Phila Unombono Wekusasa
“NINGAKHATHAZEKI ngekusasa,” kusho uJesu Kristu entshumayelweni edumile yasentabeni eGalile. Ngokwenguqulo i-New English Bible, uJesu waqhubeka: “Ikusasa liyozibonela lona izinkathazo zalo.”—Mathewu 6:34.
Ucabanga ukuthi asho ukuthini amazwi athi, “ikusasa liyozibonela lona izinkathazo zalo”? Ingabe asikisela ukuthi kufanele uphilele olwanamuhla kuphela, ungalinaki ikusasa? Ingabe lokho kuyavumelana ngempela nalokho uJesu nabalandeli bakhe ababekukholelwa?
“Yekani Ukukhathazeka”
Zifundele ngokwakho amazwi kaJesu ewonke njengoba etholakala kuMathewu 6:25-32. Ngokwengxenye wathi: “Yekani ukukhathazeka ngemiphefumulo yenu ngokuqondene nokuthi niyodlani noma niyophuzani, noma ngemizimba yenu ngokuqondene nokuthi niyogqokani. . . . Qaphelisisani izinyoni zezulu, ngoba azihlwanyeli mbewu noma zivune noma zibuthele ezinqolobaneni; nokho uYihlo osezulwini uyazondla. . . . Ubani kini ongathi ngokukhathazeka anezele ingalo eyodwa esikhathini sakhe sokuphila? Futhi, ngokuqondene nezembatho, kungani nikhathazeka? Fundani eminduzeni yasendle, indlela ekhula ngayo; ayikhandleki, ayiphothi . . . Ngakho ningalokothi nikhathazeke nithi, ‘Sizodlani?’ noma, ‘Sizophuzani?’ noma, ‘Sizogqokani?’ Ngoba konke lokhu kuyizinto izizwe eziziphishekela ngokulangazela. UYihlo wasezulwini uyazi ukuthi niyazidinga zonke lezi zinto.”
UJesu uphetha le ngxenye yentshumayelo yakhe ngezeluleko ezimbili. Nasi esokuqala: “Ngakho, qhubekani nifuna kuqala umbuso [kaNkulunkulu] nokulunga kwakhe, khona-ke zonke lezi ezinye izinto niyozenezelelwa.” Esesibili: “Ngakho, ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo, ngoba usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo. Ububi bosuku ngalunye banele lona.”—Mathewu 6:33, 34.
UYihlo Uyakwazi Okudingayo
Ucabanga ukuthi uJesu wayekhuthaza abafundi bakhe, kuhlanganise nabalimi, ukuba ‘bangahlwanyeli imbewu, bangavuni, noma bangabutheli ezinqolobaneni’ nokuba ‘bangakhandleki, bangaphothi’ ukuze bathole izingubo zokugqoka? (IzAga 21:5; 24:30-34; UmShumayeli 11:4) Akunjalo neze. Uma babengayeka ukusebenza, cishe ‘babeyonxiba ngesikhathi sokuvuna,’ bengenakudla, bengenakho nokokugqoka.—IzAga 20:4.
Kuthiwani ngokukhathazeka? Ingabe uJesu wayesho ukuthi izilaleli zakhe zazingeke zikhathazeke ngalutho nhlobo? Lokho bekungeke kube nengqondo. UJesu ngokwakhe wahlupheka, wakhathazeka kakhulu emoyeni ngobusuku aboshwa ngabo.—Luka 22:44.
UJesu wayemane esho iqiniso eliyisisekelo. Ukukhathazeka kakhulu ngokungadingekile akusoze kwakusiza ukuba uxazulule noma iziphi izinkinga obhekene nazo. Ngokwesibonelo, ngeke kukusize ukuba uphile isikhathi esengeziwe. UJesu wathi ngeke ‘kwenezele ingalo eyodwa esikhathini sakho sokuphila.’ (Mathewu 6:27) Empeleni, ukukhathazeka kakhulu isikhathi eside kungakunciphisa ukuphila kwakho.
Iseluleko sakhe sasinengqondo ngempela. Izinto eziningi esikhathazeka ngazo zigcina zingenzekanga nakwenzeka. Isikhulu sikahulumeni waseBrithani uWinston Churchill sakuqaphela lokhu ngokuqondene nezikhathi ezinzima zeMpi YeZwe II. Maqondana nezinye izinto ezazisikhathaza ngaleso sikhathi, sabhala: “Uma ngicabanga ngazo zonke izinto ezazingikhathaza ngikhumbula indaba yekhehla okwathi lapho selizokufa, lathi ziningi izinto elalikhathazeke ngazo ekuphileni, kodwa eziningi zazo azizange zenzeke.” Ngempela, kuwukuhlakanipha ukukhathazeka ngenkinga yangalelo langa, ikakhulukazi uma izingcindezi nezinkinga esibhekene nazo zingasibangela ukukhathazeka okukhulu.
‘Qhubekani Nifuna Kuqala Umbuso KaNkulunkulu’
Eqinisweni, uJesu wayengakhulumi nje ngenhlalakahle engokomzimba nengokomzwelo yezilaleli zakhe. Wayazi ukuthi ukukhathazeka ngokuthola izidingo zokuphila, kuhlanganise nesifiso esinamandla sokuba nezinto nesokuzijabulisa, kungaminyanisa izinto ezibaluleke ngokwengeziwe. (Filipi 1:10) Ungase uzibuze: ‘Yini engabaluleka ukwedlula ukuthola izidingo zokuphila?’ Impendulo ithi yizinto ezingokomoya ezihlobene nokukhulekela kwethu uNkulunkulu. UJesu wagcizelela ukuthi into eyinhloko ekuphileni kwethu kufanele kube ‘ukuqhubeka sifuna kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe.’—Mathewu 6:33.
Osukwini lukaJesu, abantu abaningi babeshabashekela ukuthola izinto ezibonakalayo. Ukuqongelela ingcebo kwakuyiwona mgomo wabo ohamba phambili. Nokho, uJesu wanxusa ababemlalele ukuba babheke izinto ngendlela ehlukile. Njengabantu abazinikezele kuNkulunkulu, “sonke isibopho” sabo ‘sasiwukwesaba uNkulunkulu weqiniso, bagcine imiyalo yakhe.’—UmShumayeli 12:13.
Ukuba matasa ngezinto ezibonakalayo—“izinkathazo zalesi simiso sezinto namandla engcebo okukhohlisa”—kwakungalilimaza ingokomoya lezilaleli zakhe. (Mathewu 13:22) Umphostoli uPawulu wabhala: “Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu ekubhujisweni nasencithakalweni.” (1 Thimothewu 6:9) Ukuze abasize bangabanjwa yilolu “gibe,” uJesu wakhumbuza abalandeli bakhe ukuthi uYise wasezulwini wayazi ukuthi babezidinga zonke lezo zinto. UNkulunkulu wayeyobanakekela njengoba nje enakekela “izinyoni zezulu.” (Mathewu 6:26, 32) Kunokuvumela izinkathazo zibathene amandla, kwakumelwe benze konke ababengakwenza ukuze bathole izinto abazidingayo bese ngokuqiniseka beshiyela izinto ezandleni zikaJehova.—Filipi 4:6, 7.
Ngenkathi uJesu ethi “ikusasa liyozibonela lona izinkathazo zalo,” wayemane esho ukuthi akufanele sivumele ukukhathazeka okungadingekile ngalokho okungase kwenzeke kusasa kwenezele ezinkingeni zethu zanamuhla. Enye inguqulo yeBhayibheli iwahumusha kanje amazwi akhe: “Ungakhathazeki ngekusasa; liyoba nezalo izinkathazo. Asikho isidingo sokwenezela ezinkathazweni ezifika nosuku ngalunye.”—Mathewu 6:34, Today’s English Version.
“Umbuso Wakho Mawuze”
Nokho, kunomehluko omkhulu phakathi kokungakhathazeki ngokungenasidingo ngekusasa nokungalinaki nhlobo. UJesu akazange akhuthaze abafundi bakhe ukuba bangalinaki ikusasa. Kunalokho, wabakhuthaza ukuba babe nesithakazelo esikhulu sokwazi ngekusasa. Kwakufaneleka ukuba bathandazele izidingo zabo zosuku—isinkwa sabo semihla ngemihla. Kodwa kwakufanele bathandazele kuqala izinto ezazisazokwenzeka esikhathini esizayo—ukuza koMbuso kaNkulunkulu nokwenziwa kwentando kaNkulunkulu emhlabeni.—Mathewu 6:9-11.
Akufanele sifane nabantu bosuku lukaNowa. Babematasa “bedla, bephuza, amadoda eshada nabesifazane bendiswa” kangangokuthi abazange ‘bakunake’ okwase kuzokwenzeka. Umphumela waba yini? “Kwafika uzamcolo, wabakhukhula bonke.” (Mathewu 24:36-42) Umphostoli uPetru wasebenzisa leso senzakalo esingokomlando ukuze asikhumbuze ngesidingo sokuphila sinombono wekusasa. Wabhala: “Njengoba zonke lezi zinto ziyoncibilika kanjalo, yeka ukuthi luhlobo luni lwabantu okufanele nibe yilo ezenzweni zokuziphatha ezingcwele nasezenzweni zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu, nilindele futhi nikukhumbula njalo ukufika kosuku lukaJehova!”—2 Petru 3:5-7, 11, 12.
“Zibekeleleni Ingcebo Ezulwini”
Yebo, ‘masilukhumbule njalo’ usuku lukaJehova. Ukwenza kanjalo kuyoyithinta kakhulu indlela esisebenzisa ngayo isikhathi sethu, amandla, iziphiwo, impahla namakhono ethu. Akufanele sibe matasa kakhulu nokuphishekela izinto ezibonakalayo—kungaba izidingo noma izinjabulo zokuphila—size sibe nesikhathi esincane sezenzo ezibonisa ‘ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.’ Ukuphilela olwanamuhla kuphela kungase kubonakale kuletha imiphumela ngokushesha, kodwa iba eyesikhathi esifushane kuphela. UJesu wathi kuhlakaniphe kakhulu ‘ukuzibekelela ingcebo ezulwini’ kunasemhlabeni.—Mathewu 6:19, 20.
UJesu waligcizelela leli phuzu emfanekisweni wakhe wendoda eyazenzela izinhlelo ezinkulu ngekusasa. Lezi zinhlelo zazingamhlanganisi uNkulunkulu. Izwe lale ndoda lalikhiqiza kakhulu. Yanquma ukubhidliza izinqolobane zayo, yakhe ezinkulu ukuze iphile ukuphila okumnandi, idle, iphuze futhi izijabulise. Inkinga yayikuphi kulokho? Yafa ngaphambi kokuba ijabulele izithelo zokuzikhandla kwayo. Nokho, okubi kakhulu ukuthi yayingazakhelanga ubuhlobo noNkulunkulu. UJesu waphetha: “Kunjalo ngomuntu oziqongelelela umcebo kodwa engacebile kuNkulunkulu.”—Luka 12:15-21; IzAga 19:21.
Yini Ongayenza?
Ungalenzi iphutha elifana nelendoda eyachazwa uJesu. Thola ukuthi uNkulunkulu uhloseni ngekusasa, bese uhlela ukuphila kwakho ngokusekelwe kulokho. UNkulunkulu ubembulele abantu lokho azokwenza. Umprofethi wasendulo u-Amose wabhala: “INkosi EnguMbusi uJehova ngeke yenze utho ngaphandle kokuba iyambulile imfihlo yayo ezincekwini zayo, abaprofethi.” (Amose 3:7) Lokho uJehova akwembula ngabaprofethi bakhe ungakuthola manje emakhasini eZwi lakhe eliphefumulelwe, iBhayibheli.—2 Thimothewu 3:16, 17.
Enye yezinto iBhayibheli eliyembulayo ngekusasa eliseduze ukuthi kuyoba nokuthile okuyothinta umhlaba wonke ngezinga elingakaze libonwe ngaphambili. UJesu wathi: “Kuyoba khona usizi olukhulu olungakaze lube khona kusukela ekuqaleni kwezwe kuze kube manje.” (Mathewu 24:21) Akekho umuntu ongasivimba lesi senzakalo. Ngempela, asikho isizathu esingenza abakhulekeli beqiniso bafise ukusivimba. Ngani? Ngoba lesi senzakalo siyoqeda bonke ububi emhlabeni, futhi siyoletha “izulu elisha nomhlaba omusha,” okusho uhulumeni omusha wasezulwini kanye nomphakathi omusha wasemhlabeni. Kulelo zwe elisha, uNkulunkulu “uyosula zonke izinyembezi emehlweni [abantu], ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”—IsAmbulo 21:1-4.
Akukhona yini ukuhlakanipha ukusebenzisa isikhathi sethu manje ukuze sihlole lokho iBhayibheli elikushoyo ngalokho okuzokwenzeka? Uyaludinga yini usizo ukuze wenze lokho? Cela oFakazi BakaJehova ukuba bakusize. Noma bhalela abanyathelisi balo magazini. Zama ngazo zonke izindlela ukuba ungaphileli olwanamuhla kuphela kodwa uphilele nekusasa elimangalisayo.
[Izithombe ekhasini 7]
“Yekani ukukhathazeka . . . Usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo”