Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 10/22 k. 5-k. 7 isig. 5
  • Ingabe Bonke Abantu Bangake Bathandane?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Bonke Abantu Bangake Bathandane?
  • I-Phaphama!—1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isimangaliso Sekhulu Lokuqala
  • Kuthiwani Namuhla?
  • Uthando Luyayinqoba Inzondo
  • Ingabe Bonke Abantu Bayoke Bathandane?
    Ingabe Bonke Abantu Bayoke Bathandane?
  • Lokho Okushiwo Ukuthanda Umakhelwane
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • AmaKristu Eqiniso Nempi
    I-Phaphama!—1994
  • Wanuleké Kangakanani Othandweni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 10/22 k. 5-k. 7 isig. 5

Ingabe Bonke Abantu Bangake Bathandane?

UMMELI wayesanda kuthi ukuze sijabulele “ukuphila okumi phakade,” kumelwe sithande uNkulunkulu ngenhliziyo yonke futhi sithande nomakhelwane bethu njengoba sizithanda thina. UJesu wamtusa lo mmeli futhi wathi kuye: “Uphendule ngokuqondile; ‘qhubeka wenza lokhu futhi uyothola ukuphila.’” (Luka 10:25-28; Levitikusi 19:18; Duteronomi 6:5) Kodwa le ndoda, ifuna ukuzibonakalisa ilungile, yabuza: “Ubani ngempela umakhelwane wami?”

Akungabazeki ukuthi lo mmeli wayelindele ukuba uJesu athi, “AmaJuda akini.” Kodwa uJesu walandisa indaba yomSamariya onothando lukamakhelwane, eyabonisa ukuthi abantu bezinye izizwe nabo bangomakhelwane bethu. (Luka 10:29-37; Johane 4:7-9) Phakathi nenkonzo yakhe uJesu wagcizelela ukuthi ukuthanda uNkulunkulu nokuthanda umakhelwane wethu kuyimiyalo yoMdali wethu ebaluleke kunayo yonke.—Mathewu 22:34-40.

Kodwa, ingabe likhona iqembu labantu elake labathanda ngempela omakhelwane balo? Ingabe kungenzeka ngempela ukuba bonke abantu bathandane?

Isimangaliso Sekhulu Lokuqala

UJesu watshela abalandeli bakhe ukuthi babeyobonwa ngothando olweqela ngalé kwemingcele yobuhlanga, yobuzwe nayo yonke eminye imingcele. Wathi: “Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane njengoba nje nami nginithandile, ukuba nani nithandane.” Wabe esenezela: “Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.”—Johane 13:34, 35; 15:12, 13.

Imfundiso kaJesu ngothando, njengoba isekelwe isibonelo sakhe, yaba isimangaliso sekhulu lokuqala leminyaka. Abalandeli bakhe balingisa iNkosi yabo, bafunda ukuthandana ngendlela eyakhanga futhi yahlonishwa abantu abaningi. UTertullian, umbhali owayephila ngekhulu lesibili nelesithathu C.E., wacaphuna ababengewona amaKristu bencoma abalandeli bakaJesu bethi: ‘Bheka nje ukuthi bathandana kanjani nokuthi bazimisele kanjani ukufelana.’

Ngokufanelekile, umphostoli uJohane wabhala: “Singaphansi kwesibopho sokunikela imiphefumulo yethu ngenxa yabafowethu.” (1 Johane 3:16) UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathande ngisho nezitha zabo. (Mathewu 5:43-45) Uba yini umphumela uma abantu bethandana ngempela njengoba uJesu abafundisa?

Uprofesa wesayensi yezombangazwe ngokusobala wacabanga ngalowo mbuzo. Ngakho-ke wabuza, njengoba kulotshwe kuyi-Christian Century: “Ukhona yini ngempela ongacabanga ngoJesu ejikijela izitha zakhe ngamabhomu esandla, esebenzisa isibhamu esiwuntuluntulu, esebenzisa isiciba-mlilo, eciba amabhomu enuzi noma ejikijela i-ICBM engabulala noma ikhubaze izinkulungwane zomama nezingane?”

Ephendula, lo profesa wathi: “Lo mbuzo uyihlaya kangangokuthi awukufanele nokuphendulwa.” Wabe esephakamisa lo mbuzo: “Uma ukwenza leyo nto kwakungeke kuvumelane nobuntu bukaJesu, pho thina singakwenza kanjani kodwa sivumelane naye?” Ngakho-ke, akufanele sisimangaze isimo sokungathathi-hlangothi sabalandeli bakaJesu bakuqala, esifakazelwa kahle izincwadi zomlando eziningi. Cabangela izibonelo ezimbili nje.

Incwadi ethi Our World Through the Ages, kaN. Platt noM. J. Drummond, ithi: “Ukuziphatha kwamaKristu kwakuhluke kakhulu kokwamaRoma. . . . Njengoba uKristu ayeshumayele ukuthula, enqaba ukuba amasosha.” Futhi incwadi ethi The Decline and Fall of the Roman Empire, ka-Edward Gibbon, ithi: “[AmaKristu okuqala] enqaba ukuhlanganyela ezindabeni zokuphatha umphakathi noma emabuthweni okuvikela umbuso. . . . Kwakungenakwenzeka ukuba amaKristu athathe isikhundla sobusosha ngaphandle kokulahla inkonzo engcwele.”

Kuthiwani Namuhla?

Ingabe bakhona abanothando olunjengolukaKristu namuhla? I-Encyclopedia Canadiana iyaphawula: “Umsebenzi woFakazi BakaJehova uwukuvuselelwa nokumiswa kabusha kobuKristu bakudala obabuqhutshwa uJesu nabafundi bakhe . . . Bonke bangabafowabo bomunye nomunye.”

Kusho ukuthini lokho? Kusho ukuthi oFakazi BakaJehova abavumeli lutho—kungaba uhlanga, ubuzwe noma isizinda sezenhlalo—ukuba lubenze bazonde omakhelwane babo. Futhi ngeke babulale muntu, ngoba ngomqondo ongokomfanekiso baye bakhanda izinkemba zabo zaba amakhuba nemikhonto yabo yaba ngocelemba, njengoba iBhayibheli labikezela ukuthi ziyokwenze njalo izinceku zikaNkulunkulu zeqiniso.—Isaya 2:4.

Yikho nje ingosi yomhleli we-Sacramento Union yaseCalifornia yaphawula: “Kuyafaneleka ukuthi ukube wonke umhlaba ubuphila ngezinkolelo zoFakazi BakaJehova bekuyophela ukuchitheka kwegazi nenzondo, futhi uthando beluyobusa njengenkosi”!

Ngokufanayo, umlobeli kamagazini waseHungary i-Ring waphawula: “Ngiye ngaphetha ngokuthi ukube oFakazi BakaJehova bekuyibo kuphela abaphila kulo mhlaba, bezingeke zibe khona izimpi, umsebenzi wamaphoyisa bekuyoba ukulawula izimoto nokukhipha ama-passport kuphela.”

Kumagazini wesonto wase-Italy i-Andare alle genti, indelakazi engumRoma Katolika, incoma oFakazi yabhala: “Benqaba noma iluphi uhlobo lobudlova futhi ngaphandle kokuvukela babekezelela noma iziphi izilingo abahlushwa ngazo ngenxa yezinkolelo zabo . . . Yeka ukuthi izwe beliyohluka kanjani uma sonke besiyovuka ngolunye usuku ekuseni sizimisele ngokuqinile ukuthi asinakuphinde siye empini njengoFakazi BakaJehova, kungakhathaliseki ukuthi lokho kubizelani nokuthi sikwenzelani!”

OFakazi bayaphawuleka ngokuthatha isinyathelo kuqala sokusiza omakhelwane babo. (Galathiya 6:10) Encwadini yakhe ethi Women in Soviet Prisons, owesifazane waseLatvia, wathi wagula kakhulu ngenkathi esebenza ekamu lokujezisa lasePotma phakathi nawo-1960. “Ngesikhathi ngigula [oFakazi] babengabahlengikazi abakhuthele. Akukho ukunakekelwa okudlula lokho engangingakufisa, ikakhulukazi ekamu.” Wanezela: “OFakazi BakaJehova bakubheka njengomthwalo wabo ukusiza noma ubani, kungakhathaliseki ukuthi ukuyiphi inkolo nokuthi ungowasiphi isizwe.”

Muva nje iphephandaba lomphakathi eCzech Republic lakuphawula ukuziphatha okunjalo koFakazi emakamu okuhlushwa. Liphawula ngendaba ethi “The Lost Home,” eyaqoshwa eBrno, iphephandaba i-Severočeský deník lathi: “Kuyaphawuleka ukuthi ngisho nozakwethu abanokwethenjelwa [amaJuda asinda angamaCzech nangamaSlovak] baye banikeza ubufakazi ngokwazisa okukhulu ngeziboshwa ezingoFakazi BakaJehova. Abaningi baphawula, ‘Babengabantu abanesibindi kakhulu, ababehlale besisiza nganoma iyiphi indlela ababengasisiza ngayo, nakuba babesengozini yokubulawa. Basithandazela sengathi singabakubo; basikhuthaza ukuba singapheli amandla.’”

Kuthiwani-ke ngokuthanda labo abakuzonda ngempela? Kungenzeka yini lokho?

Uthando Luyayinqoba Inzondo

Imfundiso kaJesu ngokuthanda izitha ihambisana nesaga seBhayibheli: “Uma okuzondayo elambile, mnike ukudla, adle; uma omile, muphe amanzi, aphuze.” (IzAga 25:21; Mathewu 5:44) Mayelana nemiphumela emihle yokuthola ukunakekelwa kothando kubantu owawubabheka njengezitha, owesifazane onsundu owayesanda kuba omunye woFakazi BakaJehova wabhala: “Ngesinye isikhathi inhliziyo yami iye yashukunyiswa ngaze ngahluleka ukubamba izinyembezi ngenxa yokubona uthando lweqiniso loFakazi abamhlophe, abantu engangingababulala ngokunganqikazi ngaphambidlana nje kwalokho, ukuze ngigqugquzele ukugumbuqelwa kombuso wabo.”

UFakazi waseFrance walandisa ukuthi umakhelwane wakhe wampimpa unina kumaGestapo phakathi neMpi Yezwe II. “Ngenxa yalokho, umama wachitha iminyaka emibili esemakamu okuhlushwa aseJalimane, lapho acishe wafela khona,” kuchaza le ndodakazi. “Ngemva kwempi, amaphoyisa aseFrance ayefuna ukuba umama asayine iphepha lokumangalela lona wesifazane njengempimpi yamaJalimane. Kodwa umama wenqaba.” Kamuva lo makhelwane waba nomdlavuza obulalayo. Le ndodakazi yathi: “Umama wachitha amahora amaningi ezama ukumduduza ngangokunokwenzeka ezinyangeni zokugcina zokuphila kwakhe. Angisoze ngayikhohlwa le ndlela uthando olwanqoba ngayo inzondo.”

Akubuzwa ukuthi abantu bangakufunda ukuthandana. Ababeziyitha kuqala—amaTutsi namaHutu, amaJuda nama-Arabhu, abase-Armenia nabaseTurkey, abaseJapane nabaseMelika, abaseJalimane nabaseRussia, amaProthestani namaKatolika—bonke baye bahlanganiswa iqiniso leBhayibheli!

Njengoba izigidi zabantu ezazizondana kuqala, manje sezithandana, ngokuqinisekile izwe lonke lingathandana. Nokho, kuyavunywa ukuthi kuyodingeka ushintsho olukhulu ezweni lonke ukuze bonke abantu bathandane. Lolo shintsho luyokwenzeka kanjani?

[Izithombe ekhasini 7]

Abamhlophe nabansundu eNingizimu Afrika

AmaJuda nama-Arabhu

AmaHutu namaTutsi

Ngomqondo ongokomfanekiso, oFakazi baye bakhanda izinkemba zabo zaba amakhuba

    Zulu Publications (1975-2027)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela