Imibuzo Evela Kubafundi
Kungani uJesu acaphuna amazwi kaDavide atholakala kumaHubo 22:1 ngaphambi nje kokuba afe?
Phakathi kwamazwi uJesu awasho ngaphambi kokuba afe kwakukhona nalawo abhalwe kuMathewu 27:46: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni?” Ngokusho lokhu, uJesu wagcwalisa amazwi omhubi uDavide abhalwe kumaHubo 22:1. (Marku 15:34) Kungaba iphutha ukuphetha ngokuthi uJesu wacaphuna la mazwi ngoba wayedumele noma entula ukholo okwesikhashana. UJesu wayekuqonda ngokugcwele ukuthi kungani kwakudingeka afe futhi wayezimisele ukwenza kanjalo. (Math. 16:21; 20:28) Wayazi nokuthi ngesikhathi sokufa kwakhe, uJehova kwakuyodingeka asuse noma yini ‘ayembiyele’ ngayo. (Jobe 1:10) UJehova wayeka ukuvikela uJesu, ukuze uJesu afakazele ukuthi wayeyohlala ethembekile kungakhathaliseki ukuthi wayeyofa kabuhlungu kangakanani.—Marku 14:35, 36.
Pho kungani uJesu asho amazwi aleli hubo? Nakuba singenakugomela, ake sixoxe ngezinye zezizathu.a
Ngokusho la mazwi, ingabe uJesu wayegcizelela ukuthi uJehova wayengeke angenelele njengoba ayezokufa? Kwakudingeka uJesu akhokhe isihlengo ngaphandle kosizo lukaJehova. Wayengumuntu futhi kwakudingeka afe ukuze “anambithe ukufa ngenxa yawo wonke umuntu.”—Heb. 2:9.
Ngokucaphuna amazwi ambalwa kulelo hubo, ingabe uJesu wayebhekisela kulo lonke ihubo? Kwakujwayelekile ngalezo zinsuku ukuba abantu abangamaJuda bawazi ngekhanda amahubo amaningi. Lapho bezwa ivesi elilodwa lehubo, ngokuzenzakalelayo babecabanga ngalo lonke ihubo. Uma uJesu ayenalokhu engqondweni, wayeyobasiza abalandeli bakhe abangamaJuda ukuba bakhumbule iziprofetho eziningi ezikuleli hubo eziphathelene nokufa kwakhe. (IHu. 22:7, 8, 15, 16, 18, 24) Ngasekupheleni kwehubo, ukunqoba kobukhosi bukaJehova kuchazwa njengokufinyelela umhlaba wonke.—IHu. 22:27-31.
Ngokucaphuna la mazwi kaDavide ingabe uJesu wayeveza ukuthi akanacala? Ngaphambi kokuba afe, uJesu wakhuthazelela ukuqulwa kwecala elingekho emthethweni futhi wabekwa icala lokuhlambalaza. (Math. 26:65, 66) Ngokushesha lelo cala laqulwa futhi laqedwa ebusuku kungazange kulandelwe imithetho efanele. (Math. 26:59; Marku 14:56-59) Ngokucaphuna la mazwi asambuzo, kungenzeka uJesu wayeveza iqiniso lokuthi akukho okubi ayekwenzile okwakumenza afanelwe isijeziso esinjengalesi.
Ingabe uJesu wayekhumbuza abanye ukuthi ngisho noma uDavide, umbhali waleli hubo, avunyelwa ukuba ahlupheke, lokhu kwakungasho ukuthi uDavide wayengeke esamukelwa uJehova? Umbuzo kaDavide wawungembuli ukuthi untula ukholo. Ngemva kokubuza lo mbuzo, wabonisa ukuthi wayethembele emandleni kaJehova okusindisa futhi uJehova waqhubeka embusisa. (IHu. 22:23, 24, 27) Ngokufanayo, ngisho noma uJesu, “iNdodana kaDavide,” ahlupheka esigxotsheni sokuhlushwa, lokho kwakungasho ukuthi uJehova ngeke asamamukela.—Math. 21:9.
Ingabe uJesu wayebonisa ukucindezeleka kwakhe okukhulu ngeqiniso lokuthi uJehova kwakudingeka asuse isivikelo saKhe kuye ukuze akwazi ukubonisa ubuqotho bakhe? Injongo kaJehova yasekuqaleni kwakungekhona ukuthi iNdodana yakhe ihlupheke futhi ife. Lokho kwadingeka ukuba kwenzeke ngemva kokuhlubuka kokuqala. UJesu wayengonanga, kodwa kwadingeka ukuba ahlupheke futhi afe ukuze aphendule imibuzo eyaphakanyiswa uSathane futhi akhokhe inani lesihlengo ukuze aphinde athenge lokho isintu okwasilahlekela. (Marku 8:31; 1 Pet. 2:21-24) Lokhu kwakuyofezeka kuphela uma uJehova esusa isivikelo sakhe kuJesu okwesikhashana okokuqala ngqa ekuphileni kwakhe.
Ingabe uJesu wayezama ukusiza abalandeli bakhe bagxile esizathwini sokuthi kungani uJehova ayevumele ukuba afe ngale ndlela?b UJesu wayazi ukuthi ukufa ngale ndlela, njengesigebengu esigxotsheni sokuhlushwa, kwakuyokhuba abaningi. (1 Kor. 1:23) Uma abalandeli bakhe babegxila esizathwini sangempela sokufa kwakhe, babeyokuqonda ukubaluleka kwako. (Gal. 3:13, 14) Babeyombheka njengoMsindisi hhayi njengesigebengu.
Kungakhathaliseki ukuthi uJesu wayenasiphi isizathu sokucaphuna la mazwi, wayazi ukuthi lokho ayebhekene nakho kwakuyintando kaJehova. Ngemva nje kokucaphuna leli hubo, uJesu wathi: “Kufeziwe!” (Joh. 19:30; Luka 22:37) Yebo, ukususa kukaJehova isivikelo sakhe okwesikhashana, kwavumela uJesu ukuba akufeze ngokugcwele lokho ayethunyelwe ukuzokwenza emhlabeni. Kwaphinde kwamvumela ukuba agcwalise izinto ezazilotshwe ngaye “eMthethweni KaMose nakubaProfethi nakumaHubo.”—Luka 24:44.
a Bheka izigaba 9 no-10 esihlokweni esithi: “Lokho Esikufunda Emazwini Okugcina KaJesu” esikulo magazini.
b Phakathi nenkonzo yakhe, ngezinye izikhathi uJesu wayesho izinto noma abuze imibuzo eyayingavezi imizwa yakhe. Lokho wayekwenza ukuze abalandeli bakhe baveze lokho abakucabangayo.—Marku 7:24-27; Joh. 6:1-5; bheka INqabayokulinda ka-Okthoba 15, 2010, kk. 4-5