisono zabulawa ngabahluleli. (Numeri 25:4, 5) Kungenzeka kwakunabangu-1 000 ‘balezizinhloko’ ezinecala, okwenza ingqikithi yabangu-24 000 lapho zihlanganiswa nabangu-23 000 abaphawulwa uPawulu. Nakuba cishe abangu-23 000 baba izisulu eziqondile zesifo esivela kuNkulunkulu, bonke abangu-24 000 babhekana nesifo esivela kuJehova ngoba ngamunye wabo uye wafa ngenxa yesahlulelo sakhe esibuhlungu.—Duteronomi 4:3.
▪ Njengoba uAgagi ayephila ngesikhathi senkosi yokuqala yakwaIsrayeli uSawule, ingabe ukubhekisela kukaBileyamu kwangaphambili impela kumbusi wama-Amaleki owayenalelogama kwakungelona iphutha?
Cishe ngo-1473 B.C.E., uBileyamu wabikezela ukuthi inkosi yakwaIsrayeli yayiyoba ‘yinkulu kunoAgagi.’ (Numeri 24:7) Ngemva kwalokho akuzange kubhekiselwe kuAgagi kwaze kwaba sekubuseni kweNkosi uSawule (1117-1078 B.C.E.). (1 Samuweli 15:8) Nokho, leli kwakungelona iphutha ngoba kungenzeka ukuthi elithi “Agagi” kwakuyigama lobukhosi elifanayo nalelo elithi Faro waseGibithe. Kungenzeka futhi ukuthi elithi Agagi kwakuyigama lomuntu siqu elalisetshenziswa ngokuphindaphindiwe ababusi bama-Amaleki.
▪ Ubani owenza ukuba uDavide abale amaIsrayeli?
Eyesibili kaSamuweli 24:1 ithi: “Intukuthelo kaJehova yabuye yavuthela uIsrayeli, [othile, NW] wamvusa uDavide ngabo ngokuthi: Hamba ubale uIsrayeli noJuda.” Kodwa kwakungeyena uJehova owashukumisela iNkosi uDavide ukuba yone, ngoba eyoku-1 IziKronike 21:1 ithi: “USathane [noma, “umphikisi,” umbhalo waphansi weNW] wema ukulwa noIsrayeli, wavusa uDavide ukuba abale uIsrayeli.” UNkulunkulu wayedumele ngamaIsrayeli ngakho wavumela ukuba uSathane uDeveli alethe lesisono phezu kwawo. Ngenxa yalesizathu, eyesi-2 Samuweli 24:1 ifundeka njengokungathi uNkulunkulu wakwenza ngokwakhe. Ngokuthakazelisayo, inguqulo kaJoseph B. Rotherham ifundeka kanje: “Intukuthelo kaYahweh yamvuthela uIsrayeli, kangangokuba uDavide washukunyiselwa ukuba enze ngokumelene nabo ngokuthi, Hamba ubale uIsrayeli noJuda.”
▪ Umuntu angazivumelanisa kanjani izibalo ezihlukene ezinikezwa ekubaleni kukaDavide amaIsrayeli nabakwaJuda?
Kweyesi-2 Samuweli 24:9 isibalo samaIsrayeli singu-800 000 esabakwaJuda singu-500 000, kuyilapho eyoku-1 IziKronike 21:5 inikeza isibalo samadoda akwaIsrayeli alwayo angu-1 100 000 nawakwaJuda angu-470 000. Ababebhaliswa njalo enkonzweni yasebukhosini kwakungamasosha angu-288 000, ayehlukaniswa abe amaqembu angu-12 okunamasosha angu-24 000, eqembu ngalinye elikhonza inyanga eyodwa phakathi nonyaka. Kwakunezikhonzi ezengeziwe ezingu-12 000 zezinduna ezingu-12 zezizwe, okwenza ingqikithi yabangu-300 000. Ngokusobala isibalo sabangu-1 100 000 seyoku-1 IziKronike 21:5 sihlanganisa nalesibalo sabangu-300 000 abase bebhalisile kakade, kuyilapho eyesi-2 Samuweli 24:9 ingasihlanganisi. (Numeri 1:16; Duteronomi 1:15; 1 IziKronike 27:1-22) Ngokuqondene noJuda, eyesi-2 Samuweli 24:9 ngokusobala ihlanganisa namadoda angu-30 000 ayeyibutho eliqaphile ayemi emingceleni yamaFilisti kodwa angazange ahlanganiswe esibalweni esikweyoku-1 IziKronike 21:5. (2 Samuweli 6:1) Uma siqonda ukuthi eyesi-2 Samuweli neyoku-1 IziKronike zabhalwa ngabantu ababili abanemibono nezisusa ezehlukene, singazivumelanisa kalula lezibalo.
▪ Wayengubani uyise kaSalatiyeli?
Eminye imibhalo ibonisa ukuthi uJekoniya (iNkosi uJehoyakini) wayenguyise ongokwenyama kaSalatiyeli. (1 IziKronike 3:16-18; Mathewu 1:12) Kodwa umbhali wamaVangeli uLuka wabiza uSalatiyeli ngokuthi ‘indodana kaNeri.’ (Luka 3:27) Ngokusobala uNeri wanika uSalatiyeli indodakazi yakhe ukuba ibe ngumkakhe. Njengoba amaHeberu ngokuvamile ayebhekisela kumkhwenyana njengendodana, ikakhulukazi ekubalweni kwezizukulwane, uLuka wayengabiza ngokufanelekile uSalatiyeli ngokuthi indodana kaNeri. Ngendlela efanayo, uLuka wabhekisela kuJosefa njengendodana kaEli, eqinisweni owayenguyise womkaJosefa, uMariya.—Luka 3:23.
Ukuvumelanisa Imibhalo Ehilela UJesu
▪ Amadoda amangaki uJesu Kristu axosha kuwo amademoni angena emhlanjini omkhulu wezingulube?
Umbhali weVangeli uMathewu ubhekisela emadodeni amabili, kodwa uMarku noLuka babhekisela kweyodwa nje kuphela. (Mathewu 8:28; Marku 5:2; Luka 8:27) Kubonakala sengathi, uMarku noLuka badonsela ukunakekela endodeni eyodwa eyayinamademoni ngoba uJesu wakhuluma nayo futhi isimo sayo sasiphawuleka kakhulu. Kungenzeka ukuthi, lendoda yayinobudlova kakhulu futhi isinesikhathi eside ihlupheka ngaphansi kwethonya lamademoni. Mhlawumbe kamuva leyondoda eyodwa yafuna ukuhamba noJesu. (Marku 5:18-20) Esimweni esifanayo, uMathewu wakhuluma ngamadoda amabili ayeyizimpumputhe uJesu awaphulukisa, kuyilapho uMarku noLuka bakhuluma ngeyodwa kuphela. (Mathewu 20:29-34; Marku 10:46; Luka 18:35) Lokhu kwakungaphikisani, ngoba okungenani kwakunendoda eyodwa.
▪ Wawunjani umbala wengubo eyayembathwe uJesu ngosuku lokufa kwakhe?
NgokukaMarku (15:17) noJohane (19:2), amasosha ambathisa uJesu ingubo ebubende. Kodwa uMathewu (27:28) wayibiza ngokuthi “ingubo ebomvu,” ukuze agcizelele ukuba bomvu kwayo. Njengoba okububende kuyinoma yimuphi umbala onenhlanganisela yemibala ebomvu neluhlaza, uMarku noJohane bayavuma ukuthi ingubo yayinombala obomvu. Ukukhanya nesizinda bekuyonikeza ingubo imibalabala ehlukahlukene, futhi ababhali bamaVangeli bakhuluma ngombala owawubonakala kakhulu kubo noma kulabo abathola kubo ukwaziswa kwabo. Ukwehluka okuncane kubonisa ukwehluka kwababhali futhi kufakazela ukuthi akuzange kuvunyelwane ngasese.
▪ Ubani owathwala isigxobo sokuhlushwa sikaJesu?
UJohane (19:17) wathi: “Waphuma ezithwalele [isigxobo sokuhlushwa, NW], [uJesu] waya endaweni ethiwa iNdawo yeKhanda, ethiwa ngesiHeberu iGolgotha.” Kodwa uMathewu (27:32), uMarku (15:21), noLuka (23:26) bathi ‘besaphuma, uSimoni waseKhurene wacindezelwa ukuba athwale isigxobo sakhe sokuhlushwa.’ UJesu owathwala isigxobo sakhe sokuhlushwa, njengoba uJohane ephawulile. Nokho, endabeni yakhe efushanisiwe uJohane akazange alinezele iphuzu lokuthi kamuva uSimoni wacindezelwa ukuba athwale isigxobo. Ngakho, ukulandisa kwamaVangeli kuyavumelana kulokhu.
▪ UJuda Iskariyothe wafa kanjani?
UMathewu 27:5 ubonisa ukuthi uJuda waziphanyeka, kuyilapho izEnzo 1:18 zithi “wawa ngekhanda, waqhuma phakathi, nezibilini zakhe zonke zachitheka.” Nakuba uMathewu ebonakala ekhuluma ngesinyathelo sokuzama ukuzibulala, izEnzo zichaza imiphumela. Ngokusobala uJuda wabopha intambo egatsheni lesihlahla, wafaka isihibe entanyeni yakhe, futhi wazama ukuziphanyeka ngokugxumela eweni. Kubonakala sengathi intambo yagqashuka noma igatsha laphuka wawela phansi futhi waphahlazeka emadwaleni angaphansi. Isimo sendawo esizungeze iJerusalema senza isiphetho esinjalo sibe esinengqondo.
Uyoba Namuphi Umbono?
Uma sihlangabezana nokungefani okunjalo eBhayibhelini, kuhle ukuqaphela ukuthi abantu kaningi basho izinto ezibonakala ziphikisana kodwa ezichazwa noma ziqondwe kalula. Ngokwesibonelo, usomabhizinisi angathintana nothile ngokutshela unobhala wakhe ukuba abhale incwadi. Uma ebuzwa, ubeyothi nguye othumele incwadi. Kodwa njengoba unobhala wakhe ebhale incwadi ngomshini futhi wayiposa, angasho ukuthi nguye oyithumele. Ngendlela efanayo, kwakungekhona ukuphikisana ngoMathewu (8:5) ukuba athi induna yempi yeza yanxusa umusa kuJesu, kuyilapho uLuka (7:2, 3) ethi lendoda yathuma abameleli.
Izibonelo esixoxe ngazo zibonisa ukuthi ubunzima beBhayibheli bunganqotshwa. Ngakho, kunesizathu esihle sokuba nesimo sengqondo esiqondile ngemiBhalo. Umoya onjalo watuswa ngalamazwi avela eBhayibhelini elinamakhasi omlando womkhaya elakhishwa ngonyaka ka-1876:
“Umoya ofanelekile wokubhekana nalobobunzima, uwukubususa ngendlela okungenzeka ngayo, kanye nokubambelela nokuzithoba eqinisweni, ngisho nalapho kungeke kususwe konke ukungaqondi kulo. Kufanele silingise isibonelo sabaphostoli, okwathi lapho abanye abafundi becasulwa yilokho abakubiza ngokuthi ‘izwi elilukhuni,’ baze bamshiya uKristu, bathulisa konke ukuphikisa ngokuthi: ‘Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe, futhi siyakholwa ukuthi Wena unguKristu, indodana kaNkulunkulu ophilayo.’ . . . Lapho sibona iqiniso libonakala lishayisana nelinye, masizame ukuwavumelanisa, futhi siwabonise evumelana kubo bonke.”—Johane 6:60-69.
Ingabe uyokuthatha ukuma okunjalo? Ngemva kokuhlola ezimbalwa zezibonelo ezibonisa ukuvumelana kwemiBhalo, kwethenjwa ukuthi uvumelana nomhubi owathi kuNkulunkulu: “Amazwi akho onke ayiqiniso.” (IHubo 119:160) OFakazi BakaJehova banalowombono ngalo lonke iBhayibheli futhi bayokujabulela ukukunikeza izizathu zokulikholelwa. Kungani ungaxoxi nabo ngalencwadi evelele? Isigijimi sayo esikhuthazayo singakugcwalisa ngethemba leqiniso nenjabulo.
[Isithombe ekhasini 7]
Ingabe wake wababuza oFakazi BakaJehova ukuthi kungani bekholelwa eBhayibhelini?