-
Zishunyayelwa Kanjani Izindaba Ezinhle?Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
ISIFUNDO 21
Zishunyayelwa Kanjani Izindaba Ezinhle?
UJehova maduzane uzoqeda zonke izinkinga zethu esebenzisa uMbuso wakhe. Yizindaba ezinhle lezo okufanele bazizwe bonke abantu. UJesu wayefuna abalandeli bakhe batshele wonke umuntu lo myalezo! (Mathewu 28:19, 20) OFakazi BakaJehova bakwenza kanjani lokho uJesu akuyala?
1. UMathewu 24:14 ugcwaliseka kanjani namuhla?
UJesu wabikezela: “Lezi zindaba ezinhle zoMbuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke.” (Mathewu 24:14) OFakazi BakaJehova bawenza ngenjabulo lo msebenzi. Sishumayela izindaba ezinhle emhlabeni wonke ngezilimi ezingaphezu kwezingu-1 000! Lo msebenzi omkhulu udinga ukuzikhandla nokuhleleka. Ngeke wenziwe ngaphandle kosizo lukaJehova.
2. Yimiphi imizamo esiyenzayo ukuze sishumayele kubantu?
Sishumayela nomaphi lapho abantu betholakala khona. NjengamaKristu ekhulu lokuqala, sishumayela “endlini ngendlu.” (IzEnzo 5:42) Ukusebenzisa le ndlela kusenza sifinyelele abantu abayizigidi eziningi unyaka ngamunye. Njengoba abantu abaningi bengatholakali emakhaya, siphinde sishumayele nasezindaweni zomphakathi. Ngaso sonke isikhathi sibheka amathuba okukhuluma nabantu ngoJehova nangezinjongo zakhe.
3. Umsebenzi kabani ukushumayela izindaba ezinhle?
Wonke amaKristu eqiniso kufanele ashumayele izindaba ezinhle. Ukushumayela kubalulekile kithi. Sizama konke okusemandleni ukuze sishumayele ngoba siyazi ukuthi kungasindisa ukuphila kwabantu. (Funda eyoku-1 Thimothewu 4:16.) Asikhokhelwa ngokwenza lo msebenzi ngoba iBhayibheli lithi: “Namukele ngesihle, yiphani ngesihle.” (Mathewu 10:7, 8) Akubona bonke abantu abamukela umyalezo wethu. Kodwa siyaqhubeka ngoba ukushumayela kuyingxenye yenkonzo yethu futhi kwenza uJehova ajabule.
FUNDA OKWENGEZIWE
Funda okwengeziwe mayelana nemizamo yoFakazi BakaJehova yokushumayela emhlabeni wonke, ubone nokuthi uJehova usisiza kanjani.
4. Sisebenza kanzima ukuze sifinyelele bonke abantu
OFakazi BakaJehova benza imizamo ekhethekile yokushumayela izindaba ezinhle kubantu yonke indawo. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.
Yini oyithandayo ngemizamo oFakazi BakaJehova abayenzayo ukuze bashumayele?
Fundani uMathewu 22:39 neyabaseRoma 10:13-15, bese nixoxa ngale mibuzo:
Inkonzo esiyenzayo ibonisa kanjani ukuthi siyabathanda omakhelwane bethu?
UJehova uzizwa kanjani ngalabo abashumayela izindaba ezinhle?—Bheka ivesi 15.
5. Siyizisebenzi ezikanye noNkulunkulu
Kunezindaba eziningi ezibikwayo ezibonisa ukuthi uJehova uqondisa umsebenzi wethu. Ngokwesibonelo, eNew Zealand umzalwane okuthiwa uPaul wathola owesifazane ngesikhathi eshumayela endlini ngendlu ntambama. Ekuseni ngalo lelo langa, lona wesifazane wayekade ethandaza kuNkulunkulu esebenzisa igama likaNkulunkulu elithi Jehova, ecela ukuba othile eze azomvakashela. UPaul uthi: “Ngemva kwamahora amathathu ngabe sengifika kwakhe.”
Fundani eyoku-1 Korinte 3:9, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Izindaba ezinjengale yaseNew Zealand zibonisa kanjani ukuthi uJehova uqondisa umsebenzi wokushumayela?
Fundani izEnzo 1:8, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Kungani sidinga usizo lukaJehova ukuze sifeze inkonzo yethu?
Ingabe bewazi?
Njalo emhlanganweni wethu waphakathi nesonto siyaqeqeshwa ukuze sishumayele. Uma uke waya komunye wale mihlangano, ucabangani ngokuqeqeshwa esikutholayo?
6. Silalela umyalo kaNkulunkulu wokuba sishumayele
Ngekhulu lokuqala abaphikisi bazama ukuyekisa abalandeli bakaJesu ukushumayela. AmaKristu okuqala alivikela ilungelo lawo lokushumayela ‘ngokumisa ngokomthetho izindaba ezinhle.’ (Filipi 1:7) OFakazi BakaJehova benza okufanayo nanamuhla.a
Fundani izEnzo 5:27-42, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Kungani singeke siyeke ukushumayela?—Bheka amavesi 29, 38, no-39.
OMUNYE ANGASE AKUBUZE: “Kungani oFakazi BakaJehova beshumayela emizini yabantu?”
Ungawuphendula uthini lo mbuzo?
UKUBUYEKEZA
UJesu wayala abalandeli bakhe ukuba bashumayele izindaba ezinhle ezizweni zonke. UJehova uyabasiza abantu bakhe ukuba benze lo msebenzi.
Ufundeni?
Izindaba ezinhle zishunyayelwa kanjani emhlabeni wonke?
Inkonzo yethu ibonisa kanjani ukuthi siyabathanda omakhelwane bethu?
Ucabanga ukuthi ukushumayela kungasenza yini sijabule? Kungani usho kanjalo?
HLOLA OKWENGEZIWE
Bona ukuthi oFakazi BakaJehova babashumayeza kanjani abantu emadolobheni amakhulu.
Yini oFakazi BakaJehova abayenzile ukuze basize ababaleki abavela kwamanye amazwe?
Yizwa ukuthi othile uthi kungani ejabula ngokuthi ukuphila kwakhe ukusebenzise ekushumayeleni.
Funda ngezinye zezinqumo zenkantolo ezibalulekile ezenze kwaba lula ukushumayela izindaba ezinhle.
“Abashumayeli BoMbuso Bayisa Udaba Lwabo Enkantolo” (UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!, isahluko 13)
a UNkulunkulu nguye osinikeze igunya lokwenza inkonzo. Ngakho, oFakazi BakaJehova abayidingi imvume evela eziphathimandleni yokushumayela izindaba ezinhle.
-
-
Ukubhapathizwa—Umgomo Omuhle!Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
-
-
ISIFUNDO 23
Ukubhapathizwa—Umgomo Omuhle!
UJesu wafundisa ukuthi amaKristu kumelwe abhapathizwe. (Funda uMathewu 28:19, 20.) Kodwa umuntu ubhapathizwa kanjani? Futhi yini okumelwe ayenze ukuze afinyelele lowo mgomo?
1. Kufanele abhapathizwe kanjani umuntu?
Igama elithi “bhapathiza” livela egameni lesiGreki elisho “ukucwilisa” emanzini. Ngesikhathi uJesu ebhapathizwa, wacwiliswa emfuleni iJordani, ngemva kwalokho ‘wakhuphuka emanzini.’ (Marku 1:9, 10) NjengoJesu, amaKristu eqiniso abhapathizwa ngokucwiliswa ngokuphelele emanzini.
2. Ukubhapathizwa kubonisani?
Lapho umuntu ebhapathizwa, ubonisa ukuthi usezinikezele kuJehova uNkulunkulu. Umuntu uzinikezela kanjani? Ngaphambi kokuba abhapathizwe, uthandaza eyedwa, atshele uJehova ukuthi ufuna ukumkhonza ukuphila kwakhe konke. Uthembisa ukuthi uzokhonza uJehova kuphela, nokuthi ukwenza intando kaNkulunkulu kuzoba yinto ebaluleke kakhulu ekuphileni kwakhe. Ukhetha ‘ukuzidela nokulandela njalo’ izimfundiso zikaJesu nesibonelo sakhe. (Mathewu 16:24) Ukuzinikezela nokubhapathizwa kwakhe kumenza abe umngane oseduze kaJehova kanye nalabo akholwa nabo.
3. Yini umuntu okudingeka ayenze ngaphambi kokubhapathizwa?
Ukubhapathizwa ungakulungiselela ngokufunda ngoJehova nokwakha ukholo kuye. (Funda eyamaHebheru 11:6.) Lapho ulwazi nokholo lwakho lukhula, nothando lwakho ngoJehova luyokhula. Akungabazeki ukuthi uyofuna ukushumayela ngaye futhi uphile ngemithetho yakhe. (2 Thimothewu 4:2; 1 Johane 5:3) Lapho umuntu esephila ‘ngokufanele uJehova ukuze amjabulise ngokugcwele,’ angase anqume ukunikezela ukuphila kwakhe kuNkulunkulu bese eyabhapathizwa.—Kolose 1:9, 10.a
FUNDA OKWENGEZIWE
Bona ukuthi yini esingayifunda ekubhapathizweni kukaJesu nokuthi umuntu angasilungiselela kanjani lesi sinyathelo esibalulekile.
4. Singafunda ekubhapathizweni kukaJesu
Fundani uMathewu 3:13-17 ukuze nithole okwengeziwe mayelana nokubhapathizwa kukaJesu. Ngemva kwalokho, xoxani ngale mibuzo:
Ingabe uJesu wayewusana lapho ebhapathizwa?
Wabhapathizwa kanjani? Ingabe wamane wafafazwa ngamanzi nje?
UJesu waqala umsebenzi wakhe obalulekile ayewunikwe uNkulunkulu ukuba awenze emhlabeni lapho ebhapathizwa. Fundani uLuka 3:21-23 noJohane 6:38, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Ngemva kokuba uJesu esebhapathiziwe, yimuphi umsebenzi awubeka kuqala ekuphileni kwakhe?
5. Ukubhapathizwa kuwumgomo ongawufinyelela
Ukuzinikezela nokubhapathizwa kungabonakala kuyinto enzima ekuqaleni. Kodwa ungathuthuka kuze kube yilapho uzizwa unesibindi sokwenza leso sinqumo esibalulekile. Ukuze ubone abantu abasenza leso sinqumo, dlalani IVIDIYO.
Fundani uJohane 17:3 noJakobe 1:5, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Yini engenza umuntu alungele ukubhapathizwa?
Sizinikezela ngokutshela uJehova ukuthi sifuna ukumkhonza kuze kube phakade
Lapho sibhapathizwa, sisuke sitshengisa ababukele ukuthi sesizinikezele kuNkulunkulu
6. Ukubhapathizwa kukwenza ube ilungu lomndeni kaJehova
Lapho sibhapathizwa, siba yilungu lomndeni osemhlabeni wonke onobunye. Nakuba sihlala ezindaweni ezihlukahlukene futhi sikhulele ezindaweni ezingefani, sonke sikholelwa ezintweni ezifanayo futhi siphila ngemithetho efanayo. Fundani iHubo 25:14 neyoku-1 Petru 2:17, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Ukubhapathizwa kwenza umuntu abe nobuhlobo obunjani noJehova kanye nabanye akhonza nabo?
ABANYE ABANTU BATHI: “Angikakulungeli ukubhapathizwa.”
Uma uzizwa ngaleyo ndlela, ucabanga ukuthi ukubhapathizwa kusewumgomo ofuna ukuwufinyelela?
UKUBUYEKEZA
UJesu wafundisa ukuthi amaKristu kudingeka abhapathizwe. Ukuze umuntu afinyelele lowo mgomo kudingeka akhe ukholo oluqinile kuJehova, aphile ngemithetho yakhe, futhi azinikezele kuye.
Ufundeni?
Umuntu ubhapathizwa kanjani, futhi kungani kubalulekile ukubhapathizwa?
Ukuzinikezela nokubhapathizwa kuhlobene kanjani?
Yiziphi izinto umuntu okudingeka azenze ngaphambi kokuzinikezela nokubhapathizwa?
HLOLA OKWENGEZIWE
Funda lokho okuyiqiniso nalokho okuyiphutha mayelana nobhapathizo.
Funda ngezinto ongazenza ukuze ukulungele ukubhapathizwa.
“Ukuthanda UJehova Nokumazisa Kuholela Ekubhapathizweni” (INqabayokulinda, Mashi 2020)
Funda ngendoda ethile engasenzanga ngokuthatheka isinqumo sayo sokubhapathizwa.
“Babefuna Ngizibonele Ngokwami Iqiniso” (INqabayokulinda, Febhuwari 1, 2013)
Funda ukuthi kungani ukubhapathizwa kuwumgomo omuhle nokuthi ungakulungiselela kanjani.
“Ingabe Kufanele Ngibhapathizwe?” (Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2, isahluko 37)
a Uma umuntu ayebhapathiziwe enkolweni ethile, kuzodingeka aphinde abhapathizwe futhi. Kungani? Kungoba leyo nkolo ayimfundisanga iqiniso eliseBhayibhelini.—Bheka izEnzo 19:1-5 neSifundo 13.
-