ISAHLUKO 10
“Kulotshiwe”
1-3. Yisiphi isiphetho esibalulekile uJesu afuna abantu baseNazaretha basifinyelele, futhi ubanikeza buphi ubufakazi?
KUSEKUQALENI kwenkonzo kaJesu. Usebuyele emzini wakubo eNazaretha. Umgomo wakhe uwukusiza abantu bafinyelele esiphethweni esibalulekile: UnguMesiya owayebikezelwe kudala! Ubanikeza buphi ubufakazi?
2 Ngokungangabazeki abaningi balindele isimangaliso. Bazwile ngemisebenzi emangalisayo uJesu ayenzile. Nokho uJesu akenzi simangaliso. Kunalokho, uya esinagogeni njengenhlalayenza. Uyasukuma ukuze afunde, abese enikezwa umqulu ka-Isaya. Cishe lo umqulu omude oboshelwe ngapha nangapha ezindukwini ezimbili, uJesu uyawuthatha awuvule ngokucophelela aze afike engxenyeni ayifunayo. Ube esefunda ngokuzwakalayo ingxenye manje engu-Isaya 61:1-3.—Luka 4:16-19.
3 Ngokuqinisekile izilaleli ziyayazi le ngxenye. Iyisiprofetho esikhuluma ngoMesiya. Wonke amehlo esinagogeni athe njó kuJesu. Kuthule kuthé cwaka. UJesu ube eseqala echaza, mhlawumbe ngokuningiliziwe: “Namuhla lo mbhalo enisanda kuwuzwa ugcwalisekile.” La mazwi amnandi ayabamangaza abalalele, kodwa sengathi abaningi basafuna ukubona isimangaliso. Esikhundleni sokubanika isimangaliso, ngesibindi uJesu usebenzisa isibonelo esingokomBhalo ukuze adalule ukuntula kwabo ukholo. Ngokushesha, abantu baseNazaretha bafuna ukumbulala!—Luka 4:20-30.
4. UJesu wayezoyifeza kanjani inkonzo yakhe, futhi yini esizoyicabangela kulesi sahluko?
4 Lapha uJesu wabonisa indlela ayezoyifeza ngayo yonke inkonzo yakhe. Wathembela kakhulu eZwini likaNkulunkulu eliphefumulelwe. Yiqiniso, izimangaliso zakhe zazibaluleke kakhulu ekuboniseni ukuthi wayenomoya kaNkulunkulu. Noma kunjalo, ayikho into eyayibaluleke kuye ngaphezu kwemiBhalo Engcwele. Ake sihlole isibonelo sikaJesu maqondana nale ndaba. Sizocabangela indlela iNkosi yethu eyacaphuna ngayo eZwini likaNkulunkulu, eyalivikela ngayo iZwi likaNkulunkulu neyalichaza ngayo.
Wacaphuna EZwini LikaNkulunkulu
5. Yini uJesu ayezimisele ukuba izilaleli zakhe ziyazi, futhi wabubonisa kanjani ubuqiniso bamazwi akhe?
5 UJesu wayefuna abantu bazi ukuthi isigijimi sakhe sasivelaphi. Wathi: “Lokho engikufundisayo akukhona okwami, kodwa kungokwalowo ongithumile.” (Johane 7:16) Ngesinye isikhathi, wathi: “Angenzi lutho ngokwami; kodwa lezi zinto ngizikhuluma njengoba nje uBaba angifundisa.” (Johane 8:28) Wabuye wathi futhi: “Izinto engizisho kini madoda angizikhulumi ngokusuka kimi; kodwa uBaba ohlale emunye nami wenza imisebenzi yakhe.” (Johane 14:10) Enye indlela uJesu afakazela ngayo ubuqiniso bala mazwi kwakungukulicaphuna kaningi iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe.
6, 7. (a) UJesu wacaphuna ngezinga elingakanani emiBhalweni YesiHebheru, futhi kungani lokhu kuhlaba umxhwele? (b) Ukufundisa kukaJesu kwakuhluke kanjani kokwababhali?
6 Ukuhlolisisa amazwi kaJesu alotshiwe kuveza ukuthi wacaphuna ngokuqondile ezincwadini zemiBhalo YesiHebheru ezingaphezu kwesigamu noma wabhekisela kuzo. Ungase ungasiboni isimanga kulokhu. Mhlawumbe ungase uzibuze ukuthi kule minyaka emithathu nengxenye efundisa futhi eshumayela obala, wehlulwa yini ukucaphuna kuzo zonke izincwadi eziphefumulelwe ezazitholakala. Eqinisweni, kungenzeka ukuthi wacaphuna kuzo zonke. Khumbula, yingxenye encane kuphela yamazwi nezenzo zikaJesu elotshiwe. (Johane 21:25) Empeleni, mhlawumbe amazwi kaJesu alotshiwe ungawafunda wonke ngokuzwakalayo ngamahora ambalwa nje kuphela. Manje, cabanga ukhuluma ngoNkulunkulu noMbuso wakhe amahora ambalwa, ubuye ukwazi ukucaphuna ezincwadini zemiBhalo YesiHebheru ezingaphezu kwesigamu! Ngaphezu kwalokho, ezikhathini eziningi uJesu wayesuke engayiphethe imiqulu elotshiwe. Lapho ethula iNtshumayelo yakhe yaseNtabeni edumile, wacaphuna ngokuqondile emiBhalweni YesiHebheru futhi wabhekisela kaningana kuyo—yonke eyisho ngekhanda!
7 Izingcaphuno zikaJesu zabonisa ukuthi ulihlonipha kakhulu iZwi likaNkulunkulu. Ababemlalele “bakhexa ngendlela yakhe yokufundisa, ngoba bheka wayebafundisa njengomuntu onegunya, kungenjengababhali.” (Marku 1:22) Lapho ababhali befundisa, babekukhonzile ukubhekisela kulokho okubizwa ngokuthi umthetho odluliselwa ngomlomo, becaphuna izifundiswa zorabi bakudala. UJesu akazange ngisho nakanye acaphune umthetho odluliselwa ngomlomo noma urabi othile. Kunalokho, wayebheka iZwi likaNkulunkulu njengegunya lokugcina. Kaninginingi simthola ethi: “Kulotshiwe.” Wayisebenzisa kaningi le nkulumo noma ezinye ezifana nayo ekufundiseni abalandeli bakhe nasekulungiseni imibono eyiphutha.
8, 9. (a) UJesu walisebenzisa kanjani igunya leZwi likaNkulunkulu ngenkathi ehlanza ithempeli? (b) Abaholi benkolo ethempelini bakubonisa kanjani ukungalihloniphi okukhulu iZwi likaNkulunkulu?
8 Lapho uJesu ehlanza ithempeli eJerusalema, wathi: “Kulotshiwe ukuthi, ‘Indlu yami iyobizwa ngokuthi yindlu yomthandazo,’ kodwa nina niyenza umhume wabaphangi.” (Mathewu 21:12, 13; Isaya 56:7; Jeremiya 7:11) Ngayizolo, wayenze imisebenzi eminingi emangalisayo lapho. Kwabahlaba umxhwele lokhu abafana abancane, baqala ukumdumisa. Nokho, abaholi benkolo babuza uJesu ngokucasuka ukuthi uyakuzwa yini lokho okwakushiwo yilezo zingane. Waphendula: “Yebo. Anizange yini nikufunde lokhu, ‘Emlonyeni wezingane nowabasancela ulungiselelé indumiso’?” (Mathewu 21:16; IHubo 8:2) UJesu wayefuna lawo madoda azi ukuthi iZwi likaNkulunkulu lalikuvumela lokho okwakwenzeka lapho.
9 Kamuva labo baholi benkolo babuthana baya kuJesu, bambuza ngokufutheka: “Uzenza ngagunya lini lezi zinto?” (Mathewu 21:23) UJesu wayewuvezile uMthombo wegunya lakhe. Wayengazisuselanga ekhanda izimfundiso ezintsha. Wayemane ebonisa ukuthi kusebenza kanjani lokho iZwi likaYise eliphefumulelwe elalikusho. Ngempela, labo bapristi nababhali babebonisa ukungamhloniphi okukhulu uJehova neZwi lakhe. Babekufanele ngokugcwele ukulahlwa uJesu ngenkathi edalula ububi bezisusa zabo.—Mathewu 21:23-46.
10. Singayilingisa kanjani indlela uJesu asebenzisa ngayo iZwi likaNkulunkulu, futhi sinamaphi amathuluzi uJesu ayengenawo?
10 NjengoJesu, amaKristu eqiniso namuhla athembela eZwini likaNkulunkulu ensimini. OFakazi BakaJehova baziwa emhlabeni wonke ngokuzimisela kwabo ukuhlanganyela nabanye isigijimi seBhayibheli. Izincwadi zethu zicaphuna futhi zibhekisele kaningi eBhayibhelini. Enkonzweni yethu nathi senza okufanayo, sizama ukufaka imiBhalo noma nini lapho sikhuluma nabantu. (2 Thimothewu 3:16) Yeka ukuthi sijabula kanjani lapho umuntu esivumela ukuba sifunde iBhayibheli futhi simxoxele ngokubaluleka nencazelo yaloko okushiwo yiZwi likaNkulunkulu! Asinayo inkumbulo ephelele njengoJesu, kodwa sinamathuluzi amaningi uJesu ayengenawo. Ngaphandle kweBhayibheli eliphelele elinyatheliswa ngezilimi ezilokhu zanda, sinezinsiza-kufunda iBhayibheli eziningi ezisisiza sithole noma yiliphi ivesi esingase silifune. Masizimisele ukuqhubeka sicaphuna eBhayibhelini futhi siqondisa abantu kulo noma nini lapho ithuba livela!
Ukuvikela IZwi LikaNkulunkulu
11. Kungani uJesu kwadingeka alivikele kaningi iZwi likaNkulunkulu?
11 UJesu wathola ukuthi iZwi likaNkulunkulu lalihlaselwa njalo, kodwa lokho akummangazanga neze. Ethandaza kuYise, wathi: “Izwi lakho liyiqiniso.” (Johane 17:17) UJesu wayazi kahle ukuthi uSathane, “umbusi waleli zwe,” “ungumqambimanga noyise wamanga.” (Johane 8:44; 14:30) Lapho echitha izilingo zikaSathane, uJesu wacaphuna kathathu emiBhalweni. USathane wacaphuna ivesi elilodwa encwadini yamaHubo, walisebenzisa kabi ngamabomu, futhi uJesu wasabela ngokulivikela iZwi likaNkulunkulu ekusetshenzisweni kabi.—Mathewu 4:6, 7.
12-14. (a) Abaholi benkolo babonisa kanjani ukungawuhloniphi uMthetho KaMose? (b) UJesu walivikela kanjani iZwi likaNkulunkulu?
12 UJesu wayevamile ukuvikela imiBhalo Engcwele ekusetshenzisweni kabi, ekuchazweni kabi nasekukhulunyelweni ngendlela engeyiyo. Abaholi benkolo bosuku lwakhe babelisonta iZwi likaNkulunkulu. Babegcizelela kakhulu ukugcinwa kwemithetho emincane kakhulu yoMthetho KaMose bese bengazinaki kangako izimiso eyayisekelwe kuzo leyo mithetho. Ngokwenza kanjalo babekhuthaza uhlobo lokukhulekela kokugcina icala, olukhathalela ukubukeka kwangaphandle kunezinto ezibaluleke ngokwengeziwe—njengobulungisa, isihe nokwethembeka. (Mathewu 23:23) UJesu wawuvikela kanjani uMthetho kaNkulunkulu?
13 ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wasebenzisa inkulumo ethi “nizwile ukuthi kwathiwa” ngokuphindaphindiwe lapho ethula umyalo othile eMthethweni KaMose. Wayebe eselandelisa ngenkulumo ethi “kodwa mina ngithi kini” abese echaza isimiso esasijule kakhulu kunokulalela uMthetho kokugcina icala. Ingabe wayephikisana noMthetho? Cha, wayewuvikela. Ngokwesibonelo, abantu babewazi kahle umthetho othi “Ungabulali.” Kodwa uJesu wabatshela ukuthi ukuzonda umuntu kwakungqubuzana nokwakushiwo yilo mthetho. Ngendlela efanayo, ukukhanukela umuntu ongashadile naye kwakwephula isimiso esiyisisekelo somthetho kaNkulunkulu onqabela ukuphinga.—Mathewu 5:17, 18, 21, 22, 27-39.
14 UJesu wabuye wathi: “Nizwile ukuthi kwathiwa, ‘Kumelwe uthande umakhelwane wakho futhi uzonde isitha sakho.’ Nokho, mina ngithi kini: Qhubekani nithanda izitha zenu, nithandazela nalabo abanishushisayo.” (Mathewu 5:43, 44) Ingabe umyalo othi ‘zonda izitha zakho’ wawuthathelwe eZwini likaNkulunkulu? Cha, lo myalo wawuyinto abaholi benkolo ababezisungulele yona base bewufundisa. Babelulaza uMthetho kaNkulunkulu ophelele ngokucabanga kwabantu. UJesu walivikela ngokungesabi iZwi likaNkulunkulu emiphumeleni elimazayo yamasiko abantu.—Marku 7:9-13.
15. UJesu wawuvikela kanjani uMthetho kaNkulunkulu emizamweni yokuwenza ubonakale uqine kakhulu futhi unesihluku?
15 Abaholi benkolo bahlasela uMthetho kaNkulunkulu nangokuwenza ubonakale uqine kakhulu, unesihluku imbala. Lapho abafundi bakaJesu bekha izikhwebu ezimbalwa ngenkathi behamba emasimini, abanye abaFarisi bathi beqa iSabatha. UJesu wasebenzisa isibonelo esingokomBhalo ukuze avikele iZwi likaNkulunkulu kulo mbono ongenakulinganisela. Wabhekisela emBhalweni okuyiwona wodwa okhuluma ngokusetshenziswa kwezinkwa zokubukwa ngaphandle kwendawo engcwele—ngenkathi uDavide namadoda alambile ayenaye bezidla. UJesu wabonisa labo baFarisi ukuthi babengasiqondi isihe nozwela lukaJehova.—Marku 2:23-27.
16. Abaholi benkolo base bewenzeni umyalo kaMose maqondana nesehlukaniso, futhi uJesu wasabela kanjani?
16 Abaholi benkolo bafuna nezintuba eMthethweni kaNkulunkulu ukuze ungabi namandla kangako. Ngokwesibonelo, uMthetho wawuyivumela indoda ukuba ihlukane nomkayo uma ithole “okuthile okuyihlazo” kuye, okwakungenzeka kube inkinga engathí sina elethe isihlamba emkhayeni. (Duteronomi 24:1) Kodwa osukwini lukaJesu abaholi benkolo base besebenzisa lelo lungiselelo njengebhaxa lokuvumela indoda ukuba ihlukane nomkayo nganoma yisiphi isizathu—ngisho nokushisa ukudla kwayo!a UJesu wabonisa ukuthi babewachaze kabi kakhulu amazwi kaMose aphefumulelwe. Wabe esebuyisela indinganiso kaJehova yasekuqaleni ngomshado, yokuthi indoda kufanele ibe nomfazi oyedwa, engahlukanisa naye kuphela uma kube nokuziphatha okubi kobulili.—Mathewu 19:3-12.
17. AmaKristu namuhla angamlingisa kanjani uJesu ekuvikeleni iZwi likaNkulunkulu?
17 Abalandeli bakaKristu namuhla banomuzwa onamandla ngendlela efanayo wokuvikela imiBhalo Engcwele ekuhlaselweni. Lapho abaholi benkolo besikisela ukuthi izindinganiso zokuziphatha zeZwi likaNkulunkulu ziphelelwe yisikhathi, empeleni basuke behlasela iBhayibheli. Lisuke lihlaselwa nalapho izinkolo zifundisa amanga zithi kusho iBhayibheli. Sikubheka njengelungelo ukuvikela iZwi likaNkulunkulu leqiniso, elimsulwa—ngokwesibonelo, lapho sibonisa ukuthi uNkulunkulu akayona ingxenye kaZiqu-zintathu. (Duteronomi 4:39) Ngesikhathi esifanayo, ukulivikela okunjalo sikwenza ngomusa, ngobumnene nangenhlonipho enkulu.—1 Petru 3:15.
Ukuchaza IZwi LikaNkulunkulu
18, 19. Yiziphi izibonelo ezibonisa ukuthi uJesu wayenekhono elihle kakhulu lokuchaza iZwi likaNkulunkulu?
18 UJesu wayephila ezulwini ngesikhathi kulotshwa imiBhalo YesiHebheru. Yeka indlela okumelwe ukuba kwamjabulisa ngayo ukuthola ithuba lokuza emhlabeni azoba nengxenye ekuchazeni iZwi likaNkulunkulu! Ngokwesibonelo, cabanga ngaloluya suku olungelibaleke ngemva kokuvuswa kwakhe, lapho ehlangana nabafundi bakhe ababili emgwaqweni oya e-Emawuse. Bengakaboni ukuthi ungubani, bamxoxela ngendlela ababedabuke nababedideke ngayo ngokufa kweNkosi yabo abayithandayo. Wasabela kanjani? “Eqala kuMose nakubo bonke abaProfethi wabachazela izinto eziphathelene naye kuyo yonke imiBhalo.” Kwabathinta kanjani lokho? Kamuva bathi komunye nomunye: “Izinhliziyo zethu bezingavuthi yini njengoba ebekhuluma kithi endleleni, njengoba ebesikhanyisela imiBhalo ngokugcwele?”—Luka 24:15-32.
19 Kamuva ngosuku olufanayo, uJesu wahlangana nabaphostoli bakhe kanye nabanye. Yizwa ukuthi wabenzelani: “Wavula izingqondo zabo ngokugcwele ukuze baqonde okushiwo imiBhalo.” (Luka 24:45) Ngokungangabazeki, leso senzakalo esijabulisayo sabakhumbuza izikhathi eziningi uJesu ayebenzele okufanayo ngazo—kanye nabanye ababelalela. Wayevame ukucaphuna imiBhalo eyaziwayo abese eyichaza ngendlela eyenza ikhanye bhá ezingqondweni zezilaleli zakhe—ziliqonde kabusha nangokujulile iZwi likaNkulunkulu.
20, 21. UJesu wawachaza kanjani amazwi uJehova awakhuluma kuMose esihlahleni esivuthayo?
20 Esinye sezikhathi ezinjalo yilapho uJesu ekhuluma neqembu labaSadusi. Babeyihlelo lobuJuda elihlobene nobupristi bamaJuda, bengakholelwa ovukweni. UJesu wathi kubo: “Ngokuqondene novuko lwabafileyo, anikufundanga yini lokho okwakhulunywa nguNkulunkulu kini, ethi, ‘NginguNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu ka-Isaka noNkulunkulu kaJakobe’? UnguNkulunkulu wabaphilayo, hhayi owabafileyo.” (Mathewu 22:31, 32) Lona kwakuwumBhalo ababewazi kahle, ulotshwe umuntu abaSadusi ababemhlonipha ngokujulile—uMose. Uyayibona na indlela incazelo kaJesu enamandla ngayo?
21 UMose wakhuluma noJehova esihlahleni esivuthayo cishe ngonyaka ka-1514 B.C.E. (Eksodusi 3:2, 6) Ngaleso sikhathi kwase kuphele iminyaka engu-329 u-Abrahama afa, engu-224 kwafa u-Isaka, nengu-197 kwafa uJakobe. Noma kunjalo, uJehova wathi “nginguNkulunkulu” wabo. Labo baSadusi babazi ukuthi uJehova akafani nonkulunkulu wabafileyo wamaqaba, obusa ezweni lemimoya eliyinsumansumane. Cha, unguNkulunkulu “wabaphilayo,” njengoba uJesu asho. Kumelwe ukuba kusho ukuthini lokhu? Isiphetho sikaJesu sasinamandla: “Bonke bayaphila kuye.” (Luka 20:38) Izinceku zikaJehova ezithandekayo esezafa zilondekile enkumbulweni kaNkulunkulu engenamkhawulo nengapheli. Injongo kaJehova yokuvusa abafileyo iqiniseke kangangokuthi kungakhulunywa ngabo njengabaphilayo. (Roma 4:16, 17) Akuyona yini indlela enhle lena yokuchaza iZwi likaNkulunkulu? Akumangazi-ke ukuthi “izixuku zakhexa ngokufundisa kwakhe”!—Mathewu 22:33.
22, 23. (a) Singamlingisa kanjani uJesu ekuchazeni iZwi likaNkulunkulu? (b) Yini esizoyicabangela esahlukweni esilandelayo?
22 AmaKristu namuhla anelungelo lokulingisa indlela kaJesu yokuchaza iZwi likaNkulunkulu. Kuyavunywa, asinayo ingqondo ephelele. Noma kunjalo, sivamile ukuxoxa nabanye ngomBhalo abawaziyo kakade bese sibachazela izici zawo okungenzeka abakaze bazicabangele. Ngokwesibonelo, kungenzeka ukuthi ekuphileni kwabo baye baphindaphinda la mazwi “Malingcweliswe igama lakho,” nathi “Umbuso wakho mawuze” bebe bengakaze balazi igama likaNkulunkulu noma ukuthi uMbuso wakhe uyini. (Mathewu 6:9, 10) Yeka ithuba elihle esiba nalo lapho othile esivumela ukuba simnikeze incazelo ecacile nelula yamaqiniso eBhayibheli anjalo!
23 Ukucaphuna eZwini likaNkulunkulu, ukulivikela, nokulichaza kuyizindlela eziyinhloko zokulingisa indlela kaJesu yokuhlanganyela iqiniso nabanye. Ake sicabangele ezinye izindlela eziphumelelayo uJesu azisebenzisa ukuze afinyelele izinhliziyo zezilaleli zakhe ngamaqiniso eBhayibheli.
a Isazimlando sekhulu lokuqala uJosephus, kwayena owayengumFarisi owehlukana nomkakhe, wasikisela ukuthi isehlukaniso sivumelekile “nganoma yiziphi izizathu (futhi amadoda ayenazo izizathu eziningi).”