Thembeka KuNkulunkulu “Obona Ekusithekeni”
“Ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.”—MATHEWU 6:6.
1, 2. Kungaboniswa kanjani ukuthi izinto ezibonakala ziyimfihlo zingase zaziwe? (1 Samuweli 21:7; 22:9)
EMINYAKENI ethile edlule omunye woFakazi BakaJehova washayela umfowabo ucingo eLong Island, eNew York. Nakuba wayengowenkolo ehlukile, wamtshela ngesithembiso sikaNkulunkulu sokususa ububi emhlabeni nokubuyisela izimo zepharadesi. Njengoba ingxoxo iphela nomfowabo ebeka phansi ucingo, wamangazwa izwi elalithi, “Ake ume kancane, ngifuna ukukubuza umbuzo.”
2 Kwakuyisisebenzi esidlulisa izingcingo eposini. Sasilalele, ngalesosikhathi umshini wezingcingo wawusivumela ukuba senze kanjalo, nakuba kwakungafanele futhi kumelene nenqubo yaseposini. UFakazi wajatshuliswa ukuthi amazwi akhe ayevuse isithakazelo esinjalo, futhi wenza amalungiselelo okusilandelela, nokho wethuswa ukuthi ingxoxo yakhe kunomunye owayeyilalele. Yebo, ngezinye izikhathi abanye bayakubona futhi bayakuzwa lokho esicabanga ukuthi kuyimfihlo.—UmShumayeli 10:20.
3. Kungayiphi ingqondo ukuphila kwamaKristu ngaso sonke isikhathi kungumbukwane?
3 Lokhu akumelwe kubangele izinkinga ezinkulu ngamaKristu eqiniso, alwela ukuba athembeke kuNkulunkulu ngazo zonke izikhathi. Umphostoli uPawulu wathi: “Ngokuba senziwe umbukwane wezwe nowezingelosi nowabantu.” (1 Korinte 4:9) Wayebhekisela emkhubeni owawenziwa enkundleni yemidlalo yokulwa. Ngaphambi komdlalo wokugcina amaRoma ayebaveza benqunu labo ababezokulwa futhi mhlawumbe bafe. AmaKristu namuhla ngokufanayo angumbukwane wezihlobo ezingakholwa, abantu asebenza nabo, omakhelwane, nabangane afunda nabo. Abasibhekile bangase bakhe umbono wobuKristu omuhle noma omubi osekelwe kulokho abakubona kithi.—1 Petru 2:12.
4. Omunye umuntu angathinteka kanjani ngokwazi ukuthi abanye bambhekile?
4 Uma sazi ukuthi abanye basibhekile, singase sithambekele ekwenzeni okufanele, sihlanganyele isifiso sikaPawulu: “Asibekeli-muntu nasinye isikhubekiso nangokukodwa, funa inkonzo yethu isolwe.” (2 Korinte 6:3) Ukwazi kwethu ukuthi abanye basibhekile kungase kuqinise ukuzimisela kwethu ukwenza okulungileyo. Nokho, kuthiwani uma sibhekene novivinyo lwezimiso zobuKristu siphambi kwabanye?
Ubheka Ngalé Kokubonakala Kwangaphandle
5. Ukuziphatha kwabaholi bamaJuda phambi kwabantu nasekusithekeni kwakuhlukene kanjani?
5 Ekhulwini lokuqala abaholi abaningi benkolo bamaJuda babengolunye uhlobo lwabantu ngaphandle, bengolunye uhlobo ngaphakathi. UJesu waxwayisa eNtshumayelweni yaseNtabeni: “Kepha qaphelani ningenzi ukulunga kwenu phambi kwabantu ukuba nibonwe yibo.” (Mathewu 6:1, 2) Abaholi benkolo babefana nezinkezo ezihlanzekile ngaphandle kodwa ‘ngaphakathi zigcwele impango nokuhuheka,’ befana “namaliba acakiweyo abonakala emahle ngaphandle, kanti ngaphakathi agcwele amathambo abafileyo nokungcola konke.”—Mathewu 23:25-28; qhathanisa neHubo 26:4.
6. Yini uJehova akwaziyo ukuyibona ngathi?
6 Lawomazwi kumelwe asisize ukuba sibone ukuthi uJehova unesithakazelo kokungaphezu kwalokho okungase kubonwe abanye abantu. UJesu weluleka: “Nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvalé umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.” (Mathewu 6:6) Yebo, uNkulunkulu angayizwa imikhuleko yethu esiyenza singekho phakathi kwabanye. Ayikho into engabonakali kuNkulunkulu, uyakwazi ukubona ukwakhiwa kwehlule lomuntu, mhlawumbe izici zofuzo kamuva ezibumba isimo somuntu. (IHubo 139:15, 16; Genesise 25:23) Angafunda ngisho nokuthambekela kwezinhliziyo zethu okuyimfihlo. (1 Samuweli 16:7; 1 AmaKhosi 8:39; Jeremiya 17:10; IzEnzo 1:24) Phawula ukuthi lezizici zingasithinta kanjani.
7. Kukuphi lapho umKristu engase adinge ukuthuthuka khona?
7 Ukuze sibe amaKristu eqiniso kumelwe sisebenzele ekunqobeni amaphutha angathi sína nezono, njengoba kwenza amaKristu akuqala. (1 Korinte 6:9-11; IzEnzo 26:20; 1 Petru 4:1-4) Nokho kuthiwani ngamaphutha angase angaziwa ngabanye abantu? Ukuthi lamaphutha awaziwa ngabanye akuwenzi abe angabalulekile. Lokhu kuboniswa ngamazwi kaDavide: “Omhlebayo umakhelwane wakhe ngasese ngizakumqeda; onamehlo aqhoshayo nenhliziyo ezidlayo angiyikumvumela.” (IHubo 101:5) Ngisho noma kwenziwa ngasese, kumuntu oyedwa kuphela, ukuhleba akulungile. Ngakho uDavide wayengeke asivumele lesisono ‘esiyimfihlo.’
8. Sazi kanjani ukuthi ububi obusekusithekeni uJehova uyabubona?
8 Ngisho nomenzi wobubi akumelwe azikhohlise ngokucabanga ukuthi iphutha ngeke liqashelwa uNkulunkulu “obona ekusithekeni.” Empeleni, uNkulunkulu uye wabonisa ukuthi unesithakazelo ekuthembekeni kwabantu ngisho noma izenzo zabo zingaziwa ngabantu. Khumbula indaba ka-Akani. AmaIsrayeli kwakumelwe achithe iJeriko nezakhamuzi zalo, amaKhanani amabi. Kwakuyothathwa kuphela isiliva, igolide nezitsha zethusi, lokhu kwakuyingcebo yendlu engcwele kaNkulunkulu. (Joshuwa 6:17-19) Nokho, uAkani, wahlulwa isilingo wathatha ingubo edulayo, isiliva negolide. Wafihla lokhu ngaphansi kwetende lakhe, mhlawumbe ecabanga ukuthi akekho owayeyokwazi. Kodwa ingabe wamkhohlisa Lowo “obona ekusithekeni”? Cha. UNkulunkulu wenza ukuba isono sika-Akani sidalulwe, emlethela ukufa kanye nendlu yakhe.—Joshuwa 7:1, 16-26.
9. Yini okumelwe siyenze ukuze sizuze futhi silondoloze ukuvunyelwa uNkulunkulu?
9 UElihu wachaza ngokuhlakanipha ngoJehova: “Ngokuba amehlo akhe akuzo izindlela zomuntu; ubona zonke izinyathelo zakhe. Abukho ubumnyama, nethunzi lokufa alikho, lapho abenza okubi bengacasha khona.” (Jobe 34:21, 22) Khona-ke, uma sifisa ukuzuza nokugcina ukuvunyelwa uJehova uNkulunkulu, kumelwe sifune ukuphila ngokuvumelana nezimiso zakhe kokubili lapho sazi ukuthi abanye basibhekile nalapho kubonakala sengathi isenzo sethu sifihlekile. Ngaso sonke isikhathi “amehlo akhe akuzo izindlela zomuntu.”
10. (a) Isiphi isibonelo esihle uPawulu asibeka ngokuziphatha okufihlekile? (b) Kungaphansi kwaziphi izimo lapho amaphutha asekusithekeni edinga siwanakekele?
10 UmKristu angase athole uvivinyo olufihlekile kwakholwa nabo. Lokho kwenzeka kuPawulu lapho esejele. AmaJuda ayembeke icala ‘lokuvusa ukwambuka’ kanye nokulinga ukungcolisa ithempeli.’ (IzEnzo 24:1-6) UPawulu wanikeza ubufakazi bokuba msulwa kwakhe kuFeliksi umbusi wamaRoma, lowo izazimlando ezithi wayenonya futhi eziphethe kabi. UFeliksi wafaka uPawulu ejele “ethemba ukuthi uzakunikwa imali nguPawulu.” (IzEnzo 24:10-21, 26) Nakuba umphostoli ayesazi iseluleko seBhayibheli ngokunganikezi noma ukungamukeli izipho ukuze aguqule isahlulelo, wayengase acabange ukuthi ukufumbathisa kwakungafaneleka ukuze akhululwe. Ngenxa yokuthi ukufumbathisa kwakungase kufihleke kwabanye, uPawulu wayengeke akhathazeke ngokuthi uzobakhubekisa. (Eksodusi 23:8; IHubo 15:1, 5; IzAga 17:23) Nokho uPawulu akazange acabange ngaleyondlela. Abantu bakaJehova abaningi kulezikhathi zanamuhla baye babhekana nolunye uvivinyo, njengalolo oluhilela umthetho kaNkulunkulu ngegazi, ukushaya indlwabu, nokusetshenziswa kabi kotshwala. Ake sicabangele izindlela uvivinyo olunjalo olungeza ngazo kuwe noma kwabathandekayo bakho.
Ukulalela Kuvivinywa Ngegazi
11. Siyini isisekelo sesimo somKristu ngokusetshenziswa kwegazi?
11 Ngokuqinisekile umthetho kaNkulunkulu ngegazi awumusha noma awuwona ongacacile. Ngokhokho wethu sonke uNowa, uJehova wayala sonke isintu: “Inyama okukuyo umphefumulo wayo, okungukuthi igazi layo, aniyikuyidla.” (Genesise 9:4) Ubungcwele begazi, elimelela ukuphila okuvela kuNkulunkulu, bagcizelelwa eMthethweni kaMose. Igazi lalingase lisetshenziswe ealtare, ngaphandle kwalokho ‘lalithululwa emhlabeni njengamanzi.’ (Levitikusi 17:11-14; Duteronomi 12:23-25) Ingabe umthetho onqabela ukusekela ukuphila ngegazi waqhubeka nangemva kokuba uMthetho kaMose usuphelile? Yebo. Kulokho abanye abangakubiza ngokuthi umkhandlu wokuqala wamaKristu, abaphostoli namadoda amadala (abakha indikimba ebusayo) baphetha ngokuthi amaKristu kumelwe ‘ayeke amanyala ezithombe, nawobufebe, nawokuqumbeleneyo [okunegazi ngaphakathi], nawegazi.’ Ukusetshenziswa kabi kwegazi kwakuwububi obungathi sína njengobuhlobo bobulili obungemthetho.—IzEnzo 15:20, 21, 28, 29.
12. AmaKristu akuqala athatha kuphi ukuma ngegazi?
12 AmaKristu akuqala awulalela umthetho kaNkulunkulu ngegazi. Nakuba ngalesosikhathi abanye abantu babephuza igazi lezilwi ukuze ‘balapheke’ isithuthwane, amaKristu eqiniso ayengeke aliphuze. Ngisho nokudla okwakunegazi ayengakudli, nakuba ukwenqaba kwawo kwakungasho ukufa ngawo nabantwana bawo. Kusukela ngalesosikhathi, izazi zezenkolo eziningana nabanye abantu ziye zavuma ukuthi amaKristu angaphansi koMthetho kaNkulunkulu onqabela ukusindisa ukuphila ngokufakwa igazi.
13. (a) Kungani ngesinye isikhathi ungase ubhekane novivinyo ngegazi? (b) Isiphi isizathu esiyinhloko ngamaKristu sokungalemukeli igazi okumelwe sisikhumbule?
13 Ezikhathini zamuva ukumpontshelwa igazi kuye kwaba ukwelapha okwamukelwayo. Kanjalo umKristu angase abhekane novivinyo oluphathelene nalo. Odokotela, abahlengikazi, ngisho nezihlobo zingase zimkhuthaze ngokunamandla ukuba afake igazi. Nokho, abantu abanolwazi, bayazi ukuthi ukumpontshelwa ngokwakho kubangela izingozi ezingathi sína. Umagazini iTime (November 5, 1984) wathi “amaMelika angaba yizi-100 000 athola isifo sesibindi unyaka ngamunye ngenxa yokumpontshelwa igazi,” lokhu kubangelwa ikakhulu “igciwane eliyinkinga elingatholakala kuphela ngokususa amanye kuze kusale lona.” ITime yabika futhi ukuthi ezigulini ezingaphezu kwezi-6 500 ze-AIDS (acquired immune deficiency syndrome), ezinye zazo “zihlobene nokumpontshelwa igazi.” Umbiko wathi: “Cishe ingxenye yezisulu iye yafa, nakuba isilinganiso esiphakeme singaba ama-90% noma ngaphezulu.” Kuyiqiniso, oFakazi BakaJehova abasekeli ukwenqaba kwabo ngempikiswano yokuthi igazi liwumuthi omubi. Ngisho noma odokotela bebengaqinisekisa ngokuthi ukumpontshelwa kuzolondeka ngokuphelele, iZwi likaNkulunkulu lisiyala ukuba ‘sizilinde egazini.’—IzEnzo 21:25.
14. Iluphi uvivinyo ‘olusekusithekeni’ mayelana negazi ongase ubhekane nalo?
14 Ake ucabange nje utshelwa ukuthi ukudinga kabi ukumpontshelwa. Ubungakhumbula umthetho kaNkulunkulu ngegazi, akunjalo? Futhi isinqumo sakho sokulalela uNkulunkulu, kungakhathaliseki imiphumela yalokhu engase ilandele ngokushesha, cishe sasiyoqiniswa uma amaKristu okanye nawo ekhona. (Qhathanisa noDaniyeli 3:13-18.) Nokho, kuthiwani uma ekusithekeni udokotela noma ijaji likucindezela ukuba wamukele igazi, likutshele ngisho nokuthi liyothwala icala lalokho phambi kukaNkulunkulu?
15. Abanye odokotela nezisebenzi zasezibhedlela banamuphi umbono ongaqondile ngokuma kwethu maqondana negazi?
15 Imibiko evela emazweni ahlukahlukene ibonisa ukuthi ngezinye izikhathi odokotela, izisebenzi zasezibhedlela, namajaji ngephutha bacabanga ukuthi oFakazi BakaJehova benqaba phambi kwabantu ukumpontshelwa igazi kodwa ngasese noma ngaphakathi banomuzwa ohlukile. Kwenye indaba ijaji laphetha ngokunquma ukuthi “inkinga, akuzona izinkolelo ezingokwenkolo [zesiguli], kodwa isekunqabeni kwaso ukusayina ifomu lokumpontshelwa igazi elibhalwe kusengaphambili. Wayengakwenqabi ukuthola ukwelashwa okwakuhilelekile—nokho, wayengeke agunyaze ukusetshenziswa kwalo.” Ngokuphambene nalokho, esikhundleni sokwenqaba ngokungabaza ‘ukusayina ifomu eligunyaza ukufakwa igazi,’ oFakazi BakaJehova baziwa njengabanesifiso sokusayina izincwadi ezingokomthetho ezikhulula odokotela kunoma yiliphi icala elihlobene nokwenqaba igazi.a
16. Uma othile ekukhuthaza ngasese ukuba wamukele igazi, yini okungamelwe uyikhohlwe?
16 Odokotela namajaji bangase bazame ukukucindezela ukuba wamukele igazi ngoba baye babona abantu bezinye izinkolo benqaba isinyathelo esithile sokwelashwa kodwa kamuva basamukele ‘ekusithekeni.’ Abanye odokotela baye baze bathi bazi uFakazi othile owavuma ukumpontshelwa ngasese. Uma lokho kwenzeka, kungenzeka ukuthi kwakuhilela othile owayemane ejwayelene nje noFakazi BakaJehova. Izinceku zikaNkulunkulu ezizinikezele zazi kahle ukuthi akukho ukuhlehla okunjalo angeke akubone. Khumbula lapho uDavide ona ngokuqondene noBati-Sheba noUriya. UJehova wakubona konke futhi wathumela uNathani nombiko: “Ngokuba wena [Davide] wakwenza ngasese, kepha mina ngiyakukwenza lokhu phambi kukaIsrayeli wonke naphambi kwelanga.” Njengoba uNkulunkulu asho, kamuva uDavide wayizwa imiphumela edabukisayo yesono sakhe ‘sangasese.’—2 Samuweli 11:27–12:12; 16:21.
17. (a) Ukwamukela ukumpontshelwa igazi ekusithekeni kungayenza kanjani inkinga ngabanye? (b) Chaza indlela omunye udade ama ngayo eqinile empikiswaneni yegazi ngisho nasekusithekeni, futhi waba yini umphumela walokhu?
17 Uthando ngabafowenu abangamaKristu nalo futhi kumelwe lukusize ukuba umelane nokucindezela kokuba uvume ngasese ukwephula umthetho kaNkulunkulu ngegazi. Kanjani? Phela, uma udokotela noma ijaji bezama ukukuphoqelela ukuba wamukele igazi ngisho noma kusekusithekeni, kumelwe ucabange ngenkinga eyengeziwe okuyoyilethela uFakazi olandelayo. Phawula lokhu okuhlangenwe nakho:
UDade Rodriguez wayelashwa isifo esithile. Khona-ke wagula kakhulu; udokotela wakhe wathola ukuthi uyopha ngaphakathi futhi wameluleka ukuba aphuthume esibhedlela esikhulu. UDade Rodriguez watshela izisebenzi zegumbi labagula kakhulu ukuthi: “Kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani ngeke ngikwamukele ukumpontshelwa igazi.” Wabambelela kulokhu lapho kamuva abahlengikazi bemcindezela bethi abanye oFakazi baye balamukela igazi. Kwadlula izinsuku lodade eqhubeka elahlekelwa yigazi futhi eba buthaka, ekugcineni washintshelwa eGumbini Labagulela Ukufa. Khona-ke isibhedlela sabiza ijaji lombuso leNkantolo Enkulu.
Ezinyangeni ezithile kamuva enkundleni yasesibhedlela, lelijaji lakhuluma kodokotela abangaphezu kwe-150 ngesihloko esithi: “Empeleni, Okukabani Ukuphila?” Nalo futhi, lathi lalike lahlangana nabantu ngaphambili abalenqaba igazi kodwa abalamukela uma sekuhileleke ijaji. Kuthiwani-ke nokho ngoDade Rodriguez? Labika ukuthi ngasese lalike lazama ukumbonisa ukuthi ‘laliyothwala icala’ ngokuvumela ukuba ukumpontshelwa kwegazi kwenziwe ngaphansi kokuyala kwenkantolo. Yini ayenza? Ijaji latshela odokotela ababehlangene ukuthi ngamandla okugcina ayenawo uNkk. Rodriguez wamtshela ukuthi wayengeke alamukele igazi nokuthi kumelwe ahlukaniswe naye futhi aphume ekamelweni. Ngenxa yalokho, ijaji lachaza ukuthi, lalingenaso isisekelo sokuyala ukuba afakwe igazi ngokumelene nezifiso zakhe.
18. Isiphi isinqumo okumelwe sisenze sikhanye ngempikiswano yegazi futhi namiphi imiphumela engase yenzeke?
18 Lokhu kugcizelela ukubaluleka kokwenza kukhanye ngokuphelele ukuthi isimo sethu ngegazi asinakushintsha. Abaphostoli bathatha ukuma kokwethembeka okunjalo, bethi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.” (IzEnzo 5:29) Indaba kaDade Rodriguez ibonisa futhi umphumela wokuhlehla kukaFakazi okungaba nawo kwabanye. Lapho egula futhi ebuthaka ngokomzimba, kwakumelwe abhekane nokucindezeleka okwengeziwe ngenxa nje yokuthi othile ngaphambili kungenzeka ngasese wephula umthetho kaNkulunkulu. Empeleni, ukwephulwa komthetho okunjalo ngeke kube imfihlo ‘kumahluleli womhlaba wonke.’ (Genesise 18:25) Ngokujabulisayo, uDade Rodriguez wayengahlehli ngasese njengoba ayenjalo nalapho enabanye. Futhi kamuva, lapho esephile kahle, wachaza emhlanganweni wodokotela ofanayo ngokuzimisela okuqhubekayo ukuba athembeke kuNkulunkulu.
19. Kumelwe siqaphele liphi iqiniso ngaso sonke isikhathi?
19 Nathi, ngokufanayo, kumelwe sithembeke kungakhathaliseki ukuthi izenzo zethu ziyabonwa noma azibonwa. Uyajabula uJehova ngokwethembeka okunjalo futhi uyokuvuza; uyosabela ngokufanele emisebenzini—ebonakalayo noma esithekile—yalabo abangathembekile ezimisweni zakhe. (IHubo 51:6; Jobe 34:24) Ngothando usinikeza iseluleko esiphelele esiyosisiza ukuba sinqobe noma imaphi amaphutha angasese esinawo, njengoba sizowacabangela ngokulandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a Izibhedlela eziningi zisebenzisa iFomu P-47 REFUSAL TO PERMIT BLOOD TRANSFUSION njengoba linyatheliswa kuyiMedicolegal Forms with Legal Analysis yeNhlangano yaseMelika Yezokwelapha.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Yiliphi ikhono uNkulunkulu analo okumelwe lithinte izenzo zethu?
◻ Okuhlangenwe nakho kuka-Akani kumelwe kusifundise siphi isifundo esibalulekile?
◻ Imiphi imiphumela eyingozi engenzeka uma umKristu ephula umthetho kaNkulunkulu ngegazi ekusithekeni?
◻ Kumelwe unqumeni maqondana nombono kaJehova ngegazi?
[Ibhokisi ekhasini 13]
UMthetho KaNkulunkulu Ngegazi Usaqashelwa Njengosebenzayo
UJOSEPH PRIESTLEY (1733-1804) uqashelwa kakhulu njengososayensi owathola ioksijini, kodwa futhi wayeyisazi sezenkolo. Wabhala:
“Umthetho onqabela ukudla igazi, owanikwa uNowa, ubonakala uyisibopho kuzo zonke izizukulwane zakhe.” Maqondana nokuthi ukwenqatshelwa kwegazi kumaKristu kwakungokwesikhashana kuphela, uPriestley wanezela: “Akukho okusikisela, noma okubonisa, ukuthi kwakungokwesikhashana, futhi akushiwo lutho ngesikhathi lapho ukunqatshelwa kwakuzophela khona. . . . Uma sichaza lomthetho wokwenqatshelwa kwabaphostoli ngesenzo samaKristu akuqala, lawo angenakucatshangelwa ukuthi ayengasiqondi kahle isimo nezinga lawo, singaphetha ngokuthi, wawumiselwe ukuba ungapheli futhi uqhubeke.”
Ngo-1646 kwakhishwa iA Bloody Tenet Confuted, or, Blood Forbidden (ngokuloba kwanamuhla). Ekhasini 8 yaphetha ngokuthi: “Masilibekele eceleni lelisiko lonya lokudla ukuphila kwezilwane, njengoba kusetshenziswa kulo lonke elaseNgilandi, kopudding [begazi] abamnyama abangcolile, ngaleyondlela siyozibonakalisa singabantu abanomusa, hhayi abanonya; njengoba singeke sitholakale singabangamlaleli uNkulunkulu kulemithetho eshiwo, kodwa abalalela intando yakhe, nabenzi balezozinto ezilungile emehlweni akhe, ngoba sizothola umusa kaNkulunkulu, . . . futhi singasuswa kubantu bakithi, futhi ubuso bukaNkulunkulu busifulathele ngenxa yobubi.”
UThomas Bartholin wayenguprofesa wesifundo sophahla lwamathambo wekhulu le-17 eYunivesithi yaseCopenhagen. Ebhala ngesithi ‘Ukusetshenziswa Kabi Kwegazi,’ waphawula: ‘Labo abaphikelela ekusebenziseni igazi lomuntu njengomuthi ophuzwayo wezifo babonakala belisebenzisa kabi futhi bona ngokungathi sína. Amazimu awafuneki. Kungani singabenyanyi labo abangcolisa imiphimbo yabo ngegazi lomuntu? Kungokufanayo nokuphuza igazi lomunye elivela emthanjeni osikiwe, kungaba ngomlomo noma ngezinsimbi zokumpompela. Abasunguli balokhu kuhlinza besatshiswa umthetho kaNkulunkulu, onqabela ukudla igazi.’
IRevelation Examined with Candour (1745) yayikhuluma ngemithetho kaNkulunkulu ngegazi. Yathi: “Umthetho owanikezwa uNowa nguNkulunkulu ngokwakhe, waphindwa kuMose, futhi waqiniswa abaphostoli bakaJesu Kristu; owanikezwa ngokushesha ngemva kukaZamcolo, njengoba umhlaba, wawuqala kabusha; futhi okuwukuphela kwawo owanikezwa ngalesosikhathi esikhulu; waphindwa ngesimo sobukhosi, kulabobantu uNkulunkulu abahlukanisa kuso sonke isintu, ukuba babe ngcwele kuye; waphindwa uhambisana nesijeziso esisabekayo sempindiselo kaNkulunkulu, kokubili kumaJuda nasesihambini esasingase siweqe; futhi waqiniswa ngesizotha esikhulu ebandleni elingcwele, elake lahlangana emhlabeni; lisebenza ngaphansi kwethonya loMoya kaNkulunkulu! wadluliswa usuka ebandleni elingcwele uya emasontweni amaningana ezizwe ezingomakhelwane, awuthunyelwanga izithunywa ezingabalulekanga kunababhishobhi ababili, nabaphostoli ababili . . . Ingabe ukhona umuntu, ngemva kwakho konke lokhu, onganyundela lomthetho? Ingabe ukhona umuntu ophile kahle engqondweni ongathi lomthetho, owanikezwa kanjena, waphindwa kanjena, futhi waqiniswa kanjena uNkulunkulu ngokwake, awusho lutho futhi awubalulekile?”
[Isithombe ekhasini 14]
Ukuziphatha kukaFakazi oyedwa kungase kwenze kube lula ngolandelayo ukuba athembeke kuNkulunkulu