AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | MATHEWU 1-3
‘UMbuso Wamazulu Ususondele’
Izingubo zikaJohane nendlela ayebukeka ngayo kwakuvele kukwenze kucace ukuthi wayephila ukuphila okulula, ezinikele ngokuphelele ekwenzeni intando kaNkulunkulu
Ukuzidela kukaJohane kwakuwubala kakhulu uma kuqhathaniswa nelungelo lokuba umanduleli kaJesu
Ukuphila okulula kusisiza senze okwengeziwe enkonzweni kaNkulunkulu, kusenze sizizwe saneliseke kakhulu. Singenza ukuphila kwethu kube lula . . .
ngokubheka ukuthi iziphi izinto esizidinga ngempela
ngokugwema izindleko ezingenasidingo
ngokuyihlela kahle indlela esizoyisebenzisa ngayo imali
ngokuthengisa noma ngokuphisana ngezinto esingazidingi
ngokukhokha zonke izikweletu
ngokunciphisa ukusebenza isikhathi esengeziwe
Ukwenza ukuphila kube lula kuzongenza ngikwazi ukufinyelela muphi umgomo engizibekele wona?