“Nkosi, Sifundise Ukuthandaza”
“Othile kubafundi bayo wathi kuyo: ‘Nkosi, sifundise ukuthandaza.’”—LUKA 11:1.
1. Kungani omunye wabafundi bakaJesu acela uJesu ukuba abafundise ukuthandaza?
NGESINYE isikhathi ngo-32 C.E., umfundi othile kaJesu wayembuka ethandaza. Wayengezwa ukuthi uJesu uthandaza uthini kuYise, ngoba cishe wayethandaza buthule. Noma kunjalo, lapho uJesu eqeda, lo mfundi wathi kuye: “Nkosi, sifundise ukuthandaza.” (Luka 11:1) Yini eyamenza wacela lokhu? Umthandazo wawuvamile ekuphileni nasekukhulekeleni kwamaJuda. ImiBhalo YesiHebheru inemithandazo eminingi encwadini yamaHubo nakwezinye. Ngakho lo mfundi wayengaceli ukufundiswa into ayengayazi nhlobo noma into ayengakaze ayenze. Akungabazeki ukuthi wayeyazi imithandazo ehleliwe yabaholi benkolo bamaJuda. Kodwa manje wayebone uJesu ethandaza, futhi cishe wayebona ukuthi kunomahluko omkhulu phakathi kwemithandazo yorabi yokuzishaya okholiwe nendlela uJesu ayethandaza ngayo.—Mathewu 6:5-8.
2. (a) Yini ebonisa ukuthi uJesu wayengaqondile ukuba siwuphinde izwi nezwi umthandazo oyisibonelo? (b) Kungani sifuna ukukwazi ukuthandaza?
2 Ezinyangeni ezingaba ngu-18 ngaphambili, eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wayenike abafundi bakhe umthandazo oyisibonelo okwakufanele basekele kuwo imithandazo yabo. (Mathewu 6:9-13) Kungenzeka lo mfundi wayengekho ngaleso sikhathi, ngakho ngomusa uJesu waphinda amaphuzu ayinhloko alowo mthandazo oyisibonelo. Kuyaphawuleka ukuthi akawuphindanga izwi nezwi, okubonisa ukuthi wayenganikezi umthandazo osankambiso yokukhulekela, okufanele ushiwo njengomlolozelo. (Luka 11:1-4) Njengaloya mfundi ongashiwongo igama, nathi sifuna ukufundiswa ukuthandaza ngendlela eyokwenza imithandazo yethu isisondeze eduze noJehova. Ngakho, ake sihlole umthandazo oyisibonelo owalotshwa umphostoli uMathewu, lona onemininingwane eyengeziwe. Unezicelo eziyisikhombisa, ezintathu eziphathelene nezinjongo zikaNkulunkulu, nezine eziphathelene nezidingo zethu ezingokwenyama nezingokomoya. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezintathu zokuqala.
UBaba Onothando
3, 4. Kusikiselani ukubiza kwethu uJehova ngokuthi “Baba wethu”?
3 Zisuka nje, uJesu wabonisa ukuthi imithandazo yethu kufanele ibonise ubuhlobo obuseduze noJehova, kodwa futhi obunenhlonipho. Ekhuluma ngokuyinhloko ebhekise kubafundi bakhe ababeqoqanele kuye kulowo mthambeka wentaba, uJesu wabatshela ukuba babize uJehova ngokuthi “Baba wethu osemazulwini.” (Mathewu 6:9) Ngokwesinye isazi, kungakhathaliseki ukuthi uJesu wayekhuluma isiHebheru esasithandwa noma isi-Aramu, igama alisebenzisa elisho ukuthi “Baba” lifuze inkulumo yosana olumkhonzile uyise; ‘igama elisetshenziswa ingane.’ Ukubiza uJehova ‘ngoBaba wethu’ kubonisa ubuhlobo obufudumele nobunokwethembana.
4 Ngokuthi “Baba wethu,” sivuma nokuthi siyingxenye yomkhaya omkhulu wamadoda nabesifazane abaqaphela uJehova njengoMniki-kuphila. (Isaya 64:8; IzEnzo 17:24, 28) AmaKristu azelwe ngomoya amukelwa ‘njengamadodana kaNkulunkulu,’ futhi akwazi ‘ukukhamuluka kuye athi: “Abha, Baba!”’ (Roma 8:14, 15) Izigidi ziye zaba abangane bawo abaqotho. Nazo ziye zanikezela ukuphila kwazo kuJehova futhi zabonisa ukuzinikezela kwazo ngobhapathizo lwamanzi. Zonke lezi “ezinye izimvu” nazo zingasondela kuJehova egameni likaJesu, zimbize ngokuthi “Baba wethu.” (Johane 10:16; 14:6) Singakhuluma njalo noBaba wethu osezulwini ngomthandazo simdumise, simbonge ngakho konke ukusibonisa kwakhe ubuhle, futhi sithululele kuye imithwalo yethu, siqiniseka ukuthi uyasikhathalela.—Filipi 4:6, 7; 1 Petru 5:6, 7.
Uthando Ngegama LikaJehova
5. Sithini isicelo sokuqala somthandazo oyisibonelo, futhi kungani lokhu kufaneleka?
5 Isicelo sokuqala sibeka kuqala into eza phambili zisuka nje. Sithi: “Malingcweliswe igama lakho.” (Mathewu 6:9) Yebo, ukungcweliswa kwegama likaJehova kufanele kube yinto esiyikhathalela ngokuyinhloko ngoba siyamthanda futhi kusiphatha kabi ukubona indlela eliye lahlanjalazwa ngayo igama lakhe. Ukuvukela kukaSathane nokuyenga kwakhe umbhangqwana wokuqala ongabantu ukuba ungamlaleli uJehova uNkulunkulu kwanyundela igama laKhe ngokwenza ingabazeke indlela uNkulunkulu ayesebenzisa ngayo ubukhosi baKhe bendawo yonke. (Genesise 3:1-6) Ngaphezu kwalokho, phakathi namakhulu eminyaka, amahlazo nezimfundiso ezihlazisayo zalabo abathi bamelela uJehova kuye kwalihlambalaza igama laKhe.
6. Yini esingeke siyenze uma sithandazela ukuba igama likaJehova lingcweliswe?
6 Ukuthandazela kwethu ukungcweliswa kwegama likaJehova kubonisa ukuthi simiphi empikiswaneni yobukhosi bendawo yonke—silisekela ngokugcwele ilungelo likaJehova lokubusa amazulu nomhlaba. UJehova ufuna kuhlale izidalwa ezihlakaniphile ezulwini nasemhlabeni ezizithoba ngokuzithandela nangenjabulo ebukhosini bakhe obulungile ngoba zimthanda futhi zithanda konke okumelelwa igama lakhe. (1 IziKronike 29:10-13; IHubo 8:1; 148:13) Uthando lwethu ngegama likaJehova luyosisiza sigweme ukwenza noma yini engase ilethe isihlamba kulelo gama elingcwele. (Hezekeli 36:20, 21; Roma 2:21-24) Njengoba ukuthula emhlabeni nasezulwini nasezakhamuzini zakhona kuxhomeke ekungcwelisweni kwegama likaJehova nasekuzithobeni ngothando ebukhosini bakhe, ukuthandaza kwethu sithi “malingcweliswe igama lakho” kubonisa ukuqiniseka kwethu ukuthi injongo kaJehova iyogcwaliseka kube udumo kuye.—Hezekeli 38:23.
UMbuso Esiwuthandazelayo
7, 8. (a) Uyini uMbuso uJesu asifundisa ukuwuthandazela? (b) Yini esiyitholayo ngalo Mbuso encwadini kaDaniyeli neyesAmbulo?
7 Isicelo sesibii emthandazweni oyisibonelo sithi: “Umbuso wakho mawuze.” (Mathewu 6:10) Lesi sicelo sihlobene eduze nesandulele. Ithuluzi likaJehova lokungcwelisa igama lakhe elingcwele liwuMbuso KaMesiya, uhulumeni wakhe wasezulwini oneNkosi ebekwe ngokufanele, iNdodana yakhe, uJesu Kristu. (IHubo 2:1-9) Isiprofetho sikaDaniyeli sifanekisa uMbuso KaMesiya ‘ngetshe’ eliqheshulwa ‘entabeni.’ (Daniyeli 2:34, 35, 44, 45) Intaba imelela ubukhosi bukaJehova bendawo yonke, ngakho itshe eliwuMbuso liwukubonakaliswa okusha kobubusi bukaJehova endaweni yonke. Kulesi siprofetho, itshe libe ‘seliba yintaba enkulu ligcwale umhlaba wonke,’ okubonisa ukuthi uMbuso KaMesiya uyomelela ubukhosi bukaNkulunkulu ekubuseni umhlaba.
8 Kulo hulumeni woMbuso, uKristu ukanye nabanye abangu-144 000 ‘abathengwa kubantu’ ukuze babuse naye njengamakhosi nabapristi. (IsAmbulo 5:9, 10; 14:1-4; 20:6) UDaniyeli ubabiza ngokuthi “abangcwele boPhakeme Kunabo Bonke,” futhi, bekanye noKristu iNhloko yabo, bamukela “umbuso nobubusi nobukhulu bemibuso engaphansi kwawo wonke amazulu . . . Umbuso wabo ungumbuso omi kuze kube nini nanini, futhi yonke imibuso iyobakhonza futhi ibalalele.” (Daniyeli 7:13, 14, 18, 27) Zinjalo izinto ngohulumeni wasezulwini uKristu afundisa abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele.
Kungani Sisathandazela Ukuza KoMbuso?
9. Kungani kufaneleka ukuba sithandazele ukuza koMbuso kaNkulunkulu?
9 Emthandazweni wakhe oyisibonelo, uKristu wasifundisa ukuthandazela ukuza koMbuso kaNkulunkulu. Ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli kubonisa ukuthi uMbuso KaMesiya wamiswa ezulwini ngo-1914.a Pho, kusafaneleka yini ukuba sithandazele ukuba lowo Mbuso “uze”? Impela. Ngoba esiprofethweni sikaDaniyeli, uMbuso KaMesiya, ofanekiselwa itshe, uzongqubuzana nohulumeni babantu bezombusazwe, abafanekiselwa isithombe esikhulu. Itshe lisazosishaya leso sithombe, lisicole sibe impuqumpuqu. Isiprofetho sikaDaniyeli sithi: “Lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.”—Daniyeli 2:44.
10. Kungani sikulangazelela ukuza koMbuso kaNkulunkulu?
10 Siyakulangazelela ukubona uMbuso kaNkulunkulu ususa isimiso sezinto sikaSathane esibi ngoba lokhu kuyosho ukungcweliswa kwegama likaJehova elingcwele nokususwa kwabo bonke abaphikisi bobukhosi baKhe. Sithandaza ngentshiseko: “Umbuso wakho mawuze,” futhi sisho kanye nomphostoli uJohane, sithi: “Amen! Woza, Nkosi Jesu.” (IsAmbulo 22:20) Yebo, kwangathi uJesu angeza azongcwelisa igama likaJehova futhi alwele ubukhosi baKhe, kugcwaliseke la mazwi omhubi: “Ukuze abantu bazi ukuthi wena, ogama lakho linguJehova, wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.”—IHubo 83:18.
“Intando Yakho Mayenzeke”
11, 12. (a) Yini esiyicelayo lapho sithandazela ukuba intando kaNkulunkulu “yenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini”? (b) Yini enye eshiwo ukuthandazela kwethu ukuba kwenziwe intando kaJehova?
11 Ngokulandelayo, uJesu wafundisa abafundi bakhe ukuthandaza bathi: “Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) Amazulu nomhlaba kwaba khona ngenxa yentando kaJehova. Izidalwa zasezulwini ezinamandla ziyakhamuluka: “Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona zadalwa.” (IsAmbulo 4:11) UJehova unenjongo ‘ngezinto ezisezulwini nezinto ezisemhlabeni.’ (Efesu 1:8-10) Ngokuthandazela ukuba intando kaNkulunkulu yenzeke, empeleni sicela uJehova ukuba afeze injongo yakhe. Ngaphezu kwalokho, ngokwenza kanjalo sibonisa ukuthi siyakulangazelela ukubona intando kaNkulunkulu yenziwa emhlabeni nasezulwini.
12 Ngalo mthandazo sibonisa nokuzimisela kwethu ukuvumelanisa ukuphila kwethu nentando kaJehova. UJesu wathi: “Ukudla kwami kuwukuba ngenze intando yalowo ongithumileyo nokuba ngiqede umsebenzi wakhe.” (Johane 4:34) NjengoJesu, siyakujabulela ukwenza intando kaNkulunkulu njengamaKristu azinikezele. Uthando lwethu ngoJehova neNdodana yakhe lusishukumisela ukuba ‘singabe sisaphilela izifiso zabantu, kodwa siphilele intando kaNkulunkulu.’ (1 Petru 4:1, 2; 2 Korinte 5:14, 15) Silwela ukugwema ukwenza izinto esaziyo ukuthi ziphambene nentando kaJehova. (1 Thesalonika 4:3-5) Ngokuthengisisa isikhathi sokufunda nokutadisha iBhayibheli, ‘siqhubeka siqonda ukuthi iyini intando kaJehova,’ okuhlanganisa nokushumayela ngenkuthalo “lezi zindaba ezinhle zombuso.”—Efesu 5:15-17; Mathewu 24:14.
Intando KaJehova Ezulwini
13. Intando kaNkulunkulu yayenziwa kanjani kudala ngaphambi kokuvukela kukaSathane?
13 Intando kaJehova yayenziwa ezulwini kudala kakhulu ngaphambi kokuba enye yamadodana akhe omoya ivukele ibe nguSathane. Incwadi yezAga iveza iNdodana kaNkulunkulu eyizibulo iwukuhlakanipha okwenziwe samuntu. Ibonisa ukuthi phakathi nezigidigidi zeminyaka ezingenakulinganiswa, iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa ‘yayithokoza phambi kwakhe ngaso sonke isikhathi,’ ijabulela ukwenza intando kaYise. Ekugcineni, yaba “isisebenzi [sikaJehova] esiyingcweti” lapho bedala zonke izinto “emazulwini nasemhlabeni, izinto ezibonakalayo nezinto ezingabonakali.” (IzAga 8:22-31; Kolose 1:15-17) UJehova wasebenzisa uJesu njengoLizwi wakhe, noma uMkhulumeli.—Johane 1:1-3.
14. Yini esingayifunda kumaHubo 103 mayelana nendlela izingelosi ezifeza ngayo intando kaJehova emazulwini?
14 Umhubi ubonisa ukuthi ubukhosi bukaJehova bungaphezu kwakho konke nokuthi uquqaba lwezingelosi lulalela amazwi aKhe okufundisa nemiyalo yaKhe. Siyafunda: “UJehova usimisé saqina isihlalo sakhe sobukhosi emazulwini ngokwawo; futhi ubukhosi bakhe bubusé phezu kwakho konke. Mbongeni uJehova, nina zingelosi zakhe, eninamandla amakhulu, enifeza izwi lakhe, ngokulalela iphimbo lezwi lakhe. Mbongeni uJehova, nonke nina mabutho akhe, nina zikhonzi zakhe, enenza intando yakhe. Mbongeni uJehova, nonke nina misebenzi yakhe, kuzo zonke izindawo zombuso wakhe [noma, ubukhosi].”—IHubo 103:19-22.
15. Ukwamukela kukaJesu amandla oMbuso kwakuthinta kanjani ukwenziwa kwentando kaNkulunkulu ezulwini?
15 Ngemva kokuvukela kwakhe, uSathane wayesakwazi ukungena emagcekeni asezulwini, njengoba kubonisa incwadi kaJobe. (Jobe 1:6-12; 2:1-7) Nokho, incwadi yesAmbulo yaprofetha ukuthi kwakuyofika isikhathi lapho uSathane namademoni akhe babeyoxoshwa ezulwini. Ngokusobala leso sikhathi safika ngemva nje kokwamukela kukaJesu Kristu amandla oMbuso ngo-1914. Kusukela lapho, labo bavukeli abasenandawo ezulwini. Bavalelwe emhlabeni. (IsAmbulo 12:7-12) Akusekho lizwi eliphikisayo ezulwini, kunamazwi amunye kuphela ekudumiseni ‘iWundlu,’ uKristu Jesu, nasekudumiseni uJehova ngokuzithoba. (IsAmbulo 4:9-11) Intando kaJehova iyafezeka ngempela ezulwini.
Intando KaJehova Ngomhlaba
16. Umthandazo oyisibonelo uyiphikisa kanjani imfundiso yeLobukholwa ephathelene nethemba lesintu?
16 Amasonto eLobukholwa awawuphathi umhlaba ezinjongweni zikaNkulunkulu, ethi bonke abantu abalungile baya ezulwini. Kodwa uJesu wasifundisa ukuba sithandaze: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) Kungashiwo yini ngandledlana-thile ukuthi intando kaJehova iyenzeka namuhla emhlabeni okhungethwe ubudlova, ukungabi nabulungisa, ukugula, nokufa? Lutho neze! Ngakho-ke kufanele sikuthandazele ngobuqotho ukuba intando kaNkulunkulu yenziwe emhlabeni, ngokuvumelana nesithembiso esalotshwa umphostoli uPetru: “Kukhona amazulu amasha [uhulumeni woMbuso KaMesiya ophethwe uKristu] nomhlaba omusha [umphakathi wesintu olungile] esikulindele ngokwesithembiso sakhe, futhi kukho kuyohlala ukulunga.”—2 Petru 3:13.
17. Iyini injongo kaJehova ngomhlaba?
17 UJehova wayenenjongo lapho edala umhlaba. Waphefumulela umprofethi u-Isaya ukuba abhale: “Yilokhu uJehova akushilo, uMdali wamazulu, Yena onguNkulunkulu weqiniso, uMbumbi womhlaba noMenzi wawo, Yena owawumisa waqina, ongazange awudalele ize nje, owawubumba ukuze uhlalwe ngisho nokuhlalwa: ‘NginguJehova, akekho omunye.’” (Isaya 45:18) UNkulunkulu wabeka umbhangqwana wokuqala ongabantu ensimini eyipharadesi wayesewuyala: “Zalani nande nigcwalise umhlaba niwunqobe.” (Genesise 1:27, 28; 2:15) Ngokusobala, injongo yoMdali iwukuba umhlaba uhlalwe uhlanga oluphelele lwabantu abalungile abazithoba ngenjabulo ebukhosini bukaJehova futhi luphile phakade ePharadesi elathenjiswa nguKristu.—IHubo 37:11, 29; Luka 23:43.
18, 19. (a) Yini okumelwe yenziwe ngaphambi kokuba intando kaNkulunkulu yenzeke ngokugcwele emhlabeni? (b) Iziphi ezinye izici zomthandazo kaJesu oyisibonelo ezizohlolwa esihlokweni esilandelayo?
18 Intando kaJehova mayelana nomhlaba ayisoze yafezeka ngokugcwele kube kusekhona amadoda nabesifazane abadelela ubukhosi bakhe emhlabeni. Esebenzisa amabutho omoya anamandla aholwa uKristu, uNkulunkulu ‘uyochitha abachitha umhlaba.’ Sonke isimiso sezinto sikaSathane esibi, nenkolo yaso yamanga, ezombusazwe ezonakele, ezentengiselwano ezihahayo nezingathembekile, ezempi ezicekela phansi, kuyoqothulwa unomphela. (IsAmbulo 11:18; 18:21; 19:1, 2, 11-18) Ubukhosi bukaJehova buyolwelwa, igama lakhe lingcweliswe. Sisuke sithandazela konke lokhu lapho sithi: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:9, 10.
19 Nokho, emthandazweni wakhe oyisibonelo, uJesu wabonisa ukuthi singathandazela nezindaba zethu siqu. Lezi zici zokufundisa kwakhe ngomthandazo zizohlolwa esihlokweni esilandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isahluko 6 sencwadi ethi Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli!, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
Ukubukeza
• Kungani kufaneleka ukuba sibize uJehova ngokuthi “Baba wethu”?
• Kungani kubaluleke kakhulu ukuba sithandazele ukungcweliswa kwegama likaJehova?
• Kungani sithandazela ukuza koMbuso kaNkulunkulu?
• Kusikiselani ukuthandazela kwethu ukuba intando kaNkulunkulu yenzeke emhlabeni njengasezulwini?
[Isithombe ekhasini 9]
Imithandazo kaJesu yayihluke kakhulu emithandazweni yabaFarisi yokuzishaya abakholiwe
[Isithombe ekhasini 10]
AmaKristu athandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu uze, igama lakhe lingcweliswe, futhi intando yakhe yenziwe