Isahluko Seshumi Nanye
‘Qhubekani Nifuna UMbuso Kuqala’
1. (a) Kungani uJesu akhuthaza izilaleli zakhe ukuba zifune uMbuso kuqala? (b) Yimuphi umbuzo okufanele sizibuze wona?
LAPHO enikeza inkulumo eGalile eminyakeni engaphezu kwengu-1 900 edlule, uJesu wakhuthaza izilaleli zakhe: “Khona-ke, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga [kukaNkulunkulu].” Kodwa kungani kwakuphuthuma kangaka? Ingabe kwakungezukudlula amakhulu amaningi eminyaka ngaphambi kokuba uKristu athole amandla oMbuso? Yebo, kodwa uMbuso KaMesiya wawuyoba yindlela uJehova ayeyolwela ngayo ubukhosi bakhe futhi afeze injongo yakhe ephakeme ngomhlaba. Noma ubani owayekuqonda ngempela ukubaluleka kwalezo zinto wayeyokwenza uMbuso uze kuqala ekuphileni kwakhe. Uma kwakunjalo ekhulwini lokuqala, kangakanani-ke namuhla, njengoba uKristu esegcotshwe njengeNkosi! Ngakho umbuzo uwukuthi, Ingabe indlela yami yokuphila iyabonisa ukuthi ngifuna uMbuso kaNkulunkulu kuqala?—Mathewu 6:33.
2. Yiziphi izinto abantu ngokuvamile abaziphishekela ngomdlandla?
2 Namuhla, empeleni abantu abayizigidi emhlabeni wonke bafuna uMbuso kuqala. Babonisa ukuthi basekela ukubusa koMbuso ngokugxilisa ukuphila kwabo ekwenzeni intando kaJehova, njengoba bezinikezele kuye. Ngakolunye uhlangothi, iningi esintwini lithakazelela ukufuna izinto eziwubala. Abantu baphishekela ukufuna imali nempahla kanye nenjabulo engatholakala ngemali. Noma bagxila emizamweni yokuthuthukisa imisebenzi yabo yokuziphilisa. Indlela abaphila ngayo ibonisa ukuthi okuza kuqala kubo yibo uqobo, izinto ezibonakalayo nenjabulo. Uma kuwukuthi bayakholelwa kuNkulunkulu, uza kamuva kubo.—Mathewu 6:31, 32.
3. (a) Hlobo luni lwemicebo uJesu akhuthaza abafundi bakhe ukuba balufune, futhi ngani? (b) Kungani singekho isidingo sokukhathazeka ngokweqile ngezinto ezibonakalayo?
3 Nokho, uJesu wanika abalandeli bakhe lesi seluleko: “Yekani ukuzibekelela imicebo emhlabeni,” ngoba izinto ezinjalo azihlali phakade. Wathi: “Kunalokho, zibekeleleni imicebo ezulwini” ngokukhonza uJehova. UJesu wakhuthaza abalandeli bakhe ukuba bagcine iso labo “lilihle” ngokugxilisa ukunaka namandla abo ekwenzeni intando kaNkulunkulu. Wabatshela: “Anikwazi ukuba izigqila zikaNkulunkulu nezeNgcebo.” Kodwa kuthiwani ngezidingo zezinto ezibonakalayo—ukudla, izambatho nendawo yokukhosela? UJesu weluleka: “Yekani ukukhathazeka.” Wababonisa izinyoni ukuthi uNkulunkulu uyazondla. UJesu wakhuthaza abalandeli bakhe ukuba bafunde ezimbalini ukuthi uNkulunkulu uyazembathisa. Ingabe izinceku zikaJehova ezingabantu abahlakaniphile azibalulekile kunalezi zinto? UJesu wathi: “Khona-ke, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe, futhi zonke lezi ezinye izinto [ezidingekayo] ziyonezelwa kini.” (Mathewu 6:19-34) Ingabe izenzo zakho ziyabonisa ukuthi uyakukholelwa lokho?
Ungavumeli Ukuba Iqiniso LoMbuso Liminyaniswe
4. Uma umuntu ekhonze kakhulu izinto ezibonakalayo, ungase ube yini umphumela?
4 Kufanele ukhathazeke ngokuthola izidingo ezanele zezinto ezibonakalayo zakho nomkhaya wakho. Kodwa, uma umuntu ekhathazeka ngokweqile ngezinto ezibonakalayo, kungaba yingozi. Ngisho noma engase athi ukholelwa eMbusweni, uma inhliziyo yakhe ibeka ezinye izinto kuqala, iqiniso loMbuso liyominyaniswa. (Mathewu 13:18-22) Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi umbusi osemusha ocebile wabuza uJesu: “Yini okumelwe ngiyenze ukuze ngizuze njengefa ukuphila okuphakade?” Wayeziphethe kahle futhi ebaphatha kahle abanye, kodwa wayezikhonze ngokweqile izinto zakhe ezibonakalayo. Kwakunzima ukuba ahlukane nazo ukuze abe umlandeli kaKristu. Ngakho waphuthelwa yithuba elalingase liholele ekubeni noKristu eMbusweni wasezulwini. Ngaleso sikhathi uJesu wathi: “Yeka ukuthi kuyoba yinto enzima kangakanani ngalabo abanemali ukuba bangene embusweni kaNkulunkulu!”—Marku 10:17-23.
5. (a) Yiziphi izinto uPawulu akhuthaza uThimothewu ukuba aneliswe yizo, futhi ngani? (b) USathane ulusebenzisa kanjani “uthando lwemali” njengogibe olubhubhisayo?
5 Eminyakeni eminingi kamuva, umphostoli uPawulu wabhalela uThimothewu, ngaleso sikhathi owayese-Efesu, isikhungo sezentengiselwano esichumayo. UPawulu wamkhumbuza: “Asilethanga lutho ezweni, futhi asinakuhamba nalutho. Ngakho, uma sinokokuzisekela nokokuzimboza, siyokwaneliswa yilezizinto.” Kuyinto efanele ukusebenzela ukuzinakekela wena nomkhaya wakho ‘ngokokuzisekela nokokuzimboza.’ Kodwa uPawulu waxwayisa: “Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu embubhisweni nasencithakalweni.” USathane uyiqili. Angase aqale ngokuyenga umuntu ngezinto ezincane. Lokhu kungase kulandelwe ukumcindezela kakhulu, mhlawumbe ngethuba lokukhushulwa noma lomsebenzi ongcono oholela kakhulu kodwa ofuna isikhathi ebesisetshenziselwa izinto ezingokomoya. Uma singaqaphile, “uthando lwemali” lungaminyanisa izithakazelo zoMbuso ezibaluleke nakakhulu. UPawulu ukubeka ngale ndlela: “Ngokuzama ukulufinyelela loluthando abanye baye badukiswa okholweni futhi bazigwaza yonke indawo ngobuhlungu obuningi.”—1 Thimothewu 6:7-10.
6. (a) Ukuze sigweme ugibe lokuthanda izinto ezibonakalayo, yini okumelwe siyenze? (b) Yini esingaqiniseka ngayo naphezu kwesimo sezwe somnotho namuhla?
6 Enothando olungazenzisiyo ngomfowabo ongumKristu, uPawulu wakhuthaza uThimothewu: “Zibalekele lezizinto” wabuye wathi, “Yilwa ukulwa okuhle kokholo.” (1 Thimothewu 6:11, 12) Kudingeka umzamo oqotho ukuze sigweme ukukhukhulwa yindlela yokuphila yezwe elisizungezile yokuthanda izinto ezibonakalayo. Kodwa uma sizikhandla ngokuvumelana nokholo lwethu, uJehova akasoze asilahla. Kungakhathaliseki ukwenyuka kwamanani ezinto nokuphelelwa umsebenzi okudlangile, uyoqiniseka ukuthi siyakuthola lokho esikudinga ngempela. UPawulu wabhala: “Indlela yenu yokuphila mayingabi nalo uthando lwemali, kuyilapho naneliswa izinto ezikhona. Ngoba [uNkulunkulu] uthe: ‘Angisoze ngakushiya noma ngakulahla nganoma iyiphi indlela.’ Ukuze sibe nesibindi futhi sithi: ‘UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe. Umuntu angangenzani?’” (Heberu 13:5, 6) INkosi uDavide nayo yabhala: “Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.”—IHubo 37:25.
Abafundi Bokuqala Bayisibonelo
7. Yiziphi iziyalezo uJesu azinika abafundi bakhe mayelana nokushumayela, futhi kungani zazifaneleka?
7 Ngemva kokuba uJesu esebaqeqeshe ngokwanele abaphostoli bakhe, wabathuma kwa-Israyeli ukuba bayoshumayela izindaba ezinhle, bamemezele: “Umbuso wamazulu ususondele.” Kwakuyisigijimi esivusa amadlingozi! UJesu Kristu, iNkosi enguMesiya, wayephakathi kwabo. Njengoba abaphostoli babezinikela enkonzweni kaNkulunkulu, uJesu wabakhuthaza ukuba babe nethemba lokuthi uNkulunkulu wayeyobanakekela. Ngakho wathi: “Ningaphathi lutho lohambo, naludondolo nasikhwama sokudla, nasinkwa namali yesiliva; futhi ningaphathi nazingubo zangaphansi ezimbili. Kodwa nomaphi lapho ningena ekhaya elithile, hlalani lapho futhi nisukele khona.” (Mathewu 10:5-10; Luka 9:1-6) UJehova wayeyoqinisekisa ukuthi ama-Israyeli akubo ayeyozinakekela izidingo zabo, ngoba kwakuyisiko kubo ukungenisa izihambi.
8. (a) Ngaphambi nje kokufa kwakhe, kungani uJesu akhipha iziyalezo ezintsha zokushumayela? (b) Yini okwakusadingeka ize kuqala ekuphileni kwabalandeli bakaJesu?
8 Kamuva, ngaphambi nje kokufa kwakhe, uJesu waqaphelisa abaphostoli bakhe ukuthi esikhathini esizayo babeyosebenza ngaphansi kwezimo ezihlukile. Ngenxa yokuthi umsebenzi wabo wawuphikiswa umbuso, kwakungeke kube lula ukuba baboniswe umoya wokungenisa izihambi kwa-Israyeli. Futhi, ngokushesha babeyoyisa isigijimi soMbuso emazweni abeZizwe. Manje kwakudingeka baphathe ‘umxhaka’ “nesikhwama sokudla.” Noma kunjalo, kwakufanele baqhubeke befuna uMbuso kaJehova kuqala nokulunga kwakhe, beqiniseka ukuthi uNkulunkulu wayeyoyibusisa imizamo yabo yokuthola ukudla nezambatho.—Luka 22:35-37.
9. UPawulu wenza kanjani ukuba uMbuso uze kuqala ekuphileni kwakhe ebe enakekela izidingo zakhe zezinto ezibonakalayo, futhi yisiphi iseluleko asinikeza ngokuphathelene nale ndaba?
9 Umphostoli uPawulu wayeyisibonelo esihle somuntu owasebenzisa iseluleko sikaJesu. UPawulu wagxilisa ukuphila kwakhe enkonzweni. (IzEnzo 20:24, 25) Lapho eyoshumayela endaweni ethile, wayezinakekela izidingo zakhe zezinto ezibonakalayo, waze wasebenza enza amatende. Wayengalindele ukuba abanye bamnakekele. (IzEnzo 18:1-4; 1 Thesalonika 2:9) Nokho, wayekwamukela ngokwazisa ukungeniswa futhi ezamukela nezipho lapho abanye bembonisa uthando ngale ndlela. (IzEnzo 16:15, 34; Filipi 4:15-17) UPawulu wakhuthaza amaKristu ukuba angazidebeseleli izibopho zemikhaya yawo ukuze nje ashumayele, kodwa kwakufanele alinganisele emithwalweni yawo yemfanelo ehlukahlukene. Wawaluleka ukuba asebenze, athande imikhaya yawo, futhi abelane nabanye. (Efesu 4:28; 2 Thesalonika 3:7-12) Wawakhuthaza ukuba athembele kuNkulunkulu, hhayi ezintweni ezibonakalayo, futhi asebenzise ukuphila kwawo ngendlela ebonisa ukuthi ayeqonda ngempela ukuthi yiziphi izinto ezibaluleke kakhudlwana. Ngokuvumelana nezimfundiso zikaJesu, lokho kwakuyosho ukufuna uMbuso kaNkulunkulu kuqala nokulunga kwakhe.—Filipi 1:9-11.
Gcina UMbuso Usendaweni Yokuqala Ekuphileni Kwakho
10. Kusho ukuthini ukufuna uMbuso kuqala?
10 Sizihlanganyela ngezinga elingakanani nabanye izindaba ezinhle zoMbuso? Ngokwengxenye, lokhu kuxhomeke ezimweni zethu nasekujuleni kokwazisa esinakho. Khumbula ukuthi uJesu akazange athi, ‘Funa uMbuso lapho kungekho lutho olunye olwenzayo.’ Njengoba ayazi ukubaluleka koMbuso, waveza ukuthi iyini intando kaYise, ethi: “Funani njalo umbuso wakhe.” (Luka 12:31) Nakuba abaningi bethu kudingeka sisebenze ukuze sinakekele izidingo zethu nezemikhaya yethu, uma sinokholo, ukuphila kwethu kuyogxila emsebenzini woMbuso uNkulunkulu asinike wona. Ngesikhathi esifanayo, siyoyinakekela imithwalo yethu yemfanelo yomkhaya.—1 Thimothewu 5:8.
11. (a) UJesu wabonisa kanjani ukuthi abantu babengeke benze okulinganayo ekusakazeni isigijimi soMbuso? (b) Yiziphi izici ezinomthelela ezingeni lalokho umuntu angakwenza?
11 Abanye bethu banikela isikhathi esithé xaxa kunabanye ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso. Kodwa emfanekisweni wakhe omayelana nezinhlobo zenhlabathi ezihlukahlukene, uJesu wabonisa ukuthi bonke labo abanezinhliziyo ezinjengenhlabathi enhle bayothela izithelo. Ngezinga elingakanani? Izimo zabantu ngabanye ziyahluka. Ubudala, impilo nemithwalo yemfanelo yomkhaya kunomthelela. Kodwa uma umuntu enokwazisa okuqotho, angafeza lukhulu.—Mathewu 13:23.
12. Yimuphi umgomo omuhle ongokomoya intsha ekhuthazwa ngokukhethekile ukuba iwucabangele?
12 Kuhle ukuba nemigomo eyosisiza ukuba sandise ingxenye yethu enkonzweni yoMbuso. Intsha kufanele icabangisise ngesibonelo esihle somKristu osemusha owayeshiseka uThimothewu. (Filipi 2:19-22) Yikuphi okunye okuhle ebingakwenza kunokuba ingenele inkonzo yesikhathi esigcwele lapho iphothula esikoleni? Abantu abadala nabo bayozuza ngokuzibekela imigomo emihle engokomoya.
13. (a) Ubani onquma lokho thina ngabanye esikwazi ukukwenza enkonzweni yoMbuso? (b) Uma ngempela sifuna uMbuso kuqala, sibonisani?
13 Kunokuba sigxeke labo esinomuzwa wokuthi bangenza okuthé xaxa, ukholo kufanele lusishukumisele ukuba thina ngokwethu sithuthuke ukuze sikhonze uNkulunkulu ngokugcwele ngokwalokho okuvunyelwa yizimo zethu. (Roma 14:10-12; Galathiya 6:4, 5) Njengoba kwabonakala endabeni kaJobe, uSathane ugomela ngokuthi izinto esizikhathalela kakhulu yizinto zethu ezibonakalayo, ukunethezeka nenhlalakahle yethu nokuthi sikhonza uNkulunkulu ngenxa yesisusa sobugovu. Kodwa uma ngempela sifuna uMbuso kuqala, sihlanganyela ekuboniseni ukuthi uDeveli ungumqambimanga omkhulu. Sinikeza ubufakazi bokuthi inkonzo kaNkulunkulu iza kuqala ekuphileni kwethu. Kanjalo, ngamazwi nangezenzo, sibonisa ukuthi simthanda ngokujulile uJehova, sibusekela ngobuqotho ubukhosi bakhe nokuthi siyabathanda omakhelwane.—Jobe 1:9-11; 2:4, 5; IzAga 27:11.
14. (a) Kungani kuzuzisa ukuba nesimiso senkonzo yasensimini? (b) OFakazi abaningi bahlanganyela ngezinga elingakanani enkonzweni yasensimini?
14 Ukuba nesimiso kungasisiza ukuba sifeze okungaphezu kwalokho ebesingase sikufeze. UJehova ngokwakhe ‘unesikhathi esimisiwe’ sokufeza injongo yakhe. (Eksodusi 9:5; Marku 1:15) Uma kungenzeka, kuhle ukuba nesikhathi esimisiwe sokuhlanganyela enkonzweni yasensimini kanye noma kabili ngesonto. OFakazi BakaJehova abangamakhulu ezinkulungwane emhlabeni wonke baye babhalisa njengamaphayona asizayo, basebenza amahora angaba mabili ngosuku ekushumayeleni izindaba ezinhle. Abanye abangamakhulu ezinkulungwane bangamaphayona avamile, basebenza cishe amahora amabili nesigamu ngosuku ekumemezeleni isigijimi soMbuso. Amaphayona akhethekile nezithunywa zevangeli basebenza isikhathi esithé xaxa kunalesi enkonzweni yoMbuso. Singafuna namathuba okufakaza ngokwethukela ukuze sitshele bonke abalalelayo ngethemba loMbuso. (Johane 4:7-15) Isifiso sethu kufanele kube ukuba nengxenye egcwele emsebenzini ngokwalokho okuvunyelwa yizimo zethu, ngoba uJesu wabikezela: “Lezizindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:14; Efesu 5:15-17.
15. Ngokuphathelene nenkonzo yethu, kungani unomuzwa wokuthi iseluleko esikweyoku-1 Korinte 15:58 sisasebenza?
15 Kuzo zonke izingxenye zomhlaba, kungakhathaliseki ukuthi bahlala kuliphi izwe, oFakazi BakaJehova bahlanganyela kuleli lungelo lenkonzo ngobunye. Basisebenzisa kubo ngokwabo iseluleko seBhayibheli esiphefumulelwe esithi: “Yibani ngabagxilile, abangenakunyakaziswa, ngaso sonke isikhathi ninokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi umshikashika wenu awulona ize eNkosini.”—1 Korinte 15:58.
Ingxoxo Yokubukeza
• Lapho uJesu ethi qhubekani ‘nifuna kuqala uMbuso,’ wayebonisa ukuthi yini okufanele ize kamuva?
• Kufanele sibe namuphi umbono ngokunakekela izidingo zethu ezingokwenyama nezemikhaya yethu? UNkulunkulu uyosisiza kanjani?
• Yiziphi izici zenkonzo yoMbuso esingahlanganyela kuzo?
[Isithombe ekhasini 107]
Kuwo wonke amazwe, oFakazi BakaJehova namuhla bashumayela izindaba ezinhle ngaphambi kokuba kufike isiphelo