Nakekelisisa Ukuhleleka Komuntu Siqu
1 “Uma ufuna umsebenzi wenziwe, wunike umuntu omatasa.” Isizathu esibangela ukuba kube nalesisho siwukuthi ngokuvamile umuntu omatasa uhleleke kahle futhi ngenxa yalokho angakwazi ukufeza okwengeziwe. Sonke sinamahora angama-24 okudingeka siwasebenzise usuku ngalunye. Ukuthi siyasisaphaza lesosikhathi noma sisisebenzisa ngokuhlakanipha ngokuvamile kuxhomeke ekuhlelekeni kwethu komuntu siqu.
2 Ngaso sonke isikhathi “kunokuningi okungenziwa emsebenzini weNkosi.” (1 Kor. 15:58, NW) Sinemihlangano okudingeka siye kuyo nenkonzo yasensimini okudingeka sihlanganyele kuyo. Kodwa ukulungiselela kuza ngaphambi kwalokhu. Ngamanye amazwi, sidinga ukusebenzisa isikhathi sitadisha ukuze ‘senze abafundi’ ngokuphumelelayo futhi sivuselele abanye ‘othandweni nasemisebenzini emihle,’ njengoba siyalezwe ukuba senze kanjalo. (Math. 28:19; Heb. 10:24) Izinto ezivamile zokuphila, njengomsebenzi wokuziphilisa, ukuthenga, ukudla, ukuhlanza indlu, ukuhamba, ukuya esikoleni, nokulala, konke kunendawo yakho. Esinye isikhathi futhi singasetshenziselwa ukuzijabulisa. Ukufaka yonke into endaweni yayo efanelekile kusibekela inselele okumelwe sihlangabezane nayo. Kungenziwa kanjani lokhu?
UKUHLELA IZINTO EZIZA KUQALA
3 UJesu wathi: “Funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.” (Math. 6:33) Ngokusobala, izithakazelo zoMbuso kufanele zize kuqala uma kuziwa ekusetshenzisweni kwesikhathi sethu. Uma bekumelwe sihlele isikhathi sethu ngendlela esihlela ngayo imali yethu, amahora esiwabekela eceleni ukuba siwasebenzisele imihlangano yobuKristu, isifundo seBhayibheli somkhaya, neminye imisebenzi enjalo engokwasezulwini njengenkonzo yasensimini nesifundo somuntu siqu besingenakusetshenziselwa ukuphishekela ezinye izithakazelo.
4 Kunoma yisiphi isimiso kumelwe kungene izinto ezidingekayo zokuphila. Kubekelwa eceleni isikhathi sokwenza umsebenzi wokuziphilisa ukuze umuntu azondle yena nomkhaya wakhe. Kumelwe kuhlanganiswe ukudla nokulala, kanye nokunakekela ngokomuntu siqu izidingo zomkhaya wakhe. Ekuqaleni kohlu lwabadala nezinceku ezikhonzayo lwezinto eziza kuqala yisikhathi abasisebenzisayo belungiselela futhi befeza imithwalo yemfanelo engokwasezulwini. Kungani ungahlali phansi wenze isimiso esinjalo, futhi ubone ukuthi azikho yini izinto ezingadingekile ezisekuqaleni kohlu lwakho lwezinto eziza kuqala ezingafanele ukuba lapho?
UKUGCINA ISO ELIHLE
5 Lapho uJesu ekhuluma ngomsebenzi wabalandeli bakhe, waphawula: “Ngakho uma iso lakho lilihle, uzakukhanya umzimba wakho wonke.” (Math. 6:22) Yini ebiyohileleka kulokhu? Ngokuyisisekelo kusho ukugcina komuntu ukuphila kwakhe kulula. Kunezithikamezo eziningi ezingantshontsha isikhathi somuntu. Ithelevishini ingesinye salezi. Kwamanye amakhaya, ithelevishini ivulelwa ekuseni futhi ishiywe ivuliwe usuku lonke. Umuntu angase ahlale phansi ukuze abuke uhlelo lwesikhathi esifushane. Kodwa abese ethola ukuthi isikhathi ekuqaleni ayesihlelele ukusisebenzisela isifundo somuntu siqu noma somkhaya siyaphela njengoba eqhubeka ebuka ezinye izinhlelo. Yeka ukuthi kulula kanjani ukuchitha yonke intambama kungafezwanga lutho oluyinzuzo! Abaningi abazi ukuthi kumelwe bayivale nini iTV. Uma unalenkinga, ungase unqume ukuthi kungcono kakhulu ukungayivuleli ithelevishini. Imisetshenzana yokuzilibazisa, okuyindlela yokuziphumuza kwabathile, nayo ingase igcine isithathe isikhathi esasibekelwe eceleni ukuba sisetshenziselwe izinto ezibaluleke ngokwengeziwe.
6 Ukuhlanganyela emisebenzini yezemidlalo, ukuya ezinkundleni zezemidlalo noma ukuyibukela kuTV kungadla isikhathi esiyigugu. Amadoda, abafazi, nabantwana benza kahle ngokuqikelela ukuba bangaphangwa isikhathi abangasisebenzisela ukutadisha nokuhlangana ndawonye. Sonke kumelwe sinakekele ukuba singenzi ukuphila kwethu kube inkimbinkimbi ngokweqisa emidlalweni noma ekuzijabuliseni.
7 Kungaphumela enkingeni engathi sina uma sivumela umsebenzi wokuziphilisa udle isikhathi sezinto eziza kuqala. Abanye bangase bazithole bebambeke kakhulu emisebenzini yabo noma bekhathalela kakhulu amathemba ezinzuzo ezingokwezimali kangangokuba bangabe besaba nayo indawo esimisweni sabo yemihlangano, inkonzo yasensimini, noma yengokomoya lomkhaya wabo. (Efe. 5:15, 16) Kuhle ukuzibuza, ‘Ubani ngempela obengajabula uma ngithengisela izithakazelo zezwe isikhathi esengisinikezele kakade ekukhulekeleni uJehova uNkulunkulu?’
IZINDLELA ZOKUSEBENZISA ISIKHATHI NGOKUPHUMELELAYO
8 Ukuhlela ukuphila komuntu ukuze asebenzise isikhathi ngokuphumelela kakhulu kubizela ukuba nemigomo engokomoya nezindinganiso eziqondile. Lokhu kuyisihluthulelo sokuhlela izinto eziza kuqala zansuku zonke. Ungalibali. Uma uye wabekela eceleni isikhathi sokwenza umsebenzi othile, sisebenzisele leyonjongo. Zibekele izinsuku ofuna ukuqeda ngazo umsebenzi. Lwela ukutadisha ukwaziswa okuthile ngesikhathi esanele ukuze ukusebenzise enkonzweni yasensimini noma emihlanganweni. Yenza okufanayo mayelana nemisebenzi yansuku zonke yasekhaya.
9 Zijwayeze ukusebenzisa isikhathi ebesingalahleka ngandlela-thile. Ngokwesibonelo, uma kumelwe ulindele abanye, sebenzisa lesosikhathi kahle ngokufunda, ukubhala izincwadi, noma ukufeza omunye umsebenzi obalulekile. Uma uzithola ulindile emgqeni, ungase ukwazi ukuqalisa ingxoxo eyoholela ekunikezeni ubufakazi. Okunye okubalulekile ngabantu bonke kuwukuba bathole ukuphumula okwanele ukuze bahlale bephilile futhi bephapheme. Lokhu kuyokwenza usebenze ngokuphumelela ngokwengeziwe. Ukugula okulethwa ukuntula ukuphumula okwanele noma ukulala kungakuvimbela ukuba uzinakekele ngokufanele izinto eziza kuqala kakhulu ekuphileni.
UKUTHUTHUKISA UKUHLELEKA KOMUNTU SIQU
10 Ezweni lezamabhizinisi, kusetshenziswa isikhathi esiningi nomzamo kuhlelwa nje ukuthi umsebenzi othile onikeziwe ungafezwa kanjani. Usomabhizinisi omuhle ukuthola konga ukuhlela izisebenzi nezinto ezizosetshenziswa ngaphambi kokukhiqiza umkhiqizo onikeziwe. Uyaqaphela ukuthi uma izisebenzi ezidingekayo nezinto ezizosetshenziswa kungatholakali ngesikhathi nalapho kudingeka khona, kungalahleka isikhathi esiningi nemali futhi akayikuthola nzuzo. Nokho, thina sinezisusa ezinhle kakhulu ngokwedlulele zokuzihlela. Lezi zihlanganisa isifiso sethu sokulondoloza ubuhlobo obuhle noJehova, ukuba abaphumelelayo ekwenzeni abafundi, nokufinyelela umgomo wethu wokuphila okuphakade. Ngakho-ke, kudingekile ukuqiniseka ukuthi sinamathuluzi afanele ngesikhathi esifanele.
11 Ngokwesibonelo, sinemihlangano yebandla emihlanu isonto ngalinye. Ukwaziswa kwalemihlangano kusekelwe ezincwadini eziningana ezihlukene. Ingabe lezincwadi zitholakala kalula? Ingabe umagazini weNqabayokulinda esiwufundayo ngalelosonto ubekelwe eceleni, noma ingabe kuchithwa isikhathi ufunwa? Futhi kuthiwani ngezinye izincwadi ezidingekayo, njengeNkonzo Yethu YoMbuso, iculo, iBhayibheli, nencwadi esiyifundayo eSifundweni Sencwadi Sebandla? Kuhle ukuba nendawo emisiwe yalezinto futhi sizigcine lapho uma zingasetshenziswa. Ngalendlela, singazithola ngokushesha izincwadi ezifanelekile lapho silungiselela inkonzo yasensimini noma imihlangano.
12 Abadala nezinceku ezikhonzayo ikakhulukazi badinga ukuqaphela ukuhleleka kwabo komuntu siqu. Njengoba benokuningi okumelwe bakwenze, kokubili emsebenzini wokuziphilisa nasebandleni, “izinto ezibaluleke kakhulu” ngezinye izikhathi zingalibaleka noma zichilizelwe eceleni. (Fil. 1:10, NW) Ukusebenzisa ukusikisela kokulondoloza uhlu lwezinto eziza kuqala kungaba inzuzo yangempela. Ingabe uke wakuzama lokhu? Omunye umzalwane unohlu olunjalo futhi uyalubukeza ngaphambi komhlangano ngamunye. Ngalendlela ufeza okwengeziwe futhi uyakwazi ukuqikelela ukuba umsebenzi odingekile webandla uyenziwa.
13 Abadala kufanele babe nesimiso esihle sokuhlala benolwazi ngezincwadi zebandla. Izincwadi namafomu ngezinye izikhathi kungaba okudidayo nokukhathazayo uma kungahlelwanga ngokufanele. Ngakho-ke, kuhle ukusebenzisa imizuzu embalwa njalo ukuze uhlele amaphepha adinga ukugcinwa noma ukudluliselwa komunye futhi ulahle lawo angalahlwa. Uma unezincwadi ezidinga ukudluliselwa kwabanye abadala, qiniseka ukuba uzihambise ngokushesha. Ukukhetha indawo esikhwameni sakho sezincwadi noma ukufaka izincwadi emvilophini ehlukile noma efayilini ozenzele yona kungakusiza ukuba uhlale wazi lapho izincwadi zikhona nokunye ukwaziswa okudinga ukunakekelwa. Ngalendlela, izincwadi ezibalulekile namafomu ngeke kulahleke noma kubambezeleke.
UKUHLELA—KUYISIGQILA, HHAYI INKOSI
14 Ngemva kokubukeza isimiso sakho, nquma ukuthi udinga ukuhlela okungakanani. Asifuni ukuba abashisekela ukuphelela ngokungadingekile, sihlela ngokweqile ukuphila kwethu siqu kangangokuba kungabe kusaba nendawo yokwehluka. Khumbula, sonke singabantu futhi sonke ngabanye sinohlobo lwezimo ezingafani nezabanye. Abanye bethu abashadile, abanye bashadile. Lokho okungase kusebenze emkhayeni owodwa kungase kungasebenzi komunye. Ukuhleleka komuntu siqu kufanele kucabangele izimo zethu zomuntu ngamunye nezomkhaya. Bonisa ukuqonda futhi yiba ovumelana nezimo ekuvumelaneni nezimiso zeBhayibheli eziyosebenza ukuba zikuqondise ekubeni nesimiso esiphumelelayo.—Bheka INqabayokulinda kaSeptember 15, 1988, amakhasi 28-30; iPhaphama! kaDecember 8, 1987, amakhasi 21-4; nePhaphama! ka-July 22, 1966, amakhasi 6-10.
15 Eminyakeni yamuva, ukwenza lula ngokulandela izimiso zokuhleleka okuhle kuye kwaletha izinga elithuthukisiwe lempumelelo ekusebenzeni kwenhlangano kaJehova yasemhlabeni. Abanye bangase babe nomuzwa wokuthi banezindlela ezibasebenzela kangcono bona siqu. Bangase bathande ukuba iNhlangano ikhuthaze abanye ukuba basebenzise izindlela ezinjalo, kodwa ngokuvamile lezindlela ziye zacatshangelwa futhi zalahlwa ngenxa yokuba zingasebenzi ngokwenhlangano. Ngakho-ke, ngezithakazelo zobunye nezinga lempumelelo, kuwukuhlakanipha ukulandela izinqubo ezamukelekayo ezingokwenhlangano, ukusebenzisa izindlela eziqondakalayo futhi ezisetshenziswa abanye abangase bathintwe umsebenzi wakho.
16 UJehova unguNkulunkulu wokuhleleka nokuthula. (1 Kor. 14:33, 40) Unesikhathi esimisiwe sokufeza intando yakhe nenjongo. (IzE. 1:7) NgeZwi lakhe, uye wachaza ngothando okufanele sikhathazeke ngakho njengabantu abangaphelele. Ngesiqondiso esivela kuJesu Kristu ‘ngenceku ethembekile neqondayo,’ uJehova unikeza iziyalezo eziwusizo zendlela esingafeza ngayo umsebenzi obaluleke kakhulu owenziwayo namuhla. (Math. 24:45-47; 28:19, 20; UmSh. 12:13) Ngakho ngokulandela iseluleko esingokomBhalo esitholakala ezincwadini zeNhlangano, kuhlanganise nalezikhumbuzo ezifike ngesikhathi ezichazwe kulesenezelo, singaba abahleleke kangcono ukuze sifeze inkonzo yethu ngokugcwele.—2 Thim. 4:5.