Ukuqonda Okuvela Ezincwadini Ezimbili ZamaKhosi
NGESINYE isikhathi lapho uJesu ekhuluma emzini wakubo eNazaretha, washo okuthile okwabangela intukuthelo enamandla ngokumangalisayo. Kubonakala sengathi abantu baseNazaretha babemangala ukuthi kungani ayengenzanga izimangaliso eziningi khona njengoba ayenzile kweminye imizi. Ekubatsheleni isizathu, uJesu wasebenzisa izibonelo ezimbili ezingokomBhalo. Nakhu akusho:
“Ngiqinisile ngithi kini: Akukho-mprofethi owamukelwa ezweni lakubo. Kepha ngempela ngithi kini: Kwakukhona kwaIsrayeli abafelokazi abaningi emihleni kaEliya, lapho izulu lalivalekile iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha, kwaba-khona indlala enkulu ezweni lonke; kepha uEliya kathunyelwanga nakoyedwa kubona, kuphela eSarepita laseSidoni kowesifazane ongumfelokazi. Kwakukhona futhi kwaIsrayeli abanochoko abaningi ngesikhathi sikaElisha umprofethi; kepha akuhlanjululwanga namunye kubo, kuphela uNayimani umSiriya.” (Luka 4:24-27) Ngalamazwi, labo ababelalele bagcwala intukuthelo futhi bazama ukumbulala uJesu. Kungani basabela ngobudlova obungaka?
Ukuze sithole impendulo, simelwe sibheke emiBhalweni YesiHeberu sifunde umlando kaEliya noElisha. AmaKristu ekhulu lokuqala ayejwayelene kakhulu nalezincwadi, ngokufanayo nezilaleli zawo ezingamaJuda. Ezikhathini eziningi abalobi beBhayibheli abangamaKristu babhekisela ezehlakalweni nakubantu abakulezincwadi zangaphambili ukuze bakhanyise iphuzu, njengoba kwenza uJesu lapha. Izilaleli zazikuqaphela ngokushesha futhi zikuqonda lokhu kubhekisela kuzo. Ukuze sithole umqondo ogcwele wezimfundiso zikaJesu, nathi sidinga ukukuqaphela lokho kubhekisela kuzo.
Iqiniso liwukuthi, akunakwenzeka ukuba siqonde imiBhalo YamaKristu YesiGreki ngokugcwele ngaphandle kokuba sijwayelane nemiBhalo YesiHeberu. Umlando wabaprofethi uJesu abhekisela kubo, uEliya noElisha, ulotshwe ezincwadini ezimbili zamaKhosi. Ukuze sikhanyise leliphuzu ake sicabangele lezincwadi ezimbili futhi sibone indlela ulwazi lwazo olungasinikeza ngayo ukuqonda okujulile nokukhanyayo kwemiBhalo YamaKristu YesiGreki.
Ukuqhathanisa Okungathandeki
Okokuqala, kungani abantu baseNazaretha bathukuthela kangaka lapho uJesu ebhekisela ezimangalisweni ezimbili ezenziwa uEliya noElisha eminyakeni engaphezu kwama-900 ngaphambili? Nokho, uJesu ngokukhanyayo wayeqhathanisa amaNazaretha namaIsrayeli ombuso wasenyakatho wakwaIsrayeli phakathi nezinsuku zikaEliya noElisha, futhi ngokwezincwadi ezimbili zamaKhosi, uIsrayeli wayengekho esimweni esihle ngokomoya ngalesosikhathi. AmaIsrayeli ayegudlukele ngokuqondile ekukhulekeleni uBali futhi eshushisa abaprofethi bakaJehova. Empeleni uEliya wayebalekela abantu bakubo lapho umfelokazi waseSarefati, ezweni labezizwe, emngenisa futhi emupha ukudla. Kungesikhathi enza isimangaliso uJesu abhekisela kuso. (1 AmaKhosi 17:17-24) UIsrayeli wayesagcwele ukukhulekela uBali ngesikhathi uElisha ephulukisa induna yempi engumSiriya uNahamani ochokweni lwakhe.—2 AmaKhosi 5:8-14.
Abantu baseNazaretha abakuthandanga ukuqhathaniswa namaJuda alezozinsuku ayekhonza izithombe. Ingabe ukuqhathanisa kukaJesu kwakunesizathu? Ngokusobala kunjalo. Njengoba nje ukuphila kukaEliya kwakusengozini kwaIsrayeli, ngokufanayo ukuphila kukaJesu manje kwakusengozini. Umbhalo uyasitshela: “Bonke ababesesinagogeni bagcwala ulaka bekuzwa lokho. Basukuma, bamxosha emzini, bamqhubela ekwengameni kwentaba umuzi wabo owakhiwe phezu kwayo, ukuze bamkhalakathelisele phansi” Kodwa uJehova wamvikela uJesu, njengoba ayevikele uEliya ngaphambili.—Luka 4:28-30.
Ubukhazikhazi BeNkosi USolomoni
Leso esinye isibonelo sendlela izincwadi ezimbili zamaKhosi ezinikeza ngayo umqondo, emazwini kaJesu nawamaKristu akuqala. Cabangela esinye isibonelo. ENtshumayelweni yakhe YaseNtabeni, uJesu wakhuthaza izilaleli zakhe ukuba zincike kuJehova ngezidingo ezingokwenyama. Phakathi kwezinye izinto, wathi: “Nikhathazekelani ngesambatho na? Qaphelani iminduze yasendle ukuthi imila kanjani; kayikhandleki, kayiphothi; kepha ngithi kini: NoSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo.” (Mathewu 6:28, 29) Kungani uJesu abhekisela kuSolomoni lapha?
Izilaleli zakhe ezingamaJuda zaziyokwazi ngoba zazijwayelene nobukhazikhazi bukaSolomoni. Buchazwe kakhudlwana encwadini yamaKhosi okuQala (nakuziKronike ZesiBili). Ngokwesibonelo, cishe zakhumbula ukuthi ukudla komkhaya kaSolomoni ngosuku olulodwa “kwakungamakhora angamashumi amathathu empuphu ecolekileyo, namakhora angamashumi ayisithupha empuphu, nezinkabi eziyishumi ezikhuluphalisiweyo, nezinkabi ezingamashumi amabili zasemadlelweni, nezimvu eziyikhulu ngaphandle kwezindluzele, namanxala, nezinsephe nezinkukhu ezikhuluphalisiweyo.” (1 AmaKhosi 4:22, 23) Lokho kwakuwukudla okuningi kakhulu.
Ngaphandle kwalokho, isisindo segolide elalifika kuSolomoni ngonyaka owodwa sasiba “ngamathalenta angamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha egolide,” ngaphezu kwezigidi ezingama-500 zamaRandi ngokwezibalo zamanje zemali. Futhi yonke imihlobiso yendlu kaSolomoni yayingeyegolide. “Kungekho ezesiliva, lona lingento yalutho emihleni kaSolomoni.” (1 AmaKhosi 10:14, 21) Njengoba uJesu ayezikhumbuza ngalezizinto, izilaleli zakhe zalithola ngokushesha iphuzu lalokho ayekusho.
UJesu wabhekisela kuSolomoni ngomunye umqondo. Abanye ababhali nabaFarisi babefuna ukuba enze isibonakaliso, uJesu waphendula: “Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesisizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.” (Mathewu 12:42) Kungani lamazwi ayebasola ngokuqinile abaholi benkolo ababelalele?
Uma sijwayelene nencwadi yokuqala yamaKhosi, siyazi ukuthi “inkosikazi yaseningizimu” kwakuyinkosikazi yaseSheba. Ngokukhanyayo yayiyinkosikazi enkulu, indlovukazi yombuso ocebile. Lapho ivakashela uSolomoni, yeza “nehele elikhulu kakhulu,” uwoyela obizayo “negolide eliningi kakhulu, namatshe ayigugu.” (1 AmaKhosi 10:1, 2) Ukuxhumana kokuthula phakathi kwababusi bezwe ngokuvamile kwenziwa ngamanxusa. Ngakho-ke, ngenkosikazi yaseSheba, indlovukazi yohlanga ebusayo, ukuba ihambe ngokwayo yonke indlela eya eJurusalema ukuba iyobona iNkosi uSolomoni kwakungavamile. Kungani yakwenza?
INkosi uSolomoni yayicebe kakhulu, kodwa yayinjalo nenkosikazi yaseSheba. Yayingenakuthatha uhambo olunjalo ukuze iyobona umbusi nje ocebile. Nokho, uSolomoni wayengacebile nje kuphela kodwa ‘waba-mkhulu kunawo onke amakhosi omhlaba ngengcebo nangokuhlakanipha.’ (1 AmaKhosi 10:23) Ngaphansi kokubusa kwakhe okuhlakaniphile “oJuda noIsrayeli bahlala belondekile, kwaba-yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube-seBeri-Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.”—1 AmaKhosi 4:25.
Kwakuwukuhlakanipha kukaSolomoni okwakhanga inkosikazi yaseSheba. ‘Yayizwile udumo lukaSolomoni ngegama likaJehova yeza ukumvivinya ngezimfumbe.’ Lapho ifika eJerusalema, “isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo. USolomoni wayiphendula ezindabeni zayo zonke. Kwakungekho-nto eyayifihlelwe inkosi, engayitshelanga yona.”—1 AmaKhosi 10:1-3.
UJesu, naye wayenokuhlakanipha okuvelele “ngegama likaJehova.” Eqinisweni, ‘wayemkhulu kunoSolomoni.’ (Luka 11:31) Inkosikazi yaseSheba, eyayingeyena umJudakazi, yahamba uhambo olude, olungelula, ukuze nje ibone uSolomoni ngokwayo futhi izuze ekuhlakanipheni kwakhe. Ngakho-ke, ngokuqinisekile ababhali nabaFarisi kwakumelwe bamlalele ngokwazisa lowo ‘omkhulu kunoSolomoni’ ngesikhathi enabo. Kodwa abazange. “Inkosikazi yaseningizimu” yakwazisa kakhulu kunabo ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu.
Ukubhekisela Kubaprofethi
Phakathi nesikhathi somlando esihlanganiswe ezincwadini zamaKhosi okuQala naweSibili, ababusi bombuso wezizwe eziyi-12—futhi kamuva bemibuso ehlukene owakwaIsrayeli nowakwaJuda—babengamakhosi. Ngalesosikhathi abaprofethi bakaJehova babekhuthele kakhulu phakathi kwabantu baKhe. Abavelele phakathi kwalaba kwakunguEliya noElisha, esesiye sabhekisela kubo kakade. Ukubhekisela kukaJesu kubona eNazaretha kwakungekuphela kwesikhathi abaphawulwa ngaso emiBhalweni YamaKristu YesiGreki.
Umphostoli uPawulu encwadini yakhe kumaKristu angamaHeberu wabhala ngokholo lwezinceku zikaNkulunkulu zangaphambili, futhi njengesibonelo esisodwa salokhu, wathi: “Abesifazane bemukeliswa abafileyo babo bevusiwe.” (Heberu 11:35) Ngokungangabazeki wayecabanga ngoEliya noElisha, bobabili abasetshenziswa ekuvuseni abafileyo. (1 AmaKhosi 17:17-24; 2 AmaKhosi 4:32-37) Lapho abathathu babaphostoli bakaJesu ‘bebona amandla obukhosi bukaJesu’ phakathi nombono wokuphenduka isimo, babona uJesu ekhuluma noMose noEliya. (2 Petru 1:16-18; Mathewu 17:1-9) Kungani uEliya akhethwa ukuba amelele uhlu lwabaprofethi bangaphambi kobuKristu abafakaza ngoJesu? Uma ufunda indaba yencwadi yamaKhosi OkuQala futhi ubone ukholo lwakhe olukhulu nendlela enamandla uJehova amsebenzisa ngayo, uyoyiqonda impendulo.
Nokho, uEliya ngempela wayemane nje engumuntu ovamile njengathi. UJakobe wabhekisela kwesinye isehlakalo kumaKhosi Okuqala lapho ebhala: “Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu. UEliya wayengumuntu efana nathi; wakhuleka nokukhuleka ukuba lingani; alinanga emhlabeni iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha; wabuye wakhuleka; izulu lana imvula, nomhlaba wathela izithelo zawo.”—Jakobe 5:16-18; 1 AmaKhosi 17:1; 18:41-46.
Ezinye Izenanelo Ezivela Ezincwadini ZamaKhosi
Ezinye izikhombo eziningi ezisemiBhalweni YamaKristu YesiGreki ziqukethe izenanelo ezivela ezincwadini ezimbili zamaKhosi. UStefanu wakhumbuza uMphakathi wamaJuda ukuthi uSolomoni wakha indlu kaJehova eJerusalema. (IzEnzo 7:47) Eminingi yemininingwane yalowomsebenzi wokwakha isencwadini yokuqala yamaKhosi. (1 AmaKhosi 6:1-38) Lapho uJesu ekhuluma nowesifazane eSamariya, owesifazane wathi kuye ngokumangala: “Yini ukuba wena ongumJuda ucele ukuphuziswa yimi engingowesifazane waseSamariya na? Ngokuba abaJuda abadlelani namaSamariya.” (Johane 4:9) Kungani amaJuda ayengadlelani namaSamariya? Indaba ekumaKhosi Esibili echaza indabuko yalabantu iyayikhanyisa lendaba.—2 AmaKhosi 17:24-34.
Incwadi etholakala encwadini yesAmbulo eya ebandleni laseThiyathira iqukethe lesiseluleko esinamandla: “Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uvumele owesifazane uJezabeli ozisho ukuthi ungumprofethikazi, afundise, adukise izinceku zami ukuba zifebe, zidle okuhlatshelwe izithombe.” (IsAmbulo 2:20) Wayengubani uJezabeli? Wayeyindodakazi yompristi kaBali eTire. Njengoba incwadi yokuqala yamaKhosi isitshela, wagana iNkosi uAhabi wakwaIsrayeli futhi waba indlovukazi yakwaIsrayeli. Ebusa umyeni wakhe, wangenisa ukukhulekelwa kukaBali kuIsrayeli owayesehlubukile kakade, wangenisa abapristi abaningi bakaBali ezweni futhi washushisa abaprofethi bakaJehova. Ekugcineni, wabulawa ngobudlova.—1 AmaKhosi 16:30-33; 18:13; 2 AmaKhosi 9:30-34.
Owesifazane owayebonisa umoya kaJezabeli ebandleni laseThiyathira ngokusobala wayezama ukufundisa ibandla imikhuba yokuziphatha okubi nokweqa imithetho kaNkulunkulu. Umoya onjalo kwakumelwe uqedwe ebandleni, njengoba nje umkhaya kaJezabeli kwafuneka ukuba uqothulwe esizweni samaIsrayeli.
Yebo, siyayidinga imiBhalo YesiHeberu ukuze siqonde imiBhalo YamaKristu YesiGreki. Imininingwane eminingi ibingenakusho lutho ngaphandle kwesizinda esinikezwa imiBhalo YesiHeberu. UJesu namaKristu okuqala, kanye namaJuda akhuluma nawo, ayejwayelene kakhulu nayo. Kungani ungathathi isikhathi sokuba uzenze ujwayelane nayo ngokufanayo? Kanjalo uyozuza ngokugcwele kuyo “yonke imibhalo,” ‘ephefumlelwe nguNkulunkulu nelungele ukufundisa.’—2 Thimothewu 3:16.