-
Lapho Kugadla Abaphangi AbahlomileINqabayokulinda—1998 | Disemba 15
-
-
Lapho Kutheleka Abaphangi Abahlomile
Nokho, yini okufanele uyenze uma abaphangi bekwazile ukungena endlini yakho futhi babhekane nawe? Khumbula ukuthi ukuphila kwakho kubaluleke kakhulu ukwedlula impahla. UKristu Jesu wathi: ‘Ningamelani nomubi; kodwa noma ubani okushaya ngempama esihlathini sangakwesokunene, mphendulele nesinye futhi. Futhi uma umuntu efuna ukukwamuka ingubo yakho yangaphakathi, dedela nengubo yakho yangaphandle iye kuye.’—Mathewu 5:39, 40.
Lesi iseluleko esinengqondo. Nakuba amaKristu engabophekile ukunikeza izigebengu ukwaziswa ngokuphathelene nempahla, abaphangi bangase babe nobudlova uma bebona ukuthi umelene nabo, awubambisani nabo noma uyabakhohlisa. Abaningi babo, njengoba ‘bengasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle,’ bangathambekela kalula ebudloveni nasekuboniseni unya.—Efesu 4:19.
USamuel uhlala oxhaxheni lwezakhiwo zokuhlala. Abaphangi bavimbezela isakhiwo futhi bangena endlini ngendlu, bephanga. USamuel wezwa ukuqhuma kwezibhamu, ukushaywa kweminyango nabantu bememeza, bekhala futhi bebangalasa. Wawungeke ukwazi ukubaleka. USamuel watshela umkakhe namadodana akhe amathathu ukuba baguqe phansi, baphakamise izandla zabo, bavale amehlo futhi balinde. Lapho abaphangi bengena nezicabha, uSamuel wakhuluma nabo ekhophozela, eqaphela ukuthi uma ebabheka ebusweni, bangase bacabange ukuthi uyokwazi ukubakhomba kamuva. Wathi: “Ngenani. Thathani konke enikufunayo. Nikhululekile ukuthatha noma yini. SingoFakazi BakaJehova, ngakho ngeke simelane nani.” Lokhu kwabamangaza abaphangi. Cishe isikhathi esingangehora, ingqikithi yamadoda ahlomile angu-12 yayingena ngamaqembu. Nakuba bahamba namatshe ayigugu, imali nemishini kagesi, lo mkhaya awuzange ushaywe noma ugencwe ngocelemba njengoba kwaba njalo ngabanye kuleso sakhiwo. Umkhaya kaSamuel wabonga uJehova ngokusindisa ukuphila kwawo.
Lokhu kubonisa ukuthi lapho kuziwa endabeni yemali nezinto ezibonakalayo, izisulu zokuphangwa ezingazami ukumelana nabaphangi zingase zinciphise amathuba okulimala.a
-
-
Lapho Kugadla Abaphangi AbahlomileINqabayokulinda—1998 | Disemba 15
-
-
a Yiqiniso, kunemingcele endabeni yokubambisana nabaphangi. Izinceku zikaJehova azinakubambisana nganoma iyiphi indlela eyephula umthetho kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, umKristu ngeke ayekelele nje ukuba adlwengulwe.
-