Qhubekani Nifuna Kuqala ‘Ukulunga Kwakhe’
“Ngakho, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, khona-ke zonke lezi ezinye izinto niyozenezelelwa.”—MATH. 6:33.
1, 2. Kuyini ukulunga kukaNkulunkulu, futhi kusekelwephi?
“NGAKHO, qhubekani nifuna kuqala umbuso.” (Math. 6:33) Lo myalo owanikezwa nguJesu Kristu eNtshumayelweni yakhe YaseNtabeni waziwa kabanzi oFakazi BakaJehova namuhla. Kuzo zonke izici zokuphila kwethu, sizama ukubonisa uthando ngalowo hulumeni woMbuso futhi sifuna ukuba qotho kuwo. Kodwa kumelwe sikhumbule nengxenye yesibili yalo myalo, ethi, “nokulunga kwakhe.” Kuyini ukulunga kukaNkulunkulu, futhi kusho ukuthini ukukufuna kuqala?
2 Amagama olimi lokuqala asho “ukulunga” angahunyushwa nangokuthi “ubulungisa” noma “ukuba oqondile.” Ngakho, ukulunga kukaNkulunkulu kuwukuba oqondile ngokwezindinganiso zakhe. Njengoba enguMdali, uJehova unelungelo lokubeka indinganiso yokuhle nokubi, yokulungile nokungalungile. (IsAm. 4:11) Nokho, ukulunga kukaNkulunkulu akusho imithetho eqinile nengacabangeli noma uhide olungapheli lwemithetho neziqondiso. Kunalokho, kusekelwe ebuntwini bukaJehova nasemfanelweni yakhe eyinhloko yobulungisa nakwezinye izimfanelo zakhe eziyinhloko eziwuthando, ukuhlakanipha namandla. Ngakho, ukulunga kukaNkulunkulu kuhlobene nentando nenjongo yakhe. Kuhlanganisa lokho akulindele kulabo abafisa ukumkhonza.
3. (a) Kusho ukuthini ukufuna kuqala ukulunga kukaNkulunkulu? (b) Kungani sinamathela ezindinganisweni zikaJehova zokulunga?
3 Kusho ukuthini ukufuna kuqala ukulunga kukaNkulunkulu? Kalula nje, kusho ukwenza intando kaNkulunkulu ukuze simthokozise. Ukufuna ukulunga kwakhe kuhlanganisa ukuzama ukuphila ngokuvumelana nezimiso nezindinganiso zakhe eziphelele, hhayi ezethu. (Funda eyabaseRoma 12:2.) Le ndlela yokuphila ihilela bona kanye ubuhlobo bethu noJehova. Asilaleli imithetho yakhe ngenxa yokuthi sesaba ukujeziswa. Kunalokho, uthando lwethu ngoNkulunkulu lusishukumisela ukuba sizame ukumjabulisa ngokunamathela ezindinganisweni zakhe, singazimiseli ezethu. Siyaqaphela ukuthi kuyinto okufanele siyenze, yona kanye into esasiklanyelwe ukuba siyenze. NjengoJesu Kristu, iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, kumelwe sithande ukulunga.—Heb. 1:8, 9.
4. Kungani kubaluleke kakhulu ukufuna ukulunga kukaNkulunkulu?
4 Kubaluleke kangakanani ukufuna ukulunga kukaJehova? Cabangela leli qiniso: Uvivinyo lokuqala lwasensimini yase-Edene lwalusekelwe ekutheni u-Adamu no-Eva babeyolamukela yini ilungelo likaJehova lokubabekela izindinganiso. (Gen. 2:17; 3:5) Ukwehluleka kwabo ukwenza kanjalo kuye kwalethela bona kanye nathi njengenzalo yabo usizi nokufa. (Roma 5:12) Ngakolunye uhlangothi, iZwi likaNkulunkulu lithi: “Ophishekela ukulunga nomusa wothando uyothola ukuphila, ukulunga nodumo.” (IzAga 21:21) Yebo, ukufuna kuqala ukulunga kukaNkulunkulu kungaphumela ebuhlotsheni obuhle noJehova obungaholela ekusindisweni kwethu.—Roma 3:23, 24.
Ingozi Yokuzibona Ulungile
5. Iyiphi ingozi okudingeka siyigweme?
5 Lapho ebhalela amaKristu aseRoma, umphostoli uPawulu waqokomisa ingozi sonke okudingeka siyigweme uma sifuna ukuphumelela ekufuneni kuqala ukulunga kukaNkulunkulu. Ekhuluma ngamaJuda akubo, uPawulu wathi: “Ngiyabafakazela ukuthi banentshiseko ngoNkulunkulu; kodwa hhayi ngokolwazi olunembile; ngoba ngenxa yokungakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, kodwa befuna ukumisa okwabo siqu, abazithobanga ekulungeni kukaNkulunkulu.” (Roma 10:2, 3) NgokukaPawulu, labo bakhulekeli babengakuqondi ukulunga kukaNkulunkulu ngoba babematasa bezama ukumisa okwabo ukulunga.a
6. Isiphi isimo sengqondo okufanele sisigweme, futhi kungani?
6 Enye indlela esingawela ngayo kulolu gibe iwukubheka inkonzo yethu kuNkulunkulu njengomncintiswano, siziqhathanise nabanye. Lesi simo sengqondo singasiholela kalula ekubeni sethembe ngokweqile amakhono ethu. Kodwa, empeleni, uma singenza ngaleyo ndlela, siyobe sikhohlwa ukulunga kukaJehova. (Gal. 6:3, 4) Isisusa esifanele sokwenza okulungile siwuthando lwethu ngoJehova. Noma imiphi imizamo yokuzibonakalisa silungile ingenza ukusho kwethu ukuthi siyamthanda kube ize.—Funda uLuka 16:15.
7. UJesu wathini ngenkinga yokuzibona ulungile?
7 UJesu wayekhathazeke ngalabo “ababezithemba ukuthi balungile, bebheka bonke abanye njengabangelutho.” Wakhuluma ngale nkinga yokuzibona ulungile ngokulandisa lo mfanekiso: “Abantu ababili bakhuphukela ethempelini beyothandaza, omunye engumFarisi omunye engumthelisi. UmFarisi wema futhi wathandaza ethi ngaphakathi kuye ‘O Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuthi anginjengabo bonke abanye abantu, abaphangi, abangalungile, iziphingi, ngisho nanjengalo mthelisi. Ngizila ukudla kabili ngesonto, nginikela okweshumi kwakho konke engikuzuzayo.’ Kodwa umthelisi emi kude, engathandi ngisho nokuphakamisela amehlo akhe ezulwini, wayelokhu eshaya isifuba sakhe, ethi, ‘O Nkulunkulu, yiba nomusa kimi mina soni.’” UJesu waphetha ngokuthi: “Ngiyanitshela, Lo muntu wehlela kwakhe ebonakaliswe engolungile kunalowo muntu; ngoba wonke umuntu oziphakamisayo uyothotshiswa, kodwa lowo ozithobayo uyophakanyiswa.”—Luka 18:9-14.
Enye Ingozi Eyokuba “Olunge Ngokwedlulele”
8, 9. Kusho ukuthini ukuba “olunge ngokwedlulele,” futhi kungasiholelaphi?
8 Enye ingozi okudingeka siyigweme ichazwe kumShumayeli 7:16: “Ungabi olunge ngokwedlulele, noma uzibonise uhlakaniphe ngokweqile. Kungani kufanele uzibangele incithakalo?” Lo mlobi ophefumulelwe weBhayibheli ube eseqhubeka esinika isizathu sokugwema isimo sengqondo esinjalo njengoba kuphawulwe evesini 20: “Ngoba akekho umuntu olungileyo emhlabeni oqhubeka enza okuhle futhi angoni.” Umuntu oba “olunge ngokwedlulele” uzibekela ezakhe izindinganiso zokulunga futhi ahlulele abanye ngazo. Kodwa uyahluleka ukuqaphela ukuthi ngokwenza lokho, uphakamisa izindinganiso zakhe ngaphezu kwezikaNkulunkulu, ngaleyo ndlela azibonakalise engalungile emehlweni kaNkulunkulu.
9 Ukuba “olunge ngokwedlulele,” noma njengoba ezinye izinguqulo zikubeka, “olunge kakhulu” noma “olunge ngokweqile,” kungase kusenze singabaze indlela uJehova asingatha ngayo izindaba. Nokho, kudingeka sikhumbule ukuthi uma singabaza ubulungisa nokufaneleka kwezinqumo zikaJehova, empeleni sisuke siqala ukubeka indinganiso yethu yokulunga ngaphezu kwekaJehova. Kunjengokungathi siye saqulisa uJehova icala futhi samahlulela ngezindinganiso zethu zokulungile nokungalungile. Kodwa nguJehova onelungelo lokubeka indinganiso yokulunga, akuthina!—Roma 14:10.
10. Njengasendabeni kaJobe, yini engase isibangele ukuba sahlulele uNkulunkulu?
10 Nakuba engekho kithi ongafuna ngamabomu ukwahlulela uNkulunkulu, ukungapheleli kwethu kungasiholela ekwenzeni lokhu. Lokhu kungenzeka kalula lapho sibona okuthile esikubheka njengokwenzelela noma uma sibhekene nobunzima. Ngisho nendoda ethembekile uJobe yalenza leli phutha. Ekuqaleni uJobe wachazwa ngokuthi umuntu ‘ongasoleki futhi oqotho, owesaba uNkulunkulu futhi okugwemayo okubi.’ (Jobe 1:1) Ngemva kwalokho uJobe wabhekana nezinhlekelele ezalandelana, ezabonakala emehlweni akhe zingamfanele. Lokho kwaholela uJobe ukuba athi “umphefumulo wakhe ulungile kunokuba athi nguNkulunkulu olungile.” (Jobe 32:1, 2) Kwadingeka ukuba umbono wakhe ulungiswe. Ngakho, kufanele singamangali uma ngezinye izikhathi singase sizithole sisesimweni esifanayo. Uma lokho kwenzeka, yini engasisiza ukuba silungise ukucabanga kwethu?
Asiwazi Njalo Wonke Amaqiniso Ahilelekile
11, 12. (a) Uma sinomuzwa wokuthi okuthile akunabulungisa, yini okudingeka siyikhumbule? (b) Kungani omunye umuntu engase abe nomuzwa wokuthi umfanekiso kaJesu wezisebenzi zasesivinini ubonisa ukungabi nabulungisa?
11 Okokuqala okudingeka sikukhumbule ukuthi asiwazi njalo wonke amaqiniso ahilelekile. Kwakunjalo nangoJobe. Wayengazi ngemihlangano yamadodana kaNkulunkulu ayizingelosi ezulwini lapho uSathane ammangalela khona ngamanga. (Jobe 1:7-12; 2:1-6) UJobe wayengazi ukuthi empeleni izinkinga zakhe zazibangelwa uSathane. Eqinisweni, asiqiniseki ukuthi uJobe wayazi nokwazi ukuthi uSathane wayengubani ngempela! Ngakho, ngephutha wacabanga ukuthi izinkinga zakhe zazibangelwa uNkulunkulu. Yebo, kulula ukufinyelela eziphethweni ezingalungile lapho singawazi wonke amaqiniso.
12 Ngokwesibonelo, cabanga ngomfanekiso kaJesu wezisebenzi zasesivinini. (Funda uMathewu 20:8-16.) Lapha uJesu uchaza umninindlu okhokhela zonke izisebenzi zakhe imali elinganayo, kungakhathaliseki ukuthi zazisebenze usuku lonke noma ihora kuphela. Uzizwa kanjani ngalokhu? Ingabe kubonakala kuwubulungisa? Mhlawumbe umane uzwelane nezisebenzi ezasebenza usuku lonke elangeni elishisayo. Unomuzwa wokuthi kwakufanele zikhokhelwe imali eyengeziwe! Leso siphetho singenza umninindlu abhekwe njengongenalo uthando nobulungisa. Ngisho nempendulo yakhe kulezo zisebenzi ezakhononda ingabonakala iwukusebenzisa kabi igunya ngokungacabangeli. Kodwa ingabe siwazi wonke amaqiniso ahilelekile?
13. Imuphi omunye umbono esingabheka ngawo umfanekiso kaJesu wezisebenzi zasesivinini?
13 Ake sihlaziye lo mfanekiso ngomunye umbono. Akungabazeki ukuthi umninindlu osemfanekisweni waqaphela ukuthi wonke la madoda kwakudingeka ondle imikhaya yawo. Osukwini lukaJesu, izisebenzi zasemasimini zaziholelwa ekupheleni kosuku ngalunye. Imikhaya yazo yayithembele kulowo mholo. Unalokhu engqondweni, cabanga ngesimo salabo umninindlu abathola usuku seluyophela, ngenxa yalokho basebenza ihora elilodwa kuphela. Mhlawumbe babengeke bakwazi ukondla imikhaya yabo ngomholo wehora elilodwa; noma kunjalo, babezimisele ukusebenza futhi babelinde usuku lonke ukuze baqashwe. (Math. 20:1-7) Kwakungelona iphutha labo ukuthi abakwazanga ukusebenza usuku lonke. Akukho okubonisa ukuthi babezame ngamabomu ukugwema ukusebenza. Cabanga ukuthi ubuyozizwa kanjani ukube ubulinde usuku lonke wazi ukuthi abanye bathembele kulokho oyokuthola ngalolo suku. Yeka indlela obuyobonga ngayo ngokuthola umsebenzi—futhi yeka indlela obuyomangala ngayo ukunikezwa umholo owanele ukuba wondle umkhaya wakho!
14. Yisiphi isifundo esihle esisithola emfanekisweni wesivini?
14 Manje, ake siphinde sihlaziye okwenziwa umninindlu. Akekho amkhokhela imali encane. Kunalokho, waphatha zonke izisebenzi njengezinelungelo lokuthola imali. Nakuba ayengasizakala ngazo ngenxa yokuxhaphaka kwezisebenzi, akazange aziholele imali encane. Zonke izisebenzi zagoduka nemali eyanele ukuba zondle imikhaya yazo. Ukucabangela le mininingwane eyengeziwe kungase kushintshe umbono wethu ngalokho umninindlu akwenza. Isinqumo sakhe sabonisa uthando, hhayi ukusebenzisa kabi igunya ngokungacabangeli. Singafundani kulokhu? Singafunda ukuthi ukungacabangeli wonke amaqiniso ahilelekile kungasenza sifinyelele isiphetho esingafanele. Ngempela, lo mfanekiso uqokomisa ukuphakama kokulunga kukaNkulunkulu, okungasekelwe kuphela emithethweni yabantu nakulokho abantu abakubona kufanele.
Umbono Wethu Ungase Uhlanekezelwe Noma Ulinganiselwe
15. Kungani umbono wethu ngobulungisa ungase uhlanekezelwe noma ulinganiselwe?
15 Isici sesibili okudingeka sisikhumbule lapho sibhekene nesimo esibonakala singenabulungisa siwukuthi kungenzeka umbono wethu uhlanekezelwe noma ulinganiselwe. Ungahlanekezelwa ukungapheleli, ubandlululo noma isizinda somuntu. Ulinganiselwa nawukungakwazi kwethu ukubona izisusa nokwazi lokho empeleni okusezinhliziyweni zabantu. Ngokungafani nathi, uJehova noJesu abanakho lokho kulinganiselwa.—IzAga 24:12; Math. 9:4; Luka 5:22.
16, 17. Yini okungenzeka yenza uJehova ukuba angasebenzisi okushiwo umthetho wakhe ophathelene nokuphinga esonweni sikaDavide noBhati-sheba?
16 Ake sihlaziye indaba yokuphinga kukaDavide noBhati-sheba. (2 Sam. 11:2-5) NgokoMthetho KaMose, kwakufanele babulawe. (Lev. 20:10; Dut. 22:22) Nakuba uJehova abajezisa, akazange asebenzise okwakushiwo umthetho owabekwa nguye. Ingabe uJehova wayenzelela kule ndaba? Ingabe wabonisa ukukhetha ekusebenzelaneni kwakhe noDavide wabe esephula izindinganiso zakhe siqu zokulunga? Abanye abafundi beBhayibheli baye baba nalowo muzwa.
17 Nokho, lo mthetho ophathelene nokuphinga uJehova wawunikeza abahluleli abangaphelele, ababengeke bakwazi ukufunda izinhliziyo. Naphezu kokulinganiselwa kwabo, lo mthetho wawubenza bangaguquguquki ezahlulelweni zabo. Ngakolunye uhlangothi, uJehova uyakwazi ukufunda izinhliziyo. (Gen. 18:25; 1 IziKr. 29:17) Ngakho, akufanele silindele ukuba uJehova abekelwe umngcele umthetho awuklamele abahluleli abangaphelele. Ukube bekungaba njalo, bekungeke yini kufane nokuphoqa umuntu obona kahle ukuba afake izibuko eziklanyelwe ukusiza labo abangaboni kahle? UJehova wakwazi ukufunda inhliziyo kaDavide nekaBhati-sheba futhi wakubona ukuphenduka kwabo okuqotho. Ecabangela leso sici, wabahlulela ngendlela efanele, ngesihe nangothando.
Qhubeka Ufuna Ukulunga KukaJehova
18, 19. Yini eyosisiza ukuba singalokothi sahlulele uJehova ngezindinganiso zethu zokulunga?
18 Ngakho, uma ngezinye izikhathi sibona okuthile esinomuzwa wokuthi uJehova akenzanga ngobulungisa kukho—kungakhathaliseki ukuthi ukulandisa esikufunda eBhayibhelini noma into esehlele ekuphileni—masingalokothi sahlulele uNkulunkulu ngezindinganiso zethu siqu zokulunga. Khumbula ukuthi asiwazi njalo wonke amaqiniso ahilelekile nokuthi umbono wethu ungase uhlanekezelwe noma ulinganiselwe. Ungalokothi ukhohlwe ukuthi “intukuthelo yomuntu ayikufezi ukulunga kukaNkulunkulu.” (Jak. 1:19, 20) Ngaleyo ndlela, inhliziyo yethu ngeke ‘ifuthekele uJehova.’—IzAga 19:3.
19 NjengoJesu, masiqaphele njalo ukuthi uJehova kuphela onelungelo lokubeka indinganiso yokulungile nokuhle. (Marku 10:17, 18) Lwela ukuba ‘nolwazi olunembile’ noma “ulwazi lwangempela” ngezindinganiso zakhe. (Roma 10:2; 2 Thim. 3:7, The Twentieth Century New Testament) Ngokuzamukela nangokuvumelanisa ukuphila kwethu nentando kaJehova, sibonisa ukuthi sifuna kuqala ‘ukulunga kwakhe.’—Math. 6:33.
[Umbhalo waphansi]
a Ngokwesinye isazi, igama lolimi lokuqala elihunyushwe ngokuthi “ukumisa” lingasho futhi ‘ukumisa isikhumbuzo.’ Empeleni, lawo maJuda ayezimisela isikhumbuzo esingokomfanekiso ezidumisa wona hhayi uNkulunkulu.
Ingabe Uyakhumbula?
• Kungani kubalulekile ukufuna ukulunga kukaJehova?
• Yiziphi izingozi ezimbili okudingeka sizigweme?
• Singakufuna kanjani kuqala ukulunga kukaNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 9]
Isiphi isifundo esisifunda emfanekisweni kaJesu wamadoda amabili ayethandaza ethempelini?
[Isithombe ekhasini 10]
Ingabe kwakuwubulungisa ukukhokhela izisebenzi ezasebenza ihora lokugcina umholo olingana nowalezo ezazisebenze usuku lonke?