Ukuvula Indlela Ephindela EPharadesi
“[UJesu] wathi kuso: ‘Ngiqinisile ngithi kuwe namuhla, Uyoba nami ePharadesi.’”—LUKA 23:43, “NW”.
1, 2. (a) Igama elithi “ipharadesi” lisho ukuthini, futhi kumelwe ukuba insimu yase-Edene yayifana nani? (b) Lihunyushwe kanjani igama lesiHeberu elisho “insimu” emiBhalweni YamaKristu YesiGreki?
UMKHAYA wesintu waqalisa ePharadesi. Mayelana nokudalwa komuntu, sifunda lokhu encwadini yokuqala yemiBhalo Engcwele: “UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba-kanjalo umphefumulo ophilayo. UJehova uNkulunkulu watshala insimu e-Edene ngasempumalanga; wambeka khona umuntu amenzileyo.” (Genesise 2:7, 8) Igama elithi “Edene” lisho “Injabulo,” futhi kanjalo insimu yase-Edene yayiyipaki elikhulu lenjabulo, elinezici eziningi ezinhle ezihlukahlukene.
2 Igama elithi “ipharadesi” lithathelwa olimini lwesiGreki, futhi ngalololimi lisho insimu enjengepaki. Igama lesiGreki elisetshenziswe ekuhumusheni ibizo lesiHeberu elithi gan, elisho “insimu,” lithi pa·raʹdei·sos. ImiBhalo esukela kuMathewu kuya kusAmbulo yabhalwa ngolimi lwesiGreki, futhi leligama lesiGreki lasetshenziswa ekubhalweni kwamazwi eNkosi uJesu Kristu lapho ehlupheka ngesijeziso sokufa esigxotsheni sokuhlushwa eGolgotha ngoNisan 14 wonyaka ka-33 C.E.
Isithembiso SikaJesu SePharadesi Eselelesini
3. (a) Yini eyacelwa iselelesi esinesihawu kuJesu? (b) Isicelo saleselelesi sabonisani ngokukholelwa kwaso kuJesu?
3 Ngalesosikhathi, izelelesi ezimbili zazibethelwe eceleni kukaJesu. Esinye sazo sayeka ukukhuluma kabi noJesu ngendlela iselelesi sesibili esingakolunye uhlangothi lukaJesu esaqhubeka senza ngayo. Iselelesi esinesihawu saphenduka sathi: “Jesu, ngikhumbule, nxa usufiké embusweni wakho,” kanjalo sibonisa ukholo lokuthi uJesu, nakuba ayelengiswe eceleni kwakhe, wayemiselwe uMbuso wesikhathi esizayo. (Luka 23:42; Marku 15:32) Yeka ukuthi lokho kumelwe ukuba kwayithinta kanjani inhliziyo yeNkosi uJesu! Lesosigebengu esinesihawu sasikholelwa ukuthi uJesu Kristu wayengenacala nokuthi wayengasifanele isijeziso esiqine kanjalo njengokubethelwa obala okwehlisa isithunzi. (Luka 23:41) Sabonisa ngesicelo saso ukuthi siyakukholelwa ukuthi uJesu wayeyovuswa kwabafileyo nokuthi wayeyoba sembusweni. Leselelesi sabonisa nokholo lokuthi naso sasingavuswa nokuthi uJesu uYena owayeyosibiza kwabafileyo futhi asinikeze ukuphila okusha emhlabeni.
4. UJesu wasiphendula kanjani isicelo saleselelesi, ebonisani?
4 Lapho uJesu ethi kuso: “Ngiqinisile ngithi kuwe namuhla, Uyoba nami ePharadesi,” wakhomba ovukweni lwalesoselelesi esinesihawu. Lokho kumelwe ukuba kwaba induduzo engokoqobo kulesosigebengu esabonisa ukholo. Ukuze uvuko lwaleyondoda lwenzeke, kwadingeka ukuba uJesu avuswe kuqala. Khona-ke, esebenzisa amandla akhe okuvusa awanikezwe uNkulunkulu, uJesu Kristu uzosibiza leselelesi kwabafileyo ngosuku lokuvuswa kwezwe lesintu.—Luka 23:43, NW; Johane 5:28, 29; 1 Korinte 15:20, 23; Heberu 9:15.
5, 6. (a) Yini uMbusi uPontiyu Pilatu ayibhala ngenhla kukaJesu obethelwe? (b) Ngokunokwenzeka uJesu wakhuluma ngaluphi ulimi neselelesi?
5 UJesu wasinikeza ngaluphi ulimi lesosithembiso? Ziningi ezazisetshenziswa lapho ngalesosikhathi. Lokhu kuboniswa amazwi uMbusi uPontiyu Pilatu abangela ukuba abhalwe ngenhla kwekhanda likaJesu Kristu obethelwe, embonakalisa ukuze bonke abadlulayo bafunde. Ukulandisa okukuJohane 19:19, 20 kuthi: “UPilatu waloba isaziso, wasibeka esiphambanweni. Kwakulotshiwe ukuthi: UJESU WASENAZARETHA, INKOSI YABAJUDA. Khona abaningi babaJuda bafunda lesosaziso; ngoba indawo leyo, lapho uJesu abethelwa khona esiphambanweni, yayiseduze nomuzi. Kwakulotshiwe ngesiHeberu, nangesiRoma, nangesiGreki.”
6 Ngokuzalelwa kwakhe eBetlehema ngunina oyintombi, uMariya, uJesu wazalwa engumJuda, noma umHeberu. Ngokufanelekile, ekushumayeleni kwakhe iminyaka emithathu nengxenye ezweni azalelwa kulo, ngokusobala wayeshumayela ngolimi lwesiJuda olwalusetshenziswa, noma isiHeberu. Ngakho, lapho esho amazwi aqinisekisayo eselelesini esinesihawu, ngokunokwenzeka wakhuluma ngesiHeberu. Ngakho kufanele ukuba wasebenzisa igama lesiHeberu elithi gan lapho ebhekisela ePharadesi—igama elitholakala kuGenesise 2:8. Lapho, inguqulo iSeptuagint yesiGreki yemiBhalo eNgcwele isebenzisa igama elithi pa·raʹdei·sos lapho ihumusha igama lokuqala elithi gan.
7. UJesu wakhazinyuliswa kanjani lapho evuswa?
7 UJesu wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu ngemva kokubethelwa kwakhe, noma ngoNisan 16 wekhalenda lesiHeberu. Ngemva kwezinsuku ezingamashumi amane waphindela ezulwini, ekhaya lakhe lokuqala, manje esimweni esiphakeme ngokwengeziwe. (IzEnzo 5:30, 31; Filipi 2:9) Manje wayesembathe ukungafi, isimo ayesihlanganyela noYise wasezulwini. UJehova uNkulunkulu kwakunguyena yedwa onguMnini wokungafi kwaze kwaba yilapho uJesu evuswa kwabafileyo ngaleloSonto, ngoNisan 16.—Roma 6:9; 1 Thimothewu 6:15, 16.
Isihlengo Sivula Indlela
8. Yayiyini injongo kaJehova yasekuqaleni ngomhlaba, futhi yini ebonisa ukuthi usabambelele kuleyonjongo?
8 Konke lokhu kwakuyizinyathelo enjongweni kaNkulunkulu yokuba wonke umhlaba wembozwe ubuhle obunjengepharadesi, yebo, ube ipharadesi lembulunga yonke. (Genesie 1:28; Isaya 55:10, 11) Kweyoku-1 Korinte 15:45, umphostoli uPawulu ubhekisela kuJesu ngokuthi “uAdamu wokugcina.” Lokhu kubonisa ukuthi uNkulunkulu uye wabambelela enjongweni yakhe yokuqala ngomhlaba nokuthi othile uyoyigcwalisa injongo uAdamu wokuqala ahluleka ukuyifeza.
9. Yini uJesu ayilungiselela ukuze avule indlela ephindela ePharadesi?
9 NgokukaPawulu, uJesu ‘waba-yinhlawulo.’ (1 Thimothewu 2:6) UJesu Kristu ngokwakhe wayethe: “Njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube-yisihlengo sabaningi.” Lokhu kwakwenza kwaba nokwenzeka ukuba labo ababonisa ukholo kuJesu Kristu bazuze ukuphila okuphakade.—Mathewu 20:28; Johane 3:16.
10. (a) Yini uNkulunkulu azimisele yona ngokuqondene nenani elilinganiselwe labantu abathandekayo? (b) Kwaqala nini ukukhethwa ‘komhlambi omncane,’ futhi ngubani?
10 Lapho uJesu ekhuphukela ezulwini ngemva kokuvuswa kwakhe kwabafileyo, wayenganikela ngenzuzo yomhlatshelo wakhe wesihlengo kuNkulunkulu ngenxa yomkhaya wesintu. Nokho, kwakuyinjongo kaYise wasezulwini, uJehova uNkulunkulu, ukuba athathe ezizweni zomhlaba “abantu begama lakhe.” (IzEnzo 15:14, NW.) NgokwesAmbulo 7:4 no–14:1-4, laba babalelwa nje kubantu abayizi-144 000, “umhlambi omncane,” obizelwa eMbusweni kaNkulunkulu wasezulwini. (Luka 12:32) Ukukhethwa kwalaba abathandeka ngokukhethekile bakaJehova uNkulunkulu kwaqala ngokukhethwa kwabaphostoli bakaJesu abayi-12. (Mathewu 10:2-4; IzEnzo 1:23-26) UJesu wathi kulamalungu ayisisekelo ebandla lakhe: “Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethé nina.” (Johane 15:16) Laba babeyohola emsebenzini wokumemezela ngePharadesi elizayo lembulunga yonke ngaphansi kokubusa koMbuso.
Isikhathi Sokumiswa KoMbuso
11. UMbuso wobuMesiya kwakufanele umiswe nini?
11 Ngegama leNkosi uJesu Kristu, namuhla siyaqhubeka sithandaza kuJehova sicela ukuba uMbuso waKhe ufike. (Mathewu 6:9, 10; Johane 14:13, 14) UMbuso wobuMesiya kwakufanele umiswe ekupheleni “kwezikhathi zabezizwe.” (Luka 21:24) LezoZikhathi ZabeZizwe zagcwaliseka ngonyaka ka-1914.a
12. Yini eyenzeka ngo-1914 ngokuvumelana nesiprofetho sikaJesu sezinto eziphawulekayo ezaziyobonisa ukuba khona kwakhe okungabonakali?
12 Lowonyaka waphawulwa impi yezwe yokuqala emlandweni wesintu. Lokhu kwakuvumelana nesiprofetho sikaJesu mayelana nezinto eziphawulekayo ezaziyobonakalisa ukuba khona kwakhe okungabonakali emandleni oMbuso phezu komhlaba. Abafundi bakhe babembuze umbuzo othi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba-nini, nesibonakaliso sokuza kwakho nesokuphela kwezwe siyakuba-yini na?” UJesu waphendula wathi: “Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube-khona indlala nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo. Kepha konke lokho kungukuqala kwemihelo. Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.”—Mathewu 24:3, 7, 8, 14; Marku 13:10.
13. (a) Kungayiphi indlela ukushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu kuyizindaba ezinhle? (b) Sekuyisikhathi eside kangakanani kwenziwa imithandazo yokucela uMbuso kaNkulunkulu ukuba ufike, futhi ingabe ofakazi bakhe emhlabeni abazange bakhathale yini ukwenza lemithandazo?
13 Lezindaba ezinhle zoMbuso kaJehova manje ziyashunyayelwa emazweni angaphezu kwangama-200, futhi kwenziwa imizamo emikhulu ukuba ziqhutshekiselwe emasimini akude. Akuzona izindaba, zikahulumeni wezwe osazoza, kodwa ngezombuso osusemandleni manje, osubusa kakade. LowoMbuso wamiswa ngo-1914. Wabeka isisekelo sempendulo yomthandazo uJesu awubeka ngamafuphi eminyakeni eyi-1 900 edlule. Lowomthandazo bewenziwa kuMsunguli walowoMbuso kusukela lapho owayezoba iNkosi yalowohulumeni efundisa abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele. Ngakho, uMqambi walowoMbuso ubelokhu ezwa isicelo sawo isikhathi eside kakhulu. Ubejabula ukuzwa umthandazo owenziwa kuye ofakazi bakhe emhlabeni phakathi naso sonke lesosikhathi, ngoba babonisa ukuthi babebambelele okholweni lwabo ekufikeni kwalowoMbuso. Abazange bakhathale ukuthandaza lowomthandazo ‘kuBaba osezulwini,’ njengokungathi usuyinto endala kubo.—Mathewu 6:9, 10.
14. Kungani oFakazi BakaJehova bephikelela beshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu?
14 Nakuba oFakazi BakaJehova bekholelwa futhi bememezela ukuthi uMbuso wamiswa emazulwini ngo-1914, bayaphikelela beshumayela lezindaba ezinhle zoMbuso. Benza kanjalo ngoba lowoMbuso osumisiwe awukawulawuli ngokuphelele umhlaba kodwa uye wavumela imibuso yalelizwe ukuba iqhubeke isebenzisa amandla negunya layo phezu kwazo zonke izizwe nezinhlanga zesintu. (Roma 13:1) Ngakho kumelwe ukuba ufike ngomqondo ogcwele, okungukuthi, ngezinga lokuthi ube uhulumeni ophelele obusa phezu kwawo wonke umhlaba.—Daniyeli 2:44.
15. Yini ebilokhu iqhubeka kusukela ngePentekoste lika-33 C.E. esezingeni elihle kakhulu kunangesikhathi kugcotshwa amakhosi akwaIsrayeli?
15 Nakuba emiswe njengeNkosi yalowoMbuso, uJesu akabusi yedwa. UJehova uNkulunkulu umise abalandeli abayizi-144- 000 beNdodana yakhe yasebukhosini ukuba babe izindlalifa kanye nayo eMbusweni kaNkulunkulu wobuMesiya. (Daniyeli 7:27) Njengoba amakhosi akwaIsrayeli wasendulo ayegcotshwa ngamafutha okugcoba angcwele ngumpristi omkhulu, kanjalo kusukela ngosuku lwePentekoste lika-33 C.E., uJehova uye wagcoba izindlalifa ezikanye noJesu Kristu eziyizi-144 000 ngomoya waKhe ongcwele, ebaletha ekuphileni komoya ezulwini kanye ‘neNKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI.’—IsAmbulo 19:16; qhathanisa neyoku-1 AmaKhosi 1:39.
IPharadesi Lizobuyiselwa ‘NguAdamu Wokugcina’
16. Laliyini ithemba loMbuso ngenkathi uJesu ebethelwa, kodwa kungani ayengeyena ummemezeli wezindaba eziyiphutha?
16 Ngenkathi uJesu ebethelwa ngo-33 C.E., kwakungabonakali neze kungenzeka ukuthi wayezoba nombuso. Kodwa ekushumayeleni kwakhe ngoMbuso kaNkulunkulu, wayengakaze neze abe umshumayeli wezindaba eziyiphutha. Ngosuku lwesithathu ngemva kokubethelwa kwakhe, uMsunguli woMbuso waqikelela ukuba abafundi bakaJesu bangathandazeli uhulumeni ongezukufika. UJehova wamvusa Lowo owayezommelela kulowoMbuso owawuthandazelwa futhi wamembathisa ukungafi.
17, 18. (a) Ukubizwa kukaJesu ngokuthi “uAdamu wokugcina” kubonisani? (b) Izenzakalo zezwe kusukela ngo-1914 zibonisani?
17 UJesu wayazi ukuthi uMdali wePharadesi lokuqala emhlabeni wayeyobeka phezu kwakhe isibopho sokuvuselela iPharadesi nokuba anakekele abantu abahlala ensimini yembulunga yonke. Kweyoku-1 Korinte 15:45, 47, siyafunda: “Kanjalo futhi kulotshiwe ukuthi umuntu wokuqala uAdamu waba-ngumphefumulo ophilayo; uAdamu wokugcina waba-ngumoya ophilisayo. Kepha okokuqala akusikho okomoya kodwa okwemvelo; bese kuba-ngokomoya. Umuntu wokuqala wavela emhlabeni, engowenhlabathi; umuntu wesibili uvela ezulwini.” UAdamu wesibili wehla evela ezulwini futhi uyena uJehova amsebenzisayo ukuba amise kabusha iPharadesi lapha emhlabeni. Kwakuphezu kwalesisekelo iNkosi uJesu yathi kulesoselelesi esinesihawu: “Uyoba nami ePharadesi.” (Luka 23:43, NW) Kulengxoxo kuyaphinda futhi kube sobala ukuthi iPharadesi liyomiswa emhlabeni ngaphansi koMbuso wasezulwini ezandleni zikaJesu Kristu okhazinyulisiwe, “uAdamu wokugcina.”
18 Izenzakalo zezwe kusukela ngo-1914 zivumelana neziprofetho ezashiwo uJesu Kristu futhi kanjalo zifakazela ukuthi uJesu Kristu ubelokhu esemandleni kusukela ngalesosikhathi. Iminyaka engaphezu kwamashumi ayisikhombisa manje, abantu balesizukulwane sekhulu lama-20 leminyaka abaphila kusukela ngo-1914 baye bakubona ukugcwaliseka kwezenzakalo ezibhalwe esiprofethweni sikaJesu esitholakala kuMathewu isahluko 24. Ngakho-ke, lenkathi yesikhathi isondela ekupheleni kwayo, nokubuyiselwa kwePharadesi emhlabeni kuseduze.—Mathewu 24:32-35; qhathanisa neHubo 90:10.
Isikhathi Esijabulisayo Sezwe Elisha Sesiseduze
19, 20. (a) Ngemva kweArmagedoni, uJehova wayeyobabekaphi abamthandayo? (b) Yini okuyodingeka ukuba yenziwe ngokushesha ngemva kweArmagedoni?
19 Akuyikuba isimiso sezinto esibanga isithukuthezi, nesiyisicefe uJehova ayohlalisa kuso abamthandayo ngemva kokulwela ubukhosi bakhe bendawo yonke ngalé kwanoma ikuphi ukungabaza okungaba khona enkundleni yempi yeArmagedoni. Isikhathi esizayo somkhaya wesintu ngaphansi kokubusa okuhle kweNkosi yobuMesiya, uJesu, iNdodana kaNkulunkulu, siyoba esijabulisa kakhulu ngempela. Oh, yeka ukuthi kuningi kangakanani okuzuzisayo okuyodinga ukwenziwa! Noma iziphi futhi zonke izibazi ezisele ebusweni bomhlaba ezabangelwa ukulwa okuhlanganisa imbulunga yonke phakathi kwamabutho asezulwini kaJehova namandla ahleliwe obubi ziyosuswa. Akukho mnonjana oyoshiywa.
20 Kodwa kuthiwani ngazo zonke izinto ezisetshenziselwa impi eziyoshiywa izizwe? Uma kubhekwa isibonakaliso esingokomfanekiso sobude besikhathi ukubhujiswa kwezingxenye zazo ezingavutha okuyosithatha, ziyoba ziningi kakhulu. (Hezekeli 39:8-10) Abasinde eArmagedoni bangase bakwazi ukusebenzisa izinto zezizwe ezisele empini ezinjongweni ezinenzuzo.—Isaya 2:2-4.
21. Ngokufana nokuhlanganwe nakho kwabasinda kuZamcolo, isiphi isimo abasinde eArmagedoni abayobhekana naso, kodwa kunamuphi umehluko omkhulu?
21 Abafanekiseli bosuku lwanamuhla ababusisiwe bakaNowa nomkhaya wakhe njengabasinda ngokumangalisayo kuZamcolo wembulunga yonke bayobhekana nesimo sasemhlabeni esifana naleso uNowa nomkhaya wakhe abasithola. Nokho, uSathane uDeveli namabutho akhe angamademoni abasayikuphinde bahluphe amazulu angabonakali azungeze umhlaba kodwa bayobe bengasebenzi nhlobo iminyaka engamakhulu ayishumi. (IsAmbulo 20:1-3) Abasinde eArmagedoni bayoba nomthwalo obeka inselele wokunqoba umhlaba odlule ‘osukwini olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke,’ bebhekana nanoma imiphi imiphumela lolosuku oluyobe luyishiye phezu kwalembulunga.—IsAmbulo 16:14.
22. Abasinde eArmagedoni bayosabela kanjani enseleleni yokunwebela iPharadesi emhlabeni wonke?
22 Bembalwa uma beqhathaniswa nababhujisiwe, laba abasinde empini yeArmagedoni bangase balindeleke ukuba besabe kakhulu lapho benikezwa umsebenzi omkhulu wokunwebela iPharadesi emhlabeni wonke. Kodwa ngokuphambene, injabulo yabo iyachichima, bayowuqala ngesibindi nangokulalela. Bakuqaphela ngokugcwele ukuthi lomhlaba uyisenabelo sezinyawo zikaNkulunkulu esingokomfanekiso, futhi bafuna ngobuqotho ukuba lembulunga ewumhlaba ilethwe esimweni esijabulisayo nesihle esifanelwe ukuba izinyawo zakhe ziphumule khona.
23. Ikuphi ukusekelwa abasinde eArmagedoni abayoba nakho njengesiqinisekiso sokuthi umsebenzi wabo wokubuyisela iPharadesi uyophumelela?
23 Kuyajabulisa futhi kuyakhuthaza ukwazi ukuthi abayikushiywa bodwa futhi bengasizwa ngemva kokuqalisa lenkonzo ejabulisayo ekugcwalisekeni kokuthunywa kwaphezulu ngokuqondene nomhlaba. (Qhathanisa noIsaya 65:17, 21-24.) Bayoba nokusekelwa okugcwele, okungabekelwe mingcele kwaLowo owenza isithembiso sePharadesi elibuyiselwe nowathi ngosuku lokwenyukela kwakhe ezulwini: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni.” (Mathewu 28:18) Usenawo lawomandla, futhi usakwazi ukugcwalisa isithembiso sakhe esiphawulekayo kulesoselelesi esinesihawu, njengoba sizobona esihlokweni esilandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole imininingwane, bheka incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., amakhasi 138-141. Bheka futhi noHezekeli 21:27.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Isithembiso sikaJesu eGolgotha siqinisekisani ngesintu nangesigebengu esisodwa?
◻ Yini eyisisekelo ekuvulweni kwendlela ephindela ePharadesi?
◻ Yini uAdamu wokuqala ahluleka ukuyenza, kodwa yini eyofezwa “uAdamu wokugcina”?
◻ Ngemva kweArmagedoni, uJehova uyobeka abamthandayo kuluphi uhlobo lwesimiso sezinto?
[Isithombe ekhasini 13]
Isihloko esithi “Ukuphela Kwayo Yonke Imibuso Ngo-1914” savela kuyi“World Magazine” ka-August 30, 1914